×

Surah Al-Hashr in Zulu

Quran Zulu ⮕ Surah Al Hashr

Translation of the Meanings of Surah Al Hashr in Zulu - الزولو

The Quran in Zulu - Surah Al Hashr translated into Zulu, Surah Al-Hashr in Zulu. We provide accurate translation of Surah Al Hashr in Zulu - الزولو, Verses 24 - Surah Number 59 - Page 545.

بسم الله الرحمن الرحيم

سَبَّحَ لِلَّهِ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَمَا فِي الْأَرْضِ ۖ وَهُوَ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ (1)
Kudumisa uMvelinqangi konke okusemazulwini nako konke okusemhlabeni futhi yena uphakeme ngamandla unobuhlakani
هُوَ الَّذِي أَخْرَجَ الَّذِينَ كَفَرُوا مِنْ أَهْلِ الْكِتَابِ مِن دِيَارِهِمْ لِأَوَّلِ الْحَشْرِ ۚ مَا ظَنَنتُمْ أَن يَخْرُجُوا ۖ وَظَنُّوا أَنَّهُم مَّانِعَتُهُمْ حُصُونُهُم مِّنَ اللَّهِ فَأَتَاهُمُ اللَّهُ مِنْ حَيْثُ لَمْ يَحْتَسِبُوا ۖ وَقَذَفَ فِي قُلُوبِهِمُ الرُّعْبَ ۚ يُخْرِبُونَ بُيُوتَهُم بِأَيْدِيهِمْ وَأَيْدِي الْمُؤْمِنِينَ فَاعْتَبِرُوا يَا أُولِي الْأَبْصَارِ (2)
Yena uyilowo owakhipha labo abangakholwanga phakathi kwabantu bencwadi ezindlini zabo (emizini yabo) ekuhlanganeni kokuqala anicabanganga ukuthi bayophuma futhi babecabanga ukuthi izinqaba zezindlu zabo ziyobavikela kuMvelinqangi, manjalo uMvelinqangi weza kubona evela lapho babengalindele khona futhi wafaka uvalo ezinhliziyweni zabo bebhidliza izindlu zabo ngezandla zabo kanye nezandla zabakholwayo ngakho-ke yalekani Oh Bantu abanamehlo
وَلَوْلَا أَن كَتَبَ اللَّهُ عَلَيْهِمُ الْجَلَاءَ لَعَذَّبَهُمْ فِي الدُّنْيَا ۖ وَلَهُمْ فِي الْآخِرَةِ عَذَابُ النَّارِ (3)
Futhi ukube kwakungesingenxa yokuthi wabanqumela uMvelinqangi ukudingiswa wayezobajezisa emhlabeni futhi okwabo empilweni ezayo yisijeziso somlilo
ذَٰلِكَ بِأَنَّهُمْ شَاقُّوا اللَّهَ وَرَسُولَهُ ۖ وَمَن يُشَاقِّ اللَّهَ فَإِنَّ اللَّهَ شَدِيدُ الْعِقَابِ (4)
Lokho kungenxa yokuthi bona babephikisa uMvelinqangi nesithunywa sakhe ngakho-ke noma ngabe ngubani ophikisa uMvelinqangi ngempela uMvelinqangi unzima ekujeziseni
مَا قَطَعْتُم مِّن لِّينَةٍ أَوْ تَرَكْتُمُوهَا قَائِمَةً عَلَىٰ أُصُولِهَا فَبِإِذْنِ اللَّهِ وَلِيُخْزِيَ الْفَاسِقِينَ (5)
Noma ngabe yiziphi izihlahla zesundu enazigawula noma enazishiya zimile ngezimpande zazo kwakungemvume kaMvelinqangi futhi ukuze adumaze abephula umthetho
وَمَا أَفَاءَ اللَّهُ عَلَىٰ رَسُولِهِ مِنْهُمْ فَمَا أَوْجَفْتُمْ عَلَيْهِ مِنْ خَيْلٍ وَلَا رِكَابٍ وَلَٰكِنَّ اللَّهَ يُسَلِّطُ رُسُلَهُ عَلَىٰ مَن يَشَاءُ ۚ وَاللَّهُ عَلَىٰ كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ (6)
(Futhi lokho uMvelinqangi akunika isithunywa sakhe njengempango kuvela kubona, ngalokhu anizange nisheshe ngokugibelwayo amahhashi) namakameli, kepha uMvelinqangi unikeza igunya izithunywa zakhe ngaphezulu kwanoma ngabe ngubani amthandayo, futhi uMvelinqangi wenza zonke izinto
مَّا أَفَاءَ اللَّهُ عَلَىٰ رَسُولِهِ مِنْ أَهْلِ الْقُرَىٰ فَلِلَّهِ وَلِلرَّسُولِ وَلِذِي الْقُرْبَىٰ وَالْيَتَامَىٰ وَالْمَسَاكِينِ وَابْنِ السَّبِيلِ كَيْ لَا يَكُونَ دُولَةً بَيْنَ الْأَغْنِيَاءِ مِنكُمْ ۚ وَمَا آتَاكُمُ الرَّسُولُ فَخُذُوهُ وَمَا نَهَاكُمْ عَنْهُ فَانتَهُوا ۚ وَاتَّقُوا اللَّهَ ۖ إِنَّ اللَّهَ شَدِيدُ الْعِقَابِ (7)
Lokho uMvelinqangi akunikeza isithunywa sakhe njengempango kuvela kubantu basemadolobheni ngakho- ke kungokukaMvelinqangi kanye nesithunywa sakhe nezihlobo nezintandane nabampofu kanye nesihambi ukuze kungasetshenziswa phakathi kwabanothile kunina futhi noma ngabe yini enayinikwa yisithunya ngakho-ke yithatheni futhi noma ngabe yini (isithunywa) esanenqabela yona iyekeni (qhelelanani nayo) futhi nesabe uMvelinqangi ngempela uMvelinqangi unzima ekujeziseni
لِلْفُقَرَاءِ الْمُهَاجِرِينَ الَّذِينَ أُخْرِجُوا مِن دِيَارِهِمْ وَأَمْوَالِهِمْ يَبْتَغُونَ فَضْلًا مِّنَ اللَّهِ وَرِضْوَانًا وَيَنصُرُونَ اللَّهَ وَرَسُولَهُ ۚ أُولَٰئِكَ هُمُ الصَّادِقُونَ (8)
(Kunengxenye yezimpango) ekungeyabafuduki abampofu labo abakhishwa ezindlini zabo (emakhaya abo) nasengcebweni yabo befuna umusa ovela kuMvelinqangi nenjabulo futhi belekelela uMvelinqangi nesithunywa sakhe (ngokukholwa) labo-ke bona bangabaneqiniso
وَالَّذِينَ تَبَوَّءُوا الدَّارَ وَالْإِيمَانَ مِن قَبْلِهِمْ يُحِبُّونَ مَنْ هَاجَرَ إِلَيْهِمْ وَلَا يَجِدُونَ فِي صُدُورِهِمْ حَاجَةً مِّمَّا أُوتُوا وَيُؤْثِرُونَ عَلَىٰ أَنفُسِهِمْ وَلَوْ كَانَ بِهِمْ خَصَاصَةٌ ۚ وَمَن يُوقَ شُحَّ نَفْسِهِ فَأُولَٰئِكَ هُمُ الْمُفْلِحُونَ (9)
Futhi labo ababenendawo yokuhlala kanye nokholo ngaphambilini okwabo bathanda labo abafudukela kubona futhi bangatholi ezifubeni zabo isidingo kulokho ababekunikeziwe futhi bazikhethela bona uqobo yize ngisho noma ngabe kwakunesidingo salokho futhi noma ngabe ngubani osindisiwe ekufiseni kwakhe, labo bona bangabaphumeleleyo
وَالَّذِينَ جَاءُوا مِن بَعْدِهِمْ يَقُولُونَ رَبَّنَا اغْفِرْ لَنَا وَلِإِخْوَانِنَا الَّذِينَ سَبَقُونَا بِالْإِيمَانِ وَلَا تَجْعَلْ فِي قُلُوبِنَا غِلًّا لِّلَّذِينَ آمَنُوا رَبَّنَا إِنَّكَ رَءُوفٌ رَّحِيمٌ (10)
Futhi labo abafika ngemva kwabo bathi, “Nkosi yethu! Sithethelele kanye nabafowethu labo ababengaphambilini kwethu enkolweni futhi ungabeki ezinhliziyweni zethu inzondo mayelana nalabo abakholwayo, Nkosi yethu ngempela wena umnene unesihawu
۞ أَلَمْ تَرَ إِلَى الَّذِينَ نَافَقُوا يَقُولُونَ لِإِخْوَانِهِمُ الَّذِينَ كَفَرُوا مِنْ أَهْلِ الْكِتَابِ لَئِنْ أُخْرِجْتُمْ لَنَخْرُجَنَّ مَعَكُمْ وَلَا نُطِيعُ فِيكُمْ أَحَدًا أَبَدًا وَإِن قُوتِلْتُمْ لَنَنصُرَنَّكُمْ وَاللَّهُ يَشْهَدُ إِنَّهُمْ لَكَاذِبُونَ (11)
Awubaboni yini abenza ubuzenzisi bathi kubafowabo labo abangakholwanga phakathi kwabantu bencwadi, “uma nikhishwa ngempela sizophuma kanye nani futhi angeke sihloniphe kunina ngisho noma munye futhi uma nilwiswa ngempela siyonilekelela, futhi uMvelinqangi ungufakazi ukuthi ngempela bona bangabaqamba amanga”
لَئِنْ أُخْرِجُوا لَا يَخْرُجُونَ مَعَهُمْ وَلَئِن قُوتِلُوا لَا يَنصُرُونَهُمْ وَلَئِن نَّصَرُوهُمْ لَيُوَلُّنَّ الْأَدْبَارَ ثُمَّ لَا يُنصَرُونَ (12)
Uma bekhishwa (begxoshwa) abaphumi kanye nabo futhi uma belwiswa angeke babalekelele futhi uma bebalekelela ngempela bayofulathelisa imihlane (yabo) bese bengalekelelwa
لَأَنتُمْ أَشَدُّ رَهْبَةً فِي صُدُورِهِم مِّنَ اللَّهِ ۚ ذَٰلِكَ بِأَنَّهُمْ قَوْمٌ لَّا يَفْقَهُونَ (13)
Ngempela nina ningabasabeka kakhulu ezifubeni zabo kunoMvelinqangi lokho kungenxa yokuthi (ngempela) bona bangabantu abangaqondi
لَا يُقَاتِلُونَكُمْ جَمِيعًا إِلَّا فِي قُرًى مُّحَصَّنَةٍ أَوْ مِن وَرَاءِ جُدُرٍ ۚ بَأْسُهُم بَيْنَهُمْ شَدِيدٌ ۚ تَحْسَبُهُمْ جَمِيعًا وَقُلُوبُهُمْ شَتَّىٰ ۚ ذَٰلِكَ بِأَنَّهُمْ قَوْمٌ لَّا يَعْقِلُونَ (14)
Angekebalwenaninonkengaphandlekokubabesemadolobheni akhiwe abayizinqaba noma ngemumva kwezindonga, ukulwa kwabo (nokungezwani) phakathi kwabo kunzima, ucabanga ukuthi bona bahlangene kulapho izinhliziyo zabo zehlukene, lokho kungenxa yokuthi bona bangabantu abangenawo umqondo
كَمَثَلِ الَّذِينَ مِن قَبْلِهِمْ قَرِيبًا ۖ ذَاقُوا وَبَالَ أَمْرِهِمْ وَلَهُمْ عَذَابٌ أَلِيمٌ (15)
Njengalabo ababengaphambilini kwabo kancane bawuzwa umphumela wodaba lwabo futhi okwabo yisijeziso esibuhlungu
كَمَثَلِ الشَّيْطَانِ إِذْ قَالَ لِلْإِنسَانِ اكْفُرْ فَلَمَّا كَفَرَ قَالَ إِنِّي بَرِيءٌ مِّنكَ إِنِّي أَخَافُ اللَّهَ رَبَّ الْعَالَمِينَ (16)
Njengosathane uma ethi kumuntu, “ungakholwa” ngenkathi lapho engakholwa athi, “ngempela angihlangene nawe, ngempela mina ngiyamesaba uMvelinqangi iNkosi yemihlaba”
فَكَانَ عَاقِبَتَهُمَا أَنَّهُمَا فِي النَّارِ خَالِدَيْنِ فِيهَا ۚ وَذَٰلِكَ جَزَاءُ الظَّالِمِينَ (17)
Ngakho-ke isiphetho sabo bobabili ukuthi bona bobabili bayokuba semlilweni bayokuba kuwona ingunaphakade futhi lokho ngumvuzo wabenzi bakubi
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا اتَّقُوا اللَّهَ وَلْتَنظُرْ نَفْسٌ مَّا قَدَّمَتْ لِغَدٍ ۖ وَاتَّقُوا اللَّهَ ۚ إِنَّ اللَّهَ خَبِيرٌ بِمَا تَعْمَلُونَ (18)
Oh Nina enikholwayo! Yesabani uMvelinqangi futhi ukuze umphefumulo ubheke lokho okulethe ngaphambili kwangakusasa futhi yesabani uMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi uyazi ngalokho enikwenzayo
وَلَا تَكُونُوا كَالَّذِينَ نَسُوا اللَّهَ فَأَنسَاهُمْ أَنفُسَهُمْ ۚ أُولَٰئِكَ هُمُ الْفَاسِقُونَ (19)
Futhi ningabi njengalabo abakhohlwa nguMvelinqangi manjalo wenza ukuthi bakhohlwe yimiphefumulo yabo labo- ke yibona abephula umthetho (abayizoni)
لَا يَسْتَوِي أَصْحَابُ النَّارِ وَأَصْحَابُ الْجَنَّةِ ۚ أَصْحَابُ الْجَنَّةِ هُمُ الْفَائِزُونَ (20)
Abalingani (abafani) abahlali bomlilo kanye nabahlali besivande abahlali besivande bona bangabaphumeleleyo
لَوْ أَنزَلْنَا هَٰذَا الْقُرْآنَ عَلَىٰ جَبَلٍ لَّرَأَيْتَهُ خَاشِعًا مُّتَصَدِّعًا مِّنْ خَشْيَةِ اللَّهِ ۚ وَتِلْكَ الْأَمْثَالُ نَضْرِبُهَا لِلنَّاسِ لَعَلَّهُمْ يَتَفَكَّرُونَ (21)
Ukuba sasiyehlisele phansi leQur’an phezulu kwentaba ngempela wawuzoyibona (intaba) izithoba futhi ihlukana phakathi ngenxa yokwesaba uMvelinqangi futhi lezi zibonelo sizenzela abantu ukuze bacabange
هُوَ اللَّهُ الَّذِي لَا إِلَٰهَ إِلَّا هُوَ ۖ عَالِمُ الْغَيْبِ وَالشَّهَادَةِ ۖ هُوَ الرَّحْمَٰنُ الرَّحِيمُ (22)
Yena unguMvelinqangi, akukho okunokukhonzwa ngaphandle kwakhe, isazi sokungabonwa nokubonwayo yena ungonomusa onesihawu
هُوَ اللَّهُ الَّذِي لَا إِلَٰهَ إِلَّا هُوَ الْمَلِكُ الْقُدُّوسُ السَّلَامُ الْمُؤْمِنُ الْمُهَيْمِنُ الْعَزِيزُ الْجَبَّارُ الْمُتَكَبِّرُ ۚ سُبْحَانَ اللَّهِ عَمَّا يُشْرِكُونَ (23)
Yena unguMvelinqangi, akukho okunokukhonzwa ngaphandle kwakhe iNkosi, umsulwa, uwukuthula, ikholwa (umgcini wokholo) umgcini wokuphepha, uphakeme ngamandla, uqatha, mkhulu (unobukhosi) udumo malube kuMvelinqangi ngaphezulu kwako konke lokho abamenzela ngako abahlanganyeli ekumkhonzeni
هُوَ اللَّهُ الْخَالِقُ الْبَارِئُ الْمُصَوِّرُ ۖ لَهُ الْأَسْمَاءُ الْحُسْنَىٰ ۚ يُسَبِّحُ لَهُ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۖ وَهُوَ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ (24)
Yena unguMvelinqangi, umdali, umenzi (oveza obala akudalile noma akwenzile) umbumbi angawakhe amagama amahle kakhulu kudumisa yena konke okusemazulwini nasemhlabeni futhi yena uphakeme ngamandla unobuhlakani
❮ Previous Next ❯

Surahs from Quran :

1- Fatiha2- Baqarah
3- Al Imran4- Nisa
5- Maidah6- Anam
7- Araf8- Anfal
9- Tawbah10- Yunus
11- Hud12- Yusuf
13- Raad14- Ibrahim
15- Hijr16- Nahl
17- Al Isra18- Kahf
19- Maryam20- TaHa
21- Anbiya22- Hajj
23- Muminun24- An Nur
25- Furqan26- Shuara
27- Naml28- Qasas
29- Ankabut30- Rum
31- Luqman32- Sajdah
33- Ahzab34- Saba
35- Fatir36- Yasin
37- Assaaffat38- Sad
39- Zumar40- Ghafir
41- Fussilat42- shura
43- Zukhruf44- Ad Dukhaan
45- Jathiyah46- Ahqaf
47- Muhammad48- Al Fath
49- Hujurat50- Qaf
51- zariyat52- Tur
53- Najm54- Al Qamar
55- Rahman56- Waqiah
57- Hadid58- Mujadilah
59- Al Hashr60- Mumtahina
61- Saff62- Jumuah
63- Munafiqun64- Taghabun
65- Talaq66- Tahrim
67- Mulk68- Qalam
69- Al-Haqqah70- Maarij
71- Nuh72- Jinn
73- Muzammil74- Muddathir
75- Qiyamah76- Insan
77- Mursalat78- An Naba
79- Naziat80- Abasa
81- Takwir82- Infitar
83- Mutaffifin84- Inshiqaq
85- Buruj86- Tariq
87- Al Ala88- Ghashiya
89- Fajr90- Al Balad
91- Shams92- Lail
93- Duha94- Sharh
95- Tin96- Al Alaq
97- Qadr98- Bayyinah
99- Zalzalah100- Adiyat
101- Qariah102- Takathur
103- Al Asr104- Humazah
105- Al Fil106- Quraysh
107- Maun108- Kawthar
109- Kafirun110- Nasr
111- Masad112- Ikhlas
113- Falaq114- An Nas