×

Surah Qaf in Zulu

Quran Zulu ⮕ Surah Qaf

Translation of the Meanings of Surah Qaf in Zulu - الزولو

The Quran in Zulu - Surah Qaf translated into Zulu, Surah Qaf in Zulu. We provide accurate translation of Surah Qaf in Zulu - الزولو, Verses 45 - Surah Number 50 - Page 518.

بسم الله الرحمن الرحيم

ق ۚ وَالْقُرْآنِ الْمَجِيدِ (1)
Qaf ngeQur’an enedumela elikhulu
بَلْ عَجِبُوا أَن جَاءَهُم مُّنذِرٌ مِّنْهُمْ فَقَالَ الْكَافِرُونَ هَٰذَا شَيْءٌ عَجِيبٌ (2)
Kepha bayamangala ukuthi kufike kubona umxwayisi ophuma phakathi kwabo, ngakho-ke abangakholwa bathi, “lokhu yinto emangalisayo”
أَإِذَا مِتْنَا وَكُنَّا تُرَابًا ۖ ذَٰلِكَ رَجْعٌ بَعِيدٌ (3)
Ngakube uma sesifile sabawuthuli – lokho ukuphindela okukude
قَدْ عَلِمْنَا مَا تَنقُصُ الْأَرْضُ مِنْهُمْ ۖ وَعِندَنَا كِتَابٌ حَفِيظٌ (4)
Ngempela siyakwazi lokho umhlaba okunciphisayo kubona, ikanye nathi incwadi elondolozayo
بَلْ كَذَّبُوا بِالْحَقِّ لَمَّا جَاءَهُمْ فَهُمْ فِي أَمْرٍ مَّرِيجٍ (5)
Kepha baliphika iqiniso ngenkathi lifika kubona, ngakho-ke bona basesimweni esididayo
أَفَلَمْ يَنظُرُوا إِلَى السَّمَاءِ فَوْقَهُمْ كَيْفَ بَنَيْنَاهَا وَزَيَّنَّاهَا وَمَا لَهَا مِن فُرُوجٍ (6)
Ngakube ababheki yini esibhakabhakeni ngaphezulu kwabo ukuthi sasakha kanjani futhi sasenza sabukeka sisihle futhi asinayo imifantu
وَالْأَرْضَ مَدَدْنَاهَا وَأَلْقَيْنَا فِيهَا رَوَاسِيَ وَأَنبَتْنَا فِيهَا مِن كُلِّ زَوْجٍ بَهِيجٍ (7)
Nomhlaba sawendlala futhi sabeka kuwona izintaba futhi samilisa kuwona zonke izinhlobo zezithelo nemithi ngambili
تَبْصِرَةً وَذِكْرَىٰ لِكُلِّ عَبْدٍ مُّنِيبٍ (8)
Ukubona nesikhumbuzo kuleyo naleyo nceku ephendukela kuMvelinqangi ngokuzisola
وَنَزَّلْنَا مِنَ السَّمَاءِ مَاءً مُّبَارَكًا فَأَنبَتْنَا بِهِ جَنَّاتٍ وَحَبَّ الْحَصِيدِ (9)
Futhi sawehlisela phansi amanzi avela esibhakabhakeni abusisekile sabe sesenza ngawo ukuthi kumile izivande nohlamvu lokuvunwayo
وَالنَّخْلَ بَاسِقَاتٍ لَّهَا طَلْعٌ نَّضِيدٌ (10)
Nezihlahla ezinde zesundu ezinezixheke ezilekene ezivuthiwe
رِّزْقًا لِّلْعِبَادِ ۖ وَأَحْيَيْنَا بِهِ بَلْدَةً مَّيْتًا ۚ كَذَٰلِكَ الْخُرُوجُ (11)
Isabelo sezinceku (zikaMvelinqangi) futhi saphilisa ngawo (amanzi) izwe elifile kunjalo ukuphuma (ukuvuka kwabafileyo)
كَذَّبَتْ قَبْلَهُمْ قَوْمُ نُوحٍ وَأَصْحَابُ الرَّسِّ وَثَمُودُ (12)
Baphika ngaphambilini kwabo abantu baNowa nezihlali zaseRass nezaseThamud
وَعَادٌ وَفِرْعَوْنُ وَإِخْوَانُ لُوطٍ (13)
No A’d noFaro kanye nabafowabo ka-Lothi
وَأَصْحَابُ الْأَيْكَةِ وَقَوْمُ تُبَّعٍ ۚ كُلٌّ كَذَّبَ الرُّسُلَ فَحَقَّ وَعِيدِ (14)
Nezihlali zase-Aykah kanye nabantu baseTubba, bonke babeziphika izithunywa ngakho-ke yabe seyiyagcwaliseka insongo yami
أَفَعَيِينَا بِالْخَلْقِ الْأَوَّلِ ۚ بَلْ هُمْ فِي لَبْسٍ مِّنْ خَلْقٍ جَدِيدٍ (15)
Ngakube sehluleka yini endaweni yokuqala? Kepha bona basekudidekeni ngendawo entsha
وَلَقَدْ خَلَقْنَا الْإِنسَانَ وَنَعْلَمُ مَا تُوَسْوِسُ بِهِ نَفْسُهُ ۖ وَنَحْنُ أَقْرَبُ إِلَيْهِ مِنْ حَبْلِ الْوَرِيدِ (16)
Futhingempelasamudalaumuntufuthisakwazilokhoubuyena obuhleba ngakho kuyena futhi thina sisondele kakhulu kuyena kunomthambo (wakhe) omkhulu osentanyeni
إِذْ يَتَلَقَّى الْمُتَلَقِّيَانِ عَنِ الْيَمِينِ وَعَنِ الشِّمَالِ قَعِيدٌ (17)
Ngenkathi abemukeli ababili (izingelosi) bemukela behleli omunye ngakwesokudla omunye ngakwesobunxele
مَّا يَلْفِظُ مِن قَوْلٍ إِلَّا لَدَيْهِ رَقِيبٌ عَتِيدٌ (18)
Akaliphimisi igama ngaphandle kokuthi eduzane naye kunomalusi (umqaphi) olindile
وَجَاءَتْ سَكْرَةُ الْمَوْتِ بِالْحَقِّ ۖ ذَٰلِكَ مَا كُنتَ مِنْهُ تَحِيدُ (19)
Futhi ukudalwa kokufa kuyofika ngeqiniso, lokho kuyilokho wena owawuzama ukukugwema
وَنُفِخَ فِي الصُّورِ ۚ ذَٰلِكَ يَوْمُ الْوَعِيدِ (20)
Futhi icilongo liyofuthwa, lolo wusuku lwensongo
وَجَاءَتْ كُلُّ نَفْسٍ مَّعَهَا سَائِقٌ وَشَهِيدٌ (21)
Futhi lowo nalowo mphefumulo uyoza kanye nomshayeli nofakazi
لَّقَدْ كُنتَ فِي غَفْلَةٍ مِّنْ هَٰذَا فَكَشَفْنَا عَنكَ غِطَاءَكَ فَبَصَرُكَ الْيَوْمَ حَدِيدٌ (22)
Ngempela wawungakunakile lokho, ngakho-ke sisisusile kuwena isembozo sakho futhi ukubona kwakho namhlanje kubukhali
وَقَالَ قَرِينُهُ هَٰذَا مَا لَدَيَّ عَتِيدٌ (23)
Futhi okanye naye (ingelosi) iyothi, “nakhu lokhu okukanye nami kulungile
أَلْقِيَا فِي جَهَنَّمَ كُلَّ كَفَّارٍ عَنِيدٍ (24)
(UMvelinqangi uyothi ezingelosini) nobabili phonsani esihogweni lowo nalowo ongakholwa onenkani
مَّنَّاعٍ لِّلْخَيْرِ مُعْتَدٍ مُّرِيبٍ (25)
Umenqabeli wokuhle, umephuli womthetho umngabazi
الَّذِي جَعَلَ مَعَ اللَّهِ إِلَٰهًا آخَرَ فَأَلْقِيَاهُ فِي الْعَذَابِ الشَّدِيدِ (26)
Lowo obeka omunye unkulunkulu kanye noMvelinqangi ngakho-ke nobabili muphonseni esijezisweni esinzima
۞ قَالَ قَرِينُهُ رَبَّنَا مَا أَطْغَيْتُهُ وَلَٰكِن كَانَ فِي ضَلَالٍ بَعِيدٍ (27)
Okanye naye uyothi, “Nkosi yethu angizange ngimdukise kepha wayesekudukeni okukude”
قَالَ لَا تَخْتَصِمُوا لَدَيَّ وَقَدْ قَدَّمْتُ إِلَيْكُم بِالْوَعِيدِ (28)
Uyothi, “musani ukuphikisana ngaphambili kwami kulapho sengasidlulisela kunina isexwayiso”
مَا يُبَدَّلُ الْقَوْلُ لَدَيَّ وَمَا أَنَا بِظَلَّامٍ لِّلْعَبِيدِ (29)
Ayiguqulwa inkulumo lapha kumina futhi mina angisiyena ongenabo ubulungiswa ezincekwini
يَوْمَ نَقُولُ لِجَهَنَّمَ هَلِ امْتَلَأْتِ وَتَقُولُ هَلْ مِن مَّزِيدٍ (30)
Ngosuku khumbula lapho sithi esihogweni, “ngakube ugcwele yini na?” Siyothi (isihogo) “ngakube bakhona yini abanye)”
وَأُزْلِفَتِ الْجَنَّةُ لِلْمُتَّقِينَ غَيْرَ بَعِيدٍ (31)
Futhi siyosondezwa isivande (kulabo) abagwema okubi hayi kude
هَٰذَا مَا تُوعَدُونَ لِكُلِّ أَوَّابٍ حَفِيظٍ (32)
Lokhu kuyilokhu enethenjiswa kona – kulowo nalowo ophendukela (kuMvelinqangi) ogcina isethembiso
مَّنْ خَشِيَ الرَّحْمَٰنَ بِالْغَيْبِ وَجَاءَ بِقَلْبٍ مُّنِيبٍ (33)
Lowo omesabayo onomusa ngasese futhi ozoza nenhliziyo yokuzisola
ادْخُلُوهَا بِسَلَامٍ ۖ ذَٰلِكَ يَوْمُ الْخُلُودِ (34)
Ngenani kusona ngokuthula lolu wusuku lwangunaphakade
لَهُم مَّا يَشَاءُونَ فِيهَا وَلَدَيْنَا مَزِيدٌ (35)
Okwabo lapho phakathi yilokho abakufisayo futhi kuthina kunokungaphezulu
وَكَمْ أَهْلَكْنَا قَبْلَهُم مِّن قَرْنٍ هُمْ أَشَدُّ مِنْهُم بَطْشًا فَنَقَّبُوا فِي الْبِلَادِ هَلْ مِن مَّحِيصٍ (36)
Futhi zingaki izizukulwane esazibhubhisa ngaphambilini kwabo zona zazinamandla amakhulu ngaphezulu kwabo futhi zazihamba emhlabeni ngakube ikhona yini indawo yokuphephela
إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَذِكْرَىٰ لِمَن كَانَ لَهُ قَلْبٌ أَوْ أَلْقَى السَّمْعَ وَهُوَ شَهِيدٌ (37)
Ngempela kulokho kunesikhumbuzo kunoma ngabe ngubani onenhliziyo noma onika ukuzwa kulapho yena engufakazi
وَلَقَدْ خَلَقْنَا السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضَ وَمَا بَيْنَهُمَا فِي سِتَّةِ أَيَّامٍ وَمَا مَسَّنَا مِن لُّغُوبٍ (38)
Futhi ngempela sawadala amazulu nomhlaba nakho konke okuphakathi kwako kokubili ezinsukwini eziyisithupha futhi akuzange kusithinte ukukhathala
فَاصْبِرْ عَلَىٰ مَا يَقُولُونَ وَسَبِّحْ بِحَمْدِ رَبِّكَ قَبْلَ طُلُوعِ الشَّمْسِ وَقَبْلَ الْغُرُوبِ (39)
Ngakho-ke kubekezelele lokho abakushoyo futhi ugubhe indumiso yeNkosi yakho ngaphambili kokukhuphuka kwelanga nangaphambili kokushona (kwelanga)
وَمِنَ اللَّيْلِ فَسَبِّحْهُ وَأَدْبَارَ السُّجُودِ (40)
Nasebusuku yidumise nangemumva kokuwa phansi niguqa
وَاسْتَمِعْ يَوْمَ يُنَادِ الْمُنَادِ مِن مَّكَانٍ قَرِيبٍ (41)
Futhi lalela ngosuku lapho ummemezi ememeza endaweni eseduze
يَوْمَ يَسْمَعُونَ الصَّيْحَةَ بِالْحَقِّ ۚ ذَٰلِكَ يَوْمُ الْخُرُوجِ (42)
Usuku lapho beyobe bezwa umsindo (ukukhaliswa kwecilongo) kweqiniso lolo kuyoba wusuku emathuneni
إِنَّا نَحْنُ نُحْيِي وَنُمِيتُ وَإِلَيْنَا الْمَصِيرُ (43)
Ngempela thina siyaphilisa futhi siyabulala futhi kukuthina ukubuyela kokugcina
يَوْمَ تَشَقَّقُ الْأَرْضُ عَنْهُمْ سِرَاعًا ۚ ذَٰلِكَ حَشْرٌ عَلَيْنَا يَسِيرٌ (44)
Usuku lapho umhlaba uyodabuka usuke kubona ngokushesha lokho kuqoqa kuthina kulula
نَّحْنُ أَعْلَمُ بِمَا يَقُولُونَ ۖ وَمَا أَنتَ عَلَيْهِم بِجَبَّارٍ ۖ فَذَكِّرْ بِالْقُرْآنِ مَن يَخَافُ وَعِيدِ (45)
Thina sikwazi kangcono lokho abakushoyo futhi wena awusiyena umphoqi kubona, ngakho-ke khumbuza ngeQur’an lowo owesaba ukusonga kwami
❮ Previous Next ❯

Surahs from Quran :

1- Fatiha2- Baqarah
3- Al Imran4- Nisa
5- Maidah6- Anam
7- Araf8- Anfal
9- Tawbah10- Yunus
11- Hud12- Yusuf
13- Raad14- Ibrahim
15- Hijr16- Nahl
17- Al Isra18- Kahf
19- Maryam20- TaHa
21- Anbiya22- Hajj
23- Muminun24- An Nur
25- Furqan26- Shuara
27- Naml28- Qasas
29- Ankabut30- Rum
31- Luqman32- Sajdah
33- Ahzab34- Saba
35- Fatir36- Yasin
37- Assaaffat38- Sad
39- Zumar40- Ghafir
41- Fussilat42- shura
43- Zukhruf44- Ad Dukhaan
45- Jathiyah46- Ahqaf
47- Muhammad48- Al Fath
49- Hujurat50- Qaf
51- zariyat52- Tur
53- Najm54- Al Qamar
55- Rahman56- Waqiah
57- Hadid58- Mujadilah
59- Al Hashr60- Mumtahina
61- Saff62- Jumuah
63- Munafiqun64- Taghabun
65- Talaq66- Tahrim
67- Mulk68- Qalam
69- Al-Haqqah70- Maarij
71- Nuh72- Jinn
73- Muzammil74- Muddathir
75- Qiyamah76- Insan
77- Mursalat78- An Naba
79- Naziat80- Abasa
81- Takwir82- Infitar
83- Mutaffifin84- Inshiqaq
85- Buruj86- Tariq
87- Al Ala88- Ghashiya
89- Fajr90- Al Balad
91- Shams92- Lail
93- Duha94- Sharh
95- Tin96- Al Alaq
97- Qadr98- Bayyinah
99- Zalzalah100- Adiyat
101- Qariah102- Takathur
103- Al Asr104- Humazah
105- Al Fil106- Quraysh
107- Maun108- Kawthar
109- Kafirun110- Nasr
111- Masad112- Ikhlas
113- Falaq114- An Nas