×

Surah An-Nur in Zulu

Quran Zulu ⮕ Surah An Nur

Translation of the Meanings of Surah An Nur in Zulu - الزولو

The Quran in Zulu - Surah An Nur translated into Zulu, Surah An-Nur in Zulu. We provide accurate translation of Surah An Nur in Zulu - الزولو, Verses 64 - Surah Number 24 - Page 350.

بسم الله الرحمن الرحيم

سُورَةٌ أَنزَلْنَاهَا وَفَرَضْنَاهَا وَأَنزَلْنَا فِيهَا آيَاتٍ بَيِّنَاتٍ لَّعَلَّكُمْ تَذَكَّرُونَ (1)
(Lesi) yisahluko esasehlisela phansi sasenza sabayisibopho futhi sembulile kusona amavesi acacile ukuze nikhumbule
الزَّانِيَةُ وَالزَّانِي فَاجْلِدُوا كُلَّ وَاحِدٍ مِّنْهُمَا مِائَةَ جَلْدَةٍ ۖ وَلَا تَأْخُذْكُم بِهِمَا رَأْفَةٌ فِي دِينِ اللَّهِ إِن كُنتُمْ تُؤْمِنُونَ بِاللَّهِ وَالْيَوْمِ الْآخِرِ ۖ وَلْيَشْهَدْ عَذَابَهُمَا طَائِفَةٌ مِّنَ الْمُؤْمِنِينَ (2)
Isiphingi sesifazane nesiphingi sesilisa bhaxabulani ngamunye wabo bobabili imivimbo eyikhulu, ningavumeli ukuthi nibe nesihe mayelana nabo bobabili esijezisweni senkolo kaMvelinqangi uma nina nikholelwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina, futhi iqembu labakholwayo mabasibone isijeziso sabo bobabili
الزَّانِي لَا يَنكِحُ إِلَّا زَانِيَةً أَوْ مُشْرِكَةً وَالزَّانِيَةُ لَا يَنكِحُهَا إِلَّا زَانٍ أَوْ مُشْرِكٌ ۚ وَحُرِّمَ ذَٰلِكَ عَلَى الْمُؤْمِنِينَ (3)
Isiphingi sesilisa asishadi ngaphandle kokuthi sishade nesiphingi sesifazane noma isikhonzi sesithombe sesifazane nesiphingi sesifazane akekho oyoshada nabo bobabili ngaphandle kwesiphingi sesilisa nesikhonzi sesithombe sesilisa futhi kwenqatshelwe lokho kwabakholwayo
وَالَّذِينَ يَرْمُونَ الْمُحْصَنَاتِ ثُمَّ لَمْ يَأْتُوا بِأَرْبَعَةِ شُهَدَاءَ فَاجْلِدُوهُمْ ثَمَانِينَ جَلْدَةً وَلَا تَقْبَلُوا لَهُمْ شَهَادَةً أَبَدًا ۚ وَأُولَٰئِكَ هُمُ الْفَاسِقُونَ (4)
Futhi labo ababeka icala abesifazane abamsulwa bese bengabalethi ofakazi abane ngakho-ke bashayeni imivimbo engamashumi ayisishiyagalombili futhi ningabemukeli ubufakazi babo futhi labo bangabangahloniphi
إِلَّا الَّذِينَ تَابُوا مِن بَعْدِ ذَٰلِكَ وَأَصْلَحُوا فَإِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (5)
Ngaphandle kwalabo abazisolayo emva kwalokho futhi benze izenzo ezinhle ezilungileyo ngakho-ke ngempela uMvelinqangi uyathethelela unomusa
وَالَّذِينَ يَرْمُونَ أَزْوَاجَهُمْ وَلَمْ يَكُن لَّهُمْ شُهَدَاءُ إِلَّا أَنفُسُهُمْ فَشَهَادَةُ أَحَدِهِمْ أَرْبَعُ شَهَادَاتٍ بِاللَّهِ ۙ إِنَّهُ لَمِنَ الصَّادِقِينَ (6)
Futhi labo ababeka icala amakhosikazi abo futhi bengenabo ofakazi ngaphandle kwemiphefumulo yabo ngakho-ke makafakaze kane ngoMvelinqangi ngempela yena ungowalabo abakhuluma iqiniso
وَالْخَامِسَةُ أَنَّ لَعْنَتَ اللَّهِ عَلَيْهِ إِن كَانَ مِنَ الْكَاذِبِينَ (7)
Futhi okwesihlanu ukuthi isiqalekiso sikaMvelinqangi sibe phezu kwakhe uma engomunye wabaqamba amanga
وَيَدْرَأُ عَنْهَا الْعَذَابَ أَن تَشْهَدَ أَرْبَعَ شَهَادَاتٍ بِاللَّهِ ۙ إِنَّهُ لَمِنَ الْكَاذِبِينَ (8)
Futhi siyoqhelelaniswa naye owesifazane isijeziso uma efakaza ngoMvelinqangi izikhathi ezine ukuthi ngempela owesilisa ungowabaqamba amanga
وَالْخَامِسَةَ أَنَّ غَضَبَ اللَّهِ عَلَيْهَا إِن كَانَ مِنَ الصَّادِقِينَ (9)
Futhi okwesihlanu ukuthi intukuthelo kaMvelinqangi ibe phezu kwakhe owesifazane uma (owesilisa) engowabakhuluma iqiniso
وَلَوْلَا فَضْلُ اللَّهِ عَلَيْكُمْ وَرَحْمَتُهُ وَأَنَّ اللَّهَ تَوَّابٌ حَكِيمٌ (10)
Futhi ukube babungekho ububele bukaMvelinqangi phezu kwenu kanye nomusa wakhe futhi uMvelinqangi wemukela ukuzisola unobuhlakani
إِنَّ الَّذِينَ جَاءُوا بِالْإِفْكِ عُصْبَةٌ مِّنكُمْ ۚ لَا تَحْسَبُوهُ شَرًّا لَّكُم ۖ بَلْ هُوَ خَيْرٌ لَّكُمْ ۚ لِكُلِّ امْرِئٍ مِّنْهُم مَّا اكْتَسَبَ مِنَ الْإِثْمِ ۚ وَالَّذِي تَوَلَّىٰ كِبْرَهُ مِنْهُمْ لَهُ عَذَابٌ عَظِيمٌ (11)
Ngempela labo abeze namanga bayiqembu eliphuma phakathi kwenu ningakuthathi ngokuthi kuyinto embi kunina, kepha kona kungcono kunina kubona bonke abantu phakathi kwabo yilokho akusebenzele okuyisono. Futhi lowo phakathi kwabo onengxenye enkulu kukona okwakhe isijeziso esikhulu
لَّوْلَا إِذْ سَمِعْتُمُوهُ ظَنَّ الْمُؤْمِنُونَ وَالْمُؤْمِنَاتُ بِأَنفُسِهِمْ خَيْرًا وَقَالُوا هَٰذَا إِفْكٌ مُّبِينٌ (12)
Kungani uma senikuzwile lokho abakholwayo besilisa nabesifazane bangabacabangeli okuhle abantu babo futhi bathi, “lokhu kungamanga acacile yini na?”
لَّوْلَا جَاءُوا عَلَيْهِ بِأَرْبَعَةِ شُهَدَاءَ ۚ فَإِذْ لَمْ يَأْتُوا بِالشُّهَدَاءِ فَأُولَٰئِكَ عِندَ اللَّهِ هُمُ الْكَاذِبُونَ (13)
Kungani bengalethanga kuyena ofakazi abane na? Ngakho-ke uma bengabalethi ofakazi kusho ukuthi bona kuMvelinqang bangabaqambi bamanga
وَلَوْلَا فَضْلُ اللَّهِ عَلَيْكُمْ وَرَحْمَتُهُ فِي الدُّنْيَا وَالْآخِرَةِ لَمَسَّكُمْ فِي مَا أَفَضْتُمْ فِيهِ عَذَابٌ عَظِيمٌ (14)
Futhi ukube babungekho ububele bukaMvelinqangi phezu kwenu nomusa wakhe kulomhlaba nasempilweni ezayo ngempela isijeziso esikhulu sasizonithinta ngenxa yalokho enikushilo
إِذْ تَلَقَّوْنَهُ بِأَلْسِنَتِكُمْ وَتَقُولُونَ بِأَفْوَاهِكُم مَّا لَيْسَ لَكُم بِهِ عِلْمٌ وَتَحْسَبُونَهُ هَيِّنًا وَهُوَ عِندَ اللَّهِ عَظِيمٌ (15)
Khumbula ngenkathi nikwemukela ngezilimi zenu futhi nikhuluma ngemilomo yenu lokho eningenalwazi ngakho nikuthatha njengento elula kulapho kuMvelinqangi kuyinto enkulu
وَلَوْلَا إِذْ سَمِعْتُمُوهُ قُلْتُم مَّا يَكُونُ لَنَا أَن نَّتَكَلَّمَ بِهَٰذَا سُبْحَانَكَ هَٰذَا بُهْتَانٌ عَظِيمٌ (16)
Futhi kwenziwa yini ngenkathi nikuzwa nithi “Akusifanele ukuthi singakhuluma ngalokhu, udumo lungolwakho (Mvelinqangi) lokhu kuyisihlebo esikhulu”
يَعِظُكُمُ اللَّهُ أَن تَعُودُوا لِمِثْلِهِ أَبَدًا إِن كُنتُم مُّؤْمِنِينَ (17)
UMvelinqangi uyaniyala ngokuthi ningaphindeli kokufana nako uma kungukuthi nina ningamakholwa
وَيُبَيِّنُ اللَّهُ لَكُمُ الْآيَاتِ ۚ وَاللَّهُ عَلِيمٌ حَكِيمٌ (18)
FuthiuMvelinqangiuyanicaciselaamavesi, futhiuMvelinqangi uyazi unobuhlakani
إِنَّ الَّذِينَ يُحِبُّونَ أَن تَشِيعَ الْفَاحِشَةُ فِي الَّذِينَ آمَنُوا لَهُمْ عَذَابٌ أَلِيمٌ فِي الدُّنْيَا وَالْآخِرَةِ ۚ وَاللَّهُ يَعْلَمُ وَأَنتُمْ لَا تَعْلَمُونَ (19)
Ngempela labo abathanda ukudlulisela okubi kulabo abakholwayo okwabo yisijeziso esibuhlungu kulomhlaba nasempilweni ezayo futhi uMvelinqangi uyazi nina anazi
وَلَوْلَا فَضْلُ اللَّهِ عَلَيْكُمْ وَرَحْمَتُهُ وَأَنَّ اللَّهَ رَءُوفٌ رَّحِيمٌ (20)
Futhi ukube babungekho ububele bukaMvelinqangi phezu kwenu kanye nomusa wakhe, futhi uMvelinqangi umnene unesihawu
۞ يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا لَا تَتَّبِعُوا خُطُوَاتِ الشَّيْطَانِ ۚ وَمَن يَتَّبِعْ خُطُوَاتِ الشَّيْطَانِ فَإِنَّهُ يَأْمُرُ بِالْفَحْشَاءِ وَالْمُنكَرِ ۚ وَلَوْلَا فَضْلُ اللَّهِ عَلَيْكُمْ وَرَحْمَتُهُ مَا زَكَىٰ مِنكُم مِّنْ أَحَدٍ أَبَدًا وَلَٰكِنَّ اللَّهَ يُزَكِّي مَن يَشَاءُ ۗ وَاللَّهُ سَمِيعٌ عَلِيمٌ (21)
Oh nina enikholwayo! ningazilandeli izinyathelo zikasathane futhi noma ngabe ngubani olandela izinyathelo zikasathane ngakho-ke ngempela yena wenza okubi nokungalungile futhi ukube babungekho ububele bukaMvelinqangi phezu kwenu nomusa wakhe, akekho ngisho noyedwa wenu owayezobamsulwa, kepha uMvelinqangi wenza noma ngabe ngubani amthandayo ukuthi abemsulwa futhi uMvelinqangi uyezwa uyazi
وَلَا يَأْتَلِ أُولُو الْفَضْلِ مِنكُمْ وَالسَّعَةِ أَن يُؤْتُوا أُولِي الْقُرْبَىٰ وَالْمَسَاكِينَ وَالْمُهَاجِرِينَ فِي سَبِيلِ اللَّهِ ۖ وَلْيَعْفُوا وَلْيَصْفَحُوا ۗ أَلَا تُحِبُّونَ أَن يَغْفِرَ اللَّهُ لَكُمْ ۗ وَاللَّهُ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (22)
Futhi abangafungi labo abanikwe ububele phakathi kwenu nengcebo ukuthi bangabanika (usizo) abayizihlobo, abampofu kanye nabashiya amakhaya abo baye endleleni kaMvelinqangi kufanele bathethelele futhi bakhohlwe anithandi yini ukuthi uMvelinqangi anithethelele na? Futhi uMvelinqangi uyathethelela unesihawu
إِنَّ الَّذِينَ يَرْمُونَ الْمُحْصَنَاتِ الْغَافِلَاتِ الْمُؤْمِنَاتِ لُعِنُوا فِي الدُّنْيَا وَالْآخِرَةِ وَلَهُمْ عَذَابٌ عَظِيمٌ (23)
Abesifazane ababi bangabamadoda amabi, futhi amadoda amabi angabesifazane ababi, futhi abesifazane abahle bangabangamadoda amahle, futhi amadoda amahle angabesifazane abahle
يَوْمَ تَشْهَدُ عَلَيْهِمْ أَلْسِنَتُهُمْ وَأَيْدِيهِمْ وَأَرْجُلُهُم بِمَا كَانُوا يَعْمَلُونَ (24)
Ngosuku lapho izilimi zabo, izingalo zabo kanye nezinyawo zaboziyobezifakazamaqondananabomayelananababekwenza
يَوْمَئِذٍ يُوَفِّيهِمُ اللَّهُ دِينَهُمُ الْحَقَّ وَيَعْلَمُونَ أَنَّ اللَّهَ هُوَ الْحَقُّ الْمُبِينُ (25)
Ngosuku lapho uMvelinqangi eyobakhokhela umvuzo wabo oyiqiniso ngokugcwele futhi bayokwazi ukuthi uMvelinqangi uyiqiniso elicacile
الْخَبِيثَاتُ لِلْخَبِيثِينَ وَالْخَبِيثُونَ لِلْخَبِيثَاتِ ۖ وَالطَّيِّبَاتُ لِلطَّيِّبِينَ وَالطَّيِّبُونَ لِلطَّيِّبَاتِ ۚ أُولَٰئِكَ مُبَرَّءُونَ مِمَّا يَقُولُونَ ۖ لَهُم مَّغْفِرَةٌ وَرِزْقٌ كَرِيمٌ (26)
Amagama amabi angawamadoda (noma angawabantu ababi) nabantu ababi bangabamagama amabi, namagama amahle angawabantu abahle nabantu abahle bangabamagama amahle, labo bamsulwa kulokho abakushoyo okwabo yintethelelo nesabelo esihloniphekile
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا لَا تَدْخُلُوا بُيُوتًا غَيْرَ بُيُوتِكُمْ حَتَّىٰ تَسْتَأْنِسُوا وَتُسَلِّمُوا عَلَىٰ أَهْلِهَا ۚ ذَٰلِكُمْ خَيْرٌ لَّكُمْ لَعَلَّكُمْ تَذَكَّرُونَ (27)
Oh nina enikholwayo! ningabongena ezindlini ekungeyizona izindlu zenu kuze kube nicela imvume yokungeni futhi nibingelele izihlali zazo, lokho kungcono kunina ukuze mhlawumbe nikhumbule
فَإِن لَّمْ تَجِدُوا فِيهَا أَحَدًا فَلَا تَدْخُلُوهَا حَتَّىٰ يُؤْذَنَ لَكُمْ ۖ وَإِن قِيلَ لَكُمُ ارْجِعُوا فَارْجِعُوا ۖ هُوَ أَزْكَىٰ لَكُمْ ۚ وَاللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ عَلِيمٌ (28)
Uma ningafici ngisho noyedwa phakathi (ezindlini) ngakho- ke ningangeni kuzona kuze kube ninikezwa imvume (yokungena) futhi uma kuthiwa kunina phindelani emumva phindelani emumva phindelani lokho kumsulwa kakhulu kunina futhi uMvelinqangi uyazi ngalokho enikwenzayo
لَّيْسَ عَلَيْكُمْ جُنَاحٌ أَن تَدْخُلُوا بُيُوتًا غَيْرَ مَسْكُونَةٍ فِيهَا مَتَاعٌ لَّكُمْ ۚ وَاللَّهُ يَعْلَمُ مَا تُبْدُونَ وَمَا تَكْتُمُونَ (29)
Akusilona icala kunina ukungena ezindlini ekungahlalwa kuzona ekunezinto zenu khona, futhi uMvelinqangi uyakwazi lokho enikuvezayo kanye nalokho enikufihlayo
قُل لِّلْمُؤْمِنِينَ يَغُضُّوا مِنْ أَبْصَارِهِمْ وَيَحْفَظُوا فُرُوجَهُمْ ۚ ذَٰلِكَ أَزْكَىٰ لَهُمْ ۗ إِنَّ اللَّهَ خَبِيرٌ بِمَا يَصْنَعُونَ (30)
Batshele abakholwayo besilisa ukuthi abazothise amehlo abo futhi bagcine izitho zabo zomzimba zangasese, lokho kumsulwa kakhulu kubona, ngempela uMvelinqangi uyazi ngalokho abakwenzayo
وَقُل لِّلْمُؤْمِنَاتِ يَغْضُضْنَ مِنْ أَبْصَارِهِنَّ وَيَحْفَظْنَ فُرُوجَهُنَّ وَلَا يُبْدِينَ زِينَتَهُنَّ إِلَّا مَا ظَهَرَ مِنْهَا ۖ وَلْيَضْرِبْنَ بِخُمُرِهِنَّ عَلَىٰ جُيُوبِهِنَّ ۖ وَلَا يُبْدِينَ زِينَتَهُنَّ إِلَّا لِبُعُولَتِهِنَّ أَوْ آبَائِهِنَّ أَوْ آبَاءِ بُعُولَتِهِنَّ أَوْ أَبْنَائِهِنَّ أَوْ أَبْنَاءِ بُعُولَتِهِنَّ أَوْ إِخْوَانِهِنَّ أَوْ بَنِي إِخْوَانِهِنَّ أَوْ بَنِي أَخَوَاتِهِنَّ أَوْ نِسَائِهِنَّ أَوْ مَا مَلَكَتْ أَيْمَانُهُنَّ أَوِ التَّابِعِينَ غَيْرِ أُولِي الْإِرْبَةِ مِنَ الرِّجَالِ أَوِ الطِّفْلِ الَّذِينَ لَمْ يَظْهَرُوا عَلَىٰ عَوْرَاتِ النِّسَاءِ ۖ وَلَا يَضْرِبْنَ بِأَرْجُلِهِنَّ لِيُعْلَمَ مَا يُخْفِينَ مِن زِينَتِهِنَّ ۚ وَتُوبُوا إِلَى اللَّهِ جَمِيعًا أَيُّهَ الْمُؤْمِنُونَ لَعَلَّكُمْ تُفْلِحُونَ (31)
Futhi batshele abakholwayo besifazane ukuthi abazothise amehlo abo futhi bagcine izitho zabo zomzimba zangasese futhi bangabuvezi ubuhle babo ngaphandle kwalokho okuvelayo kubona futhi mabamboze imiqala yabo kuze kufinyelele ezifubeni zabo futhi mabangabuvezi ubuhle babo ngaphandle kokubuveza kubayeni babo noma koyise noma koyise babayeni babo noma emadodaneni abo noma emadodaneni abayeni babo noma kubafowabo noma emadodaneni abafowabo noma emadodaneni o d a d e w a b o noma kwabesifazane babo noma kulabo abasezandleni zabo abesifazane ezingakwezokudla noma abalandeli abantu besilisa abangenayo imizwa ngomuntu wesifazane noma ezinganeni ezingazi lutho ngezitho zomzimba zangasese zabesifazane futhi mabangahambi ngezinyawo zabo ngendlela ezokwenza ukuthi kuzwakale lokho abakufihlile ebuhleni babo futhi nonke nina makholwa phendukelani kuMvelinqangi ukuze niphumelele
وَأَنكِحُوا الْأَيَامَىٰ مِنكُمْ وَالصَّالِحِينَ مِنْ عِبَادِكُمْ وَإِمَائِكُمْ ۚ إِن يَكُونُوا فُقَرَاءَ يُغْنِهِمُ اللَّهُ مِن فَضْلِهِ ۗ وَاللَّهُ وَاسِعٌ عَلِيمٌ (32)
Futhi shadani nalabo phakathi kwenu abangashadile nabalungileyo ezincekwini zenu kanye nezisebenzi zenu zesifazane, uma bempofu uzobanothisa uMvelinqangi ngomusa wakhe futhi uMvelinqangi ungamele konke uyisazi
وَلْيَسْتَعْفِفِ الَّذِينَ لَا يَجِدُونَ نِكَاحًا حَتَّىٰ يُغْنِيَهُمُ اللَّهُ مِن فَضْلِهِ ۗ وَالَّذِينَ يَبْتَغُونَ الْكِتَابَ مِمَّا مَلَكَتْ أَيْمَانُكُمْ فَكَاتِبُوهُمْ إِنْ عَلِمْتُمْ فِيهِمْ خَيْرًا ۖ وَآتُوهُم مِّن مَّالِ اللَّهِ الَّذِي آتَاكُمْ ۚ وَلَا تُكْرِهُوا فَتَيَاتِكُمْ عَلَى الْبِغَاءِ إِنْ أَرَدْنَ تَحَصُّنًا لِّتَبْتَغُوا عَرَضَ الْحَيَاةِ الدُّنْيَا ۚ وَمَن يُكْرِههُّنَّ فَإِنَّ اللَّهَ مِن بَعْدِ إِكْرَاهِهِنَّ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (33)
Futhi labo abangazitholi izindlela zokushada mabazigcine bemsulwa kuze kube uMvelinqangi uyabanothisa ngomusa wakhe futhi labo phakathi kwalabo abasezandleni zenu zangakwezokudla (izigqila) uma zifuna umbhalo (wokukhululeka kwazo) zibhaleleni futhi uma nibubona ubuhle kuzona zipheni engcebweni okuyiyona uMvelinqangi anipha kuyona futhi ningaziphoqeleli izigqila zenu ezingamantombazane ebufebeni, uma zifisa ukuhlala zimsulwa ukuze zizuze izinto zempilo yalomhlaba futhi noma ngabe ngubani oziphoqelelayo izigqila eziyisifazane ngakho- ke ngempela uMvelinqangi emva kokuphoqelelwa kwazo izigqila zabesifazane uyathethelela unesihawu
وَلَقَدْ أَنزَلْنَا إِلَيْكُمْ آيَاتٍ مُّبَيِّنَاتٍ وَمَثَلًا مِّنَ الَّذِينَ خَلَوْا مِن قَبْلِكُمْ وَمَوْعِظَةً لِّلْمُتَّقِينَ (34)
Futhi ngempela sawehlisela phansi kunina amavesi acacile kanye nesibonelo kulabo asebadlula ngaphambilini kwenu kanye nokukhuzwa kwalabo abesaba uMvelinqangi
۞ اللَّهُ نُورُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۚ مَثَلُ نُورِهِ كَمِشْكَاةٍ فِيهَا مِصْبَاحٌ ۖ الْمِصْبَاحُ فِي زُجَاجَةٍ ۖ الزُّجَاجَةُ كَأَنَّهَا كَوْكَبٌ دُرِّيٌّ يُوقَدُ مِن شَجَرَةٍ مُّبَارَكَةٍ زَيْتُونَةٍ لَّا شَرْقِيَّةٍ وَلَا غَرْبِيَّةٍ يَكَادُ زَيْتُهَا يُضِيءُ وَلَوْ لَمْ تَمْسَسْهُ نَارٌ ۚ نُّورٌ عَلَىٰ نُورٍ ۗ يَهْدِي اللَّهُ لِنُورِهِ مَن يَشَاءُ ۚ وَيَضْرِبُ اللَّهُ الْأَمْثَالَ لِلنَّاسِ ۗ وَاللَّهُ بِكُلِّ شَيْءٍ عَلِيمٌ (35)
UMvelinqangi ungukukhanya kwamazulu nomhlaba umfanekiso wokukhanya kwakhe kunjengengosi ekukhanya kuyo isibani (isibani esisengilazini), ingilazi efana nenkanyezi ecwazimulayo ngokugqamile sokhelwe esihlahleni esibusiswe, somhlwathi (som uOlivi) kungesisona saseMpumalanga futhi kungesisona saseNtshonalanga amafutha aso acishe akhanye futhi nakuba umlilo ungawathinti ukukhanya phezu kokukhanya, uMvelinqangi uholela ekukhanyeni kwakhe noma ngabe ngubani amthandayo futhi uMvelinqangi wenzela abantu izibonelo futhi uMvelinqangi uyisazi sazo zonke izinto
فِي بُيُوتٍ أَذِنَ اللَّهُ أَن تُرْفَعَ وَيُذْكَرَ فِيهَا اسْمُهُ يُسَبِّحُ لَهُ فِيهَا بِالْغُدُوِّ وَالْآصَالِ (36)
Ezindlini uMvelinqangi anikeza igunya ukuba ziphakanyiswe futhi kukhunjulwe igama lakhe kuzona, bamdumisa ekuseni nakusihlwa
رِجَالٌ لَّا تُلْهِيهِمْ تِجَارَةٌ وَلَا بَيْعٌ عَن ذِكْرِ اللَّهِ وَإِقَامِ الصَّلَاةِ وَإِيتَاءِ الزَّكَاةِ ۙ يَخَافُونَ يَوْمًا تَتَقَلَّبُ فِيهِ الْقُلُوبُ وَالْأَبْصَارُ (37)
Abantu abangaphanjukiswa ukuhweba nokuthengisa enkumbulweni kaMvelinqangi nasekwenzeni umthandazo nasekukhokheni izakaah (ebantwini abampofu) basaba usuku okuyophendulwa ngalo izinhliziyo namehlo
لِيَجْزِيَهُمُ اللَّهُ أَحْسَنَ مَا عَمِلُوا وَيَزِيدَهُم مِّن فَضْلِهِ ۗ وَاللَّهُ يَرْزُقُ مَن يَشَاءُ بِغَيْرِ حِسَابٍ (38)
Ukuze uMvelinqangi abanike umvuzo omuhle kakhulu wakona konke lokho ababekwenza futhi abandisele emseni wakhe futhi uMvelinqangi wabela noma ngabe ngubani amthandayo ngaphandle kwesilinganiso
وَالَّذِينَ كَفَرُوا أَعْمَالُهُمْ كَسَرَابٍ بِقِيعَةٍ يَحْسَبُهُ الظَّمْآنُ مَاءً حَتَّىٰ إِذَا جَاءَهُ لَمْ يَجِدْهُ شَيْئًا وَوَجَدَ اللَّهَ عِندَهُ فَوَفَّاهُ حِسَابَهُ ۗ وَاللَّهُ سَرِيعُ الْحِسَابِ (39)
Futhi labo abangakholwanga, imisebenzi yabo injengenkohliso yasogwadule lapho kuvela emehlweni omuntu ohambayo okungathi amachibi amanzi kube kungekho lutho, onxaniwe ucabanga ukuthi ngamanzi kuze kube yilapho uma efika eduze kwayo (inkohliso) angatholi lutho kepha athole uMvelinqangi ekanye naye bese emkhokhela okungokwakhe futhi uMvelinqangi uyashesha ekwahluleleni
أَوْ كَظُلُمَاتٍ فِي بَحْرٍ لُّجِّيٍّ يَغْشَاهُ مَوْجٌ مِّن فَوْقِهِ مَوْجٌ مِّن فَوْقِهِ سَحَابٌ ۚ ظُلُمَاتٌ بَعْضُهَا فَوْقَ بَعْضٍ إِذَا أَخْرَجَ يَدَهُ لَمْ يَكَدْ يَرَاهَا ۗ وَمَن لَّمْ يَجْعَلِ اللَّهُ لَهُ نُورًا فَمَا لَهُ مِن نُّورٍ (40)
Noma njengobumnyama olwandle olujulile lapho embozwa khona ngamagagasi ngaphezulu kwamagagasi kunamafu amnyama amanye awo angaphezu kwamanye uma elula isandla sakhe kusala kancane angasiboni futhi noma ngabe ngubani uMvelinqangi angamenzeli ukukhanya angeke aze abenako ukukhanya
أَلَمْ تَرَ أَنَّ اللَّهَ يُسَبِّحُ لَهُ مَن فِي السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَالطَّيْرُ صَافَّاتٍ ۖ كُلٌّ قَدْ عَلِمَ صَلَاتَهُ وَتَسْبِيحَهُ ۗ وَاللَّهُ عَلِيمٌ بِمَا يَفْعَلُونَ (41)
Awuboni yini ukuthi uMvelinqangi udunyiswa yibona bonke abasemazulwini nabasemhlabeni kanye nezinyoni ezinamaphiko alulekile na? Konke kuyawazi umthandazo wakhe nendumiso yakhe futhi uMvelinqangi uyisazi saloko abakwenzayo
وَلِلَّهِ مُلْكُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۖ وَإِلَى اللَّهِ الْمَصِيرُ (42)
Futhi ungokaMvelinqangi umbuso wamazulu nomhlaba futhi ikuMvelinqangi lapho kuyophindelwa khona
أَلَمْ تَرَ أَنَّ اللَّهَ يُزْجِي سَحَابًا ثُمَّ يُؤَلِّفُ بَيْنَهُ ثُمَّ يَجْعَلُهُ رُكَامًا فَتَرَى الْوَدْقَ يَخْرُجُ مِنْ خِلَالِهِ وَيُنَزِّلُ مِنَ السَّمَاءِ مِن جِبَالٍ فِيهَا مِن بَرَدٍ فَيُصِيبُ بِهِ مَن يَشَاءُ وَيَصْرِفُهُ عَن مَّن يَشَاءُ ۖ يَكَادُ سَنَا بَرْقِهِ يَذْهَبُ بِالْأَبْصَارِ (43)
Awuboni yini ukuthi uMvelinqangi uyawahambisa amafu bese eyawaqoqaawanqwabelendawonyebeseubonaimvulaiphuma phakathi kuwona na? Futhi wehlisela phansi okuphuma esibhakabhakeni okuyizintaba (zamafu) okuphuma kuzona isichotho ashaya ngaso noma ngabe ngubani amthandayo futhi asiqhelelanise kunanoma ngabe ngubani amthandayo. Ukushaya kombani kucishe kuthathe ukubona
يُقَلِّبُ اللَّهُ اللَّيْلَ وَالنَّهَارَ ۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَعِبْرَةً لِّأُولِي الْأَبْصَارِ (44)
UMvelinqangi wenza ukuthi ubusuku nemini buguquguquke ngempela kuloko kunesifundo ebantwini ababonayo
وَاللَّهُ خَلَقَ كُلَّ دَابَّةٍ مِّن مَّاءٍ ۖ فَمِنْهُم مَّن يَمْشِي عَلَىٰ بَطْنِهِ وَمِنْهُم مَّن يَمْشِي عَلَىٰ رِجْلَيْنِ وَمِنْهُم مَّن يَمْشِي عَلَىٰ أَرْبَعٍ ۚ يَخْلُقُ اللَّهُ مَا يَشَاءُ ۚ إِنَّ اللَّهَ عَلَىٰ كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ (45)
Futhi uMvelinqangi wadala zonke izidalwa ezinyakazayo ngamanzi ezinye zazo yilezo ezikhasa ngezisu zazo futhi ezinye zazo yilezo ezihamba ngezinyawo ezimbili, ezinye zazo yilezo ezihamba ngezine. UMvelinqangi udala lokho akuthandayo, ngempela uMvelinqangi uyakwazi ukwenza zonke izinto
لَّقَدْ أَنزَلْنَا آيَاتٍ مُّبَيِّنَاتٍ ۚ وَاللَّهُ يَهْدِي مَن يَشَاءُ إِلَىٰ صِرَاطٍ مُّسْتَقِيمٍ (46)
Ngempela sawembula amavesi acacile futhi uMvelinqangi uholela endleleni eqondile noma ngabe ngubani amthandayo
وَيَقُولُونَ آمَنَّا بِاللَّهِ وَبِالرَّسُولِ وَأَطَعْنَا ثُمَّ يَتَوَلَّىٰ فَرِيقٌ مِّنْهُم مِّن بَعْدِ ذَٰلِكَ ۚ وَمَا أُولَٰئِكَ بِالْمُؤْمِنِينَ (47)
Futhi bathi, “sakholwa kuMvelinqangi nasesithunyweni futhi sahlonipha” ingxenye phakathi kwabo yabe seyiyafulathela emva kwalokho futhi labo abayibona abakholwayo
وَإِذَا دُعُوا إِلَى اللَّهِ وَرَسُولِهِ لِيَحْكُمَ بَيْنَهُمْ إِذَا فَرِيقٌ مِّنْهُم مُّعْرِضُونَ (48)
Futhi uma bemenyelwa kuMvelinqangi nasesithunyweni sakhe ukuze ehlulele phakathi kwabo bheka! Ingxenye yabo iphendukela emumva
وَإِن يَكُن لَّهُمُ الْحَقُّ يَأْتُوا إِلَيْهِ مُذْعِنِينَ (49)
Uma iqiniso lingasohlangothini lwabo bazoza kuyena ngokuzinikela
أَفِي قُلُوبِهِم مَّرَضٌ أَمِ ارْتَابُوا أَمْ يَخَافُونَ أَن يَحِيفَ اللَّهُ عَلَيْهِمْ وَرَسُولُهُ ۚ بَلْ أُولَٰئِكَ هُمُ الظَّالِمُونَ (50)
Ngakube ezinhliziyweni zabo kunesifo na? Noma ngakube basekungabazeni yini na? Noma besaba ukuthi uMvelinqangi nesithunywa sakhe bangase bangabi nobulungiswa kubona, Qha yibona uqobo abayizoni
إِنَّمَا كَانَ قَوْلَ الْمُؤْمِنِينَ إِذَا دُعُوا إِلَى اللَّهِ وَرَسُولِهِ لِيَحْكُمَ بَيْنَهُمْ أَن يَقُولُوا سَمِعْنَا وَأَطَعْنَا ۚ وَأُولَٰئِكَ هُمُ الْمُفْلِحُونَ (51)
Kuphela okwakushiwo abakholwayo uma bemenyelwa kuMvelinqangi nasesithunyweni sakhe ukuze ehlulele phakathi kwabo ukuthi bathi, “sizwile futhi salalela futhi labo bayilabo abaphumelelayo”
وَمَن يُطِعِ اللَّهَ وَرَسُولَهُ وَيَخْشَ اللَّهَ وَيَتَّقْهِ فَأُولَٰئِكَ هُمُ الْفَائِزُونَ (52)
Futhi noma ngabe ngubani ohlonipha uMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi esaba uMvelinqangi futhi egwema okubi kuyena ngakho-ke labo bayilabo abaphumeleleyo
۞ وَأَقْسَمُوا بِاللَّهِ جَهْدَ أَيْمَانِهِمْ لَئِنْ أَمَرْتَهُمْ لَيَخْرُجُنَّ ۖ قُل لَّا تُقْسِمُوا ۖ طَاعَةٌ مَّعْرُوفَةٌ ۚ إِنَّ اللَّهَ خَبِيرٌ بِمَا تَعْمَلُونَ (53)
Futhi bafunga ngoMvelinqangi izifungo zabo ezinzima, bathi uma ubaphoqa bazophuma ithi, “musani ukufunga inhlonipho yenu iyaziwa ngempela uMvelinqangi wazi kabanzi ngalokho enikwenzayo”
قُلْ أَطِيعُوا اللَّهَ وَأَطِيعُوا الرَّسُولَ ۖ فَإِن تَوَلَّوْا فَإِنَّمَا عَلَيْهِ مَا حُمِّلَ وَعَلَيْكُم مَّا حُمِّلْتُمْ ۖ وَإِن تُطِيعُوهُ تَهْتَدُوا ۚ وَمَا عَلَى الرَّسُولِ إِلَّا الْبَلَاغُ الْمُبِينُ (54)
Ithi, “hloniphani uMvelinqangi futhi nihloniphe isithunywa kepha uma nifulathela kuphela okwaso ngumthwalo obekwe kusona futhi okwenu ngumthwalo obekwe phezu kwenu futhi uma nisihlonipha (isithunywa) niyobe niholeke ngendlela eqondile futhi awukho umsebenzi ophezu kwesithunywa ngaphandle kokudlulisela umyalezo ngendlela ecacile
وَعَدَ اللَّهُ الَّذِينَ آمَنُوا مِنكُمْ وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ لَيَسْتَخْلِفَنَّهُمْ فِي الْأَرْضِ كَمَا اسْتَخْلَفَ الَّذِينَ مِن قَبْلِهِمْ وَلَيُمَكِّنَنَّ لَهُمْ دِينَهُمُ الَّذِي ارْتَضَىٰ لَهُمْ وَلَيُبَدِّلَنَّهُم مِّن بَعْدِ خَوْفِهِمْ أَمْنًا ۚ يَعْبُدُونَنِي لَا يُشْرِكُونَ بِي شَيْئًا ۚ وَمَن كَفَرَ بَعْدَ ذَٰلِكَ فَأُولَٰئِكَ هُمُ الْفَاسِقُونَ (55)
UMvelinqangi wathembisa labo phakathi kwenu abakholwa futhi abenza izenzo ezinhle ezilungileyo ukuthi uzobenza babengabaholi emhlabeni njengoba wabenza babangabaholi laboababengaphambilinikwabofuthingempelaabasimamisele inkolo yabo okuyiyona abakhethela yona futhi ngempela uyobashintshela ngokuphepha emva kokwesaba kwabo mabangikhonze bangangenzeli ngalutho abahlanganyeli ekungikhonzeni futhi noma ngabe ngubani ongakholwa emva kwalokho ngakho-ke labo bayizephula mthetho
وَأَقِيمُوا الصَّلَاةَ وَآتُوا الزَّكَاةَ وَأَطِيعُوا الرَّسُولَ لَعَلَّكُمْ تُرْحَمُونَ (56)
Futhi yenzani umthandazo nikhokhe izakaah kwabampofu futhi nihloniphe isithunywa ukuze nithole umusa
لَا تَحْسَبَنَّ الَّذِينَ كَفَرُوا مُعْجِزِينَ فِي الْأَرْضِ ۚ وَمَأْوَاهُمُ النَّارُ ۖ وَلَبِئْسَ الْمَصِيرُ (57)
Ningacabangi ukuthi labo abangakholwa bangaphunyula emhlabeni futhi indawo yabo yokuhlala ngumlilo futhi sibi leso siphetho
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا لِيَسْتَأْذِنكُمُ الَّذِينَ مَلَكَتْ أَيْمَانُكُمْ وَالَّذِينَ لَمْ يَبْلُغُوا الْحُلُمَ مِنكُمْ ثَلَاثَ مَرَّاتٍ ۚ مِّن قَبْلِ صَلَاةِ الْفَجْرِ وَحِينَ تَضَعُونَ ثِيَابَكُم مِّنَ الظَّهِيرَةِ وَمِن بَعْدِ صَلَاةِ الْعِشَاءِ ۚ ثَلَاثُ عَوْرَاتٍ لَّكُمْ ۚ لَيْسَ عَلَيْكُمْ وَلَا عَلَيْهِمْ جُنَاحٌ بَعْدَهُنَّ ۚ طَوَّافُونَ عَلَيْكُم بَعْضُكُمْ عَلَىٰ بَعْضٍ ۚ كَذَٰلِكَ يُبَيِّنُ اللَّهُ لَكُمُ الْآيَاتِ ۗ وَاللَّهُ عَلِيمٌ حَكِيمٌ (58)
Oh nina enikholwayo! Labo abasezandleni zenu zangakwezokudla (izigqila) kanye nalabo abangakathombi mabacele imvume kunina ezikhathi ezintathu ngaphambi komthandazo wasekuseni nangesikhathi nikhumula izingubo zenu ntambama nangemumva komthandazo wakusihlwa (lezi) yizikhathi ezintathu zenu zokuba nibe nodwa, ngezinye izikhathi ngaphandle kwalezi alikho icala kunina nakubona uma behamba phakathi kwenu abanye benu besiza abanye, kanjalo-ke uMvelinqangi uyanicacisela amavesi futhi uMvelinqangi ungowaziyo onobuhlakani
وَإِذَا بَلَغَ الْأَطْفَالُ مِنكُمُ الْحُلُمَ فَلْيَسْتَأْذِنُوا كَمَا اسْتَأْذَنَ الَّذِينَ مِن قَبْلِهِمْ ۚ كَذَٰلِكَ يُبَيِّنُ اللَّهُ لَكُمْ آيَاتِهِ ۗ وَاللَّهُ عَلِيمٌ حَكِيمٌ (59)
Futhi uma izingane phakathi kwenu sezithomba mazicele imvume njengoba bacela imvume labo ababengaphambilini kwabo, kanjalo uMvelinqangi unenzela acace amavesi akhe futhi uMvelinqangi ungowaziyo onobuhlakani
وَالْقَوَاعِدُ مِنَ النِّسَاءِ اللَّاتِي لَا يَرْجُونَ نِكَاحًا فَلَيْسَ عَلَيْهِنَّ جُنَاحٌ أَن يَضَعْنَ ثِيَابَهُنَّ غَيْرَ مُتَبَرِّجَاتٍ بِزِينَةٍ ۖ وَأَن يَسْتَعْفِفْنَ خَيْرٌ لَّهُنَّ ۗ وَاللَّهُ سَمِيعٌ عَلِيمٌ (60)
Futhi abesifazane asebaphelelwa yisikhathi sokuthola abantwana labo abangasathembi ukuthi bangashada ngakho- ke alikho icala kubona abesifazane uma bekhumula izingubo zabo hhayi ngendlela eveza ubuhle babo kepha uma beyeka (ukukhumula izingubo zabo) kungcono kubona futhi uMvelinqangi uyezwa uyazi
لَّيْسَ عَلَى الْأَعْمَىٰ حَرَجٌ وَلَا عَلَى الْأَعْرَجِ حَرَجٌ وَلَا عَلَى الْمَرِيضِ حَرَجٌ وَلَا عَلَىٰ أَنفُسِكُمْ أَن تَأْكُلُوا مِن بُيُوتِكُمْ أَوْ بُيُوتِ آبَائِكُمْ أَوْ بُيُوتِ أُمَّهَاتِكُمْ أَوْ بُيُوتِ إِخْوَانِكُمْ أَوْ بُيُوتِ أَخَوَاتِكُمْ أَوْ بُيُوتِ أَعْمَامِكُمْ أَوْ بُيُوتِ عَمَّاتِكُمْ أَوْ بُيُوتِ أَخْوَالِكُمْ أَوْ بُيُوتِ خَالَاتِكُمْ أَوْ مَا مَلَكْتُم مَّفَاتِحَهُ أَوْ صَدِيقِكُمْ ۚ لَيْسَ عَلَيْكُمْ جُنَاحٌ أَن تَأْكُلُوا جَمِيعًا أَوْ أَشْتَاتًا ۚ فَإِذَا دَخَلْتُم بُيُوتًا فَسَلِّمُوا عَلَىٰ أَنفُسِكُمْ تَحِيَّةً مِّنْ عِندِ اللَّهِ مُبَارَكَةً طَيِّبَةً ۚ كَذَٰلِكَ يُبَيِّنُ اللَّهُ لَكُمُ الْآيَاتِ لَعَلَّكُمْ تَعْقِلُونَ (61)
Alikho icala phezu komuntu oyimpumputhe naphezu komuntu oxhugayo futhi alikho icala phezu komuntu ogulayo naphezu kwenu uma nidla ezindlini zenu noma ezindlini zoyihlo noma ezindlini zabomama benu noma ezindlini zabafowenu noma ezindlini zabodadewenu noma ezindlini zabafowabo kayihlo noma ezindlini zabodadewabo koyihlo noma ezindlini zabomalume benu noma ezindlini zabodadewabo kamama wakho noma lezo eninezihluthulelo zazo noma zabangane benu. Asikho kunina isono uma nidla ndawonye noma ngokwehlukana ngakho-ke uma ningena ezindlini bingelelani ngesibingelelo esivela kuMvelinqangi esibusisekile esihle kanjalo uMvelinqangi unenzela acace amavesi ukuze mhlawumbe nibe nomqondo
إِنَّمَا الْمُؤْمِنُونَ الَّذِينَ آمَنُوا بِاللَّهِ وَرَسُولِهِ وَإِذَا كَانُوا مَعَهُ عَلَىٰ أَمْرٍ جَامِعٍ لَّمْ يَذْهَبُوا حَتَّىٰ يَسْتَأْذِنُوهُ ۚ إِنَّ الَّذِينَ يَسْتَأْذِنُونَكَ أُولَٰئِكَ الَّذِينَ يُؤْمِنُونَ بِاللَّهِ وَرَسُولِهِ ۚ فَإِذَا اسْتَأْذَنُوكَ لِبَعْضِ شَأْنِهِمْ فَأْذَن لِّمَن شِئْتَ مِنْهُمْ وَاسْتَغْفِرْ لَهُمُ اللَّهَ ۚ إِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (62)
Abangamakholwa yilabo kuphela abakholwa kuMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi okuthi uma bekanye naso odabeni oluthize bangahambi kuze kube yilapho becela imvume kusona. Ngempela labo abacela imvume kuwena labo bangabakholwayo kuMvelinqangi nesithunywa sakhe ngakho- ke uma becela imvume kuwena mayelana nolunye lwezindaba zabo ngakho-ke nikeza imvume noma ngabe ngubani omthandayo phakathi kwabo futhi ubacelele intethelelo kuMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi ungothethelelayo unesihawu
لَّا تَجْعَلُوا دُعَاءَ الرَّسُولِ بَيْنَكُمْ كَدُعَاءِ بَعْضِكُم بَعْضًا ۚ قَدْ يَعْلَمُ اللَّهُ الَّذِينَ يَتَسَلَّلُونَ مِنكُمْ لِوَاذًا ۚ فَلْيَحْذَرِ الَّذِينَ يُخَالِفُونَ عَنْ أَمْرِهِ أَن تُصِيبَهُمْ فِتْنَةٌ أَوْ يُصِيبَهُمْ عَذَابٌ أَلِيمٌ (63)
Ningenzi ukumemeza kwesithunywa phakathi kwenu njengokumemeza kwabanye benu abanye, ngempela uMvelinqangi uyabazi labo abaphumayo phakathi kwenu bezifihla. Ngakho-ke mabaqaphele labo abaphambana nomthetho waso hleze behlelwe okubi noma behlelwe yisijeziso esibuhlungu
أَلَا إِنَّ لِلَّهِ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۖ قَدْ يَعْلَمُ مَا أَنتُمْ عَلَيْهِ وَيَوْمَ يُرْجَعُونَ إِلَيْهِ فَيُنَبِّئُهُم بِمَا عَمِلُوا ۗ وَاللَّهُ بِكُلِّ شَيْءٍ عَلِيمٌ (64)
Ngempela kungokukaMvelinqangi noma ngabe yini esemazulwini nasemhlabeni ngempela uyasazi isimo senu nosuku abayobuyiselwa ngalo kuyena bese ebatshela ngalokho ababekwenza futhi uMvelinqangi uyisazi sazo zonke izinto
❮ Previous Next ❯

Surahs from Quran :

1- Fatiha2- Baqarah
3- Al Imran4- Nisa
5- Maidah6- Anam
7- Araf8- Anfal
9- Tawbah10- Yunus
11- Hud12- Yusuf
13- Raad14- Ibrahim
15- Hijr16- Nahl
17- Al Isra18- Kahf
19- Maryam20- TaHa
21- Anbiya22- Hajj
23- Muminun24- An Nur
25- Furqan26- Shuara
27- Naml28- Qasas
29- Ankabut30- Rum
31- Luqman32- Sajdah
33- Ahzab34- Saba
35- Fatir36- Yasin
37- Assaaffat38- Sad
39- Zumar40- Ghafir
41- Fussilat42- shura
43- Zukhruf44- Ad Dukhaan
45- Jathiyah46- Ahqaf
47- Muhammad48- Al Fath
49- Hujurat50- Qaf
51- zariyat52- Tur
53- Najm54- Al Qamar
55- Rahman56- Waqiah
57- Hadid58- Mujadilah
59- Al Hashr60- Mumtahina
61- Saff62- Jumuah
63- Munafiqun64- Taghabun
65- Talaq66- Tahrim
67- Mulk68- Qalam
69- Al-Haqqah70- Maarij
71- Nuh72- Jinn
73- Muzammil74- Muddathir
75- Qiyamah76- Insan
77- Mursalat78- An Naba
79- Naziat80- Abasa
81- Takwir82- Infitar
83- Mutaffifin84- Inshiqaq
85- Buruj86- Tariq
87- Al Ala88- Ghashiya
89- Fajr90- Al Balad
91- Shams92- Lail
93- Duha94- Sharh
95- Tin96- Al Alaq
97- Qadr98- Bayyinah
99- Zalzalah100- Adiyat
101- Qariah102- Takathur
103- Al Asr104- Humazah
105- Al Fil106- Quraysh
107- Maun108- Kawthar
109- Kafirun110- Nasr
111- Masad112- Ikhlas
113- Falaq114- An Nas