×

Surah Ash_shuraa in Zulu

Quran Zulu ⮕ Surah shura

Translation of the Meanings of Surah shura in Zulu - الزولو

The Quran in Zulu - Surah shura translated into Zulu, Surah Ash_shuraa in Zulu. We provide accurate translation of Surah shura in Zulu - الزولو, Verses 53 - Surah Number 42 - Page 483.

بسم الله الرحمن الرحيم

حم (1)
Ha Meem
عسق (2)
Ain Sin Qaf
كَذَٰلِكَ يُوحِي إِلَيْكَ وَإِلَى الَّذِينَ مِن قَبْلِكَ اللَّهُ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ (3)
Kanjalo uyakwembula kuwena kanye nakulaba ababengaphambilini kwakho, nguMvelinqangi ophakeme ngamandla onobuhlakani
لَهُ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَمَا فِي الْأَرْضِ ۖ وَهُوَ الْعَلِيُّ الْعَظِيمُ (4)
Kungokwakhe noma ngabe yini esemazulwini kanye noma ngabe yini esemhlabeni futhi yena uphakeme kakhulu, mkhulu
تَكَادُ السَّمَاوَاتُ يَتَفَطَّرْنَ مِن فَوْقِهِنَّ ۚ وَالْمَلَائِكَةُ يُسَبِّحُونَ بِحَمْدِ رَبِّهِمْ وَيَسْتَغْفِرُونَ لِمَن فِي الْأَرْضِ ۗ أَلَا إِنَّ اللَّهَ هُوَ الْغَفُورُ الرَّحِيمُ (5)
Amazulu angase adabuke phakathi ngaphezulu kwawo futhi izingelosi zigubha indumiso yeNkosi yazo futhi zicelela labo abasemhlabeni intethelelo bheka! Ngempela uMvelinqangi yena ungothethelelayo onesihawu
وَالَّذِينَ اتَّخَذُوا مِن دُونِهِ أَوْلِيَاءَ اللَّهُ حَفِيظٌ عَلَيْهِمْ وَمَا أَنتَ عَلَيْهِم بِوَكِيلٍ (6)
Futhi labo abathatha (abanye) abavikeli esikhundleni sakhe, uMvelinqangi ungumlondolozi phezulu kwabo futhi wena awusiyena umphathi phezulu kwabo
وَكَذَٰلِكَ أَوْحَيْنَا إِلَيْكَ قُرْآنًا عَرَبِيًّا لِّتُنذِرَ أُمَّ الْقُرَىٰ وَمَنْ حَوْلَهَا وَتُنذِرَ يَوْمَ الْجَمْعِ لَا رَيْبَ فِيهِ ۚ فَرِيقٌ فِي الْجَنَّةِ وَفَرِيقٌ فِي السَّعِيرِ (7)
Futhi kanjalo siyembulile kuwena iQur’an ngesi-Arabhu ukuze uxwayise unina wamadolobha kanye noma ngabe ngobani abawazungelezile futhi uxwayise ngosuku lokuhlangana, akukho ukungabaza ngalo, ingxenye iyokuba sesivandeni futhi (enye) ingxenye ibe semlilweni ovuthayo
وَلَوْ شَاءَ اللَّهُ لَجَعَلَهُمْ أُمَّةً وَاحِدَةً وَلَٰكِن يُدْخِلُ مَن يَشَاءُ فِي رَحْمَتِهِ ۚ وَالظَّالِمُونَ مَا لَهُم مِّن وَلِيٍّ وَلَا نَصِيرٍ (8)
Futhi ukube uMvelinqangi wayethanda wayezobenza isizwe esisodwa kepha ufaka lowo amthandayo emseni wakhe futhi izoni azinaye umvikeli noma umsizi
أَمِ اتَّخَذُوا مِن دُونِهِ أَوْلِيَاءَ ۖ فَاللَّهُ هُوَ الْوَلِيُّ وَهُوَ يُحْيِي الْمَوْتَىٰ وَهُوَ عَلَىٰ كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ (9)
Noma ngakube bazithathela abavikeli esikhundleni sakhe, kepha nguMvelinqangi ongumvikeli futhi yena uphilisa abafile futhi yena wenza zonke izinto
وَمَا اخْتَلَفْتُمْ فِيهِ مِن شَيْءٍ فَحُكْمُهُ إِلَى اللَّهِ ۚ ذَٰلِكُمُ اللَّهُ رَبِّي عَلَيْهِ تَوَكَّلْتُ وَإِلَيْهِ أُنِيبُ (10)
Futhi noma ngabe yini eniphikisana kuyona, ngakho-ke isehlulelo sayo sikuMvelinqangi, lowo nguMvelinqangi iNkosi yami ngethembele kuyena futhi ngiphendukela kuyona ngokuzisola
فَاطِرُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۚ جَعَلَ لَكُم مِّنْ أَنفُسِكُمْ أَزْوَاجًا وَمِنَ الْأَنْعَامِ أَزْوَاجًا ۖ يَذْرَؤُكُمْ فِيهِ ۚ لَيْسَ كَمِثْلِهِ شَيْءٌ ۖ وَهُوَ السَّمِيعُ الْبَصِيرُ (11)
Umdali wamazulu nomhlaba wanenzela phakathi kwenu ngakubili futhi nasezinkomeni ngakubili, uyaniphindaphinda akukho lutho olufana naye futhi yena ungozwayo obonayo
لَهُ مَقَالِيدُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۖ يَبْسُطُ الرِّزْقَ لِمَن يَشَاءُ وَيَقْدِرُ ۚ إِنَّهُ بِكُلِّ شَيْءٍ عَلِيمٌ (12)
Ngezakhe izihluthulelo zamazulu nomhlaba. Uyaselula isabelo kunoma ngabe ngubani amthandayo futhi anciphise, ngempela yena uyisazi sazo zonke izinto
۞ شَرَعَ لَكُم مِّنَ الدِّينِ مَا وَصَّىٰ بِهِ نُوحًا وَالَّذِي أَوْحَيْنَا إِلَيْكَ وَمَا وَصَّيْنَا بِهِ إِبْرَاهِيمَ وَمُوسَىٰ وَعِيسَىٰ ۖ أَنْ أَقِيمُوا الدِّينَ وَلَا تَتَفَرَّقُوا فِيهِ ۚ كَبُرَ عَلَى الْمُشْرِكِينَ مَا تَدْعُوهُمْ إِلَيْهِ ۚ اللَّهُ يَجْتَبِي إِلَيْهِ مَن يَشَاءُ وَيَهْدِي إِلَيْهِ مَن يُنِيبُ (13)
UMvelinqangi wanibekela inkolo leyo ayibekela uNowa kanye naleyo esiyembulile kuwena kanye nesayembula ku- Abrahamu nakuMose kanye nakuJesu ukuthi baqinise inkolo, futhi ningaqembukelani kuyona, kunzima kulabo abakhonza izithombe lokho enibamemela kukona, uMvelinqangi uziqokela lowo amthandayo futhi uholela kuyena lowo ophendukela kuyena ngokuzisola
وَمَا تَفَرَّقُوا إِلَّا مِن بَعْدِ مَا جَاءَهُمُ الْعِلْمُ بَغْيًا بَيْنَهُمْ ۚ وَلَوْلَا كَلِمَةٌ سَبَقَتْ مِن رَّبِّكَ إِلَىٰ أَجَلٍ مُّسَمًّى لَّقُضِيَ بَيْنَهُمْ ۚ وَإِنَّ الَّذِينَ أُورِثُوا الْكِتَابَ مِن بَعْدِهِمْ لَفِي شَكٍّ مِّنْهُ مُرِيبٍ (14)
Futhi babengaqembukelene kwaze kwaba yingaphambili kokuba sebefikelwe ulwazi ngenxa yomona nenzondo phakathi kwabo futhi ukube kwakungesingenxa yegama eselidlulile elivela eNkosini yakho esikhathini esimisiwe kwakuzokwehlulelwa phakathi kwabo, futhi ngempela labo ababenziwe ukuthi badle ifa lencwadi emva kwabo ngempela basekungabazeni okunzima ngayo
فَلِذَٰلِكَ فَادْعُ ۖ وَاسْتَقِمْ كَمَا أُمِرْتَ ۖ وَلَا تَتَّبِعْ أَهْوَاءَهُمْ ۖ وَقُلْ آمَنتُ بِمَا أَنزَلَ اللَّهُ مِن كِتَابٍ ۖ وَأُمِرْتُ لِأَعْدِلَ بَيْنَكُمُ ۖ اللَّهُ رَبُّنَا وَرَبُّكُمْ ۖ لَنَا أَعْمَالُنَا وَلَكُمْ أَعْمَالُكُمْ ۖ لَا حُجَّةَ بَيْنَنَا وَبَيْنَكُمُ ۖ اللَّهُ يَجْمَعُ بَيْنَنَا ۖ وَإِلَيْهِ الْمَصِيرُ (15)
Ngakho-ke kulokho mema futhi ume uqine njengokuba uphoqiwe futhi ungalandeli izifiso zabo futhi ithi, “ngikholiwe kulokho okwembulwa nguMvelinqangi okuyincwadi futhi ngiphoqiwe ukuthi ngenze ubulungiswa phakathi kwenu, uMvelinqangi yiNkosi yethu neNkosi yenu, okwethu yimisebenzi yethu nokwenu yimisebenzi yenu, ayikho impikiswanophakathikwethunani, uMvelinqangiuyosiqoqela ndawonye futhi kukuyena ukuphindela kokugcina
وَالَّذِينَ يُحَاجُّونَ فِي اللَّهِ مِن بَعْدِ مَا اسْتُجِيبَ لَهُ حُجَّتُهُمْ دَاحِضَةٌ عِندَ رَبِّهِمْ وَعَلَيْهِمْ غَضَبٌ وَلَهُمْ عَذَابٌ شَدِيدٌ (16)
Futhi labo abaphikisanayo ngoMvelinqangi emva kokuba sekwamukeliwe impikiswano yabo iyize leze eNkosini yabo futhi phezulu kwabo kunentukuthelo (kaMvelinqangi) futhi okwabo yisijeziso esinzima
اللَّهُ الَّذِي أَنزَلَ الْكِتَابَ بِالْحَقِّ وَالْمِيزَانَ ۗ وَمَا يُدْرِيكَ لَعَلَّ السَّاعَةَ قَرِيبٌ (17)
NguMvelinqangi owembula incwadi ngeqiniso nangesikalo, futhi yini ekwenza wazi ukuthi mhlawumbe ihora selisondele
يَسْتَعْجِلُ بِهَا الَّذِينَ لَا يُؤْمِنُونَ بِهَا ۖ وَالَّذِينَ آمَنُوا مُشْفِقُونَ مِنْهَا وَيَعْلَمُونَ أَنَّهَا الْحَقُّ ۗ أَلَا إِنَّ الَّذِينَ يُمَارُونَ فِي السَّاعَةِ لَفِي ضَلَالٍ بَعِيدٍ (18)
Ukulisheshisa (ihora bayakufisa) labo abangakholelwa kulona kulapho labo abakholwayo belesaba futhi bayazi ukuthi lona liyiqiniso bheka! Ngempela labo abaphikisanayo mayelana nehora ngempela basekudukeni okukude le
اللَّهُ لَطِيفٌ بِعِبَادِهِ يَرْزُقُ مَن يَشَاءُ ۖ وَهُوَ الْقَوِيُّ الْعَزِيزُ (19)
UMvelinqangi unomusa ezincekwini zakhe wabela noma ngabe ngubani amthandayo futhi yena uqatha, ungophakeme ngamandla
مَن كَانَ يُرِيدُ حَرْثَ الْآخِرَةِ نَزِدْ لَهُ فِي حَرْثِهِ ۖ وَمَن كَانَ يُرِيدُ حَرْثَ الدُّنْيَا نُؤْتِهِ مِنْهَا وَمَا لَهُ فِي الْآخِرَةِ مِن نَّصِيبٍ (20)
Noma ngabe ngubani ofisa isivuno sempilo ezayo siyamunezelela esivunweni sakhe futhi noma ngabe ngubani ofisa isivuno salomhlaba simunika sona futhi empilweni ezayo angeke abenayo ingxenye
أَمْ لَهُمْ شُرَكَاءُ شَرَعُوا لَهُم مِّنَ الدِّينِ مَا لَمْ يَأْذَن بِهِ اللَّهُ ۚ وَلَوْلَا كَلِمَةُ الْفَصْلِ لَقُضِيَ بَيْنَهُمْ ۗ وَإِنَّ الظَّالِمِينَ لَهُمْ عَذَابٌ أَلِيمٌ (21)
Noma ngakube banabahlanganyeli ababamisele inkolo, lokho angakuvumelanga uMvelinqangi futhi ukube kwakungesingenxa yegama lamanqamu ngempela kwakuzokwehlulelwa phakathi kwabo futhi ngempela izoni okwazo yisijeziso esibuhlungu
تَرَى الظَّالِمِينَ مُشْفِقِينَ مِمَّا كَسَبُوا وَهُوَ وَاقِعٌ بِهِمْ ۗ وَالَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ فِي رَوْضَاتِ الْجَنَّاتِ ۖ لَهُم مَّا يَشَاءُونَ عِندَ رَبِّهِمْ ۚ ذَٰلِكَ هُوَ الْفَضْلُ الْكَبِيرُ (22)
Uyozibona izoni zesaba ngenxa yezakusebenzela futhi kona kwehlela kubona futhi labo abakholwayo futhi abenza okulungileyo bayokuba sezimfundeni zezivande, okwabo kuyoba yinoma ngabe yini abayifunayo ngaphambili kweNkosi yabo, lowo ngumusa omkhulu
ذَٰلِكَ الَّذِي يُبَشِّرُ اللَّهُ عِبَادَهُ الَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ ۗ قُل لَّا أَسْأَلُكُمْ عَلَيْهِ أَجْرًا إِلَّا الْمَوَدَّةَ فِي الْقُرْبَىٰ ۗ وَمَن يَقْتَرِفْ حَسَنَةً نَّزِدْ لَهُ فِيهَا حُسْنًا ۚ إِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ شَكُورٌ (23)
Lokho, yilokho uMvelinqangi akutshela izinceku zakhe njengezindaba ezinhle lezo ezakholwa futhi ezenza okulungileyo, ithi, “angiwuceli umvuzo kunina ngakho ngaphandle kothando ezihlotsheni zami nakunoma ngabe ngubani osebenzela okuhle siyomunezelela kukona okuhle, ngempela uMvelinqangi ungothethelelayo obongayo
أَمْ يَقُولُونَ افْتَرَىٰ عَلَى اللَّهِ كَذِبًا ۖ فَإِن يَشَإِ اللَّهُ يَخْتِمْ عَلَىٰ قَلْبِكَ ۗ وَيَمْحُ اللَّهُ الْبَاطِلَ وَيُحِقُّ الْحَقَّ بِكَلِمَاتِهِ ۚ إِنَّهُ عَلِيمٌ بِذَاتِ الصُّدُورِ (24)
Noma bathi, “uqambela uMvelinqangi amanga ngakho-ke uma uMvelinqangi ethanda uyayisicilela inhliziyo yakho, futhi uMvelinqangi uyawasusa amanga aqinisekise iqiniso ngamazwi akhe, ngempela yena uyisazi salokho okusezifubeni
وَهُوَ الَّذِي يَقْبَلُ التَّوْبَةَ عَنْ عِبَادِهِ وَيَعْفُو عَنِ السَّيِّئَاتِ وَيَعْلَمُ مَا تَفْعَلُونَ (25)
Futhi nguyena owamukela ukuphenduka ezincekwini zakhe futhi othethelela izenzo ezimbi futhi (uMvelinqangi) uyakwazi lokho enikwenzayo
وَيَسْتَجِيبُ الَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ وَيَزِيدُهُم مِّن فَضْلِهِ ۚ وَالْكَافِرُونَ لَهُمْ عَذَابٌ شَدِيدٌ (26)
Futhi uyabaphendula labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezilungileyo futhi abanezelele emseni wakhe, futhi abangakholwa okwabo yisijeziso esinzima
۞ وَلَوْ بَسَطَ اللَّهُ الرِّزْقَ لِعِبَادِهِ لَبَغَوْا فِي الْأَرْضِ وَلَٰكِن يُنَزِّلُ بِقَدَرٍ مَّا يَشَاءُ ۚ إِنَّهُ بِعِبَادِهِ خَبِيرٌ بَصِيرٌ (27)
Futhi ukube uMvelinqangi wayeselulile isabelo sezinceku zakhe ngempela zazizohlubuka emhlabeni, kepha usehlisa ngendlela athanda ngayo ngempela yena ngezinceku zakhe uyazi uyabona
وَهُوَ الَّذِي يُنَزِّلُ الْغَيْثَ مِن بَعْدِ مَا قَنَطُوا وَيَنشُرُ رَحْمَتَهُ ۚ وَهُوَ الْوَلِيُّ الْحَمِيدُ (28)
Futhi nguyena owehlisela phansi imvula emuva kokuba bephelelwe yithemba futhi awusabalalise umusa wakhe futhi yena ungumvikeli ofanele ukudunyiswa
وَمِنْ آيَاتِهِ خَلْقُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَمَا بَثَّ فِيهِمَا مِن دَابَّةٍ ۚ وَهُوَ عَلَىٰ جَمْعِهِمْ إِذَا يَشَاءُ قَدِيرٌ (29)
Futhi ezinye zezimpawu zakhe yindalo yamazulu nomhlaba kanye nakho konke akusakaza kukona kokubili (amazulu nomhlaba) okuyizidalwa ezinyakazayo futhi yena unawo amandla okubaqoqela ndawonye uma ethanda
وَمَا أَصَابَكُم مِّن مُّصِيبَةٍ فَبِمَا كَسَبَتْ أَيْدِيكُمْ وَيَعْفُو عَن كَثِيرٍ (30)
Futhi noma ngabe yiliphi ishwa elinivelelayo kungenxa yalokho izandla zenu ezikusebenzele futhi (uMvelinqangi) uyathethelela kakhulu
وَمَا أَنتُم بِمُعْجِزِينَ فِي الْأَرْضِ ۖ وَمَا لَكُم مِّن دُونِ اللَّهِ مِن وَلِيٍّ وَلَا نَصِيرٍ (31)
Futhi nina aniyibona abaphunyukayo emhlabeni futhi aninaye umvikeli nomelekeleli ngaphandle kukaMvelinqangi
وَمِنْ آيَاتِهِ الْجَوَارِ فِي الْبَحْرِ كَالْأَعْلَامِ (32)
Futhi ezimpawini zakhe imikhumbi olwandle, okusengathi yizintaba
إِن يَشَأْ يُسْكِنِ الرِّيحَ فَيَظْلَلْنَ رَوَاكِدَ عَلَىٰ ظَهْرِهِ ۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَآيَاتٍ لِّكُلِّ صَبَّارٍ شَكُورٍ (33)
Uma ethanda uyawuthulisa umoya, bese (ulwandle) lunganyakazi endaweni yalo yangaphezulu, ngempela kulokho kunezimpawu kulowo nalowo obekezelayo, obongayo
أَوْ يُوبِقْهُنَّ بِمَا كَسَبُوا وَيَعْفُ عَن كَثِيرٍ (34)
Noma ababhubhise ngenxa yalokho abakusebenzela, futhi uyathethelela kakhulu
وَيَعْلَمَ الَّذِينَ يُجَادِلُونَ فِي آيَاتِنَا مَا لَهُم مِّن مَّحِيصٍ (35)
Futhi bayazi labo abaphikisanayo ngamavesi ethu (ukuthi) abanayo indawo yokuphephela
فَمَا أُوتِيتُم مِّن شَيْءٍ فَمَتَاعُ الْحَيَاةِ الدُّنْيَا ۖ وَمَا عِندَ اللَّهِ خَيْرٌ وَأَبْقَىٰ لِلَّذِينَ آمَنُوا وَعَلَىٰ رَبِّهِمْ يَتَوَكَّلُونَ (36)
Ngakho-ke noma ngabe yini eninikwe yona yinjabulo yempilo yalomhlaba futhi lokho okukuMvelinqangi kungcono futhi kuyahlala kulabo abakholwayo futhi abathembela eNkosini yabo
وَالَّذِينَ يَجْتَنِبُونَ كَبَائِرَ الْإِثْمِ وَالْفَوَاحِشَ وَإِذَا مَا غَضِبُوا هُمْ يَغْفِرُونَ (37)
Kanye nalabo abagwema izono ezinkulu nokukhohlakala futhi okuthi uma bethukuthele bathethelele
وَالَّذِينَ اسْتَجَابُوا لِرَبِّهِمْ وَأَقَامُوا الصَّلَاةَ وَأَمْرُهُمْ شُورَىٰ بَيْنَهُمْ وَمِمَّا رَزَقْنَاهُمْ يُنفِقُونَ (38)
Nalabo abaphendulayo eNkosini yabo futhi abenza umthandazo futhi abenza udaba lwabo (lunqunywe) yisigungu phakathi kwabo futhi abasebenzisa kulokho esababela kona
وَالَّذِينَ إِذَا أَصَابَهُمُ الْبَغْيُ هُمْ يَنتَصِرُونَ (39)
Nalabo okuthi uma behlelwa yingcindezelo baziphindiselele
وَجَزَاءُ سَيِّئَةٍ سَيِّئَةٌ مِّثْلُهَا ۖ فَمَنْ عَفَا وَأَصْلَحَ فَأَجْرُهُ عَلَى اللَّهِ ۚ إِنَّهُ لَا يُحِبُّ الظَّالِمِينَ (40)
Futhi umvuzo wokubi okubi okufana nako, ngakho-ke noma ngabe ngubani othethelelayo futhi alungise umvuzo wakhe ukuMvelinqangi, ngempela yena akazithandi izoni
وَلَمَنِ انتَصَرَ بَعْدَ ظُلْمِهِ فَأُولَٰئِكَ مَا عَلَيْهِم مِّن سَبِيلٍ (41)
Futhi ngempela noma ngabe ngubani oziphindiselayo emva kokuba ecindezelwe ngakho-ke labo abanayo indlela (yokusolwa)
إِنَّمَا السَّبِيلُ عَلَى الَّذِينَ يَظْلِمُونَ النَّاسَ وَيَبْغُونَ فِي الْأَرْضِ بِغَيْرِ الْحَقِّ ۚ أُولَٰئِكَ لَهُمْ عَذَابٌ أَلِيمٌ (42)
Kuphela indlela (yokusolwa) ikulabo abenza okungenabo ubulungiswa kubantu, futhi abacindezelayo emhlabeni ngokungesilona iqiniso, labo-ke okwabo yisijeziso esibuhlungu
وَلَمَن صَبَرَ وَغَفَرَ إِنَّ ذَٰلِكَ لَمِنْ عَزْمِ الْأُمُورِ (43)
Futhi ngempela noma ngabe ngubani obekezelayo futhi athethelele ngempela lokho kuwukulungisa izindaba
وَمَن يُضْلِلِ اللَّهُ فَمَا لَهُ مِن وَلِيٍّ مِّن بَعْدِهِ ۗ وَتَرَى الظَّالِمِينَ لَمَّا رَأَوُا الْعَذَابَ يَقُولُونَ هَلْ إِلَىٰ مَرَدٍّ مِّن سَبِيلٍ (44)
Futhi lowo oshiywa nguMvelinqangi ekudukeni, ngakho-ke akanaye umvikeli emva kwakhe futhi uyobona izoni okuyothi uma sezibona isijeziso zithi, “ngakube ikhona yini indlela yokuphindela?”
وَتَرَاهُمْ يُعْرَضُونَ عَلَيْهَا خَاشِعِينَ مِنَ الذُّلِّ يَنظُرُونَ مِن طَرْفٍ خَفِيٍّ ۗ وَقَالَ الَّذِينَ آمَنُوا إِنَّ الْخَاسِرِينَ الَّذِينَ خَسِرُوا أَنفُسَهُمْ وَأَهْلِيهِمْ يَوْمَ الْقِيَامَةِ ۗ أَلَا إِنَّ الظَّالِمِينَ فِي عَذَابٍ مُّقِيمٍ (45)
Futhi uyobona belethwa ngaphambili kwaso bethotshiswe yinjabhiso bebheka ngokujeqeza okufifiyelayo, futhi labo abakholwayo bayothi, “ngempela abalahlekelwe yilabo abalahlekelwa yimiphefumulo yabo kanye nemindeni yabo ngosuku lokuvuka kwabafileyo, bheka ngempela izoni zisesijezisweni esingapheliyo.”
وَمَا كَانَ لَهُم مِّنْ أَوْلِيَاءَ يَنصُرُونَهُم مِّن دُونِ اللَّهِ ۗ وَمَن يُضْلِلِ اللَّهُ فَمَا لَهُ مِن سَبِيلٍ (46)
Futhi angeke babenabo abavikeli abayobalekelela ngaphandle kukaMvelinqangi futhi noma ngabe ngubani uMvelinqangi amshiya ekudukeni akanayo indlela
اسْتَجِيبُوا لِرَبِّكُم مِّن قَبْلِ أَن يَأْتِيَ يَوْمٌ لَّا مَرَدَّ لَهُ مِنَ اللَّهِ ۚ مَا لَكُم مِّن مَّلْجَإٍ يَوْمَئِذٍ وَمَا لَكُم مِّن نَّكِيرٍ (47)
Phendulani iNkosi yenu ngaphambi kokuba kufike usuku olungeke lugwenywe oluvela kuMvelinqangi, angeke nibe nesiphephelo ngalolosuku futhi angeke niphike
فَإِنْ أَعْرَضُوا فَمَا أَرْسَلْنَاكَ عَلَيْهِمْ حَفِيظًا ۖ إِنْ عَلَيْكَ إِلَّا الْبَلَاغُ ۗ وَإِنَّا إِذَا أَذَقْنَا الْإِنسَانَ مِنَّا رَحْمَةً فَرِحَ بِهَا ۖ وَإِن تُصِبْهُمْ سَيِّئَةٌ بِمَا قَدَّمَتْ أَيْدِيهِمْ فَإِنَّ الْإِنسَانَ كَفُورٌ (48)
Kepha uma befulathela, ngakho-ke asikuthumelanga kubona njengomlondolozi, awukho (umthwalo) ophezulu kwakho ngaphandle kokudlulisela (umyalezo) futhi ngempela uma sizwisa umuntu umusa ovela kuthina uyawuthokozela futhi uma behlelwa okubi ngenxa yalokho izandla zabo ezikulethe ngaphambili, ngakho-ke umuntu akabongi
لِّلَّهِ مُلْكُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۚ يَخْلُقُ مَا يَشَاءُ ۚ يَهَبُ لِمَن يَشَاءُ إِنَاثًا وَيَهَبُ لِمَن يَشَاءُ الذُّكُورَ (49)
UngokaMvelinqangi umbuso wamazulu nomhlaba, udala noma ngabe yini ayithandayo, unikeza lowo amthandayo (ingane) yesifazane futhi unikeza lowo amthandayo (ingane) yesilisa
أَوْ يُزَوِّجُهُمْ ذُكْرَانًا وَإِنَاثًا ۖ وَيَجْعَلُ مَن يَشَاءُ عَقِيمًا ۚ إِنَّهُ عَلِيمٌ قَدِيرٌ (50)
Noma abanike kokubili isilisa nesifazane futhi wenza inyumba noma ngabe ngubani amthandayo ngempela yena ungowaziyo owenza (izinto zonke)
۞ وَمَا كَانَ لِبَشَرٍ أَن يُكَلِّمَهُ اللَّهُ إِلَّا وَحْيًا أَوْ مِن وَرَاءِ حِجَابٍ أَوْ يُرْسِلَ رَسُولًا فَيُوحِيَ بِإِذْنِهِ مَا يَشَاءُ ۚ إِنَّهُ عَلِيٌّ حَكِيمٌ (51)
Futhi akusikona okomuntu ukuthi uMvelinqangi akhulume naye ngaphandle kwesambulo noma ngemumva kwesembozo noma athumele isithunywa ukuze sembule ngentando yakhe noma ngabe yini ayithandayo, ngempela yena uphakeme unobuhlakani
وَكَذَٰلِكَ أَوْحَيْنَا إِلَيْكَ رُوحًا مِّنْ أَمْرِنَا ۚ مَا كُنتَ تَدْرِي مَا الْكِتَابُ وَلَا الْإِيمَانُ وَلَٰكِن جَعَلْنَاهُ نُورًا نَّهْدِي بِهِ مَن نَّشَاءُ مِنْ عِبَادِنَا ۚ وَإِنَّكَ لَتَهْدِي إِلَىٰ صِرَاطٍ مُّسْتَقِيمٍ (52)
Futhi kanjalo sasembula kuwena isambulo ngempoqo yethu, wawungazi ukuthi yini incwadi noma inkolo, kepha sayenza yaba ukukhanya esihola ngako noma ngabe ngubani esimthandayo ezincekwini zethu futhi ngempela wena uholela endleleni eqondile
صِرَاطِ اللَّهِ الَّذِي لَهُ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَمَا فِي الْأَرْضِ ۗ أَلَا إِلَى اللَّهِ تَصِيرُ الْأُمُورُ (53)
Indlela kaMvelinqangi okunguyena okungokwakhe konke okusemazulwini nakho konke okusemhlabeni, ngempela ikuMvelinqangi lapho izindaba ziyoya khona ekugcineni
❮ Previous Next ❯

Surahs from Quran :

1- Fatiha2- Baqarah
3- Al Imran4- Nisa
5- Maidah6- Anam
7- Araf8- Anfal
9- Tawbah10- Yunus
11- Hud12- Yusuf
13- Raad14- Ibrahim
15- Hijr16- Nahl
17- Al Isra18- Kahf
19- Maryam20- TaHa
21- Anbiya22- Hajj
23- Muminun24- An Nur
25- Furqan26- Shuara
27- Naml28- Qasas
29- Ankabut30- Rum
31- Luqman32- Sajdah
33- Ahzab34- Saba
35- Fatir36- Yasin
37- Assaaffat38- Sad
39- Zumar40- Ghafir
41- Fussilat42- shura
43- Zukhruf44- Ad Dukhaan
45- Jathiyah46- Ahqaf
47- Muhammad48- Al Fath
49- Hujurat50- Qaf
51- zariyat52- Tur
53- Najm54- Al Qamar
55- Rahman56- Waqiah
57- Hadid58- Mujadilah
59- Al Hashr60- Mumtahina
61- Saff62- Jumuah
63- Munafiqun64- Taghabun
65- Talaq66- Tahrim
67- Mulk68- Qalam
69- Al-Haqqah70- Maarij
71- Nuh72- Jinn
73- Muzammil74- Muddathir
75- Qiyamah76- Insan
77- Mursalat78- An Naba
79- Naziat80- Abasa
81- Takwir82- Infitar
83- Mutaffifin84- Inshiqaq
85- Buruj86- Tariq
87- Al Ala88- Ghashiya
89- Fajr90- Al Balad
91- Shams92- Lail
93- Duha94- Sharh
95- Tin96- Al Alaq
97- Qadr98- Bayyinah
99- Zalzalah100- Adiyat
101- Qariah102- Takathur
103- Al Asr104- Humazah
105- Al Fil106- Quraysh
107- Maun108- Kawthar
109- Kafirun110- Nasr
111- Masad112- Ikhlas
113- Falaq114- An Nas