×

Surah Al-Hijr in Zulu

Quran Zulu ⮕ Surah Hijr

Translation of the Meanings of Surah Hijr in Zulu - الزولو

The Quran in Zulu - Surah Hijr translated into Zulu, Surah Al-Hijr in Zulu. We provide accurate translation of Surah Hijr in Zulu - الزولو, Verses 99 - Surah Number 15 - Page 262.

بسم الله الرحمن الرحيم

الر ۚ تِلْكَ آيَاتُ الْكِتَابِ وَقُرْآنٍ مُّبِينٍ (1)
Alif Lam Ra lawa ngamavesi encwadi neQur’an ecacile
رُّبَمَا يَوَدُّ الَّذِينَ كَفَرُوا لَوْ كَانُوا مُسْلِمِينَ (2)
Mhlawumbe labo abangakholwanga bayofisa sengathi babezinikele ngaphansi kwentando kaMvelinqangi
ذَرْهُمْ يَأْكُلُوا وَيَتَمَتَّعُوا وَيُلْهِهِمُ الْأَمَلُ ۖ فَسَوْفَ يَعْلَمُونَ (3)
Bayeke bazidlele, bazijabulise futhi babanjezelwe ithemba (elingeyilutho) ngakho-ke bazokwazi
وَمَا أَهْلَكْنَا مِن قَرْيَةٍ إِلَّا وَلَهَا كِتَابٌ مَّعْلُومٌ (4)
Futhi asizange silibhubhise idolobha ngaphandle kokuba kwakuyisimemezelo salo esaziwayo
مَّا تَسْبِقُ مِنْ أُمَّةٍ أَجَلَهَا وَمَا يَسْتَأْخِرُونَ (5)
Asikho isizwe esingajahisa phambili isikhathi saso noma sisilibazise
وَقَالُوا يَا أَيُّهَا الَّذِي نُزِّلَ عَلَيْهِ الذِّكْرُ إِنَّكَ لَمَجْنُونٌ (6)
Futhi bathi, “Oh wena! Okwembulwe kuye isikhumbuzo (iQur’an) ngempela wena uyahlanya”
لَّوْ مَا تَأْتِينَا بِالْمَلَائِكَةِ إِن كُنتَ مِنَ الصَّادِقِينَ (7)
Kungani ungezi kuthina nezingelosi uma kungukuthi ungomunye wabaneqiniso na
مَا نُنَزِّلُ الْمَلَائِكَةَ إِلَّا بِالْحَقِّ وَمَا كَانُوا إِذًا مُّنظَرِينَ (8)
Asizithumeli izingelosi phansi ngaphandle uma (ziza) nesijeziso futhi (abangakholwayo) angeke banikwe ithuba
إِنَّا نَحْنُ نَزَّلْنَا الذِّكْرَ وَإِنَّا لَهُ لَحَافِظُونَ (9)
Ngempela thina sasembula isikhumbuzo (iQur’an) futhi ngempela thina singabalondolozi baso
وَلَقَدْ أَرْسَلْنَا مِن قَبْلِكَ فِي شِيَعِ الْأَوَّلِينَ (10)
Futhi ngempela sathumela (izithunywa) ngaphambilini kwakho (Oh Muhammad!) phakathi kwabantu basendulo
وَمَا يَأْتِيهِم مِّن رَّسُولٍ إِلَّا كَانُوا بِهِ يَسْتَهْزِئُونَ (11)
Futhi sasingafiki kubona isithunywa ngaphandle kokuba basenze inhlekisa
كَذَٰلِكَ نَسْلُكُهُ فِي قُلُوبِ الْمُجْرِمِينَ (12)
Sikwenze kanjalo ukuba kungene ezinhliziyweni zezoni
لَا يُؤْمِنُونَ بِهِ ۖ وَقَدْ خَلَتْ سُنَّةُ الْأَوَّلِينَ (13)
Abakholelwa kuyona (iQur’an) futhi ngempela sesadlula isibonelo salabo basendulo
وَلَوْ فَتَحْنَا عَلَيْهِم بَابًا مِّنَ السَّمَاءِ فَظَلُّوا فِيهِ يَعْرُجُونَ (14)
Futhi noma ngabe sabavulela umnyango wezulu babezoqhubeka bakhuphuke lapho
لَقَالُوا إِنَّمَا سُكِّرَتْ أَبْصَارُنَا بَلْ نَحْنُ قَوْمٌ مَّسْحُورُونَ (15)
Babezothi, “kuphela amehlo ethu abexhoshiwe kepha thina singabantu abalunjiwe.”
وَلَقَدْ جَعَلْنَا فِي السَّمَاءِ بُرُوجًا وَزَيَّنَّاهَا لِلنَّاظِرِينَ (16)
Futhi ngempela sabeka izinkanyezi ezinkulu ezulwini futhi sazenza zabukeka zizinhle kwabazibonayo
وَحَفِظْنَاهَا مِن كُلِّ شَيْطَانٍ رَّجِيمٍ (17)
Futhi saliqaphela kubona bonke osathane abagxoshiwe (embusweni kaMvelinqangi)
إِلَّا مَنِ اسْتَرَقَ السَّمْعَ فَأَتْبَعَهُ شِهَابٌ مُّبِينٌ (18)
Ngaphandle kwalowo (sathane) ontshontsha ukulalela ngakho-ke ulandelwa ilangabi eligqamile
وَالْأَرْضَ مَدَدْنَاهَا وَأَلْقَيْنَا فِيهَا رَوَاسِيَ وَأَنبَتْنَا فِيهَا مِن كُلِّ شَيْءٍ مَّوْزُونٍ (19)
Nomhlaba sawendlala senza kuwona izintaba ezisimeme futhi senza ukuthi kumile kuwona zonke izinto ngendlela efanele
وَجَعَلْنَا لَكُمْ فِيهَا مَعَايِشَ وَمَن لَّسْتُمْ لَهُ بِرَازِقِينَ (20)
Futhi sanenzela kuwona izindlela zokuphila kanye nalezo (zidalwa) eningazondli (izinkomo nokunye)
وَإِن مِّن شَيْءٍ إِلَّا عِندَنَا خَزَائِنُهُ وَمَا نُنَزِّلُهُ إِلَّا بِقَدَرٍ مَّعْلُومٍ (21)
Futhi akukho lutho olungekho kepha kuthina kunokugcinwa kwako futhi angeke sikwehlisele phansi ngaphandle ngesilinganiso esaziwayo
وَأَرْسَلْنَا الرِّيَاحَ لَوَاقِحَ فَأَنزَلْنَا مِنَ السَّمَاءِ مَاءً فَأَسْقَيْنَاكُمُوهُ وَمَا أَنتُمْ لَهُ بِخَازِنِينَ (22)
Futhi sathumela imimoya ukuze ivundise sabe sesinethisa imvula evela esibhakabhakeni ukuze siniphuzise yona futhi nina aniyibona abagcini bayo (imvula)
وَإِنَّا لَنَحْنُ نُحْيِي وَنُمِيتُ وَنَحْنُ الْوَارِثُونَ (23)
Futhi ngempela thina siyaphilisa futhi siyabulala futhi siyizindlalifa
وَلَقَدْ عَلِمْنَا الْمُسْتَقْدِمِينَ مِنكُمْ وَلَقَدْ عَلِمْنَا الْمُسْتَأْخِرِينَ (24)
Futhi ngempela siyabazi abeza kuqala kunani (izizukulwane ezafika ngaphambilini kwenu) futhi ngempela siyabazi abayoza emveni (kwalokho)
وَإِنَّ رَبَّكَ هُوَ يَحْشُرُهُمْ ۚ إِنَّهُ حَكِيمٌ عَلِيمٌ (25)
Futhi ngempela iNkosi yakho iyobaqoqela ndawonye, ngempela yona inobuhlakani iyazi
وَلَقَدْ خَلَقْنَا الْإِنسَانَ مِن صَلْصَالٍ مِّنْ حَمَإٍ مَّسْنُونٍ (26)
Futhi ngempela samdala umuntu ngobumba olomile olubhucukile oluqhamuka emhlabathini ecwelekile
وَالْجَانَّ خَلَقْنَاهُ مِن قَبْلُ مِن نَّارِ السَّمُومِ (27)
NamaJinn sawadala ngaphambilini ngamalangabi omlilo
وَإِذْ قَالَ رَبُّكَ لِلْمَلَائِكَةِ إِنِّي خَالِقٌ بَشَرًا مِّن صَلْصَالٍ مِّنْ حَمَإٍ مَّسْنُونٍ (28)
Futhi (khumbula) ngenkathi iNkosi yakho ithi ezingelosini ngempela mina ngingumdali womuntu ngobumba olomileyo ocubuzekile oluqhamuka emhlabathini ocwelekileyo
فَإِذَا سَوَّيْتُهُ وَنَفَخْتُ فِيهِ مِن رُّوحِي فَقَعُوا لَهُ سَاجِدِينَ (29)
Ngakho-ke kwathi lapho sengimenzile (u-Adam) ngaphefumulela umoya wami kuyena ngakho-ke ngathi yiwani nimkhothamele
فَسَجَدَ الْمَلَائِكَةُ كُلُّهُمْ أَجْمَعُونَ (30)
Ngakho-ke izingelosi zamkhothamela zonke
إِلَّا إِبْلِيسَ أَبَىٰ أَن يَكُونَ مَعَ السَّاجِدِينَ (31)
Ngaphandle kuka-Iblis wenqaba ukuthi abe kanye nabakhothamayo
قَالَ يَا إِبْلِيسُ مَا لَكَ أَلَّا تَكُونَ مَعَ السَّاجِدِينَ (32)
(UMvelinqangi) wathi, “Oh Iblis! kwenzenjani ngawe ukuthi ungabi kanye nabakhothamayo na?”
قَالَ لَمْ أَكُن لِّأَسْجُدَ لِبَشَرٍ خَلَقْتَهُ مِن صَلْصَالٍ مِّنْ حَمَإٍ مَّسْنُونٍ (33)
Wathi (u-Iblis) “angeke ngikwazi ukukhothamela umuntu owamdala ngobumba olucubuzekileyo oluphuma emhlabathini ocwelekileyo”
قَالَ فَاخْرُجْ مِنْهَا فَإِنَّكَ رَجِيمٌ (34)
Wathi (uMvelinqangi) phuma kulona (izulu) ngakho-ke ngempela wena ungogxoshiweyo (embusweni wezulu)
وَإِنَّ عَلَيْكَ اللَّعْنَةَ إِلَىٰ يَوْمِ الدِّينِ (35)
Futhi ngempela phezu kwakho kunesiqalekiso kuze kube ilanga lokuvuka kwabafileyo.”
قَالَ رَبِّ فَأَنظِرْنِي إِلَىٰ يَوْمِ يُبْعَثُونَ (36)
(U-Iblis) wathi, “Nkosi yami nginike ithuba kuze kube usuku lokuvuswa kwabafileyo”
قَالَ فَإِنَّكَ مِنَ الْمُنظَرِينَ (37)
Wathi (uMvelinqangi) ngempela wena ungomunye wabanikwe ithuba
إِلَىٰ يَوْمِ الْوَقْتِ الْمَعْلُومِ (38)
Kuze kube usuku lwesikhathi esiqokiwe
قَالَ رَبِّ بِمَا أَغْوَيْتَنِي لَأُزَيِّنَنَّ لَهُمْ فِي الْأَرْضِ وَلَأُغْوِيَنَّهُمْ أَجْمَعِينَ (39)
(U-Iblis) wathi, “Nkosi yami ngokuba ungidukisile ngempela ngizokwenza (ukona) kubukeke kukuhle kubona (abantu) emhlabeni futhi ngempela ngizobadukisa bonke.”
إِلَّا عِبَادَكَ مِنْهُمُ الْمُخْلَصِينَ (40)
Ngaphandle kwezinceku zakho (eziholiwe) phakathi kwabo
قَالَ هَٰذَا صِرَاطٌ عَلَيَّ مُسْتَقِيمٌ (41)
Wathi “lena indlela yami eqondile (elungileyo).”
إِنَّ عِبَادِي لَيْسَ لَكَ عَلَيْهِمْ سُلْطَانٌ إِلَّا مَنِ اتَّبَعَكَ مِنَ الْغَاوِينَ (42)
Ngempela ezincekwini zami awunagunya phezu kwazo ngaphandle kwalezo ezikulandelayo ezidukileyo
وَإِنَّ جَهَنَّمَ لَمَوْعِدُهُمْ أَجْمَعِينَ (43)
Futhi ngempela isihogo siyisithembiso sabo bonke (labo abalandela u-Iblis)
لَهَا سَبْعَةُ أَبْوَابٍ لِّكُلِّ بَابٍ مِّنْهُمْ جُزْءٌ مَّقْسُومٌ (44)
Sinamasango ayisikhombisa isango nesango lalawomasango kunengxenye (yezoni) ebekiwe (kulona)
إِنَّ الْمُتَّقِينَ فِي جَنَّاتٍ وَعُيُونٍ (45)
Ngempela abenza okulungileyo bayohlala ezivandeni nasemithonjeni yamanzi
ادْخُلُوهَا بِسَلَامٍ آمِنِينَ (46)
(Kuyothiwa kubona), “Ngenani kusona (isivande) ngokuthula niphephile”
وَنَزَعْنَا مَا فِي صُدُورِهِم مِّنْ غِلٍّ إِخْوَانًا عَلَىٰ سُرُرٍ مُّتَقَابِلِينَ (47)
Futhi siyosusa konke okusezifubeni zabo okubi okuyinzondo bahlale njengabazalwane ezihlalweni eziqhwakele ezibhekene
لَا يَمَسُّهُمْ فِيهَا نَصَبٌ وَمَا هُم مِّنْهَا بِمُخْرَجِينَ (48)
Angeke kubathinte ukukhathazeka khona lapho (esivandeni) futhi bona angeke bakhishwe kusona
۞ نَبِّئْ عِبَادِي أَنِّي أَنَا الْغَفُورُ الرَّحِيمُ (49)
Zitshele izinceku zami ukuthi mina ngiyathethelela nginesihawu
وَأَنَّ عَذَابِي هُوَ الْعَذَابُ الْأَلِيمُ (50)
Nokuthi isijeziso sami siyisijeziso esibuhlungu
وَنَبِّئْهُمْ عَن ضَيْفِ إِبْرَاهِيمَ (51)
Futhi batshele ngezivakashi zika-Abrahamu
إِذْ دَخَلُوا عَلَيْهِ فَقَالُوا سَلَامًا قَالَ إِنَّا مِنكُمْ وَجِلُونَ (52)
Khumbula ngenkathi zingena kuyena ngakho-ke zathi, “ukuthula” yena wathi “ngempela siyanesaba”
قَالُوا لَا تَوْجَلْ إِنَّا نُبَشِّرُكَ بِغُلَامٍ عَلِيمٍ (53)
Izivakashi (izingelosi) zathi, “ungesabi ngempela thina sikulethela izindaba ezimnandi zomfana onolwazi.”
قَالَ أَبَشَّرْتُمُونِي عَلَىٰ أَن مَّسَّنِيَ الْكِبَرُ فَبِمَ تُبَشِّرُونَ (54)
Wathi (u-Abrahamu), “Ngakube ningilethele izindaba ezimnandi kulapho sengificwe ukukhula (ukuguga) ningitshela izindaba ezimnandi ngani na
قَالُوا بَشَّرْنَاكَ بِالْحَقِّ فَلَا تَكُن مِّنَ الْقَانِطِينَ (55)
Zathi (izingelosi) sikulethele izindabaezimnandingokweqiniso ngakho-ke ungabi ngomunye wabalahlekelwe yithemba
قَالَ وَمَن يَقْنَطُ مِن رَّحْمَةِ رَبِّهِ إِلَّا الضَّالُّونَ (56)
Wathi (u-Abrahamu) “ngubani ongalahlekelwa yithemba lomusa weNkosi yakhe ngaphandle kwabadukileyo na?”
قَالَ فَمَا خَطْبُكُمْ أَيُّهَا الْمُرْسَلُونَ (57)
(U-Abrahamu waphinde) wathi “nizokwenzani (lapha) Oh! Nina! zithunywa na?”
قَالُوا إِنَّا أُرْسِلْنَا إِلَىٰ قَوْمٍ مُّجْرِمِينَ (58)
Zathi (izingelosi), “ngempela thina sithunywe ebantwini abayizoni.”
إِلَّا آلَ لُوطٍ إِنَّا لَمُنَجُّوهُمْ أَجْمَعِينَ (59)
Ngaphandle komndeni kaLothi ngempela sizobasindisa bonke (ekubhujisweni)
إِلَّا امْرَأَتَهُ قَدَّرْنَا ۙ إِنَّهَا لَمِنَ الْغَابِرِينَ (60)
Ngaphandle konkosikazi wakhe esimthatha njengokuthi ngempela yena ungomunye wabasalela ngemumva
فَلَمَّا جَاءَ آلَ لُوطٍ الْمُرْسَلُونَ (61)
Ngakho-ke kwathi lapho sezifika izithunywa ebantwini baLothi
قَالَ إِنَّكُمْ قَوْمٌ مُّنكَرُونَ (62)
Wathi “ngempela nina ningabantu abangaziwa”
قَالُوا بَلْ جِئْنَاكَ بِمَا كَانُوا فِيهِ يَمْتَرُونَ (63)
Zathi, (izithunywa) “Qhabo size lapha kuwena nalokho abangabaza ngakho”
وَأَتَيْنَاكَ بِالْحَقِّ وَإِنَّا لَصَادِقُونَ (64)
Futhi size kuwena neqiniso, ngempela thina singabaneqiniso
فَأَسْرِ بِأَهْلِكَ بِقِطْعٍ مِّنَ اللَّيْلِ وَاتَّبِعْ أَدْبَارَهُمْ وَلَا يَلْتَفِتْ مِنكُمْ أَحَدٌ وَامْضُوا حَيْثُ تُؤْمَرُونَ (65)
Ngakho-ke hamba nomndeni wakho ngengxenye yobusuku futhi ubalandele ngemumva futhi kungabi khona ngisho noyedwa wenu ozobheka ngemumva futhi niye lapho eniphoqwe ukuya khona
وَقَضَيْنَا إِلَيْهِ ذَٰلِكَ الْأَمْرَ أَنَّ دَابِرَ هَٰؤُلَاءِ مَقْطُوعٌ مُّصْبِحِينَ (66)
Futhi salwenza lwazeka kuyena lelo daba ukuthi izimpande zalaba (abayizoni) zizonqunywa ekuseni
وَجَاءَ أَهْلُ الْمَدِينَةِ يَسْتَبْشِرُونَ (67)
Futhi abantu bedolobha bafika begcwele injabulo
قَالَ إِنَّ هَٰؤُلَاءِ ضَيْفِي فَلَا تَفْضَحُونِ (68)
Wathi “ngempela lezi izihambeli zami ngakho-ke ningangihlazi.”
وَاتَّقُوا اللَّهَ وَلَا تُخْزُونِ (69)
Futhi sabani uMvelinqangi futhi ningangihlazi
قَالُوا أَوَلَمْ نَنْهَكَ عَنِ الْعَالَمِينَ (70)
Bathi (abantu baLothi) “asizange yini sikwenqabele (ekungeniseni) abantu na?”
قَالَ هَٰؤُلَاءِ بَنَاتِي إِن كُنتُمْ فَاعِلِينَ (71)
Wathi (uLothi) “lawa ngamadodakazi ami uma nina ningabenzi (bokuhle).”
لَعَمْرُكَ إِنَّهُمْ لَفِي سَكْرَتِهِمْ يَعْمَهُونَ (72)
(Isifungo) ngempilo yakho! Ngempela bona badideke umqondo bayaphuphutheka njengezimpumputhe
فَأَخَذَتْهُمُ الصَّيْحَةُ مُشْرِقِينَ (73)
Ngakho-ke bathathwa ukukhala (umsindo) owesabekayo ngesikhathi sokuphuma kwelanga
فَجَعَلْنَا عَالِيَهَا سَافِلَهَا وَأَمْطَرْنَا عَلَيْهِمْ حِجَارَةً مِّن سِجِّيلٍ (74)
Ngakho-ke (idolobha lase-Sodom) saligumbuqela phansi futhi sanethisa phezu kwabo amatshe obumba olugazingiwe
إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَآيَاتٍ لِّلْمُتَوَسِّمِينَ (75)
Ngempela kulokhu kunezimpawu kulabo ababonayo
وَإِنَّهَا لَبِسَبِيلٍ مُّقِيمٍ (76)
Futhi ngempela lona (idolobha laseSodom) lalisemgaqweni omkhulu
إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَآيَةً لِّلْمُؤْمِنِينَ (77)
Ngempela kulokho kunophawu kubantu abakholwayo
وَإِن كَانَ أَصْحَابُ الْأَيْكَةِ لَظَالِمِينَ (78)
Futhi izihlali zasehlathini (abantu baseMidyan) ngempela babengalungile
فَانتَقَمْنَا مِنْهُمْ وَإِنَّهُمَا لَبِإِمَامٍ مُّبِينٍ (79)
Ngakho-ke saziphindisela kubona futhi ngempela wona womabili (amadolobha) asemgaqweni osobala
وَلَقَدْ كَذَّبَ أَصْحَابُ الْحِجْرِ الْمُرْسَلِينَ (80)
Futhi ngempela izihlali zase-Hijr zaziphika izithunywa
وَآتَيْنَاهُمْ آيَاتِنَا فَكَانُوا عَنْهَا مُعْرِضِينَ (81)
Futhi sabanikeza izimpawu zethu kepha abazinakanga (bazifulathela)
وَكَانُوا يَنْحِتُونَ مِنَ الْجِبَالِ بُيُوتًا آمِنِينَ (82)
Futhi babeqopha izintaba ukuze bakhe izindlu (bazizwe) bephephile
فَأَخَذَتْهُمُ الصَّيْحَةُ مُصْبِحِينَ (83)
Ngakho-ke umsindo owesabekayo wabathatha ngesikhathi sasekuseni
فَمَا أَغْنَىٰ عَنْهُم مَّا كَانُوا يَكْسِبُونَ (84)
Ngakho-ke akubazuzelanga lutho lokho ababekusebenzela
وَمَا خَلَقْنَا السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضَ وَمَا بَيْنَهُمَا إِلَّا بِالْحَقِّ ۗ وَإِنَّ السَّاعَةَ لَآتِيَةٌ ۖ فَاصْفَحِ الصَّفْحَ الْجَمِيلَ (85)
Futhi asizange siwadale amazulu nomhlaba kanye nakho konke okuphakathi kwako kokubili ngaphandle kweqiniso futhi ngempela ihora liyeza ngakho-ke thethelela ngentethelelo emnene
إِنَّ رَبَّكَ هُوَ الْخَلَّاقُ الْعَلِيمُ (86)
Ngempela iNkosi yakho ingumdali (wamazulu nomhlaba) iyisazi
وَلَقَدْ آتَيْنَاكَ سَبْعًا مِّنَ الْمَثَانِي وَالْقُرْآنَ الْعَظِيمَ (87)
Futhi ngempela sikunikezile (amavesi) ayisikhombisa aphindaphindiwe (Surah Fatiha) kanye neQur’an enkulu (engcwele)
لَا تَمُدَّنَّ عَيْنَيْكَ إِلَىٰ مَا مَتَّعْنَا بِهِ أَزْوَاجًا مِّنْهُمْ وَلَا تَحْزَنْ عَلَيْهِمْ وَاخْفِضْ جَنَاحَكَ لِلْمُؤْمِنِينَ (88)
Ungaphonsi amehlo akho kulokho esikuphe abanye phakathi kwabo njengesipho ukuze bazitike ngakho futhi ungabi lusizi ngabo yehlisela amaphiko akho (umusa wakho) phezu kwabakholwayo
وَقُلْ إِنِّي أَنَا النَّذِيرُ الْمُبِينُ (89)
Futhi uthi, “ngempela mina ngingumxwayisi ogqamile”
كَمَا أَنزَلْنَا عَلَى الْمُقْتَسِمِينَ (90)
Njengoba sehlisa phezu kwalabo ababehlukanisa
الَّذِينَ جَعَلُوا الْقُرْآنَ عِضِينَ (91)
Labo abenza iQur’an ukuthi ibe izingxenye
فَوَرَبِّكَ لَنَسْأَلَنَّهُمْ أَجْمَعِينَ (92)
Ngakho-ke ngifunga ngeNkosi yakho! Siyobabuza bonke ndawonye
عَمَّا كَانُوا يَعْمَلُونَ (93)
Mayelana nalokho ababekwenza
فَاصْدَعْ بِمَا تُؤْمَرُ وَأَعْرِضْ عَنِ الْمُشْرِكِينَ (94)
Ngakho-ke memezela ngokusobala ngalokho ophoqwe ngakho futhi uqhelelane nabakhonzi bezithixo
إِنَّا كَفَيْنَاكَ الْمُسْتَهْزِئِينَ (95)
Ngempela thina sikwenele ukubhekana nabenza inhlekisa
الَّذِينَ يَجْعَلُونَ مَعَ اللَّهِ إِلَٰهًا آخَرَ ۚ فَسَوْفَ يَعْلَمُونَ (96)
Labo abenza omunye unkulunkulu (isithixo) basihlanganise noMvelinqangi ngakho-ke bayokwazi
وَلَقَدْ نَعْلَمُ أَنَّكَ يَضِيقُ صَدْرُكَ بِمَا يَقُولُونَ (97)
Futhi ngempela siyazi ukuthi wena siyacinana isifuba sakho ngenxa yalokho abakushoyo
فَسَبِّحْ بِحَمْدِ رَبِّكَ وَكُن مِّنَ السَّاجِدِينَ (98)
Ngakho-ke dumisa udumo lweNkosi yakho futhi ube ngomunye wabazithobayo
وَاعْبُدْ رَبَّكَ حَتَّىٰ يَأْتِيَكَ الْيَقِينُ (99)
Futhi khonza iNkosi yakho kuze kube ufikelwe isiqiniseko (ukufa)
❮ Previous Next ❯

Surahs from Quran :

1- Fatiha2- Baqarah
3- Al Imran4- Nisa
5- Maidah6- Anam
7- Araf8- Anfal
9- Tawbah10- Yunus
11- Hud12- Yusuf
13- Raad14- Ibrahim
15- Hijr16- Nahl
17- Al Isra18- Kahf
19- Maryam20- TaHa
21- Anbiya22- Hajj
23- Muminun24- An Nur
25- Furqan26- Shuara
27- Naml28- Qasas
29- Ankabut30- Rum
31- Luqman32- Sajdah
33- Ahzab34- Saba
35- Fatir36- Yasin
37- Assaaffat38- Sad
39- Zumar40- Ghafir
41- Fussilat42- shura
43- Zukhruf44- Ad Dukhaan
45- Jathiyah46- Ahqaf
47- Muhammad48- Al Fath
49- Hujurat50- Qaf
51- zariyat52- Tur
53- Najm54- Al Qamar
55- Rahman56- Waqiah
57- Hadid58- Mujadilah
59- Al Hashr60- Mumtahina
61- Saff62- Jumuah
63- Munafiqun64- Taghabun
65- Talaq66- Tahrim
67- Mulk68- Qalam
69- Al-Haqqah70- Maarij
71- Nuh72- Jinn
73- Muzammil74- Muddathir
75- Qiyamah76- Insan
77- Mursalat78- An Naba
79- Naziat80- Abasa
81- Takwir82- Infitar
83- Mutaffifin84- Inshiqaq
85- Buruj86- Tariq
87- Al Ala88- Ghashiya
89- Fajr90- Al Balad
91- Shams92- Lail
93- Duha94- Sharh
95- Tin96- Al Alaq
97- Qadr98- Bayyinah
99- Zalzalah100- Adiyat
101- Qariah102- Takathur
103- Al Asr104- Humazah
105- Al Fil106- Quraysh
107- Maun108- Kawthar
109- Kafirun110- Nasr
111- Masad112- Ikhlas
113- Falaq114- An Nas