×

Surah At-Taghabun in Zulu

Quran Zulu ⮕ Surah Taghabun

Translation of the Meanings of Surah Taghabun in Zulu - الزولو

The Quran in Zulu - Surah Taghabun translated into Zulu, Surah At-Taghabun in Zulu. We provide accurate translation of Surah Taghabun in Zulu - الزولو, Verses 18 - Surah Number 64 - Page 556.

بسم الله الرحمن الرحيم

يُسَبِّحُ لِلَّهِ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَمَا فِي الْأَرْضِ ۖ لَهُ الْمُلْكُ وَلَهُ الْحَمْدُ ۖ وَهُوَ عَلَىٰ كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ (1)
Kudumisa uMvelinqangi konke okusemazulwini kanye nako konke okusemhlabeni, ubukhosi bungobakhe futhi ngolwakhe udumo futhi yena uyakwazi ukwenza zonke izinto
هُوَ الَّذِي خَلَقَكُمْ فَمِنكُمْ كَافِرٌ وَمِنكُم مُّؤْمِنٌ ۚ وَاللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ بَصِيرٌ (2)
Yena uyilowo owanidala manjalo phakathi kwenu kunongakholwa futhi phakathi kwenu kunoyikholwa futhi uMvelinqangi lokho enikwenzayo uyakubona
خَلَقَ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضَ بِالْحَقِّ وَصَوَّرَكُمْ فَأَحْسَنَ صُوَرَكُمْ ۖ وَإِلَيْهِ الْمَصِيرُ (3)
Wadala amazulu nomhlaba ngeqiniso futhi wanibumba, wakwenza kwakuhle ukubunjwa kwenu futhi kukuyena ukubuyela
يَعْلَمُ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَيَعْلَمُ مَا تُسِرُّونَ وَمَا تُعْلِنُونَ ۚ وَاللَّهُ عَلِيمٌ بِذَاتِ الصُّدُورِ (4)
Uyakwazi loko okusemazulwini nasemhlabeni futhi uyakwazi loko enikufihlayo kanye naloko enikuvezayo futhi uMvelinqangi uyisazi saloko okusezifubeni
أَلَمْ يَأْتِكُمْ نَبَأُ الَّذِينَ كَفَرُوا مِن قَبْلُ فَذَاقُوا وَبَالَ أَمْرِهِمْ وَلَهُمْ عَذَابٌ أَلِيمٌ (5)
Ayifikanga yini kunina indaba yalabo abangakholwanga ngaphambilini base bezwa umphumela wodaba lwabo futhi okwabo yisijeziso esibuhlungu
ذَٰلِكَ بِأَنَّهُ كَانَت تَّأْتِيهِمْ رُسُلُهُم بِالْبَيِّنَاتِ فَقَالُوا أَبَشَرٌ يَهْدُونَنَا فَكَفَرُوا وَتَوَلَّوا ۚ وَّاسْتَغْنَى اللَّهُ ۚ وَاللَّهُ غَنِيٌّ حَمِيدٌ (6)
Loko kungenxa yokuthi zazifika kubona izithunywa zabo namavesi (nezimpawu) ezicacile kepha bathi, “ngakube ngumuntu osiholayo?” Manjalo abakholwayo futhi baphendukele emumva, futhi akaswele uMvelinqangi, futhi uMvelinqangi akadingi lutho (akaswele lotho) ungodunyiswayo
زَعَمَ الَّذِينَ كَفَرُوا أَن لَّن يُبْعَثُوا ۚ قُلْ بَلَىٰ وَرَبِّي لَتُبْعَثُنَّ ثُمَّ لَتُنَبَّؤُنَّ بِمَا عَمِلْتُمْ ۚ وَذَٰلِكَ عَلَى اللَّهِ يَسِيرٌ (7)
Labo abangakholwanga bacabanga ukuthi abasoze bavuswe kwabafileyo ithi, “Yebo ngifunga ngeNkosi yami ngempela niyovuswa kwabafileyo bese ngempela nitshelwa ngaloko enanikwenza, futhi loko kuMvelinqangi kulula
فَآمِنُوا بِاللَّهِ وَرَسُولِهِ وَالنُّورِ الَّذِي أَنزَلْنَا ۚ وَاللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ خَبِيرٌ (8)
Ngakho-ke kholwani kuMvelinqangi nesithunywa sakhe kanye nokukhanya esakwehlisela phansi, futhi uMvelinqangi loko enikwenzayo uyakwazi
يَوْمَ يَجْمَعُكُمْ لِيَوْمِ الْجَمْعِ ۖ ذَٰلِكَ يَوْمُ التَّغَابُنِ ۗ وَمَن يُؤْمِن بِاللَّهِ وَيَعْمَلْ صَالِحًا يُكَفِّرْ عَنْهُ سَيِّئَاتِهِ وَيُدْخِلْهُ جَنَّاتٍ تَجْرِي مِن تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ خَالِدِينَ فِيهَا أَبَدًا ۚ ذَٰلِكَ الْفَوْزُ الْعَظِيمُ (9)
Ngosuku ayoniqoqa ngalo (eniqoqela) usuku lokuhlangana lolo ngusuku lokulahlekelwa phakathia kwabo nokuzuza futhi noma ngabe ngubani okholwa kuMvelinqangi futhi enze okulungileyo (uMvelinqangi) uyozisusa kuyena izenzo zakhe ezimbi bese emfaka ezivandeni okugeleza ngaphansi kwazo imifula bayohlala lapho phakathi ingunaphakade loko wukuphumelela okukhulu
وَالَّذِينَ كَفَرُوا وَكَذَّبُوا بِآيَاتِنَا أُولَٰئِكَ أَصْحَابُ النَّارِ خَالِدِينَ فِيهَا ۖ وَبِئْسَ الْمَصِيرُ (10)
Futhi labo abangakholwanga futhi baphika amavesi (nezimpawu) zethu labo-ke bangabangane bomlilo bayohlala kuwona ingunaphakade futhi kubi lapho kuyiwa khona
مَا أَصَابَ مِن مُّصِيبَةٍ إِلَّا بِإِذْنِ اللَّهِ ۗ وَمَن يُؤْمِن بِاللَّهِ يَهْدِ قَلْبَهُ ۚ وَاللَّهُ بِكُلِّ شَيْءٍ عَلِيمٌ (11)
Asikho isehlakalo esehlakalayo ngaphandle kwemvume kaMvelinqangi futhi noma ngabe ngubani okholwa kuMvelinqangi, (uMvelinqangi) uyayihola inhliziyo yakhe futhi uMvelinqangi uyisazi sazo zonke izinto
وَأَطِيعُوا اللَّهَ وَأَطِيعُوا الرَّسُولَ ۚ فَإِن تَوَلَّيْتُمْ فَإِنَّمَا عَلَىٰ رَسُولِنَا الْبَلَاغُ الْمُبِينُ (12)
Futhi hloniphani uMvelinqangi nihloniphe nesithunywa kepha uma nifulathelile (ningakwenzi lokho) kuphela (umthwalo) ophezulu kwesithunywa sethu (ukudlulisela) umyalezo ocacile
اللَّهُ لَا إِلَٰهَ إِلَّا هُوَ ۚ وَعَلَى اللَّهِ فَلْيَتَوَكَّلِ الْمُؤْمِنُونَ (13)
UMvelinqangi ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe futhi ikuMvelinqangi lapho bethembela khona abakholwayo
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا إِنَّ مِنْ أَزْوَاجِكُمْ وَأَوْلَادِكُمْ عَدُوًّا لَّكُمْ فَاحْذَرُوهُمْ ۚ وَإِن تَعْفُوا وَتَصْفَحُوا وَتَغْفِرُوا فَإِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (14)
Oh Nina enikholwayo! Ngempela phakathi kwamakhosikazi enu nasezinganeni zenu kunezitha zenu, ngakho-ke baqapheleni futhi uma nithethelela ninganaki futhi nixolela ngakho-ke ngempela uMvelinqangi ungothethelelayo unesihawu
إِنَّمَا أَمْوَالُكُمْ وَأَوْلَادُكُمْ فِتْنَةٌ ۚ وَاللَّهُ عِندَهُ أَجْرٌ عَظِيمٌ (15)
Kuphela ingcebo yenu (umnotho wenu) kanye nezingane zenu ukulingwa, futhi uMvelinqangi kuyena kunomvuzo omkhulu
فَاتَّقُوا اللَّهَ مَا اسْتَطَعْتُمْ وَاسْمَعُوا وَأَطِيعُوا وَأَنفِقُوا خَيْرًا لِّأَنفُسِكُمْ ۗ وَمَن يُوقَ شُحَّ نَفْسِهِ فَأُولَٰئِكَ هُمُ الْمُفْلِحُونَ (16)
Ngakho-ke yesabani uMvelinqangi ngendlela eningakwazi ngayo futhi nilalele futhi nihloniphe futhi nisebenzise (ninikele lokho) kungcono emiphefumulweni yenu futhi noma ngabe ngubani osindisiwe esifisweni sakhe (esibi) ngakho-ke labo bona bangabaphumeleleyo
إِن تُقْرِضُوا اللَّهَ قَرْضًا حَسَنًا يُضَاعِفْهُ لَكُمْ وَيَغْفِرْ لَكُمْ ۚ وَاللَّهُ شَكُورٌ حَلِيمٌ (17)
Uma niboleka uMvelinqangi ukweboleka okuhle uniphindaphindela kona futhi anithethelele futhi uMvelinqangi ungobongayo obekezelayo
عَالِمُ الْغَيْبِ وَالشَّهَادَةِ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ (18)
Isazi sokungabonwa nokubonwayo siphakeme ngamandla sinobuhlakani
❮ Previous Next ❯

Surahs from Quran :

1- Fatiha2- Baqarah
3- Al Imran4- Nisa
5- Maidah6- Anam
7- Araf8- Anfal
9- Tawbah10- Yunus
11- Hud12- Yusuf
13- Raad14- Ibrahim
15- Hijr16- Nahl
17- Al Isra18- Kahf
19- Maryam20- TaHa
21- Anbiya22- Hajj
23- Muminun24- An Nur
25- Furqan26- Shuara
27- Naml28- Qasas
29- Ankabut30- Rum
31- Luqman32- Sajdah
33- Ahzab34- Saba
35- Fatir36- Yasin
37- Assaaffat38- Sad
39- Zumar40- Ghafir
41- Fussilat42- shura
43- Zukhruf44- Ad Dukhaan
45- Jathiyah46- Ahqaf
47- Muhammad48- Al Fath
49- Hujurat50- Qaf
51- zariyat52- Tur
53- Najm54- Al Qamar
55- Rahman56- Waqiah
57- Hadid58- Mujadilah
59- Al Hashr60- Mumtahina
61- Saff62- Jumuah
63- Munafiqun64- Taghabun
65- Talaq66- Tahrim
67- Mulk68- Qalam
69- Al-Haqqah70- Maarij
71- Nuh72- Jinn
73- Muzammil74- Muddathir
75- Qiyamah76- Insan
77- Mursalat78- An Naba
79- Naziat80- Abasa
81- Takwir82- Infitar
83- Mutaffifin84- Inshiqaq
85- Buruj86- Tariq
87- Al Ala88- Ghashiya
89- Fajr90- Al Balad
91- Shams92- Lail
93- Duha94- Sharh
95- Tin96- Al Alaq
97- Qadr98- Bayyinah
99- Zalzalah100- Adiyat
101- Qariah102- Takathur
103- Al Asr104- Humazah
105- Al Fil106- Quraysh
107- Maun108- Kawthar
109- Kafirun110- Nasr
111- Masad112- Ikhlas
113- Falaq114- An Nas