×

Surah Al-Hadid in Zulu

Quran Zulu ⮕ Surah Hadid

Translation of the Meanings of Surah Hadid in Zulu - الزولو

The Quran in Zulu - Surah Hadid translated into Zulu, Surah Al-Hadid in Zulu. We provide accurate translation of Surah Hadid in Zulu - الزولو, Verses 29 - Surah Number 57 - Page 537.

بسم الله الرحمن الرحيم

سَبَّحَ لِلَّهِ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۖ وَهُوَ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ (1)
KudumisauMvelinqangikonkeokusemazulwininasemhlabeni futhi yena uphakeme ngamandla unobuhlakani
لَهُ مُلْكُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۖ يُحْيِي وَيُمِيتُ ۖ وَهُوَ عَلَىٰ كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ (2)
Ungowakhe umbuso wamazulu nomhlaba uyaphilisa futhi uyabulala futhi yena wenza zonke izinto
هُوَ الْأَوَّلُ وَالْآخِرُ وَالظَّاهِرُ وَالْبَاطِنُ ۖ وَهُوَ بِكُلِّ شَيْءٍ عَلِيمٌ (3)
Yena ungowokuqala nowokugcina nosobala nosithele futhi yena uyisazi sazozonke izinto
هُوَ الَّذِي خَلَقَ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضَ فِي سِتَّةِ أَيَّامٍ ثُمَّ اسْتَوَىٰ عَلَى الْعَرْشِ ۚ يَعْلَمُ مَا يَلِجُ فِي الْأَرْضِ وَمَا يَخْرُجُ مِنْهَا وَمَا يَنزِلُ مِنَ السَّمَاءِ وَمَا يَعْرُجُ فِيهَا ۖ وَهُوَ مَعَكُمْ أَيْنَ مَا كُنتُمْ ۚ وَاللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ بَصِيرٌ (4)
Nguyena owadala amazulu nomhlaba ezinsukwini eziyisithupha wayesezibeka esihlalweni sobukhosi, wazi konke okungena emhlabeni nakho konke okuphuma kuwona kanye nakho konke okwehlela phansi okuphuma ezulwini nakho konke okunyukela khona futhi yena ukanye nani noma ngabe yikuphi lapho nikhona futhi uMvelinqangi uyakubona lokho enikwenzayo
لَّهُ مُلْكُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۚ وَإِلَى اللَّهِ تُرْجَعُ الْأُمُورُ (5)
Ungowakhe umbuso wamazulu nomhlaba futhi ikuMvelinqangi lapho zibuyiselwa khona izindaba
يُولِجُ اللَّيْلَ فِي النَّهَارِ وَيُولِجُ النَّهَارَ فِي اللَّيْلِ ۚ وَهُوَ عَلِيمٌ بِذَاتِ الصُّدُورِ (6)
Wenza ukuthi ubusuku bungenele emini futhi wenza ukuthi imini ingenele ebusuku futhi yena uyakwazi lokho okusezifubeni
آمِنُوا بِاللَّهِ وَرَسُولِهِ وَأَنفِقُوا مِمَّا جَعَلَكُم مُّسْتَخْلَفِينَ فِيهِ ۖ فَالَّذِينَ آمَنُوا مِنكُمْ وَأَنفَقُوا لَهُمْ أَجْرٌ كَبِيرٌ (7)
Kholwani kuMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi nisebenzise kulokho anenza naba abalandelayo kukona, kepha labo abakholwayo phakathi kwenu futhi abasebenzisayo (abanikelayo) okwabo ngumvuzo omkhulu
وَمَا لَكُمْ لَا تُؤْمِنُونَ بِاللَّهِ ۙ وَالرَّسُولُ يَدْعُوكُمْ لِتُؤْمِنُوا بِرَبِّكُمْ وَقَدْ أَخَذَ مِيثَاقَكُمْ إِن كُنتُم مُّؤْمِنِينَ (8)
Futhi kungani ningakholelwa kuMvelinqangi kanti isithunywa sinimemela ekukholelweni eNkosini yenu futhi yasithatha isivumelwano senu uma kungukuthi nina ningamakholwa
هُوَ الَّذِي يُنَزِّلُ عَلَىٰ عَبْدِهِ آيَاتٍ بَيِّنَاتٍ لِّيُخْرِجَكُم مِّنَ الظُّلُمَاتِ إِلَى النُّورِ ۚ وَإِنَّ اللَّهَ بِكُمْ لَرَءُوفٌ رَّحِيمٌ (9)
Yena uyilowo owehlisela phezulu kwenceku yakhe amavesi acacile ukuze anikhiphe ebumnyameni aniyise ekukhanyeni futhi ngempela uMvelinqangi ngani umnene unesihawu
وَمَا لَكُمْ أَلَّا تُنفِقُوا فِي سَبِيلِ اللَّهِ وَلِلَّهِ مِيرَاثُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۚ لَا يَسْتَوِي مِنكُم مَّنْ أَنفَقَ مِن قَبْلِ الْفَتْحِ وَقَاتَلَ ۚ أُولَٰئِكَ أَعْظَمُ دَرَجَةً مِّنَ الَّذِينَ أَنفَقُوا مِن بَعْدُ وَقَاتَلُوا ۚ وَكُلًّا وَعَدَ اللَّهُ الْحُسْنَىٰ ۚ وَاللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ خَبِيرٌ (10)
Futhi kungani ningasebenzisi endleleni kaMvelinqangi futhi ngelikaMvelinqangi ifa lamazulu nomhlaba abalingani phakathi kwenu laba abasebenzisa ngaphambili kokunqoba futhi balwa, labo bakhulu kakhulu ngezinga kunalabo abasebenzisa ngamumva futhi balwa, futhi uMvelinqangi uyakwazi lokho enikwenzayo
مَّن ذَا الَّذِي يُقْرِضُ اللَّهَ قَرْضًا حَسَنًا فَيُضَاعِفَهُ لَهُ وَلَهُ أَجْرٌ كَرِيمٌ (11)
Ngubani lowo ongaboleka uMvelinqangi ukuboleka okuhle ukuzeamphindelekonakabilibeseebanomvuzoohloniphekile
يَوْمَ تَرَى الْمُؤْمِنِينَ وَالْمُؤْمِنَاتِ يَسْعَىٰ نُورُهُم بَيْنَ أَيْدِيهِمْ وَبِأَيْمَانِهِم بُشْرَاكُمُ الْيَوْمَ جَنَّاتٌ تَجْرِي مِن تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ خَالِدِينَ فِيهَا ۚ ذَٰلِكَ هُوَ الْفَوْزُ الْعَظِيمُ (12)
Khumbula ngosuku uyobona abesilisa abakholwayo nabesifazane abakholwayo ukukhanya kwabo kuhamba ngaphambili kwabo futhi ngakwezokunene zabo izindaba zenu ezinhle namhlanje yizivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula bayohlala khona ingunaphakade lokho ukuphumelela okukhulu
يَوْمَ يَقُولُ الْمُنَافِقُونَ وَالْمُنَافِقَاتُ لِلَّذِينَ آمَنُوا انظُرُونَا نَقْتَبِسْ مِن نُّورِكُمْ قِيلَ ارْجِعُوا وَرَاءَكُمْ فَالْتَمِسُوا نُورًا فَضُرِبَ بَيْنَهُم بِسُورٍ لَّهُ بَابٌ بَاطِنُهُ فِيهِ الرَّحْمَةُ وَظَاهِرُهُ مِن قِبَلِهِ الْعَذَابُ (13)
Ngosuku lapho abazenzisi besilisa nabazenzisi besifazane beyothi kulabo abakholwayo “silindeni ukuze sithole okokukhanya kwenu” kuyothiwa “phindelani emumva ngemumva kwenu bese nifuna ukukhanya” manjalo kuyobekwa udonga phakathi kwabo olunesango ngaphakathi, ngaphakathi kunomusa kepha ngaphandle kwalo kunesijeziso
يُنَادُونَهُمْ أَلَمْ نَكُن مَّعَكُمْ ۖ قَالُوا بَلَىٰ وَلَٰكِنَّكُمْ فَتَنتُمْ أَنفُسَكُمْ وَتَرَبَّصْتُمْ وَارْتَبْتُمْ وَغَرَّتْكُمُ الْأَمَانِيُّ حَتَّىٰ جَاءَ أَمْرُ اللَّهِ وَغَرَّكُم بِاللَّهِ الْغَرُورُ (14)
Bayobamemeza (abangakholwanga bathi), “sasingeve yini sikanye nani?” bayothi, “yebo kepha nina naniyilinga imiphefumulo yenu futhi nalinda nangabaza kanye nemicabango eyanikhohlisa kwaze kwafika impoqo kaMvelinqangi futhi wanikhohlisa ngoMvelinqangi umkhohlisi (ongusathane)”
فَالْيَوْمَ لَا يُؤْخَذُ مِنكُمْ فِدْيَةٌ وَلَا مِنَ الَّذِينَ كَفَرُوا ۚ مَأْوَاكُمُ النَّارُ ۖ هِيَ مَوْلَاكُمْ ۖ وَبِئْسَ الْمَصِيرُ (15)
Manjalo kulolusuku angeke yamukelwe kunina inhlengo futhi angeke (yamukelwe) kulabo abangakholwanga, indawo yenu yokuhlala umlilo wona ungumngane wenu futhi kubi lapho kuyiwa khona
۞ أَلَمْ يَأْنِ لِلَّذِينَ آمَنُوا أَن تَخْشَعَ قُلُوبُهُمْ لِذِكْرِ اللَّهِ وَمَا نَزَلَ مِنَ الْحَقِّ وَلَا يَكُونُوا كَالَّذِينَ أُوتُوا الْكِتَابَ مِن قَبْلُ فَطَالَ عَلَيْهِمُ الْأَمَدُ فَقَسَتْ قُلُوبُهُمْ ۖ وَكَثِيرٌ مِّنْهُمْ فَاسِقُونَ (16)
Asikafiki yini isikhathi kulabo abakholwayo sokuthi izinhliziyo zabo zithobele isikhumbuzo sikaMvelinqangi kanye nalokho okwehlela phansi okuyiqiniso (okwambuliwe) futhi abangabi njengalabo ababenikezwe incwadi ngaphambilini futhi belulelwa isikhathi, manjalo zabalukhuni izinhliziyo zabo futhi iningi labo izephulamthetho
اعْلَمُوا أَنَّ اللَّهَ يُحْيِي الْأَرْضَ بَعْدَ مَوْتِهَا ۚ قَدْ بَيَّنَّا لَكُمُ الْآيَاتِ لَعَلَّكُمْ تَعْقِلُونَ (17)
Yazini ukuthi uMvelinqangi uphilisa umhlaba emva kokufa kwawo, sazenza zacaca kunina izimpawu ukuze niqonde
إِنَّ الْمُصَّدِّقِينَ وَالْمُصَّدِّقَاتِ وَأَقْرَضُوا اللَّهَ قَرْضًا حَسَنًا يُضَاعَفُ لَهُمْ وَلَهُمْ أَجْرٌ كَرِيمٌ (18)
Ngempela abesilisa abaneqiniso nabesifazane abaneqiniso futhi baboleka uMvelinqangi ukuboleka okuhle bayophindelwa kabili futhi okwabo ngumvuzo ohloniphekile
وَالَّذِينَ آمَنُوا بِاللَّهِ وَرُسُلِهِ أُولَٰئِكَ هُمُ الصِّدِّيقُونَ ۖ وَالشُّهَدَاءُ عِندَ رَبِّهِمْ لَهُمْ أَجْرُهُمْ وَنُورُهُمْ ۖ وَالَّذِينَ كَفَرُوا وَكَذَّبُوا بِآيَاتِنَا أُولَٰئِكَ أَصْحَابُ الْجَحِيمِ (19)
Futhi labo abakholwa kuMvelinqangi nesithunywa sakhe labo ngabaneqiniso kanye nabafela ukholo baseduzane neNkosi yabo okwabo ngumvuzo wabo kanye nokukhanya kwabo, kepha labo abangakholwa futhi abawaphika amavesi ethu labo bangabangane bomlilo ovuthayo
اعْلَمُوا أَنَّمَا الْحَيَاةُ الدُّنْيَا لَعِبٌ وَلَهْوٌ وَزِينَةٌ وَتَفَاخُرٌ بَيْنَكُمْ وَتَكَاثُرٌ فِي الْأَمْوَالِ وَالْأَوْلَادِ ۖ كَمَثَلِ غَيْثٍ أَعْجَبَ الْكُفَّارَ نَبَاتُهُ ثُمَّ يَهِيجُ فَتَرَاهُ مُصْفَرًّا ثُمَّ يَكُونُ حُطَامًا ۖ وَفِي الْآخِرَةِ عَذَابٌ شَدِيدٌ وَمَغْفِرَةٌ مِّنَ اللَّهِ وَرِضْوَانٌ ۚ وَمَا الْحَيَاةُ الدُّنْيَا إِلَّا مَتَاعُ الْغُرُورِ (20)
Yazini ukuthi impilo yalomhlaba ingumdlalo nenjabulo nobuhle nokuzikhukhumeza phakathi kwenu nokuqhudelana mayelana nengcebo nezingane njengemvula okumilayo kwayo kujabulisa abalimi bese kuyoma ukubone kuphenduka kubaphuzi besekubayimfucumfucu futhi empilweni ezayo kunesijeziso esinzima nentethelelo evela kuMvelinqangi nenjabulo futhi ayiyilutho impilo yalomhlaba ngaphandle kwenjabulo eyinkohliso
سَابِقُوا إِلَىٰ مَغْفِرَةٍ مِّن رَّبِّكُمْ وَجَنَّةٍ عَرْضُهَا كَعَرْضِ السَّمَاءِ وَالْأَرْضِ أُعِدَّتْ لِلَّذِينَ آمَنُوا بِاللَّهِ وَرُسُلِهِ ۚ ذَٰلِكَ فَضْلُ اللَّهِ يُؤْتِيهِ مَن يَشَاءُ ۚ وَاللَّهُ ذُو الْفَضْلِ الْعَظِيمِ (21)
Ncintisanani entethelelweni evela eNkosini yenu nasesivandeni ububanzi baso bunjengobubanzi bezulu nomhlaba silungiselelwe labo abakholwa kuMvelinqangi nesithumywa sakhe, lowo ngumusa kaMvelinqangi uwunika lowo amthandayo futhi uMvelinqangi unomusa omkhulu
مَا أَصَابَ مِن مُّصِيبَةٍ فِي الْأَرْضِ وَلَا فِي أَنفُسِكُمْ إِلَّا فِي كِتَابٍ مِّن قَبْلِ أَن نَّبْرَأَهَا ۚ إِنَّ ذَٰلِكَ عَلَى اللَّهِ يَسِيرٌ (22)
Asikho isenzakalo esenzakalayo emhlabeni ngisho nasemiphefumulweni yenu ngaphandle kokuthi sisencwadini ngaphambili kokuba sisiveze, ngempela lokho kuMvelinqangi kulula
لِّكَيْلَا تَأْسَوْا عَلَىٰ مَا فَاتَكُمْ وَلَا تَفْرَحُوا بِمَا آتَاكُمْ ۗ وَاللَّهُ لَا يُحِبُّ كُلَّ مُخْتَالٍ فَخُورٍ (23)
Ukuze ningabi usizi ngalokho okwaniphunyuka futhi ningajabuli ngalokho aninika kona, futhi uMvelinqangi akabathandi bonke abaziqhenyayo abazigabisayo
الَّذِينَ يَبْخَلُونَ وَيَأْمُرُونَ النَّاسَ بِالْبُخْلِ ۗ وَمَن يَتَوَلَّ فَإِنَّ اللَّهَ هُوَ الْغَنِيُّ الْحَمِيدُ (24)
Labo abancishanayo bayalele abantu ngokuncishana futhi noma ngabe ngubani ofulathelayo, manjalo ngempela uMvelinqangi yena akadingi lutho ungodunyiswayo
لَقَدْ أَرْسَلْنَا رُسُلَنَا بِالْبَيِّنَاتِ وَأَنزَلْنَا مَعَهُمُ الْكِتَابَ وَالْمِيزَانَ لِيَقُومَ النَّاسُ بِالْقِسْطِ ۖ وَأَنزَلْنَا الْحَدِيدَ فِيهِ بَأْسٌ شَدِيدٌ وَمَنَافِعُ لِلنَّاسِ وَلِيَعْلَمَ اللَّهُ مَن يَنصُرُهُ وَرُسُلَهُ بِالْغَيْبِ ۚ إِنَّ اللَّهَ قَوِيٌّ عَزِيزٌ (25)
Ngempela sazithumela izithunywa zethu namavesi acacile futhi sehlisela phansi kanye nabo incwadi kanye nesilinganiso ukuze abantu benze ubulungiswa futhi sehlisela phansi insimbi kuyona kunamandla amakhulu kanye nezinzuzo zabantu futhi ukuze amazi uMvelinqangi lowo omsizayo (ngokumkhonza) nesithunywa sakhe engabonwa, ngempela uMvelinqangi uqatha, uphakeme ngamandla
وَلَقَدْ أَرْسَلْنَا نُوحًا وَإِبْرَاهِيمَ وَجَعَلْنَا فِي ذُرِّيَّتِهِمَا النُّبُوَّةَ وَالْكِتَابَ ۖ فَمِنْهُم مُّهْتَدٍ ۖ وَكَثِيرٌ مِّنْهُمْ فَاسِقُونَ (26)
Futhi ngempela samthumela uNowa no-Abrahamu futhi sabeka ezizukulwaneni zabo bobabili ubuphrofethi nencwadi manjalo phakathi kwabo kunalabo abaholelekile (endleleni eqondile) kepha iningi labo izephulamthetho
ثُمَّ قَفَّيْنَا عَلَىٰ آثَارِهِم بِرُسُلِنَا وَقَفَّيْنَا بِعِيسَى ابْنِ مَرْيَمَ وَآتَيْنَاهُ الْإِنجِيلَ وَجَعَلْنَا فِي قُلُوبِ الَّذِينَ اتَّبَعُوهُ رَأْفَةً وَرَحْمَةً وَرَهْبَانِيَّةً ابْتَدَعُوهَا مَا كَتَبْنَاهَا عَلَيْهِمْ إِلَّا ابْتِغَاءَ رِضْوَانِ اللَّهِ فَمَا رَعَوْهَا حَقَّ رِعَايَتِهَا ۖ فَآتَيْنَا الَّذِينَ آمَنُوا مِنْهُمْ أَجْرَهُمْ ۖ وَكَثِيرٌ مِّنْهُمْ فَاسِقُونَ (27)
Manjalo sazenza izithunywa zethu ukuthi zilandele ezinyathelweni zabo futhi salandelisa ngoJesu indodana kaMaryam (Mariya) samnika i-Injil (iVangeli) futhi safaka ezinhliziyweni zalabo abamlandela ububele nomusa nobuzindela (ubuRoma) abazenzela bona asibenzelanga bona ngaphandle kokufuna injabulo nomusa kaMvelinqangi, kepha abazange babugcine ngendlela obugcinwa ngayo, ngakho-ke sabanika labo abakholwayo phakathi kwabo umvuzo wabo, kepha iningi labo liyizephulamthetho
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا اتَّقُوا اللَّهَ وَآمِنُوا بِرَسُولِهِ يُؤْتِكُمْ كِفْلَيْنِ مِن رَّحْمَتِهِ وَيَجْعَل لَّكُمْ نُورًا تَمْشُونَ بِهِ وَيَغْفِرْ لَكُمْ ۚ وَاللَّهُ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (28)
Oh nina enikholwayo! Yesabani uMvelinqangi futhi nikholwe yisithunywa sakhe uzoninika izingxenye ezimbili emseni wakhe bese enibekela ukukhanya enizohamba kukona futhi anithethelele, futhi uMvelinqangi ungothethelelayo onesihawu
لِّئَلَّا يَعْلَمَ أَهْلُ الْكِتَابِ أَلَّا يَقْدِرُونَ عَلَىٰ شَيْءٍ مِّن فَضْلِ اللَّهِ ۙ وَأَنَّ الْفَضْلَ بِيَدِ اللَّهِ يُؤْتِيهِ مَن يَشَاءُ ۚ وَاللَّهُ ذُو الْفَضْلِ الْعَظِيمِ (29)
Ukuze abantu bencwadi bazi ukuthi abakwazi ukwenza lutho emseni kaMvelinqangi nokuthi umusa usesandleni sikaMvelinqangi uwunika lowo amthandayo futhi uMvelinqangi unomusa omkhulu
❮ Previous Next ❯

Surahs from Quran :

1- Fatiha2- Baqarah
3- Al Imran4- Nisa
5- Maidah6- Anam
7- Araf8- Anfal
9- Tawbah10- Yunus
11- Hud12- Yusuf
13- Raad14- Ibrahim
15- Hijr16- Nahl
17- Al Isra18- Kahf
19- Maryam20- TaHa
21- Anbiya22- Hajj
23- Muminun24- An Nur
25- Furqan26- Shuara
27- Naml28- Qasas
29- Ankabut30- Rum
31- Luqman32- Sajdah
33- Ahzab34- Saba
35- Fatir36- Yasin
37- Assaaffat38- Sad
39- Zumar40- Ghafir
41- Fussilat42- shura
43- Zukhruf44- Ad Dukhaan
45- Jathiyah46- Ahqaf
47- Muhammad48- Al Fath
49- Hujurat50- Qaf
51- zariyat52- Tur
53- Najm54- Al Qamar
55- Rahman56- Waqiah
57- Hadid58- Mujadilah
59- Al Hashr60- Mumtahina
61- Saff62- Jumuah
63- Munafiqun64- Taghabun
65- Talaq66- Tahrim
67- Mulk68- Qalam
69- Al-Haqqah70- Maarij
71- Nuh72- Jinn
73- Muzammil74- Muddathir
75- Qiyamah76- Insan
77- Mursalat78- An Naba
79- Naziat80- Abasa
81- Takwir82- Infitar
83- Mutaffifin84- Inshiqaq
85- Buruj86- Tariq
87- Al Ala88- Ghashiya
89- Fajr90- Al Balad
91- Shams92- Lail
93- Duha94- Sharh
95- Tin96- Al Alaq
97- Qadr98- Bayyinah
99- Zalzalah100- Adiyat
101- Qariah102- Takathur
103- Al Asr104- Humazah
105- Al Fil106- Quraysh
107- Maun108- Kawthar
109- Kafirun110- Nasr
111- Masad112- Ikhlas
113- Falaq114- An Nas