×

Surah As-Saff in Zulu

Quran Zulu ⮕ Surah Saff

Translation of the Meanings of Surah Saff in Zulu - الزولو

The Quran in Zulu - Surah Saff translated into Zulu, Surah As-Saff in Zulu. We provide accurate translation of Surah Saff in Zulu - الزولو, Verses 14 - Surah Number 61 - Page 551.

بسم الله الرحمن الرحيم

سَبَّحَ لِلَّهِ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَمَا فِي الْأَرْضِ ۖ وَهُوَ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ (1)
Kudumisa uMvelinangi konke okusemazulwini kanye nako konke okusemhlabeni futhi yena uphakeme ngamandla unobuhlakani
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا لِمَ تَقُولُونَ مَا لَا تَفْعَلُونَ (2)
Oh Nina enikholwayo! Kungani nisho lokho eningakwenzi na
كَبُرَ مَقْتًا عِندَ اللَّهِ أَن تَقُولُوا مَا لَا تَفْعَلُونَ (3)
Kuzondekile kakhulu kuMvelinqangi ukuthi nisho lokho eningakwenzi
إِنَّ اللَّهَ يُحِبُّ الَّذِينَ يُقَاتِلُونَ فِي سَبِيلِهِ صَفًّا كَأَنَّهُم بُنْيَانٌ مَّرْصُوصٌ (4)
Ngempela uMvelinqangi uyabathanda labo abalwayo endleleni yakhe beyimigqa okusengathi bona bayisakhiwo esakhiwe saqina
وَإِذْ قَالَ مُوسَىٰ لِقَوْمِهِ يَا قَوْمِ لِمَ تُؤْذُونَنِي وَقَد تَّعْلَمُونَ أَنِّي رَسُولُ اللَّهِ إِلَيْكُمْ ۖ فَلَمَّا زَاغُوا أَزَاغَ اللَّهُ قُلُوبَهُمْ ۚ وَاللَّهُ لَا يَهْدِي الْقَوْمَ الْفَاسِقِينَ (5)
Futhi khumbula ngenkathi uMose ethi kubantu bakhe, “Oh Bantu bami! Kungani ningihlupha kulapho senazi ukuthi mina ngiyisithunywa sikaMvelinqangi kunina” ngakho-ke kwathi lapho sebephambuka, waziphambukisa uMvelinqangi izinhliziyo zabo futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abephula umthetho (abayizoni)
وَإِذْ قَالَ عِيسَى ابْنُ مَرْيَمَ يَا بَنِي إِسْرَائِيلَ إِنِّي رَسُولُ اللَّهِ إِلَيْكُم مُّصَدِّقًا لِّمَا بَيْنَ يَدَيَّ مِنَ التَّوْرَاةِ وَمُبَشِّرًا بِرَسُولٍ يَأْتِي مِن بَعْدِي اسْمُهُ أَحْمَدُ ۖ فَلَمَّا جَاءَهُم بِالْبَيِّنَاتِ قَالُوا هَٰذَا سِحْرٌ مُّبِينٌ (6)
Futhi khumbula ngenkathi ethi uJesu indodana kaMariya, “Oh bantwana baka-Israyeli ngempela mina ngiyisithunywa sikaMvelinqangi kunina ngiqinisekisa lokho okwakungaphambilini kwami okuyi-Torah futhi ngingumlethi wezindaba ezinhle ngesithunywa esiza ngemumva kwami igama laso ngu-Ahmad, manjalo kwathi lapho esefika kubona nobufakazi obucacile bathi, “lona ngumlingo ocacile”
وَمَنْ أَظْلَمُ مِمَّنِ افْتَرَىٰ عَلَى اللَّهِ الْكَذِبَ وَهُوَ يُدْعَىٰ إِلَى الْإِسْلَامِ ۚ وَاللَّهُ لَا يَهْدِي الْقَوْمَ الظَّالِمِينَ (7)
Futhi ngubani ongenabo ubulungiswa kakhulu kunalowo oqambela uMvelinqangi amanga kulapho yena ememelwa kwi-Islam futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abayizoni
يُرِيدُونَ لِيُطْفِئُوا نُورَ اللَّهِ بِأَفْوَاهِهِمْ وَاللَّهُ مُتِمُّ نُورِهِ وَلَوْ كَرِهَ الْكَافِرُونَ (8)
Bafuna ukucisha ukukhanya kukaMvelinqangi ngemilomo yabo kepha uMvelinqangi ungumphelelisi wokukhanya kwakhe ngisho noma ngabe bengakuthandi lokho abangakholwa
هُوَ الَّذِي أَرْسَلَ رَسُولَهُ بِالْهُدَىٰ وَدِينِ الْحَقِّ لِيُظْهِرَهُ عَلَى الدِّينِ كُلِّهِ وَلَوْ كَرِهَ الْمُشْرِكُونَ (9)
Yena uyilowo owathumela isithunywa sakhe nokuhola nenkolo eyiqiniso ukuze ayenze igqame ngaphezulu kwazo zonke izinkolo yize noma ngabe bengakuthandi lokho abenzela uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا هَلْ أَدُلُّكُمْ عَلَىٰ تِجَارَةٍ تُنجِيكُم مِّنْ عَذَابٍ أَلِيمٍ (10)
Oh Nina enikholwayo! Ngakube nginikhombise yini uhwebo oluzonisindisa esijezisweni esibuhlungu na
تُؤْمِنُونَ بِاللَّهِ وَرَسُولِهِ وَتُجَاهِدُونَ فِي سَبِيلِ اللَّهِ بِأَمْوَالِكُمْ وَأَنفُسِكُمْ ۚ ذَٰلِكُمْ خَيْرٌ لَّكُمْ إِن كُنتُمْ تَعْلَمُونَ (11)
Kholwani kuMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi nizabalaze endleleni kaMvelinqangi ngengcebo yenu nangemiphefumulo yenu lokho kungcono kunina ukube benazi
يَغْفِرْ لَكُمْ ذُنُوبَكُمْ وَيُدْخِلْكُمْ جَنَّاتٍ تَجْرِي مِن تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ وَمَسَاكِنَ طَيِّبَةً فِي جَنَّاتِ عَدْنٍ ۚ ذَٰلِكَ الْفَوْزُ الْعَظِيمُ (12)
Uyonithethelela izono zenu futhi aningenise ezivandeni ekugeleza ngaphansi kwazo imifula kanye nezindawo zokuhlala ezinhle ezivandeni zangunaphakade lokho ukuphumelela okukhulu
وَأُخْرَىٰ تُحِبُّونَهَا ۖ نَصْرٌ مِّنَ اللَّهِ وَفَتْحٌ قَرِيبٌ ۗ وَبَشِّرِ الْمُؤْمِنِينَ (13)
Futhi okunye enikuthandayo usizo oluvela kuMvelinqangi kanye nokunqoba okuseduzane futhi banikeze izindaba ezinhle abakholwayo
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا كُونُوا أَنصَارَ اللَّهِ كَمَا قَالَ عِيسَى ابْنُ مَرْيَمَ لِلْحَوَارِيِّينَ مَنْ أَنصَارِي إِلَى اللَّهِ ۖ قَالَ الْحَوَارِيُّونَ نَحْنُ أَنصَارُ اللَّهِ ۖ فَآمَنَت طَّائِفَةٌ مِّن بَنِي إِسْرَائِيلَ وَكَفَرَت طَّائِفَةٌ ۖ فَأَيَّدْنَا الَّذِينَ آمَنُوا عَلَىٰ عَدُوِّهِمْ فَأَصْبَحُوا ظَاهِرِينَ (14)
Oh nina enikholwayo! Yibani ngabalekeleli baMvelinqangi njengoba asho uJesu indodana kaMariya kubafundi, “ngobani abasizi bami kuMvelinqangi” abafundi bathi, “thina singabasizi baMvelinqangi” manjalo lakholwa iqembu labantwana bakwa-Israyeli futhi (elinye) iqembu langakholwa ngakho-ke sabalekelela ezitheni zabo babangabanqobi labo abakholwa”
❮ Previous Next ❯

Surahs from Quran :

1- Fatiha2- Baqarah
3- Al Imran4- Nisa
5- Maidah6- Anam
7- Araf8- Anfal
9- Tawbah10- Yunus
11- Hud12- Yusuf
13- Raad14- Ibrahim
15- Hijr16- Nahl
17- Al Isra18- Kahf
19- Maryam20- TaHa
21- Anbiya22- Hajj
23- Muminun24- An Nur
25- Furqan26- Shuara
27- Naml28- Qasas
29- Ankabut30- Rum
31- Luqman32- Sajdah
33- Ahzab34- Saba
35- Fatir36- Yasin
37- Assaaffat38- Sad
39- Zumar40- Ghafir
41- Fussilat42- shura
43- Zukhruf44- Ad Dukhaan
45- Jathiyah46- Ahqaf
47- Muhammad48- Al Fath
49- Hujurat50- Qaf
51- zariyat52- Tur
53- Najm54- Al Qamar
55- Rahman56- Waqiah
57- Hadid58- Mujadilah
59- Al Hashr60- Mumtahina
61- Saff62- Jumuah
63- Munafiqun64- Taghabun
65- Talaq66- Tahrim
67- Mulk68- Qalam
69- Al-Haqqah70- Maarij
71- Nuh72- Jinn
73- Muzammil74- Muddathir
75- Qiyamah76- Insan
77- Mursalat78- An Naba
79- Naziat80- Abasa
81- Takwir82- Infitar
83- Mutaffifin84- Inshiqaq
85- Buruj86- Tariq
87- Al Ala88- Ghashiya
89- Fajr90- Al Balad
91- Shams92- Lail
93- Duha94- Sharh
95- Tin96- Al Alaq
97- Qadr98- Bayyinah
99- Zalzalah100- Adiyat
101- Qariah102- Takathur
103- Al Asr104- Humazah
105- Al Fil106- Quraysh
107- Maun108- Kawthar
109- Kafirun110- Nasr
111- Masad112- Ikhlas
113- Falaq114- An Nas