| سَبِّحِ اسْمَ رَبِّكَ الْأَعْلَى (1) Dumisa igama leNkosi yakho ephakeme kakhulu
 | 
| الَّذِي خَلَقَ فَسَوَّىٰ (2) Okuyiyona eyadala yalinganisa (konke ngesimo sako)
 | 
| وَالَّذِي قَدَّرَ فَهَدَىٰ (3) Futhi okuyiyona ekalayo futhi eholayo
 | 
| وَالَّذِي أَخْرَجَ الْمَرْعَىٰ (4) Futhi okuyiyona eyaveza okuluhlaza (utshani nezihlahla)
 | 
| فَجَعَلَهُ غُثَاءً أَحْوَىٰ (5) Yabe seyikwenza kwaba yizinhlanga ezinsundu
 | 
| سَنُقْرِئُكَ فَلَا تَنسَىٰ (6) Sizokwenza ukuthi ufunde angeke ukhohlwe
 | 
| إِلَّا مَا شَاءَ اللَّهُ ۚ إِنَّهُ يَعْلَمُ الْجَهْرَ وَمَا يَخْفَىٰ (7) Ngaphandle kwalokho okufiswa nguMvelinqangi, ngempela yena uyakwazi okusobala kanye nalokho okufihlekile
 | 
| وَنُيَسِّرُكَ لِلْيُسْرَىٰ (8) Futhi sikwenzela kubelula okulula
 | 
| فَذَكِّرْ إِن نَّفَعَتِ الذِّكْرَىٰ (9) Ngakho-ke	khumbuza	uma	kungukuthi	siyakusiza isikhumbuzo
 | 
| سَيَذَّكَّرُ مَن يَخْشَىٰ (10) Uyokhumbula lowo owesaba (uMvelinqangi)
 | 
| وَيَتَجَنَّبُهَا الْأَشْقَى (11) Futhi uyokugwema (ukukhunjuzwa) lowo muntu omubi kakhulu
 | 
| الَّذِي يَصْلَى النَّارَ الْكُبْرَىٰ (12) Lowo uzokusha emlilweni omkhulu
 | 
| ثُمَّ لَا يَمُوتُ فِيهَا وَلَا يَحْيَىٰ (13) Bese engafi lapho phakathi kuwona futhi angaphili
 | 
| قَدْ أَفْلَحَ مَن تَزَكَّىٰ (14) Ngempela uphumelele lowo ozihlanzayo
 | 
| وَذَكَرَ اسْمَ رَبِّهِ فَصَلَّىٰ (15) Futhi akhumbule igama leNkosi yakhe athandaze
 | 
| بَلْ تُؤْثِرُونَ الْحَيَاةَ الدُّنْيَا (16) Kepha nikhetha impilo yalomhlaba
 | 
| وَالْآخِرَةُ خَيْرٌ وَأَبْقَىٰ (17) Futhi impilo ezayo ingcono futhi ingehlalayo engapheliyo
 | 
| إِنَّ هَٰذَا لَفِي الصُّحُفِ الْأُولَىٰ (18) Ngempela lokhu kusemibhalweni yokuqala
 | 
| صُحُفِ إِبْرَاهِيمَ وَمُوسَىٰ (19) Imibhalo ka-Abrahamu noMose
 |