| قُلْ أُوحِيَ إِلَيَّ أَنَّهُ اسْتَمَعَ نَفَرٌ مِّنَ الْجِنِّ فَقَالُوا إِنَّا سَمِعْنَا قُرْآنًا عَجَبًا (1) Ithi, “kwambulwa kumina ukuthi lilalele iqembu lamajinn ngakho-ke lathi ngempela siyizwile iQur’an emangalisayo
 | 
| يَهْدِي إِلَى الرُّشْدِ فَآمَنَّا بِهِ ۖ وَلَن نُّشْرِكَ بِرَبِّنَا أَحَدًا (2) Eholela endleleni elungile ngakho-ke sikholelwe kuyona futhi asisoze senzele iNkosi yethu namuntu umhlanganyeli ekuyikhonzeni
 | 
| وَأَنَّهُ تَعَالَىٰ جَدُّ رَبِّنَا مَا اتَّخَذَ صَاحِبَةً وَلَا وَلَدًا (3) Futhi yona, abuphakanyiswe ubukhulu beNkosi yethu ayizange ithathe unkosikazi nendodana
 | 
| وَأَنَّهُ كَانَ يَقُولُ سَفِيهُنَا عَلَى اللَّهِ شَطَطًا (4) Futhi izithutha phakathi kwethu zazisho ngoMvelinqangi okubi kakhulu (ukungahloniphi)
 | 
| وَأَنَّا ظَنَنَّا أَن لَّن تَقُولَ الْإِنسُ وَالْجِنُّ عَلَى اللَّهِ كَذِبًا (5) Futhi sasicabanga ukuthi abantu namajinn abasoze bamqambele uMvelinqangi amanga
 | 
| وَأَنَّهُ كَانَ رِجَالٌ مِّنَ الْإِنسِ يَعُوذُونَ بِرِجَالٍ مِّنَ الْجِنِّ فَزَادُوهُمْ رَهَقًا (6) Futhi ngasosonke isikhathi amadoda angabantu ayefuna isiphephelo emadodeni angamajinn ngakho-ke babanezelela ngomthwalo (wezono)
 | 
| وَأَنَّهُمْ ظَنُّوا كَمَا ظَنَنتُمْ أَن لَّن يَبْعَثَ اللَّهُ أَحَدًا (7) Futhi bona bacabanga njengoba nanicabanga ukuthi akasoze uMvelinqangi avuse (athumele ngisho) noyedwa
 | 
| وَأَنَّا لَمَسْنَا السَّمَاءَ فَوَجَدْنَاهَا مُلِئَتْ حَرَسًا شَدِيدًا وَشُهُبًا (8) Futhi sasifuna ukufinyelela ezulwini, kepha salifica ligcwaliswe ngabaqaphi abaqatha namalangabi omlilo
 | 
| وَأَنَّا كُنَّا نَقْعُدُ مِنْهَا مَقَاعِدَ لِلسَّمْعِ ۖ فَمَن يَسْتَمِعِ الْآنَ يَجِدْ لَهُ شِهَابًا رَّصَدًا (9) Futhi sasijwayele ukuhlala lapho phakathi (sibe) sezimweni zokulalela kepha noma ngabe ngubani olalelayo manje uzozitholela umlilo (ilangabi) elivuthayo
 | 
| وَأَنَّا لَا نَدْرِي أَشَرٌّ أُرِيدَ بِمَن فِي الْأَرْضِ أَمْ أَرَادَ بِهِمْ رَبُّهُمْ رَشَدًا (10) Futhi asazi noma okubi kuqondiswe kulabo abasemhlabeni noma iNkosi yabo ihlose ngabo ukuholeka
 | 
| وَأَنَّا مِنَّا الصَّالِحُونَ وَمِنَّا دُونَ ذَٰلِكَ ۖ كُنَّا طَرَائِقَ قِدَدًا (11) Futhi abanye phakathi kwethu bangabalungileyo futhi abanye phakathi kwethu abayikona lokho, sasiyizindlela ezehlukene
 | 
| وَأَنَّا ظَنَنَّا أَن لَّن نُّعْجِزَ اللَّهَ فِي الْأَرْضِ وَلَن نُّعْجِزَهُ هَرَبًا (12) Futhi sasicabanga ukuthi asisoze siphunyuke kuMvelinqangi emhlabeni futhi angeke siphunyuke kuyena ngokubaleka
 | 
| وَأَنَّا لَمَّا سَمِعْنَا الْهُدَىٰ آمَنَّا بِهِ ۖ فَمَن يُؤْمِن بِرَبِّهِ فَلَا يَخَافُ بَخْسًا وَلَا رَهَقًا (13) Futhi ngenkathi sizwa ukuholwa sakholelwa kukona, ngakho- ke noma ngabe ngubani okholwa eNkosini yakhe manjalo akesabi ukunciphiselwa noma umthwalo wokwehlulelwa
 | 
| وَأَنَّا مِنَّا الْمُسْلِمُونَ وَمِنَّا الْقَاسِطُونَ ۖ فَمَنْ أَسْلَمَ فَأُولَٰئِكَ تَحَرَّوْا رَشَدًا (14) Futhi phakathi kwethu kunama muslim futhi phakathi kwethu kunabangenabo ubulungiswa ngakho-ke noma ngabe ngubani ozinikelayo ngaphansi kwentando kaMvelinqangi manjalo labo baziqokele indlela elungile
 | 
| وَأَمَّا الْقَاسِطُونَ فَكَانُوا لِجَهَنَّمَ حَطَبًا (15) Futhi mayelana nabangenabo ubulungiswa bayoba yizinkuni (yizithungelo) zesihogo
 | 
| وَأَن لَّوِ اسْتَقَامُوا عَلَى الطَّرِيقَةِ لَأَسْقَيْنَاهُم مَّاءً غَدَقًا (16) Futhi ukube babezigcine besendleleni ngempela sasizobaphuzisa amanzi amaningi
 | 
| لِّنَفْتِنَهُمْ فِيهِ ۚ وَمَن يُعْرِضْ عَن ذِكْرِ رَبِّهِ يَسْلُكْهُ عَذَابًا صَعَدًا (17) Ukuze sibalinge lapho futhi noma ngabe ngubani ophambukayo esikhumbuzweni seNkosi yakhe izomngenisa esijezisweni esinzima
 | 
| وَأَنَّ الْمَسَاجِدَ لِلَّهِ فَلَا تَدْعُوا مَعَ اللَّهِ أَحَدًا (18) Futhi amaMasjid angawaMvelinqangi ngakho-ke ningambizi (omunye) umuntu kanye noMvelinqangi
 | 
| وَأَنَّهُ لَمَّا قَامَ عَبْدُ اللَّهِ يَدْعُوهُ كَادُوا يَكُونُونَ عَلَيْهِ لِبَدًا (19) Futhi ngenkathi isukuma inceku kaMvelinqangi imbiza bacishe basondele kuyona beminyana
 | 
| قُلْ إِنَّمَا أَدْعُو رَبِّي وَلَا أُشْرِكُ بِهِ أَحَدًا (20) Ithi, “kuphela ngibiza iNkosi yami futhi angiyenzeli namuntu umhlanganyeli ekuyikhonzeni”
 | 
| قُلْ إِنِّي لَا أَمْلِكُ لَكُمْ ضَرًّا وَلَا رَشَدًا (21) Ithi, “ngempela mina anginalutho olwenu oluwukulimaza noma ukuhola”
 | 
| قُلْ إِنِّي لَن يُجِيرَنِي مِنَ اللَّهِ أَحَدٌ وَلَنْ أَجِدَ مِن دُونِهِ مُلْتَحَدًا (22) Ithi, “ngempela mina akekho noyedwa ongivikelayo kuMvelinqangi futhi angisoze ngisithole isiphephelo ngaphandle kwakhe”
 | 
| إِلَّا بَلَاغًا مِّنَ اللَّهِ وَرِسَالَاتِهِ ۚ وَمَن يَعْصِ اللَّهَ وَرَسُولَهُ فَإِنَّ لَهُ نَارَ جَهَنَّمَ خَالِدِينَ فِيهَا أَبَدًا (23) (Akuyilutho) ngaphandle kombiko ovela kuMvelinqangi nemiyalezo yakhe, futhi noma ngabe ngubani ongamhloniphi uMvelinqangi	nesithunywa	sakhe	ngakho-ke	ngempela okwakhe ngumlilo wesihogo ahlale kuwona ingunaphakade
 | 
| حَتَّىٰ إِذَا رَأَوْا مَا يُوعَدُونَ فَسَيَعْلَمُونَ مَنْ أَضْعَفُ نَاصِرًا وَأَقَلُّ عَدَدًا (24) Kuze kube yilapho sebebona lokho abathenjiswe kona ngakho-ke bayokwazi ukuthi ngubani obuthakathaka kakhulu ngabalekeleli nabancane ngesibalo
 | 
| قُلْ إِنْ أَدْرِي أَقَرِيبٌ مَّا تُوعَدُونَ أَمْ يَجْعَلُ لَهُ رَبِّي أَمَدًا (25) Ithi, “angazi noma kuseduze lokho enethenjiswe kona noma iNkosi yami imbekele isikhathi esiqhelile”
 | 
| عَالِمُ الْغَيْبِ فَلَا يُظْهِرُ عَلَىٰ غَيْبِهِ أَحَدًا (26) Isazi sokungabonwa futhi asazisi ngisho noma munye imfihlo yaso
 | 
| إِلَّا مَنِ ارْتَضَىٰ مِن رَّسُولٍ فَإِنَّهُ يَسْلُكُ مِن بَيْنِ يَدَيْهِ وَمِنْ خَلْفِهِ رَصَدًا (27) Ngaphandle kwalowo (isazi) esimkhethile ezithunyweni bese senza ukuthi kuhambe ngaphambili kwakhe kanye nangemumva kwakhe umqapheli
 | 
| لِّيَعْلَمَ أَن قَدْ أَبْلَغُوا رِسَالَاتِ رَبِّهِمْ وَأَحَاطَ بِمَا لَدَيْهِمْ وَأَحْصَىٰ كُلَّ شَيْءٍ عَدَدًا (28) Ukuze azi (umqapheli) ukuthi zishumayela imiyalezo yeNkosi yabo futhi isingethe konke lokho okukubona
 |