| وَالسَّمَاءِ وَالطَّارِقِ (1) Ngifunga ngesibhakabhaka nangokukhanyayo ebusuku
 | 
| وَمَا أَدْرَاكَ مَا الطَّارِقُ (2) Futhi yini ekwenza wazi ukuthi yini okukhanyayo ebusuku
 | 
| النَّجْمُ الثَّاقِبُ (3) Yinkanyezi ekhanyayo
 | 
| إِن كُلُّ نَفْسٍ لَّمَّا عَلَيْهَا حَافِظٌ (4) Awukho umphefumulo kepha phezu kwawo kunomlondolozi
 | 
| فَلْيَنظُرِ الْإِنسَانُ مِمَّ خُلِقَ (5) Ngakho-ke akabheke umuntu ukuthi wadalwa ngani
 | 
| خُلِقَ مِن مَّاءٍ دَافِقٍ (6) Wadalwa	ngamanzi	(uketshezi)	olukhishwa	(owesilisa nowesifazane) isidoda
 | 
| يَخْرُجُ مِن بَيْنِ الصُّلْبِ وَالتَّرَائِبِ (7) Aphuma phakathi emgogodleni nasezimbanjeni
 | 
| إِنَّهُ عَلَىٰ رَجْعِهِ لَقَادِرٌ (8) Ngempela yena (uMvelinqangi) uyakwazi ukumphindisela emumva (empilweni)
 | 
| يَوْمَ تُبْلَى السَّرَائِرُ (9) Ngosuku lapho izimfihlo ziyolingwa (ziyovezwa obala)
 | 
| فَمَا لَهُ مِن قُوَّةٍ وَلَا نَاصِرٍ (10) Ngifunga ngakho-ke angeke abenawo amandla nomsizi
 | 
| وَالسَّمَاءِ ذَاتِ الرَّجْعِ (11) Futhi ngifunga ngezulu (ngesibhakabhaka) esiletha imvula ngokuphindelela
 | 
| وَالْأَرْضِ ذَاتِ الصَّدْعِ (12) Futhi ngifunga ngomhlaba ngenkathi uqhekeka phakathi
 | 
| إِنَّهُ لَقَوْلٌ فَصْلٌ (13) Ngempela kona kuyinkulumo ehlukanisayo (okuhle nokubi)
 | 
| وَمَا هُوَ بِالْهَزْلِ (14) Futhi kona akuyiwona umdlalo
 | 
| إِنَّهُمْ يَكِيدُونَ كَيْدًا (15) Ngempela bona benza icebo
 | 
| وَأَكِيدُ كَيْدًا (16) Futhi nami ngenza icebo
 | 
| فَمَهِّلِ الْكَافِرِينَ أَمْهِلْهُمْ رُوَيْدًا (17) Ngakho-ke	banike	ithuba	abangakholwa,	bayekwe okwesikhashana ngobumnene
 |