×

Surah Al-Jaathiyah in Zulu

Quran Zulu ⮕ Surah Jathiyah

Translation of the Meanings of Surah Jathiyah in Zulu - الزولو

The Quran in Zulu - Surah Jathiyah translated into Zulu, Surah Al-Jaathiyah in Zulu. We provide accurate translation of Surah Jathiyah in Zulu - الزولو, Verses 37 - Surah Number 45 - Page 499.

بسم الله الرحمن الرحيم

حم (1)
Ha Meem
تَنزِيلُ الْكِتَابِ مِنَ اللَّهِ الْعَزِيزِ الْحَكِيمِ (2)
Isambulo sencwadi sivela kuMvelinqangi ophakeme ngamandla onobuhlakani
إِنَّ فِي السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ لَآيَاتٍ لِّلْمُؤْمِنِينَ (3)
Ngempela emazulwini nasemhlabeni kunezimpawu kwabakholwayo
وَفِي خَلْقِكُمْ وَمَا يَبُثُّ مِن دَابَّةٍ آيَاتٌ لِّقَوْمٍ يُوقِنُونَ (4)
Futhi ekudalweni kwenu nakho konke nakusakazayo (emhlabeni) okuyizidalwa ezinyakazayo kuyizimpawu kubantu abaqinisekile (enkolweni)
وَاخْتِلَافِ اللَّيْلِ وَالنَّهَارِ وَمَا أَنزَلَ اللَّهُ مِنَ السَّمَاءِ مِن رِّزْقٍ فَأَحْيَا بِهِ الْأَرْضَ بَعْدَ مَوْتِهَا وَتَصْرِيفِ الرِّيَاحِ آيَاتٌ لِّقَوْمٍ يَعْقِلُونَ (5)
Futhi ukuphambana kobusuku nemini kanye nalokho okwehliselwaphansinguMvelinqangiokuvelaesibhakabhakeni okuyisabelo (imvula) bese ephilisa ngayo umhlaba emva kokufa kwawo nokushintsha kwemimoya kuyizimpawu kubantu abanomqondo
تِلْكَ آيَاتُ اللَّهِ نَتْلُوهَا عَلَيْكَ بِالْحَقِّ ۖ فَبِأَيِّ حَدِيثٍ بَعْدَ اللَّهِ وَآيَاتِهِ يُؤْمِنُونَ (6)
Lawa ngamavesi kaMvelinqangi siwafundela wena ngeqiniso ngakho-ke iyiphi inkulumo abayokholwa yiyo emva kukaMvelinqangi nezimpawu namavesi akhe
وَيْلٌ لِّكُلِّ أَفَّاكٍ أَثِيمٍ (7)
Usizi kulowo nalowo mqambimanga oyisoni
يَسْمَعُ آيَاتِ اللَّهِ تُتْلَىٰ عَلَيْهِ ثُمَّ يُصِرُّ مُسْتَكْبِرًا كَأَن لَّمْ يَسْمَعْهَا ۖ فَبَشِّرْهُ بِعَذَابٍ أَلِيمٍ (8)
Owezwayo amavesi kaMvelinqangi efundelwa wona bese eqhubeka nokuziqhenya, kube sengathi akawezwa, ngakho-ke mtshene ngesijeziso esibuhlungu
وَإِذَا عَلِمَ مِنْ آيَاتِنَا شَيْئًا اتَّخَذَهَا هُزُوًا ۚ أُولَٰئِكَ لَهُمْ عَذَابٌ مُّهِينٌ (9)
Futhi uma esekufundile okuthize emavesini ethu ukuthatha njengenhlekisa labo-ke okwabo yisijeziso esijabhisayo
مِّن وَرَائِهِمْ جَهَنَّمُ ۖ وَلَا يُغْنِي عَنْهُم مَّا كَسَبُوا شَيْئًا وَلَا مَا اتَّخَذُوا مِن دُونِ اللَّهِ أَوْلِيَاءَ ۖ وَلَهُمْ عَذَابٌ عَظِيمٌ (10)
Ngaphambili kwabo kunesihogo futhi angeke kubasize ngalutho lokho ababekusebenzela ngisho nalokho abakuthatha njengabavikeli esikhundleni sikaMvelinqangi futhi okwabo yisijeziso esikhulu
هَٰذَا هُدًى ۖ وَالَّذِينَ كَفَرُوا بِآيَاتِ رَبِّهِمْ لَهُمْ عَذَابٌ مِّن رِّجْزٍ أَلِيمٌ (11)
Lokhu ukuholwa, futhi labo abangakholelwa emavesini eNkosi yabo okwabo yisijeziso esibuhlungu seRijz
۞ اللَّهُ الَّذِي سَخَّرَ لَكُمُ الْبَحْرَ لِتَجْرِيَ الْفُلْكُ فِيهِ بِأَمْرِهِ وَلِتَبْتَغُوا مِن فَضْلِهِ وَلَعَلَّكُمْ تَشْكُرُونَ (12)
NguMvelinqangi owanenzela ulwandle lwanithobela ukuze imikhumbi ihambe kulona ngempoqo yakhe futhi ukuze nifune ububele bakhe futhi ukuze nibonge
وَسَخَّرَ لَكُم مَّا فِي السَّمَاوَاتِ وَمَا فِي الْأَرْضِ جَمِيعًا مِّنْهُ ۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَآيَاتٍ لِّقَوْمٍ يَتَفَكَّرُونَ (13)
Futhi wanenzela yanithobela noma ngabe yini esemazulwini kanye nakho konke okusemhlabeni, kuvela kuyena, ngempela kulokho kunezimpawu kubantu abacabangayo
قُل لِّلَّذِينَ آمَنُوا يَغْفِرُوا لِلَّذِينَ لَا يَرْجُونَ أَيَّامَ اللَّهِ لِيَجْزِيَ قَوْمًا بِمَا كَانُوا يَكْسِبُونَ (14)
Ithi kulabo abakholwayo abathethelele labo abangazethembi izinsuku zikaMvelinqangi ukuze anike umvuzo abantu ngenxa yalokho ababekusebenzela
مَنْ عَمِلَ صَالِحًا فَلِنَفْسِهِ ۖ وَمَنْ أَسَاءَ فَعَلَيْهَا ۖ ثُمَّ إِلَىٰ رَبِّكُمْ تُرْجَعُونَ (15)
Noma ngabe ngubani owenza izenzo ezinhle kungokwakhe uqobo futhi noma ngabe ngubani owenza okubi ngakho-ke kuphambene naye bese nibuyiselwa eNkosini yenu
وَلَقَدْ آتَيْنَا بَنِي إِسْرَائِيلَ الْكِتَابَ وَالْحُكْمَ وَالنُّبُوَّةَ وَرَزَقْنَاهُم مِّنَ الطَّيِّبَاتِ وَفَضَّلْنَاهُمْ عَلَى الْعَالَمِينَ (16)
Futhi ngempela sabanikeza abantwana bakwa-Israyeli incwadi nesehlulelo nobuphrofethi futhi sababela ezintweni ezinhle futhi sabakhetha ngaphezulu kwemihlaba
وَآتَيْنَاهُم بَيِّنَاتٍ مِّنَ الْأَمْرِ ۖ فَمَا اخْتَلَفُوا إِلَّا مِن بَعْدِ مَا جَاءَهُمُ الْعِلْمُ بَغْيًا بَيْنَهُمْ ۚ إِنَّ رَبَّكَ يَقْضِي بَيْنَهُمْ يَوْمَ الْقِيَامَةِ فِيمَا كَانُوا فِيهِ يَخْتَلِفُونَ (17)
Futhi sabanikeza ubufakazi obucacile odabeni, ngakho-ke abazange baphikisane kwaze kwaba yingemumva kokuba sebefikelwe ulwazi ngenxa yomona phakathi kwabo, ngempela iNkosi yakho iyokwehlulela phakathi kwabo ngosuku lokuvuka kwabafileyo kulokho ababephikisana kukona
ثُمَّ جَعَلْنَاكَ عَلَىٰ شَرِيعَةٍ مِّنَ الْأَمْرِ فَاتَّبِعْهَا وَلَا تَتَّبِعْ أَهْوَاءَ الَّذِينَ لَا يَعْلَمُونَ (18)
Sabe sesikwenza ukuthi ube sendleleni esemthethweni empoqweni, ngakho-ke yilandele, ungalandeli izifiso zalabo abangazi
إِنَّهُمْ لَن يُغْنُوا عَنكَ مِنَ اللَّهِ شَيْئًا ۚ وَإِنَّ الظَّالِمِينَ بَعْضُهُمْ أَوْلِيَاءُ بَعْضٍ ۖ وَاللَّهُ وَلِيُّ الْمُتَّقِينَ (19)
Ngempela bona abasoze bakusize ngalutho maqondana noMvelinqangi futhi ngempela izoni ezinye zazo zingabangane zezinye, kepha uMvelinqangi ungumvikeli wabalungileyo
هَٰذَا بَصَائِرُ لِلنَّاسِ وَهُدًى وَرَحْمَةٌ لِّقَوْمٍ يُوقِنُونَ (20)
Lokhu kuwukubona okucacile kubantu nokuholeleka (endleleni elungileyo) kanye nomusa kubantu abaqinisekile (enkolweni)
أَمْ حَسِبَ الَّذِينَ اجْتَرَحُوا السَّيِّئَاتِ أَن نَّجْعَلَهُمْ كَالَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ سَوَاءً مَّحْيَاهُمْ وَمَمَاتُهُمْ ۚ سَاءَ مَا يَحْكُمُونَ (21)
Noma ngakube labo abenza izenzo ezimbi bacabanga ukuthi siyobenza njengalabo abakholwayo futhi abenze okuhle okulungileyo? Iyalingana impilo yabo kanye nokufa kwabo, okubi yilokho abakwehlulelayo
وَخَلَقَ اللَّهُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضَ بِالْحَقِّ وَلِتُجْزَىٰ كُلُّ نَفْسٍ بِمَا كَسَبَتْ وَهُمْ لَا يُظْلَمُونَ (22)
Futhi uMvelinqangi wadala amazulu nomhlaba ngeqiniso futhi ukuze anike umvuzo yonke imiphefumulo ngenxa yalokho eyakusebenzela, futhi bona angeke benziwe okungenabo ubulungiswa
أَفَرَأَيْتَ مَنِ اتَّخَذَ إِلَٰهَهُ هَوَاهُ وَأَضَلَّهُ اللَّهُ عَلَىٰ عِلْمٍ وَخَتَمَ عَلَىٰ سَمْعِهِ وَقَلْبِهِ وَجَعَلَ عَلَىٰ بَصَرِهِ غِشَاوَةً فَمَن يَهْدِيهِ مِن بَعْدِ اللَّهِ ۚ أَفَلَا تَذَكَّرُونَ (23)
Ngakube umbonile yini lowo othathe njengonkulunkulu wakhe ukufisa kwakhe? Futhi uMvelinqangi umshiye ekudukeni ngenxa yolwazi futhi wasicilela ukuzwa kwakhe nenhliziyo yakhe futhi wabeka isembozo ekuboneni kwakhe, ngakho-ke ngubani ongamhola emva kukaMvelinqangi? Ngakube anikhumbuli yini na
وَقَالُوا مَا هِيَ إِلَّا حَيَاتُنَا الدُّنْيَا نَمُوتُ وَنَحْيَا وَمَا يُهْلِكُنَا إِلَّا الدَّهْرُ ۚ وَمَا لَهُم بِذَٰلِكَ مِنْ عِلْمٍ ۖ إِنْ هُمْ إِلَّا يَظُنُّونَ (24)
Futhi bathi, “akuyilutho ngaphandle kwempilo yethu yasemhlabeni, siyafa futhi siyaphila futhi akukho okungasibhubhisa ngaphandle kwesikhathi” futhi abanalo ulwazi ngalokho, kuphela bayazicabangela nje
وَإِذَا تُتْلَىٰ عَلَيْهِمْ آيَاتُنَا بَيِّنَاتٍ مَّا كَانَ حُجَّتَهُمْ إِلَّا أَن قَالُوا ائْتُوا بِآبَائِنَا إِن كُنتُمْ صَادِقِينَ (25)
Futhi uma befundelwa amavesi ethu acacile, kuphela ukuphika kwabo ukuthi bathi, “lethani obaba bethu uma kungukuthi nina niqinisile”
قُلِ اللَّهُ يُحْيِيكُمْ ثُمَّ يُمِيتُكُمْ ثُمَّ يَجْمَعُكُمْ إِلَىٰ يَوْمِ الْقِيَامَةِ لَا رَيْبَ فِيهِ وَلَٰكِنَّ أَكْثَرَ النَّاسِ لَا يَعْلَمُونَ (26)
Yithi, “uMvelinqangi uyaniphilisa bese enenza ukuthi nife bese eniqoqela ndawonye ngosuku lokuvuka kwabafileyo okungekho ukungabaza kulona, kepha iningi labantu alazi”
وَلِلَّهِ مُلْكُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۚ وَيَوْمَ تَقُومُ السَّاعَةُ يَوْمَئِذٍ يَخْسَرُ الْمُبْطِلُونَ (27)
Futhi ungokaMvelinqangi umbuso wamazulu nomhlaba futhi ngosuku lokufika kwehora, ngalolosuku bayolahlekelwa abalandeli bamanga
وَتَرَىٰ كُلَّ أُمَّةٍ جَاثِيَةً ۚ كُلُّ أُمَّةٍ تُدْعَىٰ إِلَىٰ كِتَابِهَا الْيَوْمَ تُجْزَوْنَ مَا كُنتُمْ تَعْمَلُونَ (28)
Futhi uyozibona zonke izizwe ziguqe phansi, zonke izizwe ziyobizelwa kokubhalwe encwadini yazo, ngalolusuku nizonikwa umvuzo ngalokho enanikwenza
هَٰذَا كِتَابُنَا يَنطِقُ عَلَيْكُم بِالْحَقِّ ۚ إِنَّا كُنَّا نَسْتَنسِخُ مَا كُنتُمْ تَعْمَلُونَ (29)
Lena yincwadi yethu ekhuluma nani ngeqiniso, ngempela thina sasikubhala lokho enanikwenza
فَأَمَّا الَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ فَيُدْخِلُهُمْ رَبُّهُمْ فِي رَحْمَتِهِ ۚ ذَٰلِكَ هُوَ الْفَوْزُ الْمُبِينُ (30)
Ngakho-ke labo abakholwayo futhi abenza okuhle okulungileyo iNkosi yabo iyobangenisa emseni wayo, lokho ukuphumelela okucacile
وَأَمَّا الَّذِينَ كَفَرُوا أَفَلَمْ تَكُنْ آيَاتِي تُتْلَىٰ عَلَيْكُمْ فَاسْتَكْبَرْتُمْ وَكُنتُمْ قَوْمًا مُّجْرِمِينَ (31)
Kepha labo abangakholwanga ngakube akazange yini amavesi ami afundelwe nina? Nabe seniyazikhukhumeza futhi ningabantu abayizoni
وَإِذَا قِيلَ إِنَّ وَعْدَ اللَّهِ حَقٌّ وَالسَّاعَةُ لَا رَيْبَ فِيهَا قُلْتُم مَّا نَدْرِي مَا السَّاعَةُ إِن نَّظُنُّ إِلَّا ظَنًّا وَمَا نَحْنُ بِمُسْتَيْقِنِينَ (32)
Futhi uma kuthiwa ngempela isethembiso sikaMvelinqangi siyiqiniso nehora akukho ukungabaza kulona nathi “asazi ukuthi yini ihora, sicabanga umcabango nje futhi thina asenelisekile (ngalo)
وَبَدَا لَهُمْ سَيِّئَاتُ مَا عَمِلُوا وَحَاقَ بِهِم مَّا كَانُوا بِهِ يَسْتَهْزِئُونَ (33)
Futhi buyovela kubona ububi baloko ababekwenza futhi kuyobazungeleza lokho ababenza ngako inhlekisa
وَقِيلَ الْيَوْمَ نَنسَاكُمْ كَمَا نَسِيتُمْ لِقَاءَ يَوْمِكُمْ هَٰذَا وَمَأْوَاكُمُ النَّارُ وَمَا لَكُم مِّن نَّاصِرِينَ (34)
Futhi kuyothiwa, “ngalolusuku sizonikhohlwa njengoba nakhohlwa ukuhlangana ngalolusuku lwenu”
ذَٰلِكُم بِأَنَّكُمُ اتَّخَذْتُمْ آيَاتِ اللَّهِ هُزُوًا وَغَرَّتْكُمُ الْحَيَاةُ الدُّنْيَا ۚ فَالْيَوْمَ لَا يُخْرَجُونَ مِنْهَا وَلَا هُمْ يُسْتَعْتَبُونَ (35)
Lokho kungenxa yokuthi nina nanithatha amavesi kaMvelinqangi njengenhlekisa futhi yanikhohlisa impilo yalomhlaba ngakho-ke ngalolusuku angeke bakhishwe kusona (isihogo) futhi bona angeke bemukelwe emseni kaMvelinqangi
فَلِلَّهِ الْحَمْدُ رَبِّ السَّمَاوَاتِ وَرَبِّ الْأَرْضِ رَبِّ الْعَالَمِينَ (36)
Ngakho-ke udumo ngolukaMvelinqangi iNkosi yamazulu neNkosi yezwe iNkosi yemihlaba
وَلَهُ الْكِبْرِيَاءُ فِي السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۖ وَهُوَ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ (37)
Futhi ngobakhe ubukhosi emazulwini nasemhlabeni futhi yena uphakeme ngamandla unobuhlakani
❮ Previous Next ❯

Surahs from Quran :

1- Fatiha2- Baqarah
3- Al Imran4- Nisa
5- Maidah6- Anam
7- Araf8- Anfal
9- Tawbah10- Yunus
11- Hud12- Yusuf
13- Raad14- Ibrahim
15- Hijr16- Nahl
17- Al Isra18- Kahf
19- Maryam20- TaHa
21- Anbiya22- Hajj
23- Muminun24- An Nur
25- Furqan26- Shuara
27- Naml28- Qasas
29- Ankabut30- Rum
31- Luqman32- Sajdah
33- Ahzab34- Saba
35- Fatir36- Yasin
37- Assaaffat38- Sad
39- Zumar40- Ghafir
41- Fussilat42- shura
43- Zukhruf44- Ad Dukhaan
45- Jathiyah46- Ahqaf
47- Muhammad48- Al Fath
49- Hujurat50- Qaf
51- zariyat52- Tur
53- Najm54- Al Qamar
55- Rahman56- Waqiah
57- Hadid58- Mujadilah
59- Al Hashr60- Mumtahina
61- Saff62- Jumuah
63- Munafiqun64- Taghabun
65- Talaq66- Tahrim
67- Mulk68- Qalam
69- Al-Haqqah70- Maarij
71- Nuh72- Jinn
73- Muzammil74- Muddathir
75- Qiyamah76- Insan
77- Mursalat78- An Naba
79- Naziat80- Abasa
81- Takwir82- Infitar
83- Mutaffifin84- Inshiqaq
85- Buruj86- Tariq
87- Al Ala88- Ghashiya
89- Fajr90- Al Balad
91- Shams92- Lail
93- Duha94- Sharh
95- Tin96- Al Alaq
97- Qadr98- Bayyinah
99- Zalzalah100- Adiyat
101- Qariah102- Takathur
103- Al Asr104- Humazah
105- Al Fil106- Quraysh
107- Maun108- Kawthar
109- Kafirun110- Nasr
111- Masad112- Ikhlas
113- Falaq114- An Nas