| الرَّحْمَٰنُ (1) (UMvelinqangi) onomusa
 | 
| عَلَّمَ الْقُرْآنَ (2) Wafundisa iQur’an
 | 
| خَلَقَ الْإِنسَانَ (3) Wadala umuntu
 | 
| عَلَّمَهُ الْبَيَانَ (4) Wamfundisa ukukhuluma
 | 
| الشَّمْسُ وَالْقَمَرُ بِحُسْبَانٍ (5) Ilanga nenyanga kuhamba ngendlela ekuyiyona ngasosonke isikhathi
 | 
| وَالنَّجْمُ وَالشَّجَرُ يَسْجُدَانِ (6) Futhi izinkanyezi kanye nezihlahla kokubili (kukhothamela umthetho kaMvelinqangi)
 | 
| وَالسَّمَاءَ رَفَعَهَا وَوَضَعَ الْمِيزَانَ (7) Nezulu waliphakamisa wayesebeka isikalo
 | 
| أَلَّا تَطْغَوْا فِي الْمِيزَانِ (8) Ukuze ningoni esikalini
 | 
| وَأَقِيمُوا الْوَزْنَ بِالْقِسْطِ وَلَا تُخْسِرُوا الْمِيزَانَ (9) Futhi niqaphele isisindo ngobulungiswa, futhi ningasinciphisi isilinganiso
 | 
| وَالْأَرْضَ وَضَعَهَا لِلْأَنَامِ (10) Futhi umhlaba wawubekela izidalwa
 | 
| فِيهَا فَاكِهَةٌ وَالنَّخْلُ ذَاتُ الْأَكْمَامِ (11) Lapho phakathi kukhona izithelo, nezihlahla zamasundu ezinezixheke
 | 
| وَالْحَبُّ ذُو الْعَصْفِ وَالرَّيْحَانُ (12) Nohlamvu	kanye	noluthi	olomile	lukakolweni	(noma amaqabunga aluhlaza) kanye nezihlahla ezinuka amakha
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (13) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| خَلَقَ الْإِنسَانَ مِن صَلْصَالٍ كَالْفَخَّارِ (14) Wadala	umuntu	ngobumba	olunjengolokwakha	izitsha zobumba
 | 
| وَخَلَقَ الْجَانَّ مِن مَّارِجٍ مِّن نَّارٍ (15) Futhi wadala amajinn ngelangabi lomlilo
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (16) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| رَبُّ الْمَشْرِقَيْنِ وَرَبُّ الْمَغْرِبَيْنِ (17) INkosi yezimpumalanga ezimbili neNkosi yezintshonalanga ezimbili
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (18) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| مَرَجَ الْبَحْرَيْنِ يَلْتَقِيَانِ (19) Yenza ukuthi izilwandle ezimbili zihlangane
 | 
| بَيْنَهُمَا بَرْزَخٌ لَّا يَبْغِيَانِ (20) Phakathi kwazo zombili (izilwandle) kunomngcele zombili ezingaweqi
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (21) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| يَخْرُجُ مِنْهُمَا اللُّؤْلُؤُ وَالْمَرْجَانُ (22) Kuzona zombili kuphuma ubuhlalu, ubuhlalu obukhulu nobuncane
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (23) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| وَلَهُ الْجَوَارِ الْمُنشَآتُ فِي الْبَحْرِ كَالْأَعْلَامِ (24) Futhi ngeyakhe imikhumbi ehamba olwandle ephakeme njengezintaba
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (25) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| كُلُّ مَنْ عَلَيْهَا فَانٍ (26) Bonke abaphezulu kwawo (umhlaba) bayobhubha
 | 
| وَيَبْقَىٰ وَجْهُ رَبِّكَ ذُو الْجَلَالِ وَالْإِكْرَامِ (27) Kepha kuyosala ubuso beNkosi yakho umnikazi wobukhosi ohloniphekile
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (28) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| يَسْأَلُهُ مَن فِي السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۚ كُلَّ يَوْمٍ هُوَ فِي شَأْنٍ (29) Bacela	yena	(uMvelinqangi)	bonke	abasemazulwini nasemhlabeni, zonke izinsuku yena usodabeni
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (30) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| سَنَفْرُغُ لَكُمْ أَيُّهَ الثَّقَلَانِ (31) Siyoninaka (siyonehlulela) Oh Nina maqembu amabili! (abantu namajinn)
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (32) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| يَا مَعْشَرَ الْجِنِّ وَالْإِنسِ إِنِ اسْتَطَعْتُمْ أَن تَنفُذُوا مِنْ أَقْطَارِ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ فَانفُذُوا ۚ لَا تَنفُذُونَ إِلَّا بِسُلْطَانٍ (33) Oh Sixuku samajinn nabantu! Uma nikwazi ukuthi nedlule ngaphambili kwezindawo zamazulu nomhlaba ngakho-ke dlulani, angeke nedlule ngaphandle kwegunya
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (34) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| يُرْسَلُ عَلَيْكُمَا شُوَاظٌ مِّن نَّارٍ وَنُحَاسٌ فَلَا تَنتَصِرَانِ (35) Kuyothunyelwa kunina nobabili amalangabi omlilo kanye nentuthu, manjalo angeke nikwazi ukuzivikela nobabili
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (36) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| فَإِذَا انشَقَّتِ السَّمَاءُ فَكَانَتْ وَرْدَةً كَالدِّهَانِ (37) Khumbula	ngenkathi	izulu	liyohlukana	phakathi	libe yimibalabala eshintshayo
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (38) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| فَيَوْمَئِذٍ لَّا يُسْأَلُ عَن ذَنبِهِ إِنسٌ وَلَا جَانٌّ (39) Manjalo, ngalolosuku angeke abuzwe ngesono sakhe umuntu nejinn angeke libuzwe ngesono salo
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (40) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| يُعْرَفُ الْمُجْرِمُونَ بِسِيمَاهُمْ فَيُؤْخَذُ بِالنَّوَاصِي وَالْأَقْدَامِ (41) Bayokwaziwa	abayizoni	ngezimpawu	zabo	ngakho-ke bayobanjwa ngeziphongo nangezinyawo (zabo)
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (42) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| هَٰذِهِ جَهَنَّمُ الَّتِي يُكَذِّبُ بِهَا الْمُجْرِمُونَ (43) Lesi yisihogo ababesiphika abayizoni
 | 
| يَطُوفُونَ بَيْنَهَا وَبَيْنَ حَمِيمٍ آنٍ (44) Bayojikeleza phakathi kwaso naphakathi kwamanzi abilayo
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (45) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| وَلِمَنْ خَافَ مَقَامَ رَبِّهِ جَنَّتَانِ (46) Kepha okwalowo owesaba ukuma kweNkosi yakhe (ukuze imehlulele) yizivande ezimbili
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (47) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| ذَوَاتَا أَفْنَانٍ (48) Zombili (izivande imithi yazo) inamagatsha
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (49) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| فِيهِمَا عَيْنَانِ تَجْرِيَانِ (50) Phakathi kuzona kunemithombo emibili egijimayo
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (51) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| فِيهِمَا مِن كُلِّ فَاكِهَةٍ زَوْجَانِ (52) Phakathi kuzona zombili (izivande) kukhona zonke izithelo ngambili
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (53) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| مُتَّكِئِينَ عَلَىٰ فُرُشٍ بَطَائِنُهَا مِنْ إِسْتَبْرَقٍ ۚ وَجَنَى الْجَنَّتَيْنِ دَانٍ (54) Becambalele emibhedeni izembozo (izingubo) zayo ziwusilika onohlonze futhi izithelo zezivande ezimbili ziseduze
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (55) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| فِيهِنَّ قَاصِرَاتُ الطَّرْفِ لَمْ يَطْمِثْهُنَّ إِنسٌ قَبْلَهُمْ وَلَا جَانٌّ (56) Phakathi kuzona zombili (izivande) kunabesifazane abamsulwa ababheka ngokuzotha, abangakaze bathintwe abantu ngaphambilini kwabo futhi (abangakaze) bathintwe amajinn
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (57) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| كَأَنَّهُنَّ الْيَاقُوتُ وَالْمَرْجَانُ (58) Okusengathi bona bangamaRubhi nobuhlalu
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (59) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| هَلْ جَزَاءُ الْإِحْسَانِ إِلَّا الْإِحْسَانُ (60) Ngakube ukhona yini umvuzo wokuhle ngaphandle kokuhle
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (61) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| وَمِن دُونِهِمَا جَنَّتَانِ (62) Futhi ngaphandle (kwezivande) ezimbili kunezivande ezimbili ezinye
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (63) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| مُدْهَامَّتَانِ (64) Zombili ziluhlaza okumnyama
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (65) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| فِيهِمَا عَيْنَانِ نَضَّاخَتَانِ (66) Phakathi kuzona zombili (izivande) kunemithombo emibili ephophozayo
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (67) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| فِيهِمَا فَاكِهَةٌ وَنَخْلٌ وَرُمَّانٌ (68) Phakathi kuzona zombili kunezithelo nezihlahla zamasundu namahalananda (uhlobo lwesithelo esinezinhlamvu eziningi)
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (69) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| فِيهِنَّ خَيْرَاتٌ حِسَانٌ (70) Phakathi kuzona kunezinto ezinhle ezilungile
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (71) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| حُورٌ مَّقْصُورَاتٌ فِي الْخِيَامِ (72) Abesifazane abahle ababekwe ematendeni amakhulu
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (73) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| لَمْ يَطْمِثْهُنَّ إِنسٌ قَبْلَهُمْ وَلَا جَانٌّ (74) (Abesifazane) abangakaze bathintwe ngabantu ngaphambilini kwabo futhi abangakaze (bathintwe amajinn)
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (75) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| مُتَّكِئِينَ عَلَىٰ رَفْرَفٍ خُضْرٍ وَعَبْقَرِيٍّ حِسَانٍ (76) Becambalele emaphilweni aluhlaza kanye nakokhaphethi abahle
 | 
| فَبِأَيِّ آلَاءِ رَبِّكُمَا تُكَذِّبَانِ (77) Ngakho-ke yikuphi komusa weNkosi yenu nobabili (abantu namajinn) enikuphikayo
 | 
| تَبَارَكَ اسْمُ رَبِّكَ ذِي الْجَلَالِ وَالْإِكْرَامِ (78) Alibusiswe igama leNkosi yakho umnikazi wobukhosi, kanye nodumo. likaMvelinqangi onomusa onesihawu
 |