| اقْتَرَبَتِ السَّاعَةُ وَانشَقَّ الْقَمَرُ (1) Ihora liyasondela nenyanga yahlephuka phakathi
 | 
| وَإِن يَرَوْا آيَةً يُعْرِضُوا وَيَقُولُوا سِحْرٌ مُّسْتَمِرٌّ (2) Futhi uma bebona uphawu bayafulathela futhi bathi, “(lona) ngumlingo oqhubekayo”
 | 
| وَكَذَّبُوا وَاتَّبَعُوا أَهْوَاءَهُمْ ۚ وَكُلُّ أَمْرٍ مُّسْتَقِرٌّ (3) Futhi baziphika (izimpawu zikaMvelinqangi) base belandela izinkanuko zabo, kepha zonke izindaba ziyohlelwa (uma sekufika isikhathi sazo)
 | 
| وَلَقَدْ جَاءَهُم مِّنَ الْأَنبَاءِ مَا فِيهِ مُزْدَجَرٌ (4) Futhi ngempela sezafika kubona izindaba ezixwayisayo nezinezifundo
 | 
| حِكْمَةٌ بَالِغَةٌ ۖ فَمَا تُغْنِ النُّذُرُ (5) Ubuhlakani obuhle, kepha (ukushumayela) kwabaxwayisi akuzange kubasize
 | 
| فَتَوَلَّ عَنْهُمْ ۘ يَوْمَ يَدْعُ الدَّاعِ إِلَىٰ شَيْءٍ نُّكُرٍ (6) Ngakho-ke qhelelana nabo, bese ukhumbule usuku lapho ummemi eyomemela entweni embi kakhulu (esabisayo)
 | 
| خُشَّعًا أَبْصَارُهُمْ يَخْرُجُونَ مِنَ الْأَجْدَاثِ كَأَنَّهُمْ جَرَادٌ مُّنتَشِرٌ (7) Amehlo abo ezithobile, bephuma emangcwabeni kube sengathi bona bayizintethe ezisakazekile
 | 
| مُّهْطِعِينَ إِلَى الدَّاعِ ۖ يَقُولُ الْكَافِرُونَ هَٰذَا يَوْمٌ عَسِرٌ (8) Bejahe kummemezi abangakholwanga bethi, “lolu wusuku olunzima”
 | 
| ۞ كَذَّبَتْ قَبْلَهُمْ قَوْمُ نُوحٍ فَكَذَّبُوا عَبْدَنَا وَقَالُوا مَجْنُونٌ وَازْدُجِرَ (9) Ngaphambilini kwabo abantu baNowa bayiphika inceku yethu futhi bathi “uhlanya” yagxoshwa
 | 
| فَدَعَا رَبَّهُ أَنِّي مَغْلُوبٌ فَانتَصِرْ (10) Ngakho-ke (inceku yethu) yabiza iNkosi yayo (yathi) “nginqotshiwe ngakho-ke ngisize
 | 
| فَفَتَحْنَا أَبْوَابَ السَّمَاءِ بِمَاءٍ مُّنْهَمِرٍ (11) Ngakho-ke sawavula amasango ezulu ngamanzi amaningi
 | 
| وَفَجَّرْنَا الْأَرْضَ عُيُونًا فَالْتَقَى الْمَاءُ عَلَىٰ أَمْرٍ قَدْ قُدِرَ (12) Futhi sawenza umhlaba ukuthi uqhekeke ngemithombo ngakho-ke amanzi ahlanganela udaba olwaselunqunyiwe ngaphambilini
 | 
| وَحَمَلْنَاهُ عَلَىٰ ذَاتِ أَلْوَاحٍ وَدُسُرٍ (13) Futhi samthwala (uNowa ngomkhumbi) owakhiwe ngamapulangwe kanye nezipikili
 | 
| تَجْرِي بِأَعْيُنِنَا جَزَاءً لِّمَن كَانَ كُفِرَ (14) Untanta ngaphansi kwamehlo ethu, umvuzo walowo owayephikwa
 | 
| وَلَقَد تَّرَكْنَاهَا آيَةً فَهَلْ مِن مُّدَّكِرٍ (15) Futhi ngempela sakushiya (lokho) ukuthi kube wuphawu, ngakho-ke ngakube ukhona yini oyokhumbula
 | 
| فَكَيْفَ كَانَ عَذَابِي وَنُذُرِ (16) Manjalo, sasinjani isijeziso sami nesexwayiso sami
 | 
| وَلَقَدْ يَسَّرْنَا الْقُرْآنَ لِلذِّكْرِ فَهَلْ مِن مُّدَّكِرٍ (17) Futhi ngempela sayenza iQur’an yabalula ukuze ikhumbuleke ngakho-ke ngakube ukhona yini ozokhumbula
 | 
| كَذَّبَتْ عَادٌ فَكَيْفَ كَانَ عَذَابِي وَنُذُرِ (18) Waphika u-AD kepha sasinjani isijeziso sami nesexwayiso sami
 | 
| إِنَّا أَرْسَلْنَا عَلَيْهِمْ رِيحًا صَرْصَرًا فِي يَوْمِ نَحْسٍ مُّسْتَمِرٍّ (19) Ngempela thina sawuthumela umoya oyisibhengubhengu ngosuku lwesehlakalo esiqhubekayo
 | 
| تَنزِعُ النَّاسَ كَأَنَّهُمْ أَعْجَازُ نَخْلٍ مُّنقَعِرٍ (20) (Umoya) ukhipha abantu kube sengathi bona bayiziqu zemithi yesundu esimbuliwe
 | 
| فَكَيْفَ كَانَ عَذَابِي وَنُذُرِ (21) Manjalo sasinjani isijeziso sami kanye nesexwayiso sami
 | 
| وَلَقَدْ يَسَّرْنَا الْقُرْآنَ لِلذِّكْرِ فَهَلْ مِن مُّدَّكِرٍ (22) Futhi ngempela sayenza iQur’an yabalula ukuthi ikhumbuleke ngakube ukhona yini okhumbulayo
 | 
| كَذَّبَتْ ثَمُودُ بِالنُّذُرِ (23) UThamud waziphika izexwayiso
 | 
| فَقَالُوا أَبَشَرًا مِّنَّا وَاحِدًا نَّتَّبِعُهُ إِنَّا إِذًا لَّفِي ضَلَالٍ وَسُعُرٍ (24) Kepha bathi, “ngakube umuntu oyedwa ophuma phakathi kwethu simlandele? Ngempela thina ngabe sisekudukeni nasekuhlanyeni”
 | 
| أَأُلْقِيَ الذِّكْرُ عَلَيْهِ مِن بَيْنِنَا بَلْ هُوَ كَذَّابٌ أَشِرٌ (25) Ngakube sesathunyelwa yini kuyena isikhumbuzo esivela phakathi kwethu, kepha yena ungumqambi wamanga ozigabisayo
 | 
| سَيَعْلَمُونَ غَدًا مَّنِ الْكَذَّابُ الْأَشِرُ (26) Bazokwazi kusasa ukuthi ngubani ongumqambi wamanga ozigabisayo
 | 
| إِنَّا مُرْسِلُو النَّاقَةِ فِتْنَةً لَّهُمْ فَارْتَقِبْهُمْ وَاصْطَبِرْ (27) Ngempela sithumela ikameli lensikazi njengesilingo kubona ngakho-ke babuke futhi ubekezele
 | 
| وَنَبِّئْهُمْ أَنَّ الْمَاءَ قِسْمَةٌ بَيْنَهُمْ ۖ كُلُّ شِرْبٍ مُّحْتَضَرٌ (28) Futhi batshene ukuthi amanzi azohlukaniswa phakathi kwabo, konke ukuphuza kwabo kwenziwe
 | 
| فَنَادَوْا صَاحِبَهُمْ فَتَعَاطَىٰ فَعَقَرَ (29) Kepha	bamemeza	abakanye	nabo	(abangane	babo) wayesethatha (inkemba) wayeselibulala (ikameli lensikazi)
 | 
| فَكَيْفَ كَانَ عَذَابِي وَنُذُرِ (30) Manjalo sasinjani isijeziso sami kanye nesexwayiso sami
 | 
| إِنَّا أَرْسَلْنَا عَلَيْهِمْ صَيْحَةً وَاحِدَةً فَكَانُوا كَهَشِيمِ الْمُحْتَظِرِ (31) Futhi ngempela sawuthumela kubona umsindo owesabekayo owodwa babe sebeba njengoluthi olomile
 | 
| وَلَقَدْ يَسَّرْنَا الْقُرْآنَ لِلذِّكْرِ فَهَلْ مِن مُّدَّكِرٍ (32) Futhi ngempela sayenza iQur’an yabalula ukuze ikhumbuleke ngakube ukhona yini okhumbulayo
 | 
| كَذَّبَتْ قَوْمُ لُوطٍ بِالنُّذُرِ (33) Abantu baLothi baziphika izexwayiso
 | 
| إِنَّا أَرْسَلْنَا عَلَيْهِمْ حَاصِبًا إِلَّا آلَ لُوطٍ ۖ نَّجَّيْنَاهُم بِسَحَرٍ (34) Ngempela sathumela kubona isichotho samatshe esinamandla ngaphandle komndeni kaLothi sabaphephisa entathakusa
 | 
| نِّعْمَةً مِّنْ عِندِنَا ۚ كَذَٰلِكَ نَجْزِي مَن شَكَرَ (35) Umusa ovela kuthina, kanjalo simnika umvuzo lowo obongayo
 | 
| وَلَقَدْ أَنذَرَهُم بَطْشَتَنَا فَتَمَارَوْا بِالنُّذُرِ (36) Futhi ngempela wabaxwayisa ngokushaya kwethu (ngesijeziso sethu) kepha abazethembanga izexwayiso
 | 
| وَلَقَدْ رَاوَدُوهُ عَن ضَيْفِهِ فَطَمَسْنَا أَعْيُنَهُمْ فَذُوقُوا عَذَابِي وَنُذُرِ (37) Futhi ngempela baphoqa kuyena izivakashi zakhe manjalo sawavala amehlo abo (sathi) “yizwani isijeziso sami kanye nezexwayiso zami”
 | 
| وَلَقَدْ صَبَّحَهُم بُكْرَةً عَذَابٌ مُّسْتَقِرٌّ (38) Futhi	ngempela	bavuka	ekuseni	ngesijeziso	esingasuki (esingapheli)
 | 
| فَذُوقُوا عَذَابِي وَنُذُرِ (39) Ngakho-ke yizwani isijeziso sami kanye nezexwayiso
 | 
| وَلَقَدْ يَسَّرْنَا الْقُرْآنَ لِلذِّكْرِ فَهَلْ مِن مُّدَّكِرٍ (40) Futhi ngempela sayenza iQur’an yabalula ukuze ikhumbuleke, ngakube ukhona yini okhumbulayo na
 | 
| وَلَقَدْ جَاءَ آلَ فِرْعَوْنَ النُّذُرُ (41) Futhi ngempela bafika kubantu baFaro abaxwayisi
 | 
| كَذَّبُوا بِآيَاتِنَا كُلِّهَا فَأَخَذْنَاهُمْ أَخْذَ عَزِيزٍ مُّقْتَدِرٍ (42) Baziphika izimpawu zethu zonke, manjalo sababamba ngokubamba kophakeme ngamandla okwaziyo (ukwenza zonke izinto)
 | 
| أَكُفَّارُكُمْ خَيْرٌ مِّنْ أُولَٰئِكُمْ أَمْ لَكُم بَرَاءَةٌ فِي الزُّبُرِ (43) Ngakube abangakholwa benu bangcono kunabo noma abanacala ezincwadini (emibhalweni)
 | 
| أَمْ يَقُولُونَ نَحْنُ جَمِيعٌ مُّنتَصِرٌ (44) Noma ngakube bathi, “thina sihlangene siyalekelelana”
 | 
| سَيُهْزَمُ الْجَمْعُ وَيُوَلُّونَ الدُّبُرَ (45) Ibutho (labo) liyohlulwa bese beyafulathela beveza imihlane (yabo)
 | 
| بَلِ السَّاعَةُ مَوْعِدُهُمْ وَالسَّاعَةُ أَدْهَىٰ وَأَمَرُّ (46) Kepha ihora yisethembiso sabo, futhi ihora liyobanzima kakhulu futhi liyobamuncu kakhulu
 | 
| إِنَّ الْمُجْرِمِينَ فِي ضَلَالٍ وَسُعُرٍ (47) Ngempela abayizoni basekudukeni nasekuhlanyeni
 | 
| يَوْمَ يُسْحَبُونَ فِي النَّارِ عَلَىٰ وُجُوهِهِمْ ذُوقُوا مَسَّ سَقَرَ (48) Khumbula ngosuku lapho beyodonselwa emlilweni ngobuso babo, kuyothiwa yizwani ukuthintwa yisihogo
 | 
| إِنَّا كُلَّ شَيْءٍ خَلَقْنَاهُ بِقَدَرٍ (49) Ngempela zonke izinto sazidala ngesilinganiso
 | 
| وَمَا أَمْرُنَا إِلَّا وَاحِدَةٌ كَلَمْحٍ بِالْبَصَرِ (50) Futhi impoqo yethu ayiyilutho ngaphandle kokucwazima kweso okukodwa
 | 
| وَلَقَدْ أَهْلَكْنَا أَشْيَاعَكُمْ فَهَلْ مِن مُّدَّكِرٍ (51) Futhi ngempela sababhubhisa abafana nani ngakho-ke ngakube ukhona yini okhumbulayo na
 | 
| وَكُلُّ شَيْءٍ فَعَلُوهُ فِي الزُّبُرِ (52) Futhi zonke izinto abazenzayo zishicilelwe kwiZubur (incwadi ekushicilelwa kuyona izenzo zabo)
 | 
| وَكُلُّ صَغِيرٍ وَكَبِيرٍ مُّسْتَطَرٌ (53) Futhi konke okuncane nokukhulu kushicilelwe phansi (kulotshiwe)
 | 
| إِنَّ الْمُتَّقِينَ فِي جَنَّاتٍ وَنَهَرٍ (54) Ngempela abalungileyo bayokuba sezivandeni nasemifuleni
 | 
| فِي مَقْعَدِ صِدْقٍ عِندَ مَلِيكٍ مُّقْتَدِرٍ (55) Esihlalweni seqiniso eduzane neNkosi enkulu eyenza (zonke izinto)
 |