×

Surah Ghafir in Zulu

Quran Zulu ⮕ Surah Ghafir

Translation of the Meanings of Surah Ghafir in Zulu - الزولو

The Quran in Zulu - Surah Ghafir translated into Zulu, Surah Ghafir in Zulu. We provide accurate translation of Surah Ghafir in Zulu - الزولو, Verses 85 - Surah Number 40 - Page 467.

بسم الله الرحمن الرحيم

حم (1)
Ha Meem
تَنزِيلُ الْكِتَابِ مِنَ اللَّهِ الْعَزِيزِ الْعَلِيمِ (2)
Isambulo sencwadi sivela kuMvelinqangi ophakeme ngamandla oyisazi
غَافِرِ الذَّنبِ وَقَابِلِ التَّوْبِ شَدِيدِ الْعِقَابِ ذِي الطَّوْلِ ۖ لَا إِلَٰهَ إِلَّا هُوَ ۖ إِلَيْهِ الْمَصِيرُ (3)
Umthetheleli wesono nomamukeli wokuzisola, onzima ekujeziseni, umnikazi womusa, ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe kukuyena ukubuyela
مَا يُجَادِلُ فِي آيَاتِ اللَّهِ إِلَّا الَّذِينَ كَفَرُوا فَلَا يَغْرُرْكَ تَقَلُّبُهُمْ فِي الْبِلَادِ (4)
Abekho abaphikisanayo ngamavesi kaMvelinqangi ngaphandle kwalabo abangakholwanga ngakho-ke akungakukhohlisi ukuzulazula kwabo ezweni
كَذَّبَتْ قَبْلَهُمْ قَوْمُ نُوحٍ وَالْأَحْزَابُ مِن بَعْدِهِمْ ۖ وَهَمَّتْ كُلُّ أُمَّةٍ بِرَسُولِهِمْ لِيَأْخُذُوهُ ۖ وَجَادَلُوا بِالْبَاطِلِ لِيُدْحِضُوا بِهِ الْحَقَّ فَأَخَذْتُهُمْ ۖ فَكَيْفَ كَانَ عِقَابِ (5)
Abantu baNowa baphika ngaphambilini kwabo kanye namaqembu emva kwabo futhi zonke izizwe zahlosa ukuphambana nesithunywa sazo ukuze zisibambe Futhi ziphikise ngamanga ukuze zenze ngawo iqiniso libe yize ngakho-ke ngabathatha sasinjani isijeziso sami
وَكَذَٰلِكَ حَقَّتْ كَلِمَتُ رَبِّكَ عَلَى الَّذِينَ كَفَرُوا أَنَّهُمْ أَصْحَابُ النَّارِ (6)
Futhi kanjalo laqiniseka izwi leNkosi yakho kulabo abangakholwanga ukuthi bona bangabangane bomlilo
الَّذِينَ يَحْمِلُونَ الْعَرْشَ وَمَنْ حَوْلَهُ يُسَبِّحُونَ بِحَمْدِ رَبِّهِمْ وَيُؤْمِنُونَ بِهِ وَيَسْتَغْفِرُونَ لِلَّذِينَ آمَنُوا رَبَّنَا وَسِعْتَ كُلَّ شَيْءٍ رَّحْمَةً وَعِلْمًا فَاغْفِرْ لِلَّذِينَ تَابُوا وَاتَّبَعُوا سَبِيلَكَ وَقِهِمْ عَذَابَ الْجَحِيمِ (7)
Labo abathwele isihlalo sobukhosi kanye nalabo abasizungelezile, bagubha indumiso yeNkosi yakho futhi bakholelwa kuyona futhi bacelela labo abakholwayo intethelelo Nkosi yethu wengamele zonke izinto ngomusa nangolwazi ngakho-ke bathethelele labo abazisolayo futhi abalandela indlela yakho futhi baphephise esijezisweni sesihogo
رَبَّنَا وَأَدْخِلْهُمْ جَنَّاتِ عَدْنٍ الَّتِي وَعَدتَّهُمْ وَمَن صَلَحَ مِنْ آبَائِهِمْ وَأَزْوَاجِهِمْ وَذُرِّيَّاتِهِمْ ۚ إِنَّكَ أَنتَ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ (8)
Nkosi yethu bangenise ezivandeni zaphakade lezo owabathembisa zona kanye noma ngabe ngubani olungile phakathi kobaba babo namakhosikazi abo kanye nenzalo yabo, ngempela wena ungophakeme ngamandla onobuhlakani
وَقِهِمُ السَّيِّئَاتِ ۚ وَمَن تَقِ السَّيِّئَاتِ يَوْمَئِذٍ فَقَدْ رَحِمْتَهُ ۚ وَذَٰلِكَ هُوَ الْفَوْزُ الْعَظِيمُ (9)
Futhi bavikele ebubini futhi noma ngabe ngubani omvikelayo ebubini ngalolusuku ngempela unomusa kuyena futhi lokho kuyimpumelelo enkulu
إِنَّ الَّذِينَ كَفَرُوا يُنَادَوْنَ لَمَقْتُ اللَّهِ أَكْبَرُ مِن مَّقْتِكُمْ أَنفُسَكُمْ إِذْ تُدْعَوْنَ إِلَى الْإِيمَانِ فَتَكْفُرُونَ (10)
Ngempela labo abangakholwanga bayobizwa “ngempela inzondo kaMvelinqangi yinkulu kakhulu kunenzondo yenu kunina uqobo ngenkathi nibizelwa enkolweni kepha nanenqaba
قَالُوا رَبَّنَا أَمَتَّنَا اثْنَتَيْنِ وَأَحْيَيْتَنَا اثْنَتَيْنِ فَاعْتَرَفْنَا بِذُنُوبِنَا فَهَلْ إِلَىٰ خُرُوجٍ مِّن سَبِيلٍ (11)
Bathi Nkosi yethu usenze ukuthi sife kabili futhi wasiphilisa kabili ngakho-ke siyazivuma izono zethu, ngakube ikhona yini indlela yokuphuma na
ذَٰلِكُم بِأَنَّهُ إِذَا دُعِيَ اللَّهُ وَحْدَهُ كَفَرْتُمْ ۖ وَإِن يُشْرَكْ بِهِ تُؤْمِنُوا ۚ فَالْحُكْمُ لِلَّهِ الْعَلِيِّ الْكَبِيرِ (12)
Lokho kungenxa yokuthi ngenkathi uMvelinqangi emenyezwa yedwa anizange nikholwe kepha kwathi uma behlanganiswa naye abahlanganyeli nabe seniyakholwa ngakho-ke ukwehlulela kungokukaMvelinqangi ophakeme omkhulu
هُوَ الَّذِي يُرِيكُمْ آيَاتِهِ وَيُنَزِّلُ لَكُم مِّنَ السَّمَاءِ رِزْقًا ۚ وَمَا يَتَذَكَّرُ إِلَّا مَن يُنِيبُ (13)
Nguyena onikhombisa izimpawu zakhe futhi onehlisela phansi isabelo esivela ezulwini futhi akekho okhumbulayo ngaphandle kwalowo ophendukayo
فَادْعُوا اللَّهَ مُخْلِصِينَ لَهُ الدِّينَ وَلَوْ كَرِهَ الْكَافِرُونَ (14)
Ngakho-ke bizani uMvelinqangi nibe qotho kuyena enkolweni yize noma ngabe bengakuthandi loko abangakholwa
رَفِيعُ الدَّرَجَاتِ ذُو الْعَرْشِ يُلْقِي الرُّوحَ مِنْ أَمْرِهِ عَلَىٰ مَن يَشَاءُ مِنْ عِبَادِهِ لِيُنذِرَ يَوْمَ التَّلَاقِ (15)
Uphakeme ngamazinga, umnikazi wesihlalo sobukhosi, wenza ukuthi umoya wehlele kulowo amthandayo ezincekwini zakhe ngempoqo yakhe ukuze axwayise ngosuku lokuhlangana
يَوْمَ هُم بَارِزُونَ ۖ لَا يَخْفَىٰ عَلَى اللَّهِ مِنْهُمْ شَيْءٌ ۚ لِّمَنِ الْمُلْكُ الْيَوْمَ ۖ لِلَّهِ الْوَاحِدِ الْقَهَّارِ (16)
Ngosuku abayovela ngalo, akukho lutho olwabo oluyofihleka kuMvelinqangi, ungokabani umbuso ngalolusuku na? ungokaMvelinqangi oyedwa umnqobi
الْيَوْمَ تُجْزَىٰ كُلُّ نَفْسٍ بِمَا كَسَبَتْ ۚ لَا ظُلْمَ الْيَوْمَ ۚ إِنَّ اللَّهَ سَرِيعُ الْحِسَابِ (17)
Ngalolusuku yonke imiphefumulo izonikwa umvuzo ngalokho ekusebenzele angeke kwenziwe okungenabo ubulungiswa ngalolusuku, ngempela uMvelinqangi uyashesha ekubaleni
وَأَنذِرْهُمْ يَوْمَ الْآزِفَةِ إِذِ الْقُلُوبُ لَدَى الْحَنَاجِرِ كَاظِمِينَ ۚ مَا لِلظَّالِمِينَ مِنْ حَمِيمٍ وَلَا شَفِيعٍ يُطَاعُ (18)
Futhi baxwayise ngosuku olusondelayo lapho izinhliziyo ziyobe zisemiphinjeni, abangalungile angeke babe nomngane futhi angeke babenomncengeli oyohlonishwa
يَعْلَمُ خَائِنَةَ الْأَعْيُنِ وَمَا تُخْفِي الصُّدُورُ (19)
Uyakwazi okungumkhohlisi wamehlo kanye naloko okufihlwa yisifuba
وَاللَّهُ يَقْضِي بِالْحَقِّ ۖ وَالَّذِينَ يَدْعُونَ مِن دُونِهِ لَا يَقْضُونَ بِشَيْءٍ ۗ إِنَّ اللَّهَ هُوَ السَّمِيعُ الْبَصِيرُ (20)
Futhi uMvelinqangi wehlulela ngeqiniso futhi labo abababizayo esikhundleni sakhe abehluleli lutho! Ngempela uMvelinqangi ungozwayo obonayo
۞ أَوَلَمْ يَسِيرُوا فِي الْأَرْضِ فَيَنظُرُوا كَيْفَ كَانَ عَاقِبَةُ الَّذِينَ كَانُوا مِن قَبْلِهِمْ ۚ كَانُوا هُمْ أَشَدَّ مِنْهُمْ قُوَّةً وَآثَارًا فِي الْأَرْضِ فَأَخَذَهُمُ اللَّهُ بِذُنُوبِهِمْ وَمَا كَانَ لَهُم مِّنَ اللَّهِ مِن وَاقٍ (21)
Abazange yini bahambe emhlabeni ukuze babone ukuthi sasinjani isiphetho salabo ababengaphambilini kwabo bona babenamandla amakhulu kunabo futhi beqatha uMvelinqangi ngezono zabo futhiabazange babenaye owayezobavikela kuMvelinqangi
ذَٰلِكَ بِأَنَّهُمْ كَانَت تَّأْتِيهِمْ رُسُلُهُم بِالْبَيِّنَاتِ فَكَفَرُوا فَأَخَذَهُمُ اللَّهُ ۚ إِنَّهُ قَوِيٌّ شَدِيدُ الْعِقَابِ (22)
Lokho kungenxa yokuthi zazifika kubona izithunywa zabo namavesi acacile kepha abakholwanga ngakho-ke uMvelinqangi wababamba ngempela yena unamandla, unzima ekujeziseni
وَلَقَدْ أَرْسَلْنَا مُوسَىٰ بِآيَاتِنَا وَسُلْطَانٍ مُّبِينٍ (23)
Futhi ngempela samthumela uMose namavesi ethu kanye negunya elicacile
إِلَىٰ فِرْعَوْنَ وَهَامَانَ وَقَارُونَ فَقَالُوا سَاحِرٌ كَذَّابٌ (24)
Kufaro nakuHaman nakuKarun ngakho-ke bathi “umlumbi onamanga”
فَلَمَّا جَاءَهُم بِالْحَقِّ مِنْ عِندِنَا قَالُوا اقْتُلُوا أَبْنَاءَ الَّذِينَ آمَنُوا مَعَهُ وَاسْتَحْيُوا نِسَاءَهُمْ ۚ وَمَا كَيْدُ الْكَافِرِينَ إِلَّا فِي ضَلَالٍ (25)
Ngakho-ke kwathi lapho esebafikela neqiniso elivela kuthina bathi “bulalani amadodana alabo abakholwayo kanye naye, niyeke abesifazane babo” futhi icebo labangakholwa aliyilutho ngaphandle kokuduka
وَقَالَ فِرْعَوْنُ ذَرُونِي أَقْتُلْ مُوسَىٰ وَلْيَدْعُ رَبَّهُ ۖ إِنِّي أَخَافُ أَن يُبَدِّلَ دِينَكُمْ أَوْ أَن يُظْهِرَ فِي الْأَرْضِ الْفَسَادَ (26)
Futhi uFaro wathi “ngiyekeni ngimbulale uMose ukuze abize iNkosi yakhe ngempela mina ngiyesaba ukuthi uzoyiguqula inkolo yenu noma enze ukuganga emhlabeni”
وَقَالَ مُوسَىٰ إِنِّي عُذْتُ بِرَبِّي وَرَبِّكُم مِّن كُلِّ مُتَكَبِّرٍ لَّا يُؤْمِنُ بِيَوْمِ الْحِسَابِ (27)
Futhi uMose wathi “ngempela mina ngifune isiphephelo eNkosini yami neNkosi yenu kubona bonke abaziqhenyayo akakholelwa osukwini lokubala (lokwahlulela)”
وَقَالَ رَجُلٌ مُّؤْمِنٌ مِّنْ آلِ فِرْعَوْنَ يَكْتُمُ إِيمَانَهُ أَتَقْتُلُونَ رَجُلًا أَن يَقُولَ رَبِّيَ اللَّهُ وَقَدْ جَاءَكُم بِالْبَيِّنَاتِ مِن رَّبِّكُمْ ۖ وَإِن يَكُ كَاذِبًا فَعَلَيْهِ كَذِبُهُ ۖ وَإِن يَكُ صَادِقًا يُصِبْكُم بَعْضُ الَّذِي يَعِدُكُمْ ۖ إِنَّ اللَّهَ لَا يَهْدِي مَنْ هُوَ مُسْرِفٌ كَذَّابٌ (28)
Futhi indoda ekholwayo emndenini kaFaro eyayifihle ukholo lwayo yathi ngakube nibulala indoda ngenxa yokuthi ithi “iNkosi yami nguMvelinqangi futhi ngempela inilethele izimpawu ezicacile ezivela eNkosini yenu, futhi uma iqamba amanga ngakho-ke aphezulu kwayo amanga ayo futhi uma ineqiniso nizokwehlelwa okunye kwaloko anethembisa kona ngempela uMvelinqangi akamholi lowo omoshayo ongumqambimanga
يَا قَوْمِ لَكُمُ الْمُلْكُ الْيَوْمَ ظَاهِرِينَ فِي الْأَرْضِ فَمَن يَنصُرُنَا مِن بَأْسِ اللَّهِ إِن جَاءَنَا ۚ قَالَ فِرْعَوْنُ مَا أُرِيكُمْ إِلَّا مَا أَرَىٰ وَمَا أَهْدِيكُمْ إِلَّا سَبِيلَ الرَّشَادِ (29)
Oh Bantu bami! Ungowenu umbuso namhlanje ningababusi emhlabeni ngakho-ke ngubani ozosivikela esijezisweni sikaMvelinqangi uma sifika kuthina? UFaro wathi, “anginikhombisi lutho ngaphandle kwengikubonayo futhi anginiholeli (kwenye indawo) ngaphandle kwasendleleni yokulunga”
وَقَالَ الَّذِي آمَنَ يَا قَوْمِ إِنِّي أَخَافُ عَلَيْكُم مِّثْلَ يَوْمِ الْأَحْزَابِ (30)
Futhi lowo owayekholwa wathi “Oh bantu bami! ngempela mina ngiyanesabela okufana nosuku lwezixuku”
مِثْلَ دَأْبِ قَوْمِ نُوحٍ وَعَادٍ وَثَمُودَ وَالَّذِينَ مِن بَعْدِهِمْ ۚ وَمَا اللَّهُ يُرِيدُ ظُلْمًا لِّلْعِبَادِ (31)
Njengesiphetho sabantu baNowa naba A’d nabaThamud kanye nalabo ababengemumva kwabo futhi uMvelinqangi akakuthandi ukungabi nobulungiswa ezincekwini
وَيَا قَوْمِ إِنِّي أَخَافُ عَلَيْكُمْ يَوْمَ التَّنَادِ (32)
Futhi Oh Bantu bami! Ngempela mina ngiyanesabela usuku lokubizana
يَوْمَ تُوَلُّونَ مُدْبِرِينَ مَا لَكُم مِّنَ اللَّهِ مِنْ عَاصِمٍ ۗ وَمَن يُضْلِلِ اللَّهُ فَمَا لَهُ مِنْ هَادٍ (33)
Ngosuku eniyofulathela ngalo nibaleka, aninaye umvikeli kuMvelinqangi futhi lowo odukiswa nguMvelinqangi ngakho- ke akanaye umholi
وَلَقَدْ جَاءَكُمْ يُوسُفُ مِن قَبْلُ بِالْبَيِّنَاتِ فَمَا زِلْتُمْ فِي شَكٍّ مِّمَّا جَاءَكُم بِهِ ۖ حَتَّىٰ إِذَا هَلَكَ قُلْتُمْ لَن يَبْعَثَ اللَّهُ مِن بَعْدِهِ رَسُولًا ۚ كَذَٰلِكَ يُضِلُّ اللَّهُ مَنْ هُوَ مُسْرِفٌ مُّرْتَابٌ (34)
Futhi ngempela uJosefa wafika kunina ngaphambilini nezimpawu ezicacile kepha naqhubeka nokuba sekungabazeni kuloko ayenifikele nako, kwaze kwaba uyafa nathi “uMvelinqangi akasoze asithumele isithunywa ngemva kwakhe” Kanjalo uMvelinqangi umshiya ekudukeni lowo omoshayo ongabazayo
الَّذِينَ يُجَادِلُونَ فِي آيَاتِ اللَّهِ بِغَيْرِ سُلْطَانٍ أَتَاهُمْ ۖ كَبُرَ مَقْتًا عِندَ اللَّهِ وَعِندَ الَّذِينَ آمَنُوا ۚ كَذَٰلِكَ يَطْبَعُ اللَّهُ عَلَىٰ كُلِّ قَلْبِ مُتَكَبِّرٍ جَبَّارٍ (35)
Labo abaphikisanayo ngamavesi kaMvelinqangi ngaphandle kwegunya elafika kubona, kuzonde kakhulu kuMvelinqangi kanye nakulabo abakholwayo kanjalo uMvelinqangi uyayisicilela inhliziyo yalowo nalowo oqhoshayo ocindezelayo
وَقَالَ فِرْعَوْنُ يَا هَامَانُ ابْنِ لِي صَرْحًا لَّعَلِّي أَبْلُغُ الْأَسْبَابَ (36)
Futhi uFaro wathi, “Oh Haman! Ngakhele isakhiwo esiphakeme ukuze ngithole izindlela”
أَسْبَابَ السَّمَاوَاتِ فَأَطَّلِعَ إِلَىٰ إِلَٰهِ مُوسَىٰ وَإِنِّي لَأَظُنُّهُ كَاذِبًا ۚ وَكَذَٰلِكَ زُيِّنَ لِفِرْعَوْنَ سُوءُ عَمَلِهِ وَصُدَّ عَنِ السَّبِيلِ ۚ وَمَا كَيْدُ فِرْعَوْنَ إِلَّا فِي تَبَابٍ (37)
Izindlela zezulu ukuze ngikhuphukele kuNkulunkulu kaMose futhi ngempela ngicabanga ukuthi ungumqambi manga futhi kanjalo kwenziwa kuFaro babukeka bubuhle ububi bomsebenzi wakhe wayesevinjelwa endleleni futhi icebo likaFaro lalingeyilutho ngaphandle kokubhubha
وَقَالَ الَّذِي آمَنَ يَا قَوْمِ اتَّبِعُونِ أَهْدِكُمْ سَبِيلَ الرَّشَادِ (38)
Futhi lowo owayekholwa wathi, “Oh Bantu bami! ngilandeleni ngizoniholela endleleni elungile”
يَا قَوْمِ إِنَّمَا هَٰذِهِ الْحَيَاةُ الدُّنْيَا مَتَاعٌ وَإِنَّ الْآخِرَةَ هِيَ دَارُ الْقَرَارِ (39)
Oh Bantu bami! Kuphela lempilo yalomhlaba yinjabulo futhi ngempela impilo ezayo yindawo yokuphumula
مَنْ عَمِلَ سَيِّئَةً فَلَا يُجْزَىٰ إِلَّا مِثْلَهَا ۖ وَمَنْ عَمِلَ صَالِحًا مِّن ذَكَرٍ أَوْ أُنثَىٰ وَهُوَ مُؤْمِنٌ فَأُولَٰئِكَ يَدْخُلُونَ الْجَنَّةَ يُرْزَقُونَ فِيهَا بِغَيْرِ حِسَابٍ (40)
Noma ngabe ngubani owenza okubi angeke anikwe umvuzo ngaphandle kokufana nako futhi noma ngabe ngubani owenza okulungileyo engowesilisa noma engowesifazane futhi yena eyikholwa ngakho-ke labo bayongena esivandeni (ezulwini) bayokwabelwa khona ngaphandle kwesilinganiso
۞ وَيَا قَوْمِ مَا لِي أَدْعُوكُمْ إِلَى النَّجَاةِ وَتَدْعُونَنِي إِلَى النَّارِ (41)
Futhi Oh Bantu bami! Kungani ukuthi mina nginimemela ensindisweni kulapho nina ningimemela emlilweni
تَدْعُونَنِي لِأَكْفُرَ بِاللَّهِ وَأُشْرِكَ بِهِ مَا لَيْسَ لِي بِهِ عِلْمٌ وَأَنَا أَدْعُوكُمْ إِلَى الْعَزِيزِ الْغَفَّارِ (42)
Ningimemela ukuthi ngingakholwa kuMvelinqangi futhi ngimenzele abahlanganyeli ekumkhonzeni lokho engingenalo ulwazi lwako futhi mina nginimemela kophakeme ngamandla umthetheleli
لَا جَرَمَ أَنَّمَا تَدْعُونَنِي إِلَيْهِ لَيْسَ لَهُ دَعْوَةٌ فِي الدُّنْيَا وَلَا فِي الْآخِرَةِ وَأَنَّ مَرَدَّنَا إِلَى اللَّهِ وَأَنَّ الْمُسْرِفِينَ هُمْ أَصْحَابُ النَّارِ (43)
Ngempela ningibizela kuloko ekungafanelwe kubizwe kulomhlaba ngisho nasempilweni ezayo futhi ukuphindela kwethu kukuMvelinqangi futhi izoni zona zingabangane bomlilo
فَسَتَذْكُرُونَ مَا أَقُولُ لَكُمْ ۚ وَأُفَوِّضُ أَمْرِي إِلَى اللَّهِ ۚ إِنَّ اللَّهَ بَصِيرٌ بِالْعِبَادِ (44)
Ngakho-ke niyokukhumbula loko engikushoyo kunina, futhi udaba lwami ngilubeka kuMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi ungumboni wezinceku
فَوَقَاهُ اللَّهُ سَيِّئَاتِ مَا مَكَرُوا ۖ وَحَاقَ بِآلِ فِرْعَوْنَ سُوءُ الْعَذَابِ (45)
Ngakho-ke uMvelinqangi wamvikela ebubini balokho ababekuceba futhi saqiniseka kubantu baFaro isijeziso esibi
النَّارُ يُعْرَضُونَ عَلَيْهَا غُدُوًّا وَعَشِيًّا ۖ وَيَوْمَ تَقُومُ السَّاعَةُ أَدْخِلُوا آلَ فِرْعَوْنَ أَشَدَّ الْعَذَابِ (46)
Umlilo bayolethwa kuwona ekuseni nakusihlwa futhi ngosuku eliyofika ngalo ihora (kuyothiwa) “ngenisani abantu baFaro esijezisweni esinzima”
وَإِذْ يَتَحَاجُّونَ فِي النَّارِ فَيَقُولُ الضُّعَفَاءُ لِلَّذِينَ اسْتَكْبَرُوا إِنَّا كُنَّا لَكُمْ تَبَعًا فَهَلْ أَنتُم مُّغْنُونَ عَنَّا نَصِيبًا مِّنَ النَّارِ (47)
Futhi khumbula ngenkathi beyophikisana emlilweni ngakho- ke bayothi ababuthakathaka kulabo ababezigabisa “ngempela thina sasingabalandeli benu ngakube nizoyiqhelelanisa nathi yini na ingxenye yomlilo?”
قَالَ الَّذِينَ اسْتَكْبَرُوا إِنَّا كُلٌّ فِيهَا إِنَّ اللَّهَ قَدْ حَكَمَ بَيْنَ الْعِبَادِ (48)
Bayothi labo ababezigabisa, “ngempela sonke siphakathi kuwona, ngempela uMvelinqangi uyehlulela phakathi kwezinceku”
وَقَالَ الَّذِينَ فِي النَّارِ لِخَزَنَةِ جَهَنَّمَ ادْعُوا رَبَّكُمْ يُخَفِّفْ عَنَّا يَوْمًا مِّنَ الْعَذَابِ (49)
Futh labo abasemlilweni bayothi kubagadi besihogo, “bizani iNkosi yenu isenzele lula isijeziso sosuku olulodwa”
قَالُوا أَوَلَمْ تَكُ تَأْتِيكُمْ رُسُلُكُم بِالْبَيِّنَاتِ ۖ قَالُوا بَلَىٰ ۚ قَالُوا فَادْعُوا ۗ وَمَا دُعَاءُ الْكَافِرِينَ إِلَّا فِي ضَلَالٍ (50)
Bayothi, “azizange yini na zifike kunina izithunywa zenu namavesi acacile?” bayothi,“yebo” bayothi “ngakho-ke memezani futhi akuyilutho ukumemeza kwabangakholwa ngaphandle kokuduka nje
إِنَّا لَنَنصُرُ رُسُلَنَا وَالَّذِينَ آمَنُوا فِي الْحَيَاةِ الدُّنْيَا وَيَوْمَ يَقُومُ الْأَشْهَادُ (51)
Ngempela thina siyazelekelela izithunywa zethu kanye nalabo abakholwayo empilweni yakulomhlaba nangosuku abayosukuma ngalo ofakazi
يَوْمَ لَا يَنفَعُ الظَّالِمِينَ مَعْذِرَتُهُمْ ۖ وَلَهُمُ اللَّعْنَةُ وَلَهُمْ سُوءُ الدَّارِ (52)
Ngosuku lapho lingeke libasize abangalungile izaba labo futhi okwabo yisiqalekiso futhi okwabo yindawo embi yokuhlala
وَلَقَدْ آتَيْنَا مُوسَى الْهُدَىٰ وَأَوْرَثْنَا بَنِي إِسْرَائِيلَ الْكِتَابَ (53)
Futhi ngempela samnikeza uMose ukuholwa futhi sabenza abantwana bakwa-Israyeli ukuthi babeyizindlalifa zencwadi
هُدًى وَذِكْرَىٰ لِأُولِي الْأَلْبَابِ (54)
Ukuhola kanye nesikhumbuzo kubantu abaqondayo
فَاصْبِرْ إِنَّ وَعْدَ اللَّهِ حَقٌّ وَاسْتَغْفِرْ لِذَنبِكَ وَسَبِّحْ بِحَمْدِ رَبِّكَ بِالْعَشِيِّ وَالْإِبْكَارِ (55)
Ngakho-ke bekezela, ngempela isethembiso sikaMvelinqangi siyiqiniso futhi cela intethelelo esonweni sakho futhi ugubhe indumiso yeNkosi yakho kusihlwa nasekuseni
إِنَّ الَّذِينَ يُجَادِلُونَ فِي آيَاتِ اللَّهِ بِغَيْرِ سُلْطَانٍ أَتَاهُمْ ۙ إِن فِي صُدُورِهِمْ إِلَّا كِبْرٌ مَّا هُم بِبَالِغِيهِ ۚ فَاسْتَعِذْ بِاللَّهِ ۖ إِنَّهُ هُوَ السَّمِيعُ الْبَصِيرُ (56)
Ngempela labo abaphikisanayo ngamavesi kaMvelinqangi ngaphandle kwegunya elafika kubona, akukho lutho ezifubeni zabo ngaphandle kokuqhenya abangeke babenako ngakho-ke funa isiphephelo kuMvelinqangi ngempela yena ungozwayo obonayo
لَخَلْقُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ أَكْبَرُ مِنْ خَلْقِ النَّاسِ وَلَٰكِنَّ أَكْثَرَ النَّاسِ لَا يَعْلَمُونَ (57)
Ngempela ukudalwa kwamazulu nomhlaba kukhulu kakhulu kunokudalwa kwabantu kepha iningi labantu alazi
وَمَا يَسْتَوِي الْأَعْمَىٰ وَالْبَصِيرُ وَالَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ وَلَا الْمُسِيءُ ۚ قَلِيلًا مَّا تَتَذَكَّرُونَ (58)
Futhi ayifani impumputhe nobonayo kanye nalabo abakholwayo futhi abenza okulungile nabenza okubi, kuncane loko enikukhumbulayo
إِنَّ السَّاعَةَ لَآتِيَةٌ لَّا رَيْبَ فِيهَا وَلَٰكِنَّ أَكْثَرَ النَّاسِ لَا يُؤْمِنُونَ (59)
Ngempela ihora liyeza akukho ukungabaza kulona kepha iningi labantu alikholwa
وَقَالَ رَبُّكُمُ ادْعُونِي أَسْتَجِبْ لَكُمْ ۚ إِنَّ الَّذِينَ يَسْتَكْبِرُونَ عَنْ عِبَادَتِي سَيَدْخُلُونَ جَهَنَّمَ دَاخِرِينَ (60)
Futhi iNkosi yenu yathi, “ ngimemezeni ngizoniphendula, ngempela labo abadelela ukukhonzwa kwami bayongena esihogweni bejabhisiwe”
اللَّهُ الَّذِي جَعَلَ لَكُمُ اللَّيْلَ لِتَسْكُنُوا فِيهِ وَالنَّهَارَ مُبْصِرًا ۚ إِنَّ اللَّهَ لَذُو فَضْلٍ عَلَى النَّاسِ وَلَٰكِنَّ أَكْثَرَ النَّاسِ لَا يَشْكُرُونَ (61)
UMvelinqangi nguyena owanenzela ubusuku ukuthi niphumule kubona nemini ukuze nibone, ngempela uMvelinqangi ugcwele umusa kubantu kepha iningi labantu alibongi
ذَٰلِكُمُ اللَّهُ رَبُّكُمْ خَالِقُ كُلِّ شَيْءٍ لَّا إِلَٰهَ إِلَّا هُوَ ۖ فَأَنَّىٰ تُؤْفَكُونَ (62)
Lowo nguMvelinqangi iNkosi yenu umdali wezinto zonke, ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe niphendukelani emumva na
كَذَٰلِكَ يُؤْفَكُ الَّذِينَ كَانُوا بِآيَاتِ اللَّهِ يَجْحَدُونَ (63)
Kanjalo baphendukela emumva labo ababephika amavesi kaMvelinqangi
اللَّهُ الَّذِي جَعَلَ لَكُمُ الْأَرْضَ قَرَارًا وَالسَّمَاءَ بِنَاءً وَصَوَّرَكُمْ فَأَحْسَنَ صُوَرَكُمْ وَرَزَقَكُم مِّنَ الطَّيِّبَاتِ ۚ ذَٰلِكُمُ اللَّهُ رَبُّكُمْ ۖ فَتَبَارَكَ اللَّهُ رَبُّ الْعَالَمِينَ (64)
NguMvelinqangi owanibekela umhlaba njengendawo yokuphumulakanyenamazuluabayisakhiwowayeseyanibumba nabayisimo senu esihle futhi wanabela ezintweni ezinhle, lowo nguMvelinqangi iNkosi yenu ngakho-ke ubusisekile uMvelinqangi, iNkosi yemihlaba
هُوَ الْحَيُّ لَا إِلَٰهَ إِلَّا هُوَ فَادْعُوهُ مُخْلِصِينَ لَهُ الدِّينَ ۗ الْحَمْدُ لِلَّهِ رَبِّ الْعَالَمِينَ (65)
Ungophilayo, ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe ngakho-ke bizani yena nibe qotho kuyena enkolweni, udumo malube kuMvelinqangi iNkosi yemihlaba
۞ قُلْ إِنِّي نُهِيتُ أَنْ أَعْبُدَ الَّذِينَ تَدْعُونَ مِن دُونِ اللَّهِ لَمَّا جَاءَنِيَ الْبَيِّنَاتُ مِن رَّبِّي وَأُمِرْتُ أَنْ أُسْلِمَ لِرَبِّ الْعَالَمِينَ (66)
Ithi, “ngempela ngenqatshelwe ukuthi ngikhonze labo enibakhonzayo esikhundleni sikaMvelinqangi ngenkathi kufika kunina amavesi acacile avela eNkosini yami futhi ngiphoqiwe ukuthi ngizinikele eNkosini yemihlaba
هُوَ الَّذِي خَلَقَكُم مِّن تُرَابٍ ثُمَّ مِن نُّطْفَةٍ ثُمَّ مِنْ عَلَقَةٍ ثُمَّ يُخْرِجُكُمْ طِفْلًا ثُمَّ لِتَبْلُغُوا أَشُدَّكُمْ ثُمَّ لِتَكُونُوا شُيُوخًا ۚ وَمِنكُم مَّن يُتَوَفَّىٰ مِن قَبْلُ ۖ وَلِتَبْلُغُوا أَجَلًا مُّسَمًّى وَلَعَلَّكُمْ تَعْقِلُونَ (67)
Yena uyilowo owanidala ngothuli kwasekuba yingesidoda kwasekubaingehlulebeseenikhiphaniyizinganebeseniyakhula nifinyelele ekubeni semandleni enu bese niba badala, futhi phakathi kwenu kunabafayo ngaphambi (kwalokhu) futhi nifinyelele esikhathini esinqunyiwe futhi ukuze niqonde
هُوَ الَّذِي يُحْيِي وَيُمِيتُ ۖ فَإِذَا قَضَىٰ أَمْرًا فَإِنَّمَا يَقُولُ لَهُ كُن فَيَكُونُ (68)
Nguyena ophilisayo futhi obulalayo ngakho-ke uma enquma udaba kuphela uthi kulona “ yenzeka” bese kuyenzeka
أَلَمْ تَرَ إِلَى الَّذِينَ يُجَادِلُونَ فِي آيَاتِ اللَّهِ أَنَّىٰ يُصْرَفُونَ (69)
Awuboni yini labo abaphikisanayo ngamavesi kaMvelinqangi ukuthi baphendukiselwa kanjani emumva
الَّذِينَ كَذَّبُوا بِالْكِتَابِ وَبِمَا أَرْسَلْنَا بِهِ رُسُلَنَا ۖ فَسَوْفَ يَعْلَمُونَ (70)
Labo abaqamba amanga ngencwadi nangalokho esakuthumela nesithunywa bayokwazi
إِذِ الْأَغْلَالُ فِي أَعْنَاقِهِمْ وَالسَّلَاسِلُ يُسْحَبُونَ (71)
Ngenkathi iziphika zensimbi zisezintanyeni zabo kanye namaketango abayodonswa ngawo
فِي الْحَمِيمِ ثُمَّ فِي النَّارِ يُسْجَرُونَ (72)
Emanzini abilayo bese beshiswa emlilweni
ثُمَّ قِيلَ لَهُمْ أَيْنَ مَا كُنتُمْ تُشْرِكُونَ (73)
Bese kuthiwa kubona, “ kuphi lokho enanenzela ngako uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni
مِن دُونِ اللَّهِ ۖ قَالُوا ضَلُّوا عَنَّا بَل لَّمْ نَكُن نَّدْعُو مِن قَبْلُ شَيْئًا ۚ كَذَٰلِكَ يُضِلُّ اللَّهُ الْكَافِرِينَ (74)
Esikhundleni sikaMvelinqangi bayothi, “banyamalele kuthina kepha sasingamemezi lutho ngaphambilini, kanjalo uMvelinqangi uyabadukisa abangakholwa
ذَٰلِكُم بِمَا كُنتُمْ تَفْرَحُونَ فِي الْأَرْضِ بِغَيْرِ الْحَقِّ وَبِمَا كُنتُمْ تَمْرَحُونَ (75)
Lokho kungenxa yokuthi naniziphakamisa emhlabeni ngaphandle kweqiniso nangenxa yokuthi nanijabula
ادْخُلُوا أَبْوَابَ جَهَنَّمَ خَالِدِينَ فِيهَا ۖ فَبِئْسَ مَثْوَى الْمُتَكَبِّرِينَ (76)
Ngenani emasangweni esihogo nihlale phakathi ingunaphakade, yimbi indawo yoku abaqholoshayo
فَاصْبِرْ إِنَّ وَعْدَ اللَّهِ حَقٌّ ۚ فَإِمَّا نُرِيَنَّكَ بَعْضَ الَّذِي نَعِدُهُمْ أَوْ نَتَوَفَّيَنَّكَ فَإِلَيْنَا يُرْجَعُونَ (77)
Ngakho-ke bekezela, ngempela isethembiso sikaMvelinqangi siyiqiniso noma sikubonisa ingxenye yaloko esibathembisa kona noma siyakubulala ngakho-ke kukuthina ukubuyiselwa kwabo
وَلَقَدْ أَرْسَلْنَا رُسُلًا مِّن قَبْلِكَ مِنْهُم مَّن قَصَصْنَا عَلَيْكَ وَمِنْهُم مَّن لَّمْ نَقْصُصْ عَلَيْكَ ۗ وَمَا كَانَ لِرَسُولٍ أَن يَأْتِيَ بِآيَةٍ إِلَّا بِإِذْنِ اللَّهِ ۚ فَإِذَا جَاءَ أَمْرُ اللَّهِ قُضِيَ بِالْحَقِّ وَخَسِرَ هُنَالِكَ الْمُبْطِلُونَ (78)
Futhi ngempela sazithumela izithunywa ngaphambilini kwakho phakathi kwazo kunalezo esikutshelile ngomlando wazo futhi phakathi kwazo kunalezo esingazange sikutshele umlando wazo futhi kwakungesikona okwesithunywa ukuthi size nophawu (noma ivesi) ngaphandle kwemvume kaMvelinqangi, ngakho-ke uma kufika impoqo kaMvelinqangi kwehlulelwa ngeqiniso futhi bazolahlekelwa abalandeli bamanga
اللَّهُ الَّذِي جَعَلَ لَكُمُ الْأَنْعَامَ لِتَرْكَبُوا مِنْهَا وَمِنْهَا تَأْكُلُونَ (79)
NguMvelinqangi owanenzela imfuyo ukuze nigibele kuzona nenze nezinye izidingo futhi nidle kuzona
وَلَكُمْ فِيهَا مَنَافِعُ وَلِتَبْلُغُوا عَلَيْهَا حَاجَةً فِي صُدُورِكُمْ وَعَلَيْهَا وَعَلَى الْفُلْكِ تُحْمَلُونَ (80)
Futhi kuzona ninenzuzo ukuze nifinyelele ngazo ezidingweni ezisezifubeni zenu futhi phezulu kwazo naphezulu kwemikhumbi niyathwalwa
وَيُرِيكُمْ آيَاتِهِ فَأَيَّ آيَاتِ اللَّهِ تُنكِرُونَ (81)
Futhi uyanikhombisa izimpawu zakhe ngakho-ke yiziphi izimpawu zikaMvelinqangi eniziphikayo
أَفَلَمْ يَسِيرُوا فِي الْأَرْضِ فَيَنظُرُوا كَيْفَ كَانَ عَاقِبَةُ الَّذِينَ مِن قَبْلِهِمْ ۚ كَانُوا أَكْثَرَ مِنْهُمْ وَأَشَدَّ قُوَّةً وَآثَارًا فِي الْأَرْضِ فَمَا أَغْنَىٰ عَنْهُم مَّا كَانُوا يَكْسِبُونَ (82)
Ngakube abahambi yini emhlabeni ukuze babone ukuthi sasinjani isiphetho salabo ababengaphambilini kwabo, babebaningi kunabo futhi benamadla amakhulu nangezindlela ezweni, ngakho-ke akubasizanga lokho ababekusebenzela
فَلَمَّا جَاءَتْهُمْ رُسُلُهُم بِالْبَيِّنَاتِ فَرِحُوا بِمَا عِندَهُم مِّنَ الْعِلْمِ وَحَاقَ بِهِم مَّا كَانُوا بِهِ يَسْتَهْزِئُونَ (83)
Ngakho-ke kwathi lapho sezifika kubona izithunywa zabo namavesi acacile bathokoza ngalokho okwakukanye nabo okolwazi kwase kuyaqiniseka kubona lokho ababenza ngako inhlekisa
فَلَمَّا رَأَوْا بَأْسَنَا قَالُوا آمَنَّا بِاللَّهِ وَحْدَهُ وَكَفَرْنَا بِمَا كُنَّا بِهِ مُشْرِكِينَ (84)
Ngakho-ke kwathi lapho sebesibona isijeziso sethu bathi sikholiwe kuMvelinqangi yedwa futhi siyakuphika lokho esasenzelangakouMvelinqangiabahlanganyeliekumkhonzeni
فَلَمْ يَكُ يَنفَعُهُمْ إِيمَانُهُمْ لَمَّا رَأَوْا بَأْسَنَا ۖ سُنَّتَ اللَّهِ الَّتِي قَدْ خَلَتْ فِي عِبَادِهِ ۖ وَخَسِرَ هُنَالِكَ الْكَافِرُونَ (85)
Kepha akuzange kubasize ukukholwa kwabo kwathi lapho sebesibona isijeziso sethu, yindlela kaMvelinqangi eseyadlula ezincekwini zakhe futhi lapho balahlekelwe abangakholwa
❮ Previous Next ❯

Surahs from Quran :

1- Fatiha2- Baqarah
3- Al Imran4- Nisa
5- Maidah6- Anam
7- Araf8- Anfal
9- Tawbah10- Yunus
11- Hud12- Yusuf
13- Raad14- Ibrahim
15- Hijr16- Nahl
17- Al Isra18- Kahf
19- Maryam20- TaHa
21- Anbiya22- Hajj
23- Muminun24- An Nur
25- Furqan26- Shuara
27- Naml28- Qasas
29- Ankabut30- Rum
31- Luqman32- Sajdah
33- Ahzab34- Saba
35- Fatir36- Yasin
37- Assaaffat38- Sad
39- Zumar40- Ghafir
41- Fussilat42- shura
43- Zukhruf44- Ad Dukhaan
45- Jathiyah46- Ahqaf
47- Muhammad48- Al Fath
49- Hujurat50- Qaf
51- zariyat52- Tur
53- Najm54- Al Qamar
55- Rahman56- Waqiah
57- Hadid58- Mujadilah
59- Al Hashr60- Mumtahina
61- Saff62- Jumuah
63- Munafiqun64- Taghabun
65- Talaq66- Tahrim
67- Mulk68- Qalam
69- Al-Haqqah70- Maarij
71- Nuh72- Jinn
73- Muzammil74- Muddathir
75- Qiyamah76- Insan
77- Mursalat78- An Naba
79- Naziat80- Abasa
81- Takwir82- Infitar
83- Mutaffifin84- Inshiqaq
85- Buruj86- Tariq
87- Al Ala88- Ghashiya
89- Fajr90- Al Balad
91- Shams92- Lail
93- Duha94- Sharh
95- Tin96- Al Alaq
97- Qadr98- Bayyinah
99- Zalzalah100- Adiyat
101- Qariah102- Takathur
103- Al Asr104- Humazah
105- Al Fil106- Quraysh
107- Maun108- Kawthar
109- Kafirun110- Nasr
111- Masad112- Ikhlas
113- Falaq114- An Nas