| إِذَا وَقَعَتِ الْوَاقِعَةُ (1) Khumbula uma isehlakalo sehlakala
 | 
| لَيْسَ لِوَقْعَتِهَا كَاذِبَةٌ (2) Akusiwona amanga ukwehlakala kwaso
 | 
| خَافِضَةٌ رَّافِعَةٌ (3) Sehlisa (abanye) siphakamisa (abanye)
 | 
| إِذَا رُجَّتِ الْأَرْضُ رَجًّا (4) Khumbula lapho umhlaba unyakaziswa ngokuzamazama
 | 
| وَبُسَّتِ الْجِبَالُ بَسًّا (5) Nezintaba zibhidlizwa ziba wuthuli
 | 
| فَكَانَتْ هَبَاءً مُّنبَثًّا (6) Bese zibawuthuli olusaphazekile
 | 
| وَكُنتُمْ أَزْوَاجًا ثَلَاثَةً (7) Futhi naniyizigaba ezintathu
 | 
| فَأَصْحَابُ الْمَيْمَنَةِ مَا أَصْحَابُ الْمَيْمَنَةِ (8) Manjalo	abangane	bangakwesokudla,	yini	abangane bangakwesokudla
 | 
| وَأَصْحَابُ الْمَشْأَمَةِ مَا أَصْحَابُ الْمَشْأَمَةِ (9) Kanye	nabangane	bangakwesobunxele,	yini	abangane bangakwesobunxele
 | 
| وَالسَّابِقُونَ السَّابِقُونَ (10) Nabedlulelayo	(ekwenzeni	izenzo	ezinhle	kulomhlaba) bangabedlulelayo (empilweni ezayo)
 | 
| أُولَٰئِكَ الْمُقَرَّبُونَ (11) Labo bangabasondele (kuMvelinqangi)
 | 
| فِي جَنَّاتِ النَّعِيمِ (12) Bayongena ezivandeni zentokozo
 | 
| ثُلَّةٌ مِّنَ الْأَوَّلِينَ (13) Isixuku sabantu basendulo
 | 
| وَقَلِيلٌ مِّنَ الْآخِرِينَ (14) Kanye nabambalwa kwabangamumva
 | 
| عَلَىٰ سُرُرٍ مَّوْضُونَةٍ (15) Emibhedeni ephothwe ngegolide
 | 
| مُّتَّكِئِينَ عَلَيْهَا مُتَقَابِلِينَ (16) Becambalele phezulu kwayo bebhekene
 | 
| يَطُوفُ عَلَيْهِمْ وِلْدَانٌ مُّخَلَّدُونَ (17) Bayobazungeleza abafana bangunaphakade
 | 
| بِأَكْوَابٍ وَأَبَارِيقَ وَكَأْسٍ مِّن مَّعِينٍ (18) Nezinkomishi,	nabojeke	kanye	nezingilazi	zewayini eligobhozayo
 | 
| لَّا يُصَدَّعُونَ عَنْهَا وَلَا يُنزِفُونَ (19) Alibaphathisi ngekhanda futhi alibashintshi umqondo
 | 
| وَفَاكِهَةٍ مِّمَّا يَتَخَيَّرُونَ (20) Kanye nezithelo abakhetha kuzona
 | 
| وَلَحْمِ طَيْرٍ مِّمَّا يَشْتَهُونَ (21) Kanye nenyama yezinkukhu abayithandayo
 | 
| وَحُورٌ عِينٌ (22) Kanye nabesifazane abamhlophe abanamehlo amakhulu amahle
 | 
| كَأَمْثَالِ اللُّؤْلُؤِ الْمَكْنُونِ (23) Abafana njengobuhlalu obugciniwe
 | 
| جَزَاءً بِمَا كَانُوا يَعْمَلُونَ (24) Umvuzo ngenxa yalokho ababekwenza
 | 
| لَا يَسْمَعُونَ فِيهَا لَغْوًا وَلَا تَأْثِيمًا (25) Abayizwa lapho phakathi inkulumo eyize noma ukwenza isono
 | 
| إِلَّا قِيلًا سَلَامًا سَلَامًا (26) Ngaphandle kwesisho, “ukuthula! Ukuthula!”
 | 
| وَأَصْحَابُ الْيَمِينِ مَا أَصْحَابُ الْيَمِينِ (27) Futhi	abangane	bangakwesokudla	–	yini	abangane bangakwesokudla
 | 
| فِي سِدْرٍ مَّخْضُودٍ (28) Bayoba sezihlahleni zomlothi ezingenawo ameva
 | 
| وَطَلْحٍ مَّنضُودٍ (29) Nezihlahlai ezinezixheke (zezithelo)
 | 
| وَظِلٍّ مَّمْدُودٍ (30) Kanye nomthunzi owandisiwe (obanzi)
 | 
| وَمَاءٍ مَّسْكُوبٍ (31) Kanye namanzi agobhozayo
 | 
| وَفَاكِهَةٍ كَثِيرَةٍ (32) Kanye nezithelo eziningi
 | 
| لَّا مَقْطُوعَةٍ وَلَا مَمْنُوعَةٍ (33) Akunqamuki(ukubakhonakwazoizithelo) futhiazenqatshelwe (zitholakala kalula)
 | 
| وَفُرُشٍ مَّرْفُوعَةٍ (34) Nemibhede ephakanyisiwe
 | 
| إِنَّا أَنشَأْنَاهُنَّ إِنشَاءً (35) Ngempela thina (sabadala abesifazane basezulwini) ngendalo
 | 
| فَجَعَلْنَاهُنَّ أَبْكَارًا (36) Futhi sabenza baba ngabesifazane abamsulwa abangakaze bathintwe
 | 
| عُرُبًا أَتْرَابًا (37) Banothando bayalingana ngeminyaka
 | 
| لِّأَصْحَابِ الْيَمِينِ (38) Okwalabo abangakwesokudla
 | 
| ثُلَّةٌ مِّنَ الْأَوَّلِينَ (39) Iqembu labantu basendulo
 | 
| وَثُلَّةٌ مِّنَ الْآخِرِينَ (40) Kanye neqembu langamumva
 | 
| وَأَصْحَابُ الشِّمَالِ مَا أَصْحَابُ الشِّمَالِ (41) Futhi labo abangasesandleni sobunxele, yini abangane abangakwesobunxele
 | 
| فِي سَمُومٍ وَحَمِيمٍ (42) Bayongena emlilweni oshisayo nasemanzini abilayo
 | 
| وَظِلٍّ مِّن يَحْمُومٍ (43) Kanye nethunzi lentuthu emnyama
 | 
| لَّا بَارِدٍ وَلَا كَرِيمٍ (44) Elingapholile futhi elingajabulisi
 | 
| إِنَّهُمْ كَانُوا قَبْلَ ذَٰلِكَ مُتْرَفِينَ (45) Ngempela bona ngaphambilini kwalokho babephila impilo entofontofo
 | 
| وَكَانُوا يُصِرُّونَ عَلَى الْحِنثِ الْعَظِيمِ (46) Futhi babephikelela ezonweni ezinkulu
 | 
| وَكَانُوا يَقُولُونَ أَئِذَا مِتْنَا وَكُنَّا تُرَابًا وَعِظَامًا أَإِنَّا لَمَبْعُوثُونَ (47) Futhi babethi, “ngakube uma sesifile sabawuthuli namathambo ngempela siyobuye sivuswe kwabafileyo?”
 | 
| أَوَآبَاؤُنَا الْأَوَّلُونَ (48) Kanye nabokhokho bethu
 | 
| قُلْ إِنَّ الْأَوَّلِينَ وَالْآخِرِينَ (49) Ithi, “ngempela (bayovuswa kwabafileyo) abasemandulo kanye nabangamumva”
 | 
| لَمَجْمُوعُونَ إِلَىٰ مِيقَاتِ يَوْمٍ مَّعْلُومٍ (50) Ngempela bayoqoqelwa ndawonye (beqoqelwa) isikhathi sosuku olwaziwayo
 | 
| ثُمَّ إِنَّكُمْ أَيُّهَا الضَّالُّونَ الْمُكَذِّبُونَ (51) Manjalo, ngempela Oh Nina abaphambukayo abaphikayo
 | 
| لَآكِلُونَ مِن شَجَرٍ مِّن زَقُّومٍ (52) Ngempela nizodla esihlahleni sezaqum
 | 
| فَمَالِئُونَ مِنْهَا الْبُطُونَ (53) Manjalo, nigcwalise izisu (zenu) ngaso
 | 
| فَشَارِبُونَ عَلَيْهِ مِنَ الْحَمِيمِ (54) Bese niphuza phezulu kwaso amanzi abilayo
 | 
| فَشَارِبُونَ شُرْبَ الْهِيمِ (55) Niphuze njengokuphuza kwekameli elomile
 | 
| هَٰذَا نُزُلُهُمْ يَوْمَ الدِّينِ (56) Lokhu ukujatshuliswa kwabo ngosuku lokwahlulelwa
 | 
| نَحْنُ خَلَقْنَاكُمْ فَلَوْلَا تُصَدِّقُونَ (57) Thina sanidala, ngakho-ke kungani ningakholwa
 | 
| أَفَرَأَيْتُم مَّا تُمْنُونَ (58) Ngakube nikubonile yini lokho enikukhiphayo (ubudoda)
 | 
| أَأَنتُمْ تَخْلُقُونَهُ أَمْ نَحْنُ الْخَالِقُونَ (59) Ngakube yinina yini enikudalile noma yithina umdali
 | 
| نَحْنُ قَدَّرْنَا بَيْنَكُمُ الْمَوْتَ وَمَا نَحْنُ بِمَسْبُوقِينَ (60) Thina sakwenza ukufa phakathi kwenu futhi thina asedlulwa
 | 
| عَلَىٰ أَن نُّبَدِّلَ أَمْثَالَكُمْ وَنُنشِئَكُمْ فِي مَا لَا تَعْلَمُونَ (61) Ukuthi sikuguqule ukufana kwenu (silethe enye indalo esikhundleni senu) futhi sinidale nibe yilokho eningakwazi
 | 
| وَلَقَدْ عَلِمْتُمُ النَّشْأَةَ الْأُولَىٰ فَلَوْلَا تَذَكَّرُونَ (62) Futhi ngempela senikwazile ukudalwa kokuqala manjalo kungani ningakhumbuli
 | 
| أَفَرَأَيْتُم مَّا تَحْرُثُونَ (63) Ngakube nikubonile yini lokho enikutshalayo
 | 
| أَأَنتُمْ تَزْرَعُونَهُ أَمْ نَحْنُ الزَّارِعُونَ (64) Ngakube yinina enikwenza ukuthi kumile (kukhule) noma yithina ummilisi
 | 
| لَوْ نَشَاءُ لَجَعَلْنَاهُ حُطَامًا فَظَلْتُمْ تَفَكَّهُونَ (65) Ukube besithanda, besizokwenza kube wuthuli bese nina niyamangala (niyazisola)
 | 
| إِنَّا لَمُغْرَمُونَ (66) Ngempela thina sisesikweletini
 | 
| بَلْ نَحْنُ مَحْرُومُونَ (67) Kepha thina siphuciwe
 | 
| أَفَرَأَيْتُمُ الْمَاءَ الَّذِي تَشْرَبُونَ (68) Ngakube niwabonile yini amanzi eniwaphuzayo
 | 
| أَأَنتُمْ أَنزَلْتُمُوهُ مِنَ الْمُزْنِ أَمْ نَحْنُ الْمُنزِلُونَ (69) Ngakube yinina yini eniwahlisele phansi ephuma emafini noma yithina umehliseli phansi
 | 
| لَوْ نَشَاءُ جَعَلْنَاهُ أُجَاجًا فَلَوْلَا تَشْكُرُونَ (70) Ukube besithanda besizowenza abeduma (angaphuzeki) manjalo kungani ningabongi
 | 
| أَفَرَأَيْتُمُ النَّارَ الَّتِي تُورُونَ (71) Ngakube niwubonile yini umlilo eniwokhelayo
 | 
| أَأَنتُمْ أَنشَأْتُمْ شَجَرَتَهَا أَمْ نَحْنُ الْمُنشِئُونَ (72) Ngakube yinina yini enenza ukuthi kukhule izihlahla zawo (umhlaba) noma yithina umkhulisi
 | 
| نَحْنُ جَعَلْنَاهَا تَذْكِرَةً وَمَتَاعًا لِّلْمُقْوِينَ (73) Thina sawenza waba yisikhumbuzo kanye nosizo ezihlalini zasogwadule
 | 
| فَسَبِّحْ بِاسْمِ رَبِّكَ الْعَظِيمِ (74) Ngakho-ke dumisa igama leNkosi yakho enkulu kakhulu
 | 
| ۞ فَلَا أُقْسِمُ بِمَوَاقِعِ النُّجُومِ (75) Manjalo ngifunga ngokubekwa kwezinkanyezi
 | 
| وَإِنَّهُ لَقَسَمٌ لَّوْ تَعْلَمُونَ عَظِيمٌ (76) Futhi ngempela yisifungo esikhulu ukube benazi
 | 
| إِنَّهُ لَقُرْآنٌ كَرِيمٌ (77) Ngempela yona iyiQur’an ehloniphekile
 | 
| فِي كِتَابٍ مَّكْنُونٍ (78) Encwadini elondolozekile
 | 
| لَّا يَمَسُّهُ إِلَّا الْمُطَهَّرُونَ (79) Ayithintwa ngaphandle kwabamsulwa
 | 
| تَنزِيلٌ مِّن رَّبِّ الْعَالَمِينَ (80) Isambulo esivela eNkosini yemihlaba
 | 
| أَفَبِهَٰذَا الْحَدِيثِ أَنتُم مُّدْهِنُونَ (81) Ngakube yileNkulumo yini nina eningakholelwa kuyona
 | 
| وَتَجْعَلُونَ رِزْقَكُمْ أَنَّكُمْ تُكَذِّبُونَ (82) Futhi nenza isabelo senu ukuthi kube ukwenqaba kwenu
 | 
| فَلَوْلَا إِذَا بَلَغَتِ الْحُلْقُومَ (83) Manjalo kungani uma (umphefumulo uphuma) ufinyelela emninzweni
 | 
| وَأَنتُمْ حِينَئِذٍ تَنظُرُونَ (84) Futhi nina ngalesosikhathi nibhekile
 | 
| وَنَحْنُ أَقْرَبُ إِلَيْهِ مِنكُمْ وَلَٰكِن لَّا تُبْصِرُونَ (85) Futhi thina siseduzane kakhulu kuyena kunani kepha aniboni
 | 
| فَلَوْلَا إِن كُنتُمْ غَيْرَ مَدِينِينَ (86) Manjalo kungani ningenzi – uma kungukuthi nina angeke nehlulelwe
 | 
| تَرْجِعُونَهَا إِن كُنتُمْ صَادِقِينَ (87) Wubuyiseleni emumvaumakungukuthininaningabaneqiniso
 | 
| فَأَمَّا إِن كَانَ مِنَ الْمُقَرَّبِينَ (88) Manjalo uma wayengomunye wabasondezwe eduzane
 | 
| فَرَوْحٌ وَرَيْحَانٌ وَجَنَّتُ نَعِيمٍ (89) Manjalo ukuphumula nezabelo kanye nesivande senjabulo
 | 
| وَأَمَّا إِن كَانَ مِنْ أَصْحَابِ الْيَمِينِ (90) Futhi uma engomunye wabangane bangakwesokunene
 | 
| فَسَلَامٌ لَّكَ مِنْ أَصْحَابِ الْيَمِينِ (91) Ngakho-ke	ukuthula	kungokwakho	ongowabangane bangakwesokunene
 | 
| وَأَمَّا إِن كَانَ مِنَ الْمُكَذِّبِينَ الضَّالِّينَ (92) Futhi uma wayengomunye wabaphikayo abaphambukayo (eqinisweni)
 | 
| فَنُزُلٌ مِّنْ حَمِيمٍ (93) Manjalo ukujatshuliswa (kwakhe) amanzi abilayo
 | 
| وَتَصْلِيَةُ جَحِيمٍ (94) Nokusha emlilweni wesihogo
 | 
| إِنَّ هَٰذَا لَهُوَ حَقُّ الْيَقِينِ (95) Ngempela lokhu yiqiniso langempela
 | 
| فَسَبِّحْ بِاسْمِ رَبِّكَ الْعَظِيمِ (96) Ngakho-ke dumisa igama leNkosi yakho, enkulu
 |