| عَبَسَ وَتَوَلَّىٰ (1) Wahwaqabala wafulathela
 | 
| أَن جَاءَهُ الْأَعْمَىٰ (2) Ngenxa yokuthi kwafika kuyena impumputhe
 | 
| وَمَا يُدْرِيكَ لَعَلَّهُ يَزَّكَّىٰ (3) Futhi yini engakwenza wazi ukuthi angase ahlanzeke
 | 
| أَوْ يَذَّكَّرُ فَتَنفَعَهُ الذِّكْرَىٰ (4) Noma akhumbule bese kuyamsiza ukukhumbula
 | 
| أَمَّا مَنِ اسْتَغْنَىٰ (5) Mayelana nalowo obona ukuthi akadingi lutho
 | 
| فَأَنتَ لَهُ تَصَدَّىٰ (6) Manjalo wena uyamnaka
 | 
| وَمَا عَلَيْكَ أَلَّا يَزَّكَّىٰ (7) Futhi alikho (icala) kuwena uma engahlanzeki
 | 
| وَأَمَّا مَن جَاءَكَ يَسْعَىٰ (8) Futhi mayelana nalowo owafika kuwena egijima
 | 
| وَهُوَ يَخْشَىٰ (9) Futhi esaba (uMvelinqangi)
 | 
| فَأَنتَ عَنْهُ تَلَهَّىٰ (10) Ngakho-ke wena awumnaki
 | 
| كَلَّا إِنَّهَا تَذْكِرَةٌ (11) Lutho! Ngempela wona (amavesi) ayisikhumbuzo
 | 
| فَمَن شَاءَ ذَكَرَهُ (12) Ngakho-ke noma ngabe ngubani othandayo akayikhumbule (iQur’an)
 | 
| فِي صُحُفٍ مُّكَرَّمَةٍ (13) Emaphepheni (emibhalweni) ehloniphekile
 | 
| مَّرْفُوعَةٍ مُّطَهَّرَةٍ (14) Iphakeme ihlanjiwe
 | 
| بِأَيْدِي سَفَرَةٍ (15) Ngezandla zababhali (izingelosi)
 | 
| كِرَامٍ بَرَرَةٍ (16) Abahloniphekile abangamanxusa
 | 
| قُتِلَ الْإِنسَانُ مَا أَكْفَرَهُ (17) Akubhujiswe umuntu ngenxa yokungakholwa kwakhe
 | 
| مِنْ أَيِّ شَيْءٍ خَلَقَهُ (18) Wamdala ngani into
 | 
| مِن نُّطْفَةٍ خَلَقَهُ فَقَدَّرَهُ (19) Ngeconsi lesidoda wamdala, manjalo wayeseyamlinganisa (ngokumbumba)
 | 
| ثُمَّ السَّبِيلَ يَسَّرَهُ (20) Wayesemenzela lula indlela (yokuzalwa)
 | 
| ثُمَّ أَمَاتَهُ فَأَقْبَرَهُ (21) Wayesemenza ukuthi afe wayesemenzela ingcwaba
 | 
| ثُمَّ إِذَا شَاءَ أَنشَرَهُ (22) Bese uma ethanda amvuse ekufeni
 | 
| كَلَّا لَمَّا يَقْضِ مَا أَمَرَهُ (23) Lutho! Akakufezi lokho amphoqa ngakho
 | 
| فَلْيَنظُرِ الْإِنسَانُ إِلَىٰ طَعَامِهِ (24) Ngakho-ke umuntu akabheke ekudleni kwakhe
 | 
| أَنَّا صَبَبْنَا الْمَاءَ صَبًّا (25) Thina sathela amanzi amaningi
 | 
| ثُمَّ شَقَقْنَا الْأَرْضَ شَقًّا (26) Sabe sesiqhekeza umhlaba ngokuqhekeka (okukhulu)
 | 
| فَأَنبَتْنَا فِيهَا حَبًّا (27) Sabe sesimilisa kuwona uhlamvu
 | 
| وَعِنَبًا وَقَضْبًا (28) Kanye namagilebhisi nemfino
 | 
| وَزَيْتُونًا وَنَخْلًا (29) Kanye nomu-olivi nesundu
 | 
| وَحَدَائِقَ غُلْبًا (30) Kanye nezivande ezinothile
 | 
| وَفَاكِهَةً وَأَبًّا (31) Nezithelo notshani
 | 
| مَّتَاعًا لَّكُمْ وَلِأَنْعَامِكُمْ (32) Yinjabulo (yisabelo) senu kanye nezinkomo zenu
 | 
| فَإِذَا جَاءَتِ الصَّاخَّةُ (33) Ngakho-ke	uma	kufika	ukukhala	okunzima	(usuku lokwahlulelwa)
 | 
| يَوْمَ يَفِرُّ الْمَرْءُ مِنْ أَخِيهِ (34) Usuku lapho umuntu eyobalekela umfowabo
 | 
| وَأُمِّهِ وَأَبِيهِ (35) Nonina noyise
 | 
| وَصَاحِبَتِهِ وَبَنِيهِ (36) Nonkosikazi wakhe nezingane zakhe
 | 
| لِكُلِّ امْرِئٍ مِّنْهُمْ يَوْمَئِذٍ شَأْنٌ يُغْنِيهِ (37) Wonke umuntu phakathi kwabo ngalolosuku uyobe ezinake yena
 | 
| وُجُوهٌ يَوْمَئِذٍ مُّسْفِرَةٌ (38) Ubuso ngalolosuku buyokhanya
 | 
| ضَاحِكَةٌ مُّسْتَبْشِرَةٌ (39) Ukuhleka, ukuthokozela izindaba ezimnandi
 | 
| وَوُجُوهٌ يَوْمَئِذٍ عَلَيْهَا غَبَرَةٌ (40) Futhi (obunye) ubuso ngalolosuku buyokuba nothuli
 | 
| تَرْهَقُهَا قَتَرَةٌ (41) Ubumnyamabuyobumboza(ubusobomuntuowayengakwenzi okulungileyo)
 | 
| أُولَٰئِكَ هُمُ الْكَفَرَةُ الْفَجَرَةُ (42) Labo-ke bona abangakholwa, abonayo abenzi bokungalungile
 |