يَا أَيُّهَا الْمُدَّثِّرُ (1) Oh wena owemboziwe |
قُمْ فَأَنذِرْ (2) Vuka uxwayise |
وَرَبَّكَ فَكَبِّرْ (3) Nenkosi yakho uyidumise |
وَثِيَابَكَ فَطَهِّرْ (4) Nezingubo zakho uzihlanze |
وَالرُّجْزَ فَاهْجُرْ (5) Futhi uqhelelane nesinengiso |
وَلَا تَمْنُن تَسْتَكْثِرُ (6) Futhi ungenzi umusa ukuze uzuze okuningi |
وَلِرَبِّكَ فَاصْبِرْ (7) NgeNkosi yakho bekezela |
فَإِذَا نُقِرَ فِي النَّاقُورِ (8) Manjalo uma sekushawa icilongo |
فَذَٰلِكَ يَوْمَئِذٍ يَوْمٌ عَسِيرٌ (9) Ngakho-ke lolo wusuku kuyoba wusuku olunzima |
عَلَى الْكَافِرِينَ غَيْرُ يَسِيرٍ (10) Kwabangakholwa alulula |
ذَرْنِي وَمَنْ خَلَقْتُ وَحِيدًا (11) Ngiyeke kanye nalowo engamdala ngedwa |
وَجَعَلْتُ لَهُ مَالًا مَّمْدُودًا (12) Futhi ngambekela ingcebo enkulu |
وَبَنِينَ شُهُودًا (13) Kanye namadodana (izingane) |
وَمَهَّدتُّ لَهُ تَمْهِيدًا (14) Futhi ngamenzela (izinto) zabalula |
ثُمَّ يَطْمَعُ أَنْ أَزِيدَ (15) Bese efisa ukuthi nginezelele |
كَلَّا ۖ إِنَّهُ كَانَ لِآيَاتِنَا عَنِيدًا (16) Lutho! Ngempela yena uyisitha sezimpawu zethu |
سَأُرْهِقُهُ صَعُودًا (17) Ngiyomphoqa ukuba enyuke |
إِنَّهُ فَكَّرَ وَقَدَّرَ (18) Ngempela yena wacabanga futhi wenza ngenhloso |
فَقُتِلَ كَيْفَ قَدَّرَ (19) Ngakho-ke akaqalekiswe (akabhujiswe) wenza
kanjani ngenhloso |
ثُمَّ قُتِلَ كَيْفَ قَدَّرَ (20) Bese eqalekiswa (ebhujiswa) wenza kanjani ngenhloso |
ثُمَّ نَظَرَ (21) Wayese eyabheka |
ثُمَّ عَبَسَ وَبَسَرَ (22) Wabe eseyahwaqabala futhi wabheka (kabi) |
ثُمَّ أَدْبَرَ وَاسْتَكْبَرَ (23) Wayesephindela emumva wazigqaja (waqhosha) |
فَقَالَ إِنْ هَٰذَا إِلَّا سِحْرٌ يُؤْثَرُ (24) Wayesethi, “akuyilutholokhu ngaphandle komlingo wasemandulo” |
إِنْ هَٰذَا إِلَّا قَوْلُ الْبَشَرِ (25) Lokhu akuyilutho ngaphandle kwenkulumo yomuntu |
سَأُصْلِيهِ سَقَرَ (26) Ngiyomfaka esihogweni |
وَمَا أَدْرَاكَ مَا سَقَرُ (27) Futhi yini ekwenza wazi ukuthi yini isihogo |
لَا تُبْقِي وَلَا تَذَرُ (28) (Isihogo) asishiyi lutho futhi asiyeki lutho (ingashile) |
لَوَّاحَةٌ لِّلْبَشَرِ (29) Sishisa abantu |
عَلَيْهَا تِسْعَةَ عَشَرَ (30) Phezulu kwaso kuneshumi nesishiyagalolunye |
وَمَا جَعَلْنَا أَصْحَابَ النَّارِ إِلَّا مَلَائِكَةً ۙ وَمَا جَعَلْنَا عِدَّتَهُمْ إِلَّا فِتْنَةً لِّلَّذِينَ كَفَرُوا لِيَسْتَيْقِنَ الَّذِينَ أُوتُوا الْكِتَابَ وَيَزْدَادَ الَّذِينَ آمَنُوا إِيمَانًا ۙ وَلَا يَرْتَابَ الَّذِينَ أُوتُوا الْكِتَابَ وَالْمُؤْمِنُونَ ۙ وَلِيَقُولَ الَّذِينَ فِي قُلُوبِهِم مَّرَضٌ وَالْكَافِرُونَ مَاذَا أَرَادَ اللَّهُ بِهَٰذَا مَثَلًا ۚ كَذَٰلِكَ يُضِلُّ اللَّهُ مَن يَشَاءُ وَيَهْدِي مَن يَشَاءُ ۚ وَمَا يَعْلَمُ جُنُودَ رَبِّكَ إِلَّا هُوَ ۚ وَمَا هِيَ إِلَّا ذِكْرَىٰ لِلْبَشَرِ (31) Futhi asizange sibeke abaqaphi bomlilo ngaphandle kwezingelosi futhi asizange sibeke isibalo sazo ngaphandle kwesilingo kulabo abangakholwanga ukuze baqiniseke labo abanikezwa incwadi, futhi banezeleleke enkolweni labo abakholwayo futhi kungabibikho ukungabaza kulabo ababenikezwe incwadi kanye nabakholwayo futhi ukuze labo ezinhliziyweni zabo okunesifo (okunokugula) kanye nabangakholwa bathi, “uqonde ukuthini uMvelinqangi ngalesisibonelo?” Kanjalo uMvelinqangi udukisa lowo amthandayo futhi uhola lowo amthandayo futhi akekho owazi impi (ibutho) leNkosi yakho ngaphandle kwayo futhi kona akuyilutho ngaphandle kwesikhumbuzo kubantu |
كَلَّا وَالْقَمَرِ (32) Lutho kepha ngifunga ngenyanga |
وَاللَّيْلِ إِذْ أَدْبَرَ (33) Futhi ngifunga ngobusuku ngenkathi buhamba |
وَالصُّبْحِ إِذَا أَسْفَرَ (34) Futhi ngifunga ngokusa ngenkathi kukhanya |
إِنَّهَا لَإِحْدَى الْكُبَرِ (35) Ngempela kona kowokunye okukhulu kakhulu |
نَذِيرًا لِّلْبَشَرِ (36) Isixwayiso kubantu |
لِمَن شَاءَ مِنكُمْ أَن يَتَقَدَّمَ أَوْ يَتَأَخَّرَ (37) Kulowo phakathi kwenu othanda ukuya phambili noma ukusala ngemumva |
كُلُّ نَفْسٍ بِمَا كَسَبَتْ رَهِينَةٌ (38) Yonke imiphefumulo iyovuma ngalokho okusebenzele |
إِلَّا أَصْحَابَ الْيَمِينِ (39) Ngaphandle kwabangane bangakwesokunene |
فِي جَنَّاتٍ يَتَسَاءَلُونَ (40) Bazobasezivandeni bebuzana |
عَنِ الْمُجْرِمِينَ (41) Ngezigebengu (labo abanecala) |
مَا سَلَكَكُمْ فِي سَقَرَ (42) Yini enilethe esihogweni na |
قَالُوا لَمْ نَكُ مِنَ الْمُصَلِّينَ (43) Bayothi, “sasingeyibona balabo abathandazayo” |
وَلَمْ نَكُ نُطْعِمُ الْمِسْكِينَ (44) Futhi sasingabondli abampofu |
وَكُنَّا نَخُوضُ مَعَ الْخَائِضِينَ (45) Futhi sasikhuluma izinkulumo eziyize kanye nabakhulumi beze |
وَكُنَّا نُكَذِّبُ بِيَوْمِ الدِّينِ (46) Futhi sasiluphika usuku lokuhlawula |
حَتَّىٰ أَتَانَا الْيَقِينُ (47) Kwaze kwaba yilapho sifikelwa ukuqiniseka (ukufa) |
فَمَا تَنفَعُهُمْ شَفَاعَةُ الشَّافِعِينَ (48) Ngakho-ke akubasizi ngalutho ukuncenga kwabancengeli |
فَمَا لَهُمْ عَنِ التَّذْكِرَةِ مُعْرِضِينَ (49) Ngakho-ke kungani ngabo befulathela isikhumbuzo |
كَأَنَّهُمْ حُمُرٌ مُّسْتَنفِرَةٌ (50) Okusengathi bona bayizimbongolo zasendle |
فَرَّتْ مِن قَسْوَرَةٍ (51) Zibalekela ibhubesi (noma umzingeli) |
بَلْ يُرِيدُ كُلُّ امْرِئٍ مِّنْهُمْ أَن يُؤْتَىٰ صُحُفًا مُّنَشَّرَةً (52) Kepha! Lowo nalowo muntu kubona ufisa ukuthi anikezwe amakhasi avuliwe |
كَلَّا ۖ بَل لَّا يَخَافُونَ الْآخِرَةَ (53) Lutho! Kepha abayesabi impilo ezayo |
كَلَّا إِنَّهُ تَذْكِرَةٌ (54) Lutho! Ngempela yona iQur’an iyisikhumbuzo |
فَمَن شَاءَ ذَكَرَهُ (55) Ngakho-ke noma ngabe ngubani othandayo akayikhumbule |
وَمَا يَذْكُرُونَ إِلَّا أَن يَشَاءَ اللَّهُ ۚ هُوَ أَهْلُ التَّقْوَىٰ وَأَهْلُ الْمَغْفِرَةِ (56) Futhi abakhumbuli ngaphandle kokuba uma ethanda 57. uMvelinqangi, yena ufanelwe ukwesatshwa futhi ufanelwe ukuthethelela |