الم (1) Alif Laam Meem |
ذَٰلِكَ الْكِتَابُ لَا رَيْبَ ۛ فِيهِ ۛ هُدًى لِّلْمُتَّقِينَ (2) Lena yincwadi engenakungabaza kuyo, ingumholi kulabo abesaba uMvelinqangi |
الَّذِينَ يُؤْمِنُونَ بِالْغَيْبِ وَيُقِيمُونَ الصَّلَاةَ وَمِمَّا رَزَقْنَاهُمْ يُنفِقُونَ (3) Laboabakholelwakokungabonwayofuthiabenzaumthandazo, futhi banikele kulokho esibaphe kona |
وَالَّذِينَ يُؤْمِنُونَ بِمَا أُنزِلَ إِلَيْكَ وَمَا أُنزِلَ مِن قَبْلِكَ وَبِالْآخِرَةِ هُمْ يُوقِنُونَ (4) Nalabo abakholwa kulokho okwambulelwa wena nalokho okwambulelwa labo abangaphambilini kwakho, futhi benesiqiniseko ngempilo ezayo |
أُولَٰئِكَ عَلَىٰ هُدًى مِّن رَّبِّهِمْ ۖ وَأُولَٰئِكَ هُمُ الْمُفْلِحُونَ (5) Labo-ke basekuholweni okuvela eNkosini yabo, futhi yilabo abaphumelelayo |
إِنَّ الَّذِينَ كَفَرُوا سَوَاءٌ عَلَيْهِمْ أَأَنذَرْتَهُمْ أَمْ لَمْ تُنذِرْهُمْ لَا يُؤْمِنُونَ (6) Ngempela labo abaphika ukholo kuyefana nje noma uyabaxwayisa noma awubaxwayisi angeke baze bakholwe |
خَتَمَ اللَّهُ عَلَىٰ قُلُوبِهِمْ وَعَلَىٰ سَمْعِهِمْ ۖ وَعَلَىٰ أَبْصَارِهِمْ غِشَاوَةٌ ۖ وَلَهُمْ عَذَابٌ عَظِيمٌ (7) UMvelinqangi uvale izinhliziyo zabo kanye nokuzwa kwabo, futhi kunesisithezo ngaphambili kwamehlo abo, futhi isijeziso sabo sikhulu |
وَمِنَ النَّاسِ مَن يَقُولُ آمَنَّا بِاللَّهِ وَبِالْيَوْمِ الْآخِرِ وَمَا هُم بِمُؤْمِنِينَ (8) Futhi phakathi kwabantu kukhona abathi “thina siyakholwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina” kepha bengakholwa |
يُخَادِعُونَ اللَّهَ وَالَّذِينَ آمَنُوا وَمَا يَخْدَعُونَ إِلَّا أَنفُسَهُمْ وَمَا يَشْعُرُونَ (9) BazamaukukhohlisauMvelinqangikanyenalaboabakholwayo, kepha abakhohlisi (muntu) ngaphandle kokuzikhohlisa bona uqobo kepha ababoni |
فِي قُلُوبِهِم مَّرَضٌ فَزَادَهُمُ اللَّهُ مَرَضًا ۖ وَلَهُمْ عَذَابٌ أَلِيمٌ بِمَا كَانُوا يَكْذِبُونَ (10) Ezinhliziyweni zabo kukhona isifo ngakho-ke uMvelinqangi wabandisela isifo, bamelwe yisijeziso esibuhlungu ngalokho ababeqamba amanga ngakho |
وَإِذَا قِيلَ لَهُمْ لَا تُفْسِدُوا فِي الْأَرْضِ قَالُوا إِنَّمَا نَحْنُ مُصْلِحُونَ (11) Futhi uma betshelwa ukuthi yekani ukona emhlabeni bona bathi, “Singabalungisayo” |
أَلَا إِنَّهُمْ هُمُ الْمُفْسِدُونَ وَلَٰكِن لَّا يَشْعُرُونَ (12) Ngempela bayizoni zoqobo kepha ababoni |
وَإِذَا قِيلَ لَهُمْ آمِنُوا كَمَا آمَنَ النَّاسُ قَالُوا أَنُؤْمِنُ كَمَا آمَنَ السُّفَهَاءُ ۗ أَلَا إِنَّهُمْ هُمُ السُّفَهَاءُ وَلَٰكِن لَّا يَعْلَمُونَ (13) Uma betshenwa kuthiwa kubo, “kholwani njengoba bekholwa abantu” bathi, “sikholwe njengoba zakholwa iziwula na?” Kepha okusempeleni yibona iziwula kepha abazi |
وَإِذَا لَقُوا الَّذِينَ آمَنُوا قَالُوا آمَنَّا وَإِذَا خَلَوْا إِلَىٰ شَيَاطِينِهِمْ قَالُوا إِنَّا مَعَكُمْ إِنَّمَا نَحْنُ مُسْتَهْزِئُونَ (14) Uma behlangana nalabo abakholwayo bathi “siyakholwa” kepha uma bebodwa nosathane babo bathi sikanye nani kade sibhuqa nje |
اللَّهُ يَسْتَهْزِئُ بِهِمْ وَيَمُدُّهُمْ فِي طُغْيَانِهِمْ يَعْمَهُونَ (15) UMvelinqangi uyophindisela kubona ukubhuqa kwabo abayeke benhlanhlatha beyizimpumputhe |
أُولَٰئِكَ الَّذِينَ اشْتَرَوُا الضَّلَالَةَ بِالْهُدَىٰ فَمَا رَبِحَت تِّجَارَتُهُمْ وَمَا كَانُوا مُهْتَدِينَ (16) Labo-ke yilabo abathenga ukuduka esikhundleni sokukholwa, kepha ukuthenga kwabo akubanga nanzuzo futhi abazange babe abaholwayo |
مَثَلُهُمْ كَمَثَلِ الَّذِي اسْتَوْقَدَ نَارًا فَلَمَّا أَضَاءَتْ مَا حَوْلَهُ ذَهَبَ اللَّهُ بِنُورِهِمْ وَتَرَكَهُمْ فِي ظُلُمَاتٍ لَّا يُبْصِرُونَ (17) Bafaniswa nomuntu ophemba umlilo okuthi lapho usukhanya yonke indawo uMvelinqangi athathe ukukhanya kwabo abashiye ebumnyameni bengaboni |
صُمٌّ بُكْمٌ عُمْيٌ فَهُمْ لَا يَرْجِعُونَ (18) Izithulu, izimungulu, izimpumputhe angeke babuyele (endleleni eqondile) |
أَوْ كَصَيِّبٍ مِّنَ السَّمَاءِ فِيهِ ظُلُمَاتٌ وَرَعْدٌ وَبَرْقٌ يَجْعَلُونَ أَصَابِعَهُمْ فِي آذَانِهِم مِّنَ الصَّوَاعِقِ حَذَرَ الْمَوْتِ ۚ وَاللَّهُ مُحِيطٌ بِالْكَافِرِينَ (19) Noma njengezulu ligqunqe limnyama nemvula emafini futhi linyazima babeka iminwe yabo ezindlebeni zabo ngenxa yokuduma kwezulu besaba ukufa uMvelinqangi uyabazungeleza abangakholwayo |
يَكَادُ الْبَرْقُ يَخْطَفُ أَبْصَارَهُمْ ۖ كُلَّمَا أَضَاءَ لَهُم مَّشَوْا فِيهِ وَإِذَا أَظْلَمَ عَلَيْهِمْ قَامُوا ۚ وَلَوْ شَاءَ اللَّهُ لَذَهَبَ بِسَمْعِهِمْ وَأَبْصَارِهِمْ ۚ إِنَّ اللَّهَ عَلَىٰ كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ (20) Umbani uthi awufiphaze amehlo abo, uma linyazima bahamba ngokukhanya kwalo uma kubamnyama bame, futhi uma uMvelinqangi ubethanda ubengabaphuca ukuzwa kwabo nokubona kwabo, ngempela uMvelinqangi ungaphezu kwazo zonke izinto |
يَا أَيُّهَا النَّاسُ اعْبُدُوا رَبَّكُمُ الَّذِي خَلَقَكُمْ وَالَّذِينَ مِن قَبْلِكُمْ لَعَلَّكُمْ تَتَّقُونَ (21) Oh Bantu! Khonzani iNkosi yenu eyanidalayo nina kanye nalabo ababengaphambili kwenu ukuze nibe ngabalungileyo |
الَّذِي جَعَلَ لَكُمُ الْأَرْضَ فِرَاشًا وَالسَّمَاءَ بِنَاءً وَأَنزَلَ مِنَ السَّمَاءِ مَاءً فَأَخْرَجَ بِهِ مِنَ الثَّمَرَاتِ رِزْقًا لَّكُمْ ۖ فَلَا تَجْعَلُوا لِلَّهِ أَندَادًا وَأَنتُمْ تَعْلَمُونَ (22) Uyena owenza umhlaba wandlaleka nesibhakabhaka ukuthi sibe uphahla, wehlisela phansi imvula evela ezulwini, wenza ngayo ukuthi kuphume izithelo eziyisipho senu, yekani ukwenzela uMvelinqangi izimbangi nibe nazi |
وَإِن كُنتُمْ فِي رَيْبٍ مِّمَّا نَزَّلْنَا عَلَىٰ عَبْدِنَا فَأْتُوا بِسُورَةٍ مِّن مِّثْلِهِ وَادْعُوا شُهَدَاءَكُم مِّن دُونِ اللَّهِ إِن كُنتُمْ صَادِقِينَ (23) Uma nina ningabaza kulokhu esikwehlisele encekwini yethu nani lethani isahluko esifanayo nibize ofakazi benu ngaphandle kukaMvelinqangi uma nineqiniso |
فَإِن لَّمْ تَفْعَلُوا وَلَن تَفْعَلُوا فَاتَّقُوا النَّارَ الَّتِي وَقُودُهَا النَّاسُ وَالْحِجَارَةُ ۖ أُعِدَّتْ لِلْكَافِرِينَ (24) Kepha uma ningakwenzi (lokho) ukuletha ofakazi benu futhi anisonze nakwenza sabani lowomlilo ozithungelo zawo kungabantu namatshe alungiselwe labo abangakholwa |
وَبَشِّرِ الَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ أَنَّ لَهُمْ جَنَّاتٍ تَجْرِي مِن تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ ۖ كُلَّمَا رُزِقُوا مِنْهَا مِن ثَمَرَةٍ رِّزْقًا ۙ قَالُوا هَٰذَا الَّذِي رُزِقْنَا مِن قَبْلُ ۖ وَأُتُوا بِهِ مُتَشَابِهًا ۖ وَلَهُمْ فِيهَا أَزْوَاجٌ مُّطَهَّرَةٌ ۖ وَهُمْ فِيهَا خَالِدُونَ (25) Futhi yisho izindaba ezimnandi kulabo abakholwayo futhi abenza okulungileyo okwabo yizivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula, njalo uma bephiwa izithelo ezivela kulezi zivande bothi “lokhu kuyikho esakuphiwa ngaphambilini”, futhi bephiwa okufanayo, futhi okwabo lapho phakathi yizithandwa ezimsulwa, futhi bayohlala nazo kuze kube yingunaphakade |
۞ إِنَّ اللَّهَ لَا يَسْتَحْيِي أَن يَضْرِبَ مَثَلًا مَّا بَعُوضَةً فَمَا فَوْقَهَا ۚ فَأَمَّا الَّذِينَ آمَنُوا فَيَعْلَمُونَ أَنَّهُ الْحَقُّ مِن رَّبِّهِمْ ۖ وَأَمَّا الَّذِينَ كَفَرُوا فَيَقُولُونَ مَاذَا أَرَادَ اللَّهُ بِهَٰذَا مَثَلًا ۘ يُضِلُّ بِهِ كَثِيرًا وَيَهْدِي بِهِ كَثِيرًا ۚ وَمَا يُضِلُّ بِهِ إِلَّا الْفَاسِقِينَ (26) Ngempela uMvelinqangi akanawo amahloni okwenza isibonelo ngomiyane noma okungaphansi kwawo, kepha labo abakholwayo bayazi ukuthi kuyiqiniso elivela eNkosini yabo kepha labo abaphika ukholo bathi “usho ukuthini uMvelinqangi ngalesisibonelo na?” udidisa ngaso abaningi futhi abaningi ubahola ngaso, kepha akadukisi (muntu) ngaso ngaphandle kwabonayo |
الَّذِينَ يَنقُضُونَ عَهْدَ اللَّهِ مِن بَعْدِ مِيثَاقِهِ وَيَقْطَعُونَ مَا أَمَرَ اللَّهُ بِهِ أَن يُوصَلَ وَيُفْسِدُونَ فِي الْأَرْضِ ۚ أُولَٰئِكَ هُمُ الْخَاسِرُونَ (27) Labo abaphula isivumelwano sikaMvelinqangi emva kokuba sesiqinisekisiwe, futhi baphule lokho uMvelinqangi aphoqa ngakho ukuba kuhlanganiswe futhi bayona emhlabeni, yibo- ke labo abalahlekelwayo |
كَيْفَ تَكْفُرُونَ بِاللَّهِ وَكُنتُمْ أَمْوَاتًا فَأَحْيَاكُمْ ۖ ثُمَّ يُمِيتُكُمْ ثُمَّ يُحْيِيكُمْ ثُمَّ إِلَيْهِ تُرْجَعُونَ (28) Anikholwa kanjani kuMvelinqangi nibe naningaphili waniphilisa wenza ukuba nife wabuye wanivusa bese nibuyela kuyena |
هُوَ الَّذِي خَلَقَ لَكُم مَّا فِي الْأَرْضِ جَمِيعًا ثُمَّ اسْتَوَىٰ إِلَى السَّمَاءِ فَسَوَّاهُنَّ سَبْعَ سَمَاوَاتٍ ۚ وَهُوَ بِكُلِّ شَيْءٍ عَلِيمٌ (29) Nguyena (uMvelinqangi) owanidalela yonke into ekhona emhlabeni wasephendukela ezulwini walenza laba amazulu ayisikhombisa wehla wazinza futhi nguyena onolwazi ngazo zonke izinto |
وَإِذْ قَالَ رَبُّكَ لِلْمَلَائِكَةِ إِنِّي جَاعِلٌ فِي الْأَرْضِ خَلِيفَةً ۖ قَالُوا أَتَجْعَلُ فِيهَا مَن يُفْسِدُ فِيهَا وَيَسْفِكُ الدِّمَاءَ وَنَحْنُ نُسَبِّحُ بِحَمْدِكَ وَنُقَدِّسُ لَكَ ۖ قَالَ إِنِّي أَعْلَمُ مَا لَا تَعْلَمُونَ (30) Yabe seyithi iNkosi yakho ezingilosini “ngizobeka umholi lapha emhlabeni” zathi, “uzobeka ozokwenza ukona kuwona futhi achithe igazi thina sibe sibabaza udumo lwakho futhi sikungcwelisa na?” yena (uMvelinqangi) wathi “eqinisweni ngazi lokhu eningakwazi” |
وَعَلَّمَ آدَمَ الْأَسْمَاءَ كُلَّهَا ثُمَّ عَرَضَهُمْ عَلَى الْمَلَائِكَةِ فَقَالَ أَنبِئُونِي بِأَسْمَاءِ هَٰؤُلَاءِ إِن كُنتُمْ صَادِقِينَ (31) Futhi yena wafundisa u-Adamu amagama ezinto zonke wayesewakhombisa izingelosi wayesethi “ngitsheleni amagama alezi zinto uma nineqiniso |
قَالُوا سُبْحَانَكَ لَا عِلْمَ لَنَا إِلَّا مَا عَلَّمْتَنَا ۖ إِنَّكَ أَنتَ الْعَلِيمُ الْحَكِيمُ (32) Zathi, “udumo lungolwakho” asinalo thina ulwazi ngaphandle kwalolo osifundise lona, ngempela nguwena owaziyo ohlakaniphile |
قَالَ يَا آدَمُ أَنبِئْهُم بِأَسْمَائِهِمْ ۖ فَلَمَّا أَنبَأَهُم بِأَسْمَائِهِمْ قَالَ أَلَمْ أَقُل لَّكُمْ إِنِّي أَعْلَمُ غَيْبَ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَأَعْلَمُ مَا تُبْدُونَ وَمَا كُنتُمْ تَكْتُمُونَ (33) Wathi (uMvelinqangi) “Oh Adamu! Batshele amagama azo” kwathi lapho esebatshela amagama azo uMvelinqangi wathi “Anginitshelanga yini ukuthi ngempela mina ngiyakwazi okungabonwayo okusemazulwini nokusemhlabeni? Futhi ngiyakwazi lokho enikuvezayo nenikufihlayo |
وَإِذْ قُلْنَا لِلْمَلَائِكَةِ اسْجُدُوا لِآدَمَ فَسَجَدُوا إِلَّا إِبْلِيسَ أَبَىٰ وَاسْتَكْبَرَ وَكَانَ مِنَ الْكَافِرِينَ (34) Futhi khumbula ngenkathi sithi ezingelosini “khothamelani u-Adam” zakhothama ngaphandle kuka-Iblis (usathane) wala futhi waqhosha waba ngomunye wabaphika ukholo |
وَقُلْنَا يَا آدَمُ اسْكُنْ أَنتَ وَزَوْجُكَ الْجَنَّةَ وَكُلَا مِنْهَا رَغَدًا حَيْثُ شِئْتُمَا وَلَا تَقْرَبَا هَٰذِهِ الشَّجَرَةَ فَتَكُونَا مِنَ الظَّالِمِينَ (35) Thina sabe sesithi “Oh Adamu! Hlala esivandeni wena nenkosikazi wakho nidle izinto eziningi lapho nithanda khona kepha ningasondeli kulesisihlahla ngoba nizoba kanye nabenzi bokubi” |
فَأَزَلَّهُمَا الشَّيْطَانُ عَنْهَا فَأَخْرَجَهُمَا مِمَّا كَانَا فِيهِ ۖ وَقُلْنَا اهْبِطُوا بَعْضُكُمْ لِبَعْضٍ عَدُوٌّ ۖ وَلَكُمْ فِي الْأَرْضِ مُسْتَقَرٌّ وَمَتَاعٌ إِلَىٰ حِينٍ (36) Usathane wabakhubekisa kulokho wabakhipha kulokho ababeyikho, sabe sesithi, “yehlelani phansi abanye benu bayizitha zabanye, Indawo yenu yokuhlala isemhlabeni ninikwe yona isikhashana” |
فَتَلَقَّىٰ آدَمُ مِن رَّبِّهِ كَلِمَاتٍ فَتَابَ عَلَيْهِ ۚ إِنَّهُ هُوَ التَّوَّابُ الرَّحِيمُ (37) U-Adam wathola amazwi avela eNkosini yakhe yase iyamthethelela, ngempela nguyena othethelelayo onomusa |
قُلْنَا اهْبِطُوا مِنْهَا جَمِيعًا ۖ فَإِمَّا يَأْتِيَنَّكُم مِّنِّي هُدًى فَمَن تَبِعَ هُدَايَ فَلَا خَوْفٌ عَلَيْهِمْ وَلَا هُمْ يَحْزَنُونَ (38) Sathi, “yehlelani phansi nisuke lapha nonke, uma kufika kunina ukuholwa okuvela kumina noma ngabe ngubani olandela ukuholwa kwami angeke kube khona ukwesaba kubona futhi angeke bakhathazeke” |
وَالَّذِينَ كَفَرُوا وَكَذَّبُوا بِآيَاتِنَا أُولَٰئِكَ أَصْحَابُ النَّارِ ۖ هُمْ فِيهَا خَالِدُونَ (39) Nalabo abangakholwa baphinde baqambe amanga baphike izimpawu zethu labo-ke bangabangane bomlilo bayohlala kuwona ingunaphakade |
يَا بَنِي إِسْرَائِيلَ اذْكُرُوا نِعْمَتِيَ الَّتِي أَنْعَمْتُ عَلَيْكُمْ وَأَوْفُوا بِعَهْدِي أُوفِ بِعَهْدِكُمْ وَإِيَّايَ فَارْهَبُونِ (40) Oh Bantwana baka-Israyeli! Khumbulani ububele bami enganenzela bona bese nifeza isivumelwano sami ukuze ngifeze isivumelwano senu (nami) futhi nesabe mina (kuphela) |
وَآمِنُوا بِمَا أَنزَلْتُ مُصَدِّقًا لِّمَا مَعَكُمْ وَلَا تَكُونُوا أَوَّلَ كَافِرٍ بِهِ ۖ وَلَا تَشْتَرُوا بِآيَاتِي ثَمَنًا قَلِيلًا وَإِيَّايَ فَاتَّقُونِ (41) Futhi nikholelwe kulokho engakwehlisela phansi (izambulo) ukuqinisekisa lokho eninakho futhi ningabi abokuqala abangakholelwa kukona ningashintshi izambulo zami ngokunenzuzo encane (ngokuyize leze) futhi sabani mina |
وَلَا تَلْبِسُوا الْحَقَّ بِالْبَاطِلِ وَتَكْتُمُوا الْحَقَّ وَأَنتُمْ تَعْلَمُونَ (42) Ningasithezi iqiniso ngamanga futhi ningalifihli iqiniso nibe nilazi |
وَأَقِيمُوا الصَّلَاةَ وَآتُوا الزَّكَاةَ وَارْكَعُوا مَعَ الرَّاكِعِينَ (43) Futhi yenzani umthandazo ninikele kwabampofu (zakaah) bese nikhothama kanye nalabo abakhothamayo (ekudumiseni uMvelinqangi) |
۞ أَتَأْمُرُونَ النَّاسَ بِالْبِرِّ وَتَنسَوْنَ أَنفُسَكُمْ وَأَنتُمْ تَتْلُونَ الْكِتَابَ ۚ أَفَلَا تَعْقِلُونَ (44) Ngakube nitshela abantu ukuthi benze ukulunga bese nizikhohlwa nina nibe ningabafundi bencwadi ngakube aninawo yini umqondo na |
وَاسْتَعِينُوا بِالصَّبْرِ وَالصَّلَاةِ ۚ وَإِنَّهَا لَكَبِيرَةٌ إِلَّا عَلَى الْخَاشِعِينَ (45) Futhi celani usizo ngokubekezela nangomthandazo ngempela lokho kunzima ngaphandle kwalabo abazithobayo |
الَّذِينَ يَظُنُّونَ أَنَّهُم مُّلَاقُو رَبِّهِمْ وَأَنَّهُمْ إِلَيْهِ رَاجِعُونَ (46) Labo abacabanga (beqinisekile) ukuthi bona bayohlangana neNkosi yabo futhi yiyona abayophindela kuyo |
يَا بَنِي إِسْرَائِيلَ اذْكُرُوا نِعْمَتِيَ الَّتِي أَنْعَمْتُ عَلَيْكُمْ وَأَنِّي فَضَّلْتُكُمْ عَلَى الْعَالَمِينَ (47) Oh Bantwana bakwa-Israyeli! Khumbulani ububele bami enganenzela bona nganikhetha ngaphezu kwabanye emihlabeni |
وَاتَّقُوا يَوْمًا لَّا تَجْزِي نَفْسٌ عَن نَّفْسٍ شَيْئًا وَلَا يُقْبَلُ مِنْهَا شَفَاعَةٌ وَلَا يُؤْخَذُ مِنْهَا عَدْلٌ وَلَا هُمْ يُنصَرُونَ (48) Futhi sabani usuku lapho umphefumulo ungeke usizwe omunye umphefumulo ngalutho nokuzincengela angeke kwamukelwe, angeke kuthathwe inhlawulo kuwo futhi angeke basizwe |
وَإِذْ نَجَّيْنَاكُم مِّنْ آلِ فِرْعَوْنَ يَسُومُونَكُمْ سُوءَ الْعَذَابِ يُذَبِّحُونَ أَبْنَاءَكُمْ وَيَسْتَحْيُونَ نِسَاءَكُمْ ۚ وَفِي ذَٰلِكُم بَلَاءٌ مِّن رَّبِّكُمْ عَظِيمٌ (49) Futhi (khumbulani) ngesikhathi sinivikela kubantu bakaFaro benethwesa isijeziso esinzima bebulala amadodana enu beshiya abesifazane bephila futhi lokho kwangukulingwa kwenu okukhulu okuvela eNkosini yenu |
وَإِذْ فَرَقْنَا بِكُمُ الْبَحْرَ فَأَنجَيْنَاكُمْ وَأَغْرَقْنَا آلَ فِرْعَوْنَ وَأَنتُمْ تَنظُرُونَ (50) Futhi (khumbulani) sanihlukanisela ulwandle sanihlenga sabe sesiminzisa abantu bakaFaro kulapho nibhekile |
وَإِذْ وَاعَدْنَا مُوسَىٰ أَرْبَعِينَ لَيْلَةً ثُمَّ اتَّخَذْتُمُ الْعِجْلَ مِن بَعْدِهِ وَأَنتُمْ ظَالِمُونَ (51) Futhi khumbulani ngesikhathi senza isethembiso noMozisi ubusuku obungamashumi amane emva kwakhe nasala nathatha ithole (nalikhonza laba yisithixo senu) naba ngabenzi bokubi |
ثُمَّ عَفَوْنَا عَنكُم مِّن بَعْدِ ذَٰلِكَ لَعَلَّكُمْ تَشْكُرُونَ (52) Sabe sesiyanixolela emva kwalokho ukuze nikhombise ukubonga |
وَإِذْ آتَيْنَا مُوسَى الْكِتَابَ وَالْفُرْقَانَ لَعَلَّكُمْ تَهْتَدُونَ (53) Futhi (khumbulani ngesikhathi) sinika uMose incwadi nokunehlukanisela ukuze niholwe |
وَإِذْ قَالَ مُوسَىٰ لِقَوْمِهِ يَا قَوْمِ إِنَّكُمْ ظَلَمْتُمْ أَنفُسَكُم بِاتِّخَاذِكُمُ الْعِجْلَ فَتُوبُوا إِلَىٰ بَارِئِكُمْ فَاقْتُلُوا أَنفُسَكُمْ ذَٰلِكُمْ خَيْرٌ لَّكُمْ عِندَ بَارِئِكُمْ فَتَابَ عَلَيْكُمْ ۚ إِنَّهُ هُوَ التَّوَّابُ الرَّحِيمُ (54) Futhi (khumbulani) ngesikhathi uMose ethi kubantu bakhe, “Oh Bantu bami! Nenze okubi emiphefumulweni yenu ngokuthatha ithole (ukuba nilikhonze) ngakho-ke buyelani kumdali wenu ngentethelelo, nizibulale nina uqobo lokho kungcono kunina emehlweni omdali wenu wabe eseyanithethelela ngempela ungothethelelayo onesihawu” |
وَإِذْ قُلْتُمْ يَا مُوسَىٰ لَن نُّؤْمِنَ لَكَ حَتَّىٰ نَرَى اللَّهَ جَهْرَةً فَأَخَذَتْكُمُ الصَّاعِقَةُ وَأَنتُمْ تَنظُرُونَ (55) Futhi (khumbulani) ngesikhathi nithi “Oh! Mose! Angeke sikukholwe ngaphandle kokuba sizibonele uMvelinqangi uqobo lwethu” nabe senithathwa umbani kulapho nibhekile |
ثُمَّ بَعَثْنَاكُم مِّن بَعْدِ مَوْتِكُمْ لَعَلَّكُمْ تَشْكُرُونَ (56) Sabe sesiyanivusa emuva kokufa kwenu ukuze nibe nokubonga |
وَظَلَّلْنَا عَلَيْكُمُ الْغَمَامَ وَأَنزَلْنَا عَلَيْكُمُ الْمَنَّ وَالسَّلْوَىٰ ۖ كُلُوا مِن طَيِّبَاتِ مَا رَزَقْنَاكُمْ ۖ وَمَا ظَلَمُونَا وَلَٰكِن كَانُوا أَنفُسَهُمْ يَظْلِمُونَ (57) Sawenza amafu ukuba abeyithunzi phezu kwenu, sathumela kunina imana nezigwaca, yidlani ezintweni ezinhle esiniphe zona, abazange basone ngalutho kodwa bona imiphefumulo yabo |
وَإِذْ قُلْنَا ادْخُلُوا هَٰذِهِ الْقَرْيَةَ فَكُلُوا مِنْهَا حَيْثُ شِئْتُمْ رَغَدًا وَادْخُلُوا الْبَابَ سُجَّدًا وَقُولُوا حِطَّةٌ نَّغْفِرْ لَكُمْ خَطَايَاكُمْ ۚ وَسَنَزِيدُ الْمُحْسِنِينَ (58) Futhi khumbulani ukuthi sathi, ngenani kulelidolobha nidle okukulo noma ngabe yini ngendlela enithanda ngayo ningene esangweni niguqile ngokuzithoba nithi, “sithethelele” siyonithethelela izono zenu futhi siyobandisa abenzi bokuhle |
فَبَدَّلَ الَّذِينَ ظَلَمُوا قَوْلًا غَيْرَ الَّذِي قِيلَ لَهُمْ فَأَنزَلْنَا عَلَى الَّذِينَ ظَلَمُوا رِجْزًا مِّنَ السَّمَاءِ بِمَا كَانُوا يَفْسُقُونَ (59) Kodwa labo ababengalungile baguqula inkulumo hayi leyo eyayishiwo kubona sabe sesehlisela kulabo abonayo isijeziso esivela ezulwini |
۞ وَإِذِ اسْتَسْقَىٰ مُوسَىٰ لِقَوْمِهِ فَقُلْنَا اضْرِب بِّعَصَاكَ الْحَجَرَ ۖ فَانفَجَرَتْ مِنْهُ اثْنَتَا عَشْرَةَ عَيْنًا ۖ قَدْ عَلِمَ كُلُّ أُنَاسٍ مَّشْرَبَهُمْ ۖ كُلُوا وَاشْرَبُوا مِن رِّزْقِ اللَّهِ وَلَا تَعْثَوْا فِي الْأَرْضِ مُفْسِدِينَ (60) Futhi (khumbulani) ngesikhathi uMose ethandaza (ecelela) abantu bakhe amanzi sabe sesithi shaya idwala ngenduku yakho kwaqhuma imithombo eyishumi nambili kulona, bayazi bonke abantu indawo yabo yokuphuza, yidlani futhi niphuze kulokho enikwabelwe nguMvelinqangi ningenzi ukona nokuganga emhlabeni |
وَإِذْ قُلْتُمْ يَا مُوسَىٰ لَن نَّصْبِرَ عَلَىٰ طَعَامٍ وَاحِدٍ فَادْعُ لَنَا رَبَّكَ يُخْرِجْ لَنَا مِمَّا تُنبِتُ الْأَرْضُ مِن بَقْلِهَا وَقِثَّائِهَا وَفُومِهَا وَعَدَسِهَا وَبَصَلِهَا ۖ قَالَ أَتَسْتَبْدِلُونَ الَّذِي هُوَ أَدْنَىٰ بِالَّذِي هُوَ خَيْرٌ ۚ اهْبِطُوا مِصْرًا فَإِنَّ لَكُم مَّا سَأَلْتُمْ ۗ وَضُرِبَتْ عَلَيْهِمُ الذِّلَّةُ وَالْمَسْكَنَةُ وَبَاءُوا بِغَضَبٍ مِّنَ اللَّهِ ۗ ذَٰلِكَ بِأَنَّهُمْ كَانُوا يَكْفُرُونَ بِآيَاتِ اللَّهِ وَيَقْتُلُونَ النَّبِيِّينَ بِغَيْرِ الْحَقِّ ۗ ذَٰلِكَ بِمَا عَصَوا وَّكَانُوا يَعْتَدُونَ (61) Futhi (khumbulani) ukuthi nathi “Oh! Mose! Angeke sikwazi ukumelana nohlobo lokudla olulodwa ngakho-ke sicelele eNkosini yakho ukuba isikhiphele lokho okumila emhlabathini (izitshalo) imifino yawo amakhukhumba awo, ogaliki bawo amalentisi awo no-anyanisi bawo, wathi (uMose), “nifuna ukushintshela kulokho okungeyilutho kunalokho okungcono na?” hambani niye kunoma iyiphi indawo (idolobha) okusempeleni niyothola konke enikufunayo, bathola ukudumala nokukhathazeka bazidonsela intukuthelo kaMvelinqangi, lokho yingoba babephika izimpawu zikaMvelinqangi futhi bebulala abaphrofethi ngokungemthetho kwakungenxa yokuthi babengahloniphi futhi bedukile |
إِنَّ الَّذِينَ آمَنُوا وَالَّذِينَ هَادُوا وَالنَّصَارَىٰ وَالصَّابِئِينَ مَنْ آمَنَ بِاللَّهِ وَالْيَوْمِ الْآخِرِ وَعَمِلَ صَالِحًا فَلَهُمْ أَجْرُهُمْ عِندَ رَبِّهِمْ وَلَا خَوْفٌ عَلَيْهِمْ وَلَا هُمْ يَحْزَنُونَ (62) Ngempela labo abakholwayo nalabo ababengamaJuda namaKrestu namaSabiya noma ngabe ngubani owakholelwa kuMvelinqangi nososukwini lokugcina wenza okuhle umvuzo wakhe useNkosini yakhe abayukwesaba futhi angeke bakhathazeke |
وَإِذْ أَخَذْنَا مِيثَاقَكُمْ وَرَفَعْنَا فَوْقَكُمُ الطُّورَ خُذُوا مَا آتَيْنَاكُم بِقُوَّةٍ وَاذْكُرُوا مَا فِيهِ لَعَلَّكُمْ تَتَّقُونَ (63) Futhi (khumbulani) ngesikathi senza isivumelwano nani (bantwana bakwa Israyeli) senza intaba iSinayi yaba umqongo ngaphezu kwenu kwathiwa thathani ngeqiniso lokho esaninika kona, nikhumbule okuqukethwe yiko ngaphakathi ukuze nibe ngabalungileyo |
ثُمَّ تَوَلَّيْتُم مِّن بَعْدِ ذَٰلِكَ ۖ فَلَوْلَا فَضْلُ اللَّهِ عَلَيْكُمْ وَرَحْمَتُهُ لَكُنتُم مِّنَ الْخَاسِرِينَ (64) Nabe seniyaphenduka (naphambuka) emuva kwalokho uma babungekho ububele buka-Mvelinqangi phezu kwenu nomusa wakhe naniyoba kanye nalabo abalahlekelweyo |
وَلَقَدْ عَلِمْتُمُ الَّذِينَ اعْتَدَوْا مِنكُمْ فِي السَّبْتِ فَقُلْنَا لَهُمْ كُونُوا قِرَدَةً خَاسِئِينَ (65) Futhi nivele niyabazi kahle labo kunina abephula (umthetho) weSabatha, futhi sathi kubona “yibani yizinkawu ezilahliweyo” |
فَجَعَلْنَاهَا نَكَالًا لِّمَا بَيْنَ يَدَيْهَا وَمَا خَلْفَهَا وَمَوْعِظَةً لِّلْمُتَّقِينَ (66) Sakwenza lokho kwaba yisijeziso kulabo ababekhona nasezizukulwaneni zabo futhi kuyisifundo kulabo abesaba (uMvelinqangi) |
وَإِذْ قَالَ مُوسَىٰ لِقَوْمِهِ إِنَّ اللَّهَ يَأْمُرُكُمْ أَن تَذْبَحُوا بَقَرَةً ۖ قَالُوا أَتَتَّخِذُنَا هُزُوًا ۖ قَالَ أَعُوذُ بِاللَّهِ أَنْ أَكُونَ مِنَ الْجَاهِلِينَ (67) Futhi khumbulani ngesikhathi uMose ethi kubantu bakhe, “ngempela uMvelinqangi uniyalela ukuba nihlabe inkomo (umnikelo ngenkomo), bathi “ngakube usithathisa okweziwula na?” wathi, “Oh! Mvelinqangi! Ngicela isiphephelo (kuwena) ukuze ngingabi kanye nalabo abangazi lutho” |
قَالُوا ادْعُ لَنَا رَبَّكَ يُبَيِّن لَّنَا مَا هِيَ ۚ قَالَ إِنَّهُ يَقُولُ إِنَّهَا بَقَرَةٌ لَّا فَارِضٌ وَلَا بِكْرٌ عَوَانٌ بَيْنَ ذَٰلِكَ ۖ فَافْعَلُوا مَا تُؤْمَرُونَ (68) Bathi (abantwana bakwa-Israyeli) “tshena iNkosi yakho isicacisele ukuthi inkomoni leyo” wathi (uMose), “ngempela yena (uMvelinqangi) uthi kufanele kube yinkomo engeyindala futhi engeyincane mayibe phakathi kwalokho”, yenzani lokho eniyalelwe ngakho |
قَالُوا ادْعُ لَنَا رَبَّكَ يُبَيِّن لَّنَا مَا لَوْنُهَا ۚ قَالَ إِنَّهُ يَقُولُ إِنَّهَا بَقَرَةٌ صَفْرَاءُ فَاقِعٌ لَّوْنُهَا تَسُرُّ النَّاظِرِينَ (69) Bathi, “sitshelele iNkosi yakho isicacisele ukuthi imubala njani na? Wathi (uMose) ngempela yena uthi “Iyinkomo encombo enombala ogqamile encomekayo kwabayibonayo” |
قَالُوا ادْعُ لَنَا رَبَّكَ يُبَيِّن لَّنَا مَا هِيَ إِنَّ الْبَقَرَ تَشَابَهَ عَلَيْنَا وَإِنَّا إِن شَاءَ اللَّهُ لَمُهْتَدُونَ (70) Bathi sitshenele iNkosi yakho ukuthi isicacisele ukuthi iyini leyo (nkomo) futhi okusempeleni izinkomo ziyefana kuthina, futhi uma uMvelinqangi efisa sizoba ngabaholekayo |
قَالَ إِنَّهُ يَقُولُ إِنَّهَا بَقَرَةٌ لَّا ذَلُولٌ تُثِيرُ الْأَرْضَ وَلَا تَسْقِي الْحَرْثَ مُسَلَّمَةٌ لَّا شِيَةَ فِيهَا ۚ قَالُوا الْآنَ جِئْتَ بِالْحَقِّ ۚ فَذَبَحُوهَا وَمَا كَادُوا يَفْعَلُونَ (71) Wathi ngempela yena uthi, “inkomazi engafundiselwanga ukulima umhlabathi, noma ukwenisela amasimu, engenasici engenawo amabala” bathi, “manje usufike neqiniso base beyihlaba (benikela) ngayo kepha babengasazimisele ukukwenza (lokho)” |
وَإِذْ قَتَلْتُمْ نَفْسًا فَادَّارَأْتُمْ فِيهَا ۖ وَاللَّهُ مُخْرِجٌ مَّا كُنتُمْ تَكْتُمُونَ (72) Futhi (khumbulani) ngesikhathi senibulele umuntu nase niphikisana ngalokho, uMvelinqangi ungumembuli walokho enikufihlileyo |
فَقُلْنَا اضْرِبُوهُ بِبَعْضِهَا ۚ كَذَٰلِكَ يُحْيِي اللَّهُ الْمَوْتَىٰ وَيُرِيكُمْ آيَاتِهِ لَعَلَّكُمْ تَعْقِلُونَ (73) Ngakho-ke thina sathi “sishayeni (isidumbu) ngengxenye yaso, uMvelinqangi ubabuyisela kanjalo-ke ekuphileni abafileyo futhi unikhombisa izimpawu zakhe ukuze nibe ngabaqondayo |
ثُمَّ قَسَتْ قُلُوبُكُم مِّن بَعْدِ ذَٰلِكَ فَهِيَ كَالْحِجَارَةِ أَوْ أَشَدُّ قَسْوَةً ۚ وَإِنَّ مِنَ الْحِجَارَةِ لَمَا يَتَفَجَّرُ مِنْهُ الْأَنْهَارُ ۚ وَإِنَّ مِنْهَا لَمَا يَشَّقَّقُ فَيَخْرُجُ مِنْهُ الْمَاءُ ۚ وَإِنَّ مِنْهَا لَمَا يَهْبِطُ مِنْ خَشْيَةِ اللَّهِ ۗ وَمَا اللَّهُ بِغَافِلٍ عَمَّا تَعْمَلُونَ (74) Kusukela kulokho izinhliziyo zenu zaba lukhuni zaba njengamadwala futhi zaba ngaphezu kwalokho kepha kwamanye amadwala kwaqhuma imifula futhi amanye awo ahlukana futhi kwaphuma amanzi amanye awo awa phansi ngenxa yokwesaba uMvelinqangi, akusikhona ukuthi uMvelinqangi akakunakile lokho enikwenzayo |
۞ أَفَتَطْمَعُونَ أَن يُؤْمِنُوا لَكُمْ وَقَدْ كَانَ فَرِيقٌ مِّنْهُمْ يَسْمَعُونَ كَلَامَ اللَّهِ ثُمَّ يُحَرِّفُونَهُ مِن بَعْدِ مَا عَقَلُوهُ وَهُمْ يَعْلَمُونَ (75) Ngakube nina (abakholwayo) ninethemba ukuthi bazonikholwa kulapho kwakukhona iqembu phakathi kwabo elalilalela amazwi kaMvelinqangi bese bewashintsha ngokwabo emva kokuba sebewaqondile ukuthi athini, futhi kulapho bazi |
وَإِذَا لَقُوا الَّذِينَ آمَنُوا قَالُوا آمَنَّا وَإِذَا خَلَا بَعْضُهُمْ إِلَىٰ بَعْضٍ قَالُوا أَتُحَدِّثُونَهُم بِمَا فَتَحَ اللَّهُ عَلَيْكُمْ لِيُحَاجُّوكُم بِهِ عِندَ رَبِّكُمْ ۚ أَفَلَا تَعْقِلُونَ (76) Futhi uma behlangana nalabo abakholwayo bathi “siyakholwa” kodwa uma behlangana bodwa bathi “ngakube niyakhuluma nabo ngalokho uMvelinqangi anembulele kona ukuze baphikisane nani ngakho eNkosini yenu na? Ngakube aninawo yini umqondo na |
أَوَلَا يَعْلَمُونَ أَنَّ اللَّهَ يَعْلَمُ مَا يُسِرُّونَ وَمَا يُعْلِنُونَ (77) Noma abazi yini ukuthi uMvelinqangi uyakwazi lokho abakufihlayo nalokho abakuveza obala na |
وَمِنْهُمْ أُمِّيُّونَ لَا يَعْلَمُونَ الْكِتَابَ إِلَّا أَمَانِيَّ وَإِنْ هُمْ إِلَّا يَظُنُّونَ (78) Kukhona phakathi kwabo abangakwazi ukufunda abangayazi incwadi (imibhalo) ngaphandle kwezifiso kepha bayazicabangela nje ngokwabo |
فَوَيْلٌ لِّلَّذِينَ يَكْتُبُونَ الْكِتَابَ بِأَيْدِيهِمْ ثُمَّ يَقُولُونَ هَٰذَا مِنْ عِندِ اللَّهِ لِيَشْتَرُوا بِهِ ثَمَنًا قَلِيلًا ۖ فَوَيْلٌ لَّهُم مِّمَّا كَتَبَتْ أَيْدِيهِمْ وَوَيْلٌ لَّهُم مِّمَّا يَكْسِبُونَ (79) Oh! usizi! Kulabo ababhala incwadi ngezandla zabo futhi bese bethi “lokhu kuvela ku-Mvelinqangi ukuze benze inzuzo encane Oh usizi! Phezu kwabo ngalokho okubhalwe yizandla zabo futhi Oh! usizi! phezu kwabo ngalokho abakuzuzayo |
وَقَالُوا لَن تَمَسَّنَا النَّارُ إِلَّا أَيَّامًا مَّعْدُودَةً ۚ قُلْ أَتَّخَذْتُمْ عِندَ اللَّهِ عَهْدًا فَلَن يُخْلِفَ اللَّهُ عَهْدَهُ ۖ أَمْ تَقُولُونَ عَلَى اللَّهِ مَا لَا تَعْلَمُونَ (80) Futhi bathi “angeke usithinte umlilo ngaphandle kwezinsuku ezimbalwa” Ithi ngakube nenze isethembiso noMvelinqangi, akasoze wasephula isethembiso sakhe uMvelinqangi noma nisho ngoMvelinqangi lokho eningakwazi |
بَلَىٰ مَن كَسَبَ سَيِّئَةً وَأَحَاطَتْ بِهِ خَطِيئَتُهُ فَأُولَٰئِكَ أَصْحَابُ النَّارِ ۖ هُمْ فِيهَا خَالِدُونَ (81) Yebo noma ngabe ngubani ozuza (owenza) ububi bese engena kusona isono sakhe, Labo-ke bangabangani bomlilo bayokuba kuwona ingunaphakade |
وَالَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ أُولَٰئِكَ أَصْحَابُ الْجَنَّةِ ۖ هُمْ فِيهَا خَالِدُونَ (82) Futhi labo abakholwayo bese benza izenzo ezinhle, laba ngabangani besivande (basezulwini) lapho beyohlala khona ingunaphakade |
وَإِذْ أَخَذْنَا مِيثَاقَ بَنِي إِسْرَائِيلَ لَا تَعْبُدُونَ إِلَّا اللَّهَ وَبِالْوَالِدَيْنِ إِحْسَانًا وَذِي الْقُرْبَىٰ وَالْيَتَامَىٰ وَالْمَسَاكِينِ وَقُولُوا لِلنَّاسِ حُسْنًا وَأَقِيمُوا الصَّلَاةَ وَآتُوا الزَّكَاةَ ثُمَّ تَوَلَّيْتُمْ إِلَّا قَلِيلًا مِّنكُمْ وَأَنتُم مُّعْرِضُونَ (83) Futhi khumbulani ngesikhathi senza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ukuthi ningakhonzi (lutho olunye) ngaphandle kokukhonza uMvelinqangi, futhi kubazali nenze okuhle nasezihlotsheni nasezintandaneni nakwabampofu, futhi nikhulume nabantu inkulumo enhle futhi nenze umthandazo ninikele kwabampofu (zakaah) nibe ngabaphendukela emuva ngaphandle kwabambalwa benu futhi nina naniqembukelane |
وَإِذْ أَخَذْنَا مِيثَاقَكُمْ لَا تَسْفِكُونَ دِمَاءَكُمْ وَلَا تُخْرِجُونَ أَنفُسَكُم مِّن دِيَارِكُمْ ثُمَّ أَقْرَرْتُمْ وَأَنتُمْ تَشْهَدُونَ (84) Futhi khumbulani ngesikhathi senza isivumelwano nani esithi ningalichithi igazi lenu omunye ngamunye ningayikhiphi imiphefumulo yenu emizini yenu nibe senikwazi (lokho) futhi naba ngofakazi |
ثُمَّ أَنتُمْ هَٰؤُلَاءِ تَقْتُلُونَ أَنفُسَكُمْ وَتُخْرِجُونَ فَرِيقًا مِّنكُم مِّن دِيَارِهِمْ تَظَاهَرُونَ عَلَيْهِم بِالْإِثْمِ وَالْعُدْوَانِ وَإِن يَأْتُوكُمْ أُسَارَىٰ تُفَادُوهُمْ وَهُوَ مُحَرَّمٌ عَلَيْكُمْ إِخْرَاجُهُمْ ۚ أَفَتُؤْمِنُونَ بِبَعْضِ الْكِتَابِ وَتَكْفُرُونَ بِبَعْضٍ ۚ فَمَا جَزَاءُ مَن يَفْعَلُ ذَٰلِكَ مِنكُمْ إِلَّا خِزْيٌ فِي الْحَيَاةِ الدُّنْيَا ۖ وَيَوْمَ الْقِيَامَةِ يُرَدُّونَ إِلَىٰ أَشَدِّ الْعَذَابِ ۗ وَمَا اللَّهُ بِغَافِلٍ عَمَّا تَعْمَلُونَ (85) Futhi nina uqobo lwenu naba yilabo ababulalana bodwa futhi nakhipha abanye benu emizini yabo nabahlula ngokwenza leso sono nazondana, uma beza kunina benithumba nibahlawule yize noma kungavumelekile lokho kunina, ngakube nikholelwa engxenyeni yemibhalo enye bese ningayikholwa na? Ngakube yini umvuzo walabo abakwenzayo lokho kunina na? Ngaphandle kokuhlambalazeka empilweni yakulomhlaba nangalolosuku lokuvuka kwabafileyo bayophindiselwa esijezisweni esinzima. Futhi akusikona ukuthi uMvelinqangi akakunakile lokho enikwenzayo |
أُولَٰئِكَ الَّذِينَ اشْتَرَوُا الْحَيَاةَ الدُّنْيَا بِالْآخِرَةِ ۖ فَلَا يُخَفَّفُ عَنْهُمُ الْعَذَابُ وَلَا هُمْ يُنصَرُونَ (86) Labo-ke bayilabo abathenga impilo yakulomhlaba (ngokushintshana) neyakwelizayo angeke bancishiselwe isijeziso futhi angeke bona basizwe |
وَلَقَدْ آتَيْنَا مُوسَى الْكِتَابَ وَقَفَّيْنَا مِن بَعْدِهِ بِالرُّسُلِ ۖ وَآتَيْنَا عِيسَى ابْنَ مَرْيَمَ الْبَيِّنَاتِ وَأَيَّدْنَاهُ بِرُوحِ الْقُدُسِ ۗ أَفَكُلَّمَا جَاءَكُمْ رَسُولٌ بِمَا لَا تَهْوَىٰ أَنفُسُكُمُ اسْتَكْبَرْتُمْ فَفَرِيقًا كَذَّبْتُمْ وَفَرِيقًا تَقْتُلُونَ (87) Futhi ngempela samnika uMose incwadi (iThora) sabe sesiyilandelisa emva kwakhe ngezithunywa sanika uJesu indodana kaMariya izibonakaliso ezicacile sameseka ngomoya oyingcwele. Ngakube njalo uma nifikelwa yisithunywa (Oh! Bantwana bakwa-Israyeli) nalokho eningakufuni nabe seniyaqhosha abanye babo (abaphrofethi) anibakholelwa abanye babo niyababulala |
وَقَالُوا قُلُوبُنَا غُلْفٌ ۚ بَل لَّعَنَهُمُ اللَّهُ بِكُفْرِهِمْ فَقَلِيلًا مَّا يُؤْمِنُونَ (88) Futhi bathi “izinhliziyo zethu zimboziwe” kepha uMvelinqangi ubaqalekisile ngokungakholwa kwabo kepha kuncane lokho abakukholwayo |
وَلَمَّا جَاءَهُمْ كِتَابٌ مِّنْ عِندِ اللَّهِ مُصَدِّقٌ لِّمَا مَعَهُمْ وَكَانُوا مِن قَبْلُ يَسْتَفْتِحُونَ عَلَى الَّذِينَ كَفَرُوا فَلَمَّا جَاءَهُم مَّا عَرَفُوا كَفَرُوا بِهِ ۚ فَلَعْنَةُ اللَّهِ عَلَى الْكَافِرِينَ (89) Futhi kwathi lapho sebefikelwa yincwadi evela kuMvelinqangi igcwalisekisa lokho abanako futhi ngaphambilini babethandazela ukuba banqobe labo abangakholwa kwathi lapho sebefikelwa yilokho abakwaziyo bangakholelwa yikho, ngakho-ke isiqalekiso sikaMvelinqangi siphezulu kwabangakholwa |
بِئْسَمَا اشْتَرَوْا بِهِ أَنفُسَهُمْ أَن يَكْفُرُوا بِمَا أَنزَلَ اللَّهُ بَغْيًا أَن يُنَزِّلَ اللَّهُ مِن فَضْلِهِ عَلَىٰ مَن يَشَاءُ مِنْ عِبَادِهِ ۖ فَبَاءُوا بِغَضَبٍ عَلَىٰ غَضَبٍ ۚ وَلِلْكَافِرِينَ عَذَابٌ مُّهِينٌ (90) Ububi yilobo abakudayisele imiphefumulo yabo ukuthi bangakholelwa kulokho okwehliswe nguMvelinqangi ngesingabo akwehlisile uMvelinqangi ngobubele bakhe phezulu kwalowo amthandayo ezincekwini zakhe, futhi bazidonsela ulaka phezu kolaka, kwabangakholwa kunesijeziso esiyihlazo |
وَإِذَا قِيلَ لَهُمْ آمِنُوا بِمَا أَنزَلَ اللَّهُ قَالُوا نُؤْمِنُ بِمَا أُنزِلَ عَلَيْنَا وَيَكْفُرُونَ بِمَا وَرَاءَهُ وَهُوَ الْحَقُّ مُصَدِّقًا لِّمَا مَعَهُمْ ۗ قُلْ فَلِمَ تَقْتُلُونَ أَنبِيَاءَ اللَّهِ مِن قَبْلُ إِن كُنتُم مُّؤْمِنِينَ (91) Futhi ngesikhathi kuthiwa kubona “kholwani kulokho akwembulile uMvelinqangi bathi “sikholwa yilokhu okwehliselwe kuthina futhi abakholelwa kulokho okweza ngemuva kwalokho futhi kube kuyiqiniso eliqinisekisa lokho ababenako ithi, “Kungani nanibulala abaphrofethi baMvelinqangi ngaphambilini uma ningabakholwayo |
۞ وَلَقَدْ جَاءَكُم مُّوسَىٰ بِالْبَيِّنَاتِ ثُمَّ اتَّخَذْتُمُ الْعِجْلَ مِن بَعْدِهِ وَأَنتُمْ ظَالِمُونَ (92) Futhi ngempela uMose weza kunina nezibonakaliso ezicacile nabe senithatha ithole ukuba nilikhonze emva kwakhe (esehambile) naba ngabenzi bokubi |
وَإِذْ أَخَذْنَا مِيثَاقَكُمْ وَرَفَعْنَا فَوْقَكُمُ الطُّورَ خُذُوا مَا آتَيْنَاكُم بِقُوَّةٍ وَاسْمَعُوا ۖ قَالُوا سَمِعْنَا وَعَصَيْنَا وَأُشْرِبُوا فِي قُلُوبِهِمُ الْعِجْلَ بِكُفْرِهِمْ ۚ قُلْ بِئْسَمَا يَأْمُرُكُم بِهِ إِيمَانُكُمْ إِن كُنتُم مُّؤْمِنِينَ (93) Futhi khumbula ngesikhathi senza isivumelwano nani senza intabayaqongakunani,“bambelelaniniqinisekulokhoesiniphe kona nilalele” bathi “siyezwa kepha asilaleli” futhi lokho kwenziwe ukuthi izinhliziyo zabo zabe sezigxile (ekukhonzeni ithole) ngenxa yokungakholwa kwabo, ithi “ububi yilobo inkolo yenu eniphoqa ngakho uma ningamakholwa” |
قُلْ إِن كَانَتْ لَكُمُ الدَّارُ الْآخِرَةُ عِندَ اللَّهِ خَالِصَةً مِّن دُونِ النَّاسِ فَتَمَنَّوُا الْمَوْتَ إِن كُنتُمْ صَادِقِينَ (94) Ithi “uma kungukuthi ikhaya lokugcina noMvelinqangi kungelenu kuphela hayi abanye abantu fisani ukufa uma niqinisekile” |
وَلَن يَتَمَنَّوْهُ أَبَدًا بِمَا قَدَّمَتْ أَيْدِيهِمْ ۗ وَاللَّهُ عَلِيمٌ بِالظَّالِمِينَ (95) Futhi abasoze bakufisa (ukufa) ngenxa yalokho okwenziwe yizandla zabo futhi uMvelinqangi wazi kahle ngezoni |
وَلَتَجِدَنَّهُمْ أَحْرَصَ النَّاسِ عَلَىٰ حَيَاةٍ وَمِنَ الَّذِينَ أَشْرَكُوا ۚ يَوَدُّ أَحَدُهُمْ لَوْ يُعَمَّرُ أَلْفَ سَنَةٍ وَمَا هُوَ بِمُزَحْزِحِهِ مِنَ الْعَذَابِ أَن يُعَمَّرَ ۗ وَاللَّهُ بَصِيرٌ بِمَا يَعْمَلُونَ (96) Futhi ubathola beyigade kakhulu impilo ngaphezu kwalaba abakhonza abanye ngaphandle kuka-Mvelinqangi noma ngabe unikwa impilo iminyaka eyinkulungwane, uMvelinqangi uyakubona lokho abakwenzayo |
قُلْ مَن كَانَ عَدُوًّا لِّجِبْرِيلَ فَإِنَّهُ نَزَّلَهُ عَلَىٰ قَلْبِكَ بِإِذْنِ اللَّهِ مُصَدِّقًا لِّمَا بَيْنَ يَدَيْهِ وَهُدًى وَبُشْرَىٰ لِلْمُؤْمِنِينَ (97) Yithi “lowo oyisitha sikaGabriyeli okuseqinisweni nguyena okuvezile lokho enhlizweni yakho ngentando kaMvelinqangi ukugcwalisela lokho (okwembulwa) ngaphambilini njengokuholwa nezindaba ezinhle kulabo abakholwayo |
مَن كَانَ عَدُوًّا لِّلَّهِ وَمَلَائِكَتِهِ وَرُسُلِهِ وَجِبْرِيلَ وَمِيكَالَ فَإِنَّ اللَّهَ عَدُوٌّ لِّلْكَافِرِينَ (98) Noma ngubani oyisitha sikaMvelinqangi, nezingelosi zakhe, nezithunywa zakhe, no-Gabriyeli no-Mikhayeli, ngakho-ke uMvelinqangi uyisitha sabangakholwayo |
وَلَقَدْ أَنزَلْنَا إِلَيْكَ آيَاتٍ بَيِّنَاتٍ ۖ وَمَا يَكْفُرُ بِهَا إِلَّا الْفَاسِقُونَ (99) Futhi thina sikuthumele imibiko ecacile futhi akekho oyiphikayo ngaphandle kwabayizoni |
أَوَكُلَّمَا عَاهَدُوا عَهْدًا نَّبَذَهُ فَرِيقٌ مِّنْهُم ۚ بَلْ أَكْثَرُهُمْ لَا يُؤْمِنُونَ (100) Ngakube ngaso sonke isikhathi uma benza isivumelwano ingxenye yabo iyasichitha. Kepha iningi labo alinayo inkolo |
وَلَمَّا جَاءَهُمْ رَسُولٌ مِّنْ عِندِ اللَّهِ مُصَدِّقٌ لِّمَا مَعَهُمْ نَبَذَ فَرِيقٌ مِّنَ الَّذِينَ أُوتُوا الْكِتَابَ كِتَابَ اللَّهِ وَرَاءَ ظُهُورِهِمْ كَأَنَّهُمْ لَا يَعْلَمُونَ (101) Futhi kwathi ngesikhathi sekufika kubona isithunywa esivela kuMvelinqangi sizogcwalisa lokho abanako ingxenye yalabo ababenikwe incwadi, incwadi ka-Mvelinqangi bayibeka ngemva kwemihlane yabo ungathi babengazi (ukuthi iquketheni) |
وَاتَّبَعُوا مَا تَتْلُو الشَّيَاطِينُ عَلَىٰ مُلْكِ سُلَيْمَانَ ۖ وَمَا كَفَرَ سُلَيْمَانُ وَلَٰكِنَّ الشَّيَاطِينَ كَفَرُوا يُعَلِّمُونَ النَّاسَ السِّحْرَ وَمَا أُنزِلَ عَلَى الْمَلَكَيْنِ بِبَابِلَ هَارُوتَ وَمَارُوتَ ۚ وَمَا يُعَلِّمَانِ مِنْ أَحَدٍ حَتَّىٰ يَقُولَا إِنَّمَا نَحْنُ فِتْنَةٌ فَلَا تَكْفُرْ ۖ فَيَتَعَلَّمُونَ مِنْهُمَا مَا يُفَرِّقُونَ بِهِ بَيْنَ الْمَرْءِ وَزَوْجِهِ ۚ وَمَا هُم بِضَارِّينَ بِهِ مِنْ أَحَدٍ إِلَّا بِإِذْنِ اللَّهِ ۚ وَيَتَعَلَّمُونَ مَا يَضُرُّهُمْ وَلَا يَنفَعُهُمْ ۚ وَلَقَدْ عَلِمُوا لَمَنِ اشْتَرَاهُ مَا لَهُ فِي الْآخِرَةِ مِنْ خَلَاقٍ ۚ وَلَبِئْسَ مَا شَرَوْا بِهِ أَنفُسَهُمْ ۚ لَوْ كَانُوا يَعْلَمُونَ (102) Futhi belandela lokho okwakushiwo osathane embusweni kaSolomoni, futhi uSolomoni akazange abe ongakholwa kepha osathane ababengakholwa befundisa abantu umlingo futhi nalokho okwehlela ezingelosini ezimbili eBhabhiloni uHaruthi noMaruthi, futhi bona bobabili abamfundisanga umuntu baze (bathi bobabili) siyizilingo ngakho-ke musa ukungakholwa kepha bafunda kulaba bobabili lokho abenza ngakho umehluko phakathi kwendoda nonkosikazi futhi abazange baphathe kabi umuntu ngakho ngaphandle kwemvume kaMvelinqangi futhi befunda lokho okubalahlekiselayo futhi okungeyinzuzo kubona ngempela bazi ukuthi lowo owenza (umlingo) angeke abe nasabelo kwelizayo ububi yilobo abadayise ngakho imiphefumulo yabo ukube babazi |
وَلَوْ أَنَّهُمْ آمَنُوا وَاتَّقَوْا لَمَثُوبَةٌ مِّنْ عِندِ اللَّهِ خَيْرٌ ۖ لَّوْ كَانُوا يَعْلَمُونَ (103) Ukube babekholiwe futhi bemesaba uMvelinqangi umvuzo (wabo) ovela kuMvelinqangi wawuyobangcono ukube babazi |
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا لَا تَقُولُوا رَاعِنَا وَقُولُوا انظُرْنَا وَاسْمَعُوا ۗ وَلِلْكَافِرِينَ عَذَابٌ أَلِيمٌ (104) Oh Nina enikholwayo! Ningabosho (kumphrofethi ka- Mvelinqngi) ukuthi silalele kepha nithi “senze ukuba siqonde, nilalele futhi abangakholwa bayojesiswa kabuhlungu |
مَّا يَوَدُّ الَّذِينَ كَفَرُوا مِنْ أَهْلِ الْكِتَابِ وَلَا الْمُشْرِكِينَ أَن يُنَزَّلَ عَلَيْكُم مِّنْ خَيْرٍ مِّن رَّبِّكُمْ ۗ وَاللَّهُ يَخْتَصُّ بِرَحْمَتِهِ مَن يَشَاءُ ۚ وَاللَّهُ ذُو الْفَضْلِ الْعَظِيمِ (105) Labo abangakholwa phakathi kwabantu bencwadi noma abakhonza izithombe abafisi ukuthi ubuhle obuvela eNkosini yenu kwehliselwe kunina kodwa uMvelinqangi ukhetha lowo amthandayo ngomusa wakhe, futhi uMvelinqangi uyiNkosi enomusa omkhulu |
۞ مَا نَنسَخْ مِنْ آيَةٍ أَوْ نُنسِهَا نَأْتِ بِخَيْرٍ مِّنْهَا أَوْ مِثْلِهَا ۗ أَلَمْ تَعْلَمْ أَنَّ اللَّهَ عَلَىٰ كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ (106) Akukho esikuchithayo emavesini kepha siletha angcono kunawo noma afana nawo ngakube awazi yini kuthi uMvelinqangi ungaphezu kwezinto zonke |
أَلَمْ تَعْلَمْ أَنَّ اللَّهَ لَهُ مُلْكُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۗ وَمَا لَكُم مِّن دُونِ اللَّهِ مِن وَلِيٍّ وَلَا نَصِيرٍ (107) Anazi yini nina ukuthi uMvelinqangi okwakhe ngumbuso wamazulu nomhlaba nokuthi ngaphandle kukaMvelinqangi aninaye omunye umvikeli noma umsizi |
أَمْ تُرِيدُونَ أَن تَسْأَلُوا رَسُولَكُمْ كَمَا سُئِلَ مُوسَىٰ مِن قَبْلُ ۗ وَمَن يَتَبَدَّلِ الْكُفْرَ بِالْإِيمَانِ فَقَدْ ضَلَّ سَوَاءَ السَّبِيلِ (108) Noma nifisa ukufaka imibuzo esithunyweni senu njengoba uMose wabuzwa ngaphambilini, uthi noma ngabe ngubani othatha ukungakholwa esikhundleni sokukholwa yena ngempela uyilahlile indlela eqondile |
وَدَّ كَثِيرٌ مِّنْ أَهْلِ الْكِتَابِ لَوْ يَرُدُّونَكُم مِّن بَعْدِ إِيمَانِكُمْ كُفَّارًا حَسَدًا مِّنْ عِندِ أَنفُسِهِم مِّن بَعْدِ مَا تَبَيَّنَ لَهُمُ الْحَقُّ ۖ فَاعْفُوا وَاصْفَحُوا حَتَّىٰ يَأْتِيَ اللَّهُ بِأَمْرِهِ ۗ إِنَّ اللَّهَ عَلَىٰ كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ (109) Abaningi abantu bencwadi bafisa sengathi banganiphindisela emumva ekungakholweni, emva kokuba senikholiwe ngenxa yomona wabo, emuva kweqiniso selibonakalisiwe lacaca kubona, ngakho-ke thethelelani ninganaki kuze kufike umyalelo kaMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi unamandla ngaphezu kwakho konke |
وَأَقِيمُوا الصَّلَاةَ وَآتُوا الزَّكَاةَ ۚ وَمَا تُقَدِّمُوا لِأَنفُسِكُم مِّنْ خَيْرٍ تَجِدُوهُ عِندَ اللَّهِ ۗ إِنَّ اللَّهَ بِمَا تَعْمَلُونَ بَصِيرٌ (110) Futhi yenzani umthandazo ninikele kwabampofu (izakaah) noma ngabe yini enhle eniyenzela imiphefumulo yenu niyoyithola kuMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi lokho enikwenzayo uyakubona |
وَقَالُوا لَن يَدْخُلَ الْجَنَّةَ إِلَّا مَن كَانَ هُودًا أَوْ نَصَارَىٰ ۗ تِلْكَ أَمَانِيُّهُمْ ۗ قُلْ هَاتُوا بُرْهَانَكُمْ إِن كُنتُمْ صَادِقِينَ (111) Futhibathiakekhooyongenaesivandeni(ezulwini) ngaphandle kongumJuda, noma ongumKristu lokho kuyizifiso zabo nje ithi “lethani ubufakazi benu uma nineqiniso” |
بَلَىٰ مَنْ أَسْلَمَ وَجْهَهُ لِلَّهِ وَهُوَ مُحْسِنٌ فَلَهُ أَجْرُهُ عِندَ رَبِّهِ وَلَا خَوْفٌ عَلَيْهِمْ وَلَا هُمْ يَحْزَنُونَ (112) Yebo, lowo ozithobayo ngaphansi kwentando kaMvelinqangi futhi engumenzi wokuhle umvuzo wakhe useNkosini yakhe futhi angeke kubekhona ukwesaba kubona futhi angeke baphatheke kabi |
وَقَالَتِ الْيَهُودُ لَيْسَتِ النَّصَارَىٰ عَلَىٰ شَيْءٍ وَقَالَتِ النَّصَارَىٰ لَيْسَتِ الْيَهُودُ عَلَىٰ شَيْءٍ وَهُمْ يَتْلُونَ الْكِتَابَ ۗ كَذَٰلِكَ قَالَ الَّذِينَ لَا يَعْلَمُونَ مِثْلَ قَوْلِهِمْ ۚ فَاللَّهُ يَحْكُمُ بَيْنَهُمْ يَوْمَ الْقِيَامَةِ فِيمَا كَانُوا فِيهِ يَخْتَلِفُونَ (113) Futhi amaJuda athi amaKristu awanasisekelo (okuyiqiniso abami kukona) futhi namaKristu athi amaJuda awanasisekelo (okuyiqiniso abami kukona) kulesikhathi kepha bengabafundi bencwadi, ngokunjalo labo abangazi lutho basho okufana nalokho abakushoyo, uMvelinqangi uyobahlulela ngosuku lokuvuka kwabafileyo kulokhu ababephikisana ngakho |
وَمَنْ أَظْلَمُ مِمَّن مَّنَعَ مَسَاجِدَ اللَّهِ أَن يُذْكَرَ فِيهَا اسْمُهُ وَسَعَىٰ فِي خَرَابِهَا ۚ أُولَٰئِكَ مَا كَانَ لَهُمْ أَن يَدْخُلُوهَا إِلَّا خَائِفِينَ ۚ لَهُمْ فِي الدُّنْيَا خِزْيٌ وَلَهُمْ فِي الْآخِرَةِ عَذَابٌ عَظِيمٌ (114) Futhi ngubani ongalungile kakhulu kunalowo ovimba ukuba ezindaweni zikaMvelinqangi kudunyiswe khona igama lakhe nonenhloso yokucekela phansi, labo-ke akusikhona okwabo ukungena kubona ngaphandle kokwesaba, okwabo lapha emhlabeni yihlazo futhi okwabo kwelizayo yisijeziso esikhulu |
وَلِلَّهِ الْمَشْرِقُ وَالْمَغْرِبُ ۚ فَأَيْنَمَا تُوَلُّوا فَثَمَّ وَجْهُ اللَّهِ ۚ إِنَّ اللَّهَ وَاسِعٌ عَلِيمٌ (115) Futhi ingekaMvelinqangi impumalanga nentshonalanga ngakho-kenomayikuphilaphoniphendukelakhonakunobuso bukaMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi ungamele konke uyazi |
وَقَالُوا اتَّخَذَ اللَّهُ وَلَدًا ۗ سُبْحَانَهُ ۖ بَل لَّهُ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۖ كُلٌّ لَّهُ قَانِتُونَ (116) Futhi bathi uMvelinqangi uzithathele (uzizalele) indodana, makangcweliswe kepha konke okusemazulwini nasemhlabeni, konke kuthobela intando yakhe |
بَدِيعُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۖ وَإِذَا قَضَىٰ أَمْرًا فَإِنَّمَا يَقُولُ لَهُ كُن فَيَكُونُ (117) Ungumsunguli wamazulu kanye nomhlaba, futhi uma enquma udaba uma ethi kulona “yenzeka” bese luyenzeka |
وَقَالَ الَّذِينَ لَا يَعْلَمُونَ لَوْلَا يُكَلِّمُنَا اللَّهُ أَوْ تَأْتِينَا آيَةٌ ۗ كَذَٰلِكَ قَالَ الَّذِينَ مِن قَبْلِهِم مِّثْلَ قَوْلِهِمْ ۘ تَشَابَهَتْ قُلُوبُهُمْ ۗ قَدْ بَيَّنَّا الْآيَاتِ لِقَوْمٍ يُوقِنُونَ (118) Futhi labo abangenalo ulwazi bathi “kungani uMvelinqangi engakhulumi kuthina noma kufike kuthina izimpawu na? Ngokunjalo bathi ababengaphambilini kwabo babesho inkulumo efana nalena, izinhliziyo zabo ziyefana kepha siwenze acaca amavesi kulabo abaqinisekile |
إِنَّا أَرْسَلْنَاكَ بِالْحَقِّ بَشِيرًا وَنَذِيرًا ۖ وَلَا تُسْأَلُ عَنْ أَصْحَابِ الْجَحِيمِ (119) Ngempela sikuthumele ngeqiniso (mphrofethi) njengomlethi wezindaba ezimnandi nomexwayisi futhi angeke ubuzwe ngeqembu lomlilo wesihogo |
وَلَن تَرْضَىٰ عَنكَ الْيَهُودُ وَلَا النَّصَارَىٰ حَتَّىٰ تَتَّبِعَ مِلَّتَهُمْ ۗ قُلْ إِنَّ هُدَى اللَّهِ هُوَ الْهُدَىٰ ۗ وَلَئِنِ اتَّبَعْتَ أَهْوَاءَهُم بَعْدَ الَّذِي جَاءَكَ مِنَ الْعِلْمِ ۙ مَا لَكَ مِنَ اللَّهِ مِن وَلِيٍّ وَلَا نَصِيرٍ (120) Futhi amaJuda namaKristu awasoze athokoza ngawe ngaphandle kokuba ulandele inkolo yabo ithi “ngempela ukuholwa nguMvelinqangi yikona kuholwa”, uma ungase ulandele izifiso zabo ngemva kolwazi oselufikile kuwena angeke ube nomvikeli noma umsizi ovela kuMvelinqangi |
الَّذِينَ آتَيْنَاهُمُ الْكِتَابَ يَتْلُونَهُ حَقَّ تِلَاوَتِهِ أُولَٰئِكَ يُؤْمِنُونَ بِهِ ۗ وَمَن يَكْفُرْ بِهِ فَأُولَٰئِكَ هُمُ الْخَاسِرُونَ (121) Labo esabanika incwadi bayifunda ngeqiniso elikuyona labo- ke bayakholelwa kuyona, futhi labo abangakholelwa kuyona labo-ke yibona abalahlekelweyo |
يَا بَنِي إِسْرَائِيلَ اذْكُرُوا نِعْمَتِيَ الَّتِي أَنْعَمْتُ عَلَيْكُمْ وَأَنِّي فَضَّلْتُكُمْ عَلَى الْعَالَمِينَ (122) Oh! Bantwana bakwa-Israyeli! Khumbulani ububele bami enganenzela bona nganikhetha ukwedlula (izizwe zonke) emihlabeni |
وَاتَّقُوا يَوْمًا لَّا تَجْزِي نَفْسٌ عَن نَّفْسٍ شَيْئًا وَلَا يُقْبَلُ مِنْهَا عَدْلٌ وَلَا تَنفَعُهَا شَفَاعَةٌ وَلَا هُمْ يُنصَرُونَ (123) Futhi sabani usuku umphefumulo ungeke wasiza omunye umphefumulo ngalutho, isinxephezelo angeke samukelwa kuwo ngisho nokuwuncengela angeke kwawusiza ngalutho futhi angeke basizwe |
۞ وَإِذِ ابْتَلَىٰ إِبْرَاهِيمَ رَبُّهُ بِكَلِمَاتٍ فَأَتَمَّهُنَّ ۖ قَالَ إِنِّي جَاعِلُكَ لِلنَّاسِ إِمَامًا ۖ قَالَ وَمِن ذُرِّيَّتِي ۖ قَالَ لَا يَنَالُ عَهْدِي الظَّالِمِينَ (124) Futhi khumbula ngesikhathi u-Abrahamu elingwa yiNkosi yakhe ngamagama wawagcina wathi (uMvelinqangi) “ngempela ngizokubeka ukuba ube ngumholi wabantu wathi (u-Abrahamu), “ nenzalo yami na?” Wathi (uMvelinqangi) “isivumelwano sami angeke sifinyelele kubenzi bobubi.” |
وَإِذْ جَعَلْنَا الْبَيْتَ مَثَابَةً لِّلنَّاسِ وَأَمْنًا وَاتَّخِذُوا مِن مَّقَامِ إِبْرَاهِيمَ مُصَلًّى ۖ وَعَهِدْنَا إِلَىٰ إِبْرَاهِيمَ وَإِسْمَاعِيلَ أَن طَهِّرَا بَيْتِيَ لِلطَّائِفِينَ وَالْعَاكِفِينَ وَالرُّكَّعِ السُّجُودِ (125) Futhi khumbula ngesikhathi sakha indlu (ika’aba) indawo yokuhlanganela abantu nephephile futhi thathani indawo ka-Abrahamu yokuma njengendawo yokwenza umthandazo, futhi senza isivumelwano no-Abrahamu no-Ishmayeli esithi “hlanzelani indlu yami labo abayizungelezayo (tawafu) nalabo abahlala (kuyona) ukuze badumise uMvelinqangi futhi nabakhothamayo bewa ngobuso (bethandaza) |
وَإِذْ قَالَ إِبْرَاهِيمُ رَبِّ اجْعَلْ هَٰذَا بَلَدًا آمِنًا وَارْزُقْ أَهْلَهُ مِنَ الثَّمَرَاتِ مَنْ آمَنَ مِنْهُم بِاللَّهِ وَالْيَوْمِ الْآخِرِ ۖ قَالَ وَمَن كَفَرَ فَأُمَتِّعُهُ قَلِيلًا ثُمَّ أَضْطَرُّهُ إِلَىٰ عَذَابِ النَّارِ ۖ وَبِئْسَ الْمَصِيرُ (126) Futhi khumbula ngesikhathi u-Abrahamu ethi “Nkosi yami enza lendawo ibe yindawo ephephile futhi wondle abantu bayo ngezithelo noma ngabe ngubani okholelwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina wathi (uMvelinqangi), “noma ngabe ubani ongakholwa ngizomnika injabulo yesikhashana bese ngimdudulela ekujezisweni komlilo futhi sibi leso siphetho” |
وَإِذْ يَرْفَعُ إِبْرَاهِيمُ الْقَوَاعِدَ مِنَ الْبَيْتِ وَإِسْمَاعِيلُ رَبَّنَا تَقَبَّلْ مِنَّا ۖ إِنَّكَ أَنتَ السَّمِيعُ الْعَلِيمُ (127) Khumbula ngesikhathi u-Abrahamu no-Ishmayeli bephakamisa izinsika zendlu (bethi) Nkosi yethu yemukela kuthina (lomsebenzi) ngempela wena ungozwayo owaziyo |
رَبَّنَا وَاجْعَلْنَا مُسْلِمَيْنِ لَكَ وَمِن ذُرِّيَّتِنَا أُمَّةً مُّسْلِمَةً لَّكَ وَأَرِنَا مَنَاسِكَنَا وَتُبْ عَلَيْنَا ۖ إِنَّكَ أَنتَ التَّوَّابُ الرَّحِيمُ (128) Nkosi yethu senze sobabili sibe ngabathobela intando yakho nenzalo yethu ibe yisizwe esizithobile ngaphansi kwentando yakho futhi sibonise izindlela zethu zokukhonza ngempela wena ungothethelelayo onesihawu |
رَبَّنَا وَابْعَثْ فِيهِمْ رَسُولًا مِّنْهُمْ يَتْلُو عَلَيْهِمْ آيَاتِكَ وَيُعَلِّمُهُمُ الْكِتَابَ وَالْحِكْمَةَ وَيُزَكِّيهِمْ ۚ إِنَّكَ أَنتَ الْعَزِيزُ الْحَكِيمُ (129) Nkosi yethu thumela phakathi kwabo isithunywa sibafundele amavesi akho futhi sibafundise incwadi (imibhalo) nokuhlakanipha futhi sibahlanze ngempela nguwena ophakekeme onamandla |
وَمَن يَرْغَبُ عَن مِّلَّةِ إِبْرَاهِيمَ إِلَّا مَن سَفِهَ نَفْسَهُ ۚ وَلَقَدِ اصْطَفَيْنَاهُ فِي الدُّنْيَا ۖ وَإِنَّهُ فِي الْآخِرَةِ لَمِنَ الصَّالِحِينَ (130) Futhi ngubani ozonda inkolo ka-Abrahamu ngaphandle kwalowo ozenza isiwula ngempela simkhethile kulomhlaba, futhi ngempela kwelizayo uyokuba kanye nabenzi bokuhle (abalungileyo) |
إِذْ قَالَ لَهُ رَبُّهُ أَسْلِمْ ۖ قَالَ أَسْلَمْتُ لِرَبِّ الْعَالَمِينَ (131) Khumbula ngesikhathi iNkosi yakhe ithi kuyena “zinikele” wathi “ngizinikele eNkosini yemihlaba” |
وَوَصَّىٰ بِهَا إِبْرَاهِيمُ بَنِيهِ وَيَعْقُوبُ يَا بَنِيَّ إِنَّ اللَّهَ اصْطَفَىٰ لَكُمُ الدِّينَ فَلَا تَمُوتُنَّ إِلَّا وَأَنتُم مُّسْلِمُونَ (132) Futhi no-Abrahamu wawatshela lokho amadodana akhe futhi noJakobe Oh! madodana ami! Ngempela uMvelinqangi unikhethele lenkolo, ngakho-ke ningafi ngaphandle kokuba nibe ngabazinikeleyo ngaphansi kwentando yakhe |
أَمْ كُنتُمْ شُهَدَاءَ إِذْ حَضَرَ يَعْقُوبَ الْمَوْتُ إِذْ قَالَ لِبَنِيهِ مَا تَعْبُدُونَ مِن بَعْدِي قَالُوا نَعْبُدُ إِلَٰهَكَ وَإِلَٰهَ آبَائِكَ إِبْرَاهِيمَ وَإِسْمَاعِيلَ وَإِسْحَاقَ إِلَٰهًا وَاحِدًا وَنَحْنُ لَهُ مُسْلِمُونَ (133) Noma naningofakazi ngesikhathi ukufa kuhlasela uJakobe ngesikhathi ethi kumadodana akhe “niyokhonza bani emva kwami (emva kokufa kwami) na?” Athi “siyokhonza uNkulunkulu wakho noNkulunkulu woyihlo ka-Abrahamu noka-Ishmayeli noka-Isaka uNkulunkulu oyedwa futhi kuyena sizithobile |
تِلْكَ أُمَّةٌ قَدْ خَلَتْ ۖ لَهَا مَا كَسَبَتْ وَلَكُم مَّا كَسَبْتُمْ ۖ وَلَا تُسْأَلُونَ عَمَّا كَانُوا يَعْمَلُونَ (134) Labo-ke yisizwe sasendulo okwaso yilokho esakuvuna (esakuzuza) nani niyoba nalokho enikuzuzile futhi angeke nibuzwe ngalokho ababekwenza |
وَقَالُوا كُونُوا هُودًا أَوْ نَصَارَىٰ تَهْتَدُوا ۗ قُلْ بَلْ مِلَّةَ إِبْرَاهِيمَ حَنِيفًا ۖ وَمَا كَانَ مِنَ الْمُشْرِكِينَ (135) Futhi bathi “yibani amaJuda noma amaKristu niyoholwa kepha inkolo ka-Abrahamu iqotho futhi wayengesiyena omunye wabakhonza izithombe” |
قُولُوا آمَنَّا بِاللَّهِ وَمَا أُنزِلَ إِلَيْنَا وَمَا أُنزِلَ إِلَىٰ إِبْرَاهِيمَ وَإِسْمَاعِيلَ وَإِسْحَاقَ وَيَعْقُوبَ وَالْأَسْبَاطِ وَمَا أُوتِيَ مُوسَىٰ وَعِيسَىٰ وَمَا أُوتِيَ النَّبِيُّونَ مِن رَّبِّهِمْ لَا نُفَرِّقُ بَيْنَ أَحَدٍ مِّنْهُمْ وَنَحْنُ لَهُ مُسْلِمُونَ (136) Bathi “siyakholwa kuMvelinqangi nakulokho okwehliselwe kuthina, futhi nakulokho okwehliselwa ku-Abrahamu naku- Ishmayeli naku-Isaka nakuJakobe nasezizweni, futhi nalokho okwanikwa uMose noJesu nalokho okwanikwa abaphrofethi okuvela eNkosini yabo. Asibandlululi (umphrofethi) ngisho noyedwa phakathi kwabo futhi singabazinikele kuye (uMvelinqangi) |
فَإِنْ آمَنُوا بِمِثْلِ مَا آمَنتُم بِهِ فَقَدِ اهْتَدَوا ۖ وَّإِن تَوَلَّوْا فَإِنَّمَا هُمْ فِي شِقَاقٍ ۖ فَسَيَكْفِيكَهُمُ اللَّهُ ۚ وَهُوَ السَّمِيعُ الْعَلِيمُ (137) Ngakho-ke uma bekholwa ngokufanayo nalokho enikholelwa kukona bangabaholiweyo, kepha uma befulathela (imibiko) badala uqhekeko uMvelinqangi uyananela uma nibhekene nabo futhi ungozwayo onolowazi |
صِبْغَةَ اللَّهِ ۖ وَمَنْ أَحْسَنُ مِنَ اللَّهِ صِبْغَةً ۖ وَنَحْنُ لَهُ عَابِدُونَ (138) (Ithi okwethu) inkolo kaMvelinqangi futhi ubani ongcono kunoMvelinqangi ngenkolo futhi siyizikhonzi zakhe |
قُلْ أَتُحَاجُّونَنَا فِي اللَّهِ وَهُوَ رَبُّنَا وَرَبُّكُمْ وَلَنَا أَعْمَالُنَا وَلَكُمْ أَعْمَالُكُمْ وَنَحْنُ لَهُ مُخْلِصُونَ (139) Ithi “ngakube niphikisana nathi ngoMvelinqangi kulapho eyiNkosi yethu futhi eyiNkosi yenu, okwethu yimisebenzi yethu futhi nokwenu yimisebenzi yenu, futhi sizinikele ngokuqotho kuyena |
أَمْ تَقُولُونَ إِنَّ إِبْرَاهِيمَ وَإِسْمَاعِيلَ وَإِسْحَاقَ وَيَعْقُوبَ وَالْأَسْبَاطَ كَانُوا هُودًا أَوْ نَصَارَىٰ ۗ قُلْ أَأَنتُمْ أَعْلَمُ أَمِ اللَّهُ ۗ وَمَنْ أَظْلَمُ مِمَّن كَتَمَ شَهَادَةً عِندَهُ مِنَ اللَّهِ ۗ وَمَا اللَّهُ بِغَافِلٍ عَمَّا تَعْمَلُونَ (140) Noma nithi “u-Abrahamu no-Ishmayeli no-Isak noJakobe nezizwe babengamaJuda noma amaKristu na?” Ithi “ngakube yinina enazi kangcono noma uMvelinqangi na?” futhi ubani ongalungile kakhulu kunalowo ofihla ubufakazi obukuye abuthole kuMvelinqangi? Futhi akusho ukuthi uMvelinqangi akakunakile enikwenzayo |
تِلْكَ أُمَّةٌ قَدْ خَلَتْ ۖ لَهَا مَا كَسَبَتْ وَلَكُم مَّا كَسَبْتُمْ ۖ وَلَا تُسْأَلُونَ عَمَّا كَانُوا يَعْمَلُونَ (141) Labo-ke yisizwe sasendulo futhi okwabo yilokho abakuzuza, futhi okwenu yilokho enikuzuzile, futhi angeke nibuzwe ngalokho ababekwenza |
۞ سَيَقُولُ السُّفَهَاءُ مِنَ النَّاسِ مَا وَلَّاهُمْ عَن قِبْلَتِهِمُ الَّتِي كَانُوا عَلَيْهَا ۚ قُل لِّلَّهِ الْمَشْرِقُ وَالْمَغْرِبُ ۚ يَهْدِي مَن يَشَاءُ إِلَىٰ صِرَاطٍ مُّسْتَقِيمٍ (142) Iziwula phakathi kwabantu ziyothi, “yini eyenza ukuba bafulathele iQibla ababekade beyijwayele na? Ithi, “IngekaMvelinqangi impumalanga nentshonalanga uholela lowo amthandayo endleleni eqondile” |
وَكَذَٰلِكَ جَعَلْنَاكُمْ أُمَّةً وَسَطًا لِّتَكُونُوا شُهَدَاءَ عَلَى النَّاسِ وَيَكُونَ الرَّسُولُ عَلَيْكُمْ شَهِيدًا ۗ وَمَا جَعَلْنَا الْقِبْلَةَ الَّتِي كُنتَ عَلَيْهَا إِلَّا لِنَعْلَمَ مَن يَتَّبِعُ الرَّسُولَ مِمَّن يَنقَلِبُ عَلَىٰ عَقِبَيْهِ ۚ وَإِن كَانَتْ لَكَبِيرَةً إِلَّا عَلَى الَّذِينَ هَدَى اللَّهُ ۗ وَمَا كَانَ اللَّهُ لِيُضِيعَ إِيمَانَكُمْ ۚ إِنَّ اللَّهَ بِالنَّاسِ لَرَءُوفٌ رَّحِيمٌ (143) Futhi ngokunjalo sinenze naba yisizwe esiphakathi nendawo ukuze nibe ngofakazi kubantu nokuthi isithunywa sibe ngufakazi kunina. Futhi Asiyimisanga leyo Qibla ebikade nijwayele ukuyisebenzisa ngaphandle kokuba sazi lowo olandela isithunywa kulowo ophendule izithende zakhe zabheka emuva. Futhi ngempela kunzima ngaphandle kwalabo abaholwe nguMvelinqangi. Futhi akusiyena uMvelinqangi onenze nalahla ukholo lwenu, ngempela uMvelinqangi kubantu unozwelo unesihawu |
قَدْ نَرَىٰ تَقَلُّبَ وَجْهِكَ فِي السَّمَاءِ ۖ فَلَنُوَلِّيَنَّكَ قِبْلَةً تَرْضَاهَا ۚ فَوَلِّ وَجْهَكَ شَطْرَ الْمَسْجِدِ الْحَرَامِ ۚ وَحَيْثُ مَا كُنتُمْ فَوَلُّوا وُجُوهَكُمْ شَطْرَهُ ۗ وَإِنَّ الَّذِينَ أُوتُوا الْكِتَابَ لَيَعْلَمُونَ أَنَّهُ الْحَقُّ مِن رَّبِّهِمْ ۗ وَمَا اللَّهُ بِغَافِلٍ عَمَّا يَعْمَلُونَ (144) Ngemela sibone ubuso bakho bubheke eZulwini, sizokwenza ukuba uphendukele kule Qibla ozoyithanda. Ngakho-ke phendula ubuso bakho bubheke eMasjidil Haraam noma yikuphi lapho (abakholwayo) bekhona phendulani ubuso benu bubheke khona (uma nithandaza) ngempela labo abanikwe incwadi, ukuze bazi ukuthi iyiqiniso elivela eNkosini yabo. Futhi akusikona ukuthi uMvelinqangi akakunakile lokho abakwenzayo |
وَلَئِنْ أَتَيْتَ الَّذِينَ أُوتُوا الْكِتَابَ بِكُلِّ آيَةٍ مَّا تَبِعُوا قِبْلَتَكَ ۚ وَمَا أَنتَ بِتَابِعٍ قِبْلَتَهُمْ ۚ وَمَا بَعْضُهُم بِتَابِعٍ قِبْلَةَ بَعْضٍ ۚ وَلَئِنِ اتَّبَعْتَ أَهْوَاءَهُم مِّن بَعْدِ مَا جَاءَكَ مِنَ الْعِلْمِ ۙ إِنَّكَ إِذًا لَّمِنَ الظَّالِمِينَ (145) Futhi noma ngabe ulethe kulabo abanikwa incwadi zonke izibonakaliso angeke bayilandele iQibla yakho futhi nawe angeke wayilandela iQibla yabo. Futhi abanye babo angeke bayilandela iQibla yabanye, futhi noma ngabe ulandela izifiso zabo emuva kokuba sewufikelwe wulwazi ngempela uzoba ngomunye wabenzi bokubi (abedukileyo) |
الَّذِينَ آتَيْنَاهُمُ الْكِتَابَ يَعْرِفُونَهُ كَمَا يَعْرِفُونَ أَبْنَاءَهُمْ ۖ وَإِنَّ فَرِيقًا مِّنْهُمْ لَيَكْتُمُونَ الْحَقَّ وَهُمْ يَعْلَمُونَ (146) Labo esabanika incwadi bayamazi (uMuhammad) njengoba bazi amadodana abo, kepha iqenjana kubona liyalifihla iqiniso kulapho belazi |
الْحَقُّ مِن رَّبِّكَ ۖ فَلَا تَكُونَنَّ مِنَ الْمُمْتَرِينَ (147) Iqiniso livela eNkosini yakho ngakho-ke ungabi kanye nabangabazayo |
وَلِكُلٍّ وِجْهَةٌ هُوَ مُوَلِّيهَا ۖ فَاسْتَبِقُوا الْخَيْرَاتِ ۚ أَيْنَ مَا تَكُونُوا يَأْتِ بِكُمُ اللَّهُ جَمِيعًا ۚ إِنَّ اللَّهَ عَلَىٰ كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ (148) Kunoma ubani (umlandeli wenkolo) kunendawo okumele kubhekwe kuyo (uma kuthandazwa) ngakho-ke ncintisanani ngokuhle.NomangabenikuphiuMvelinqangiuyonihlanganisa ndawonye. Ngempela uMvelinqangi unamandla ngaphezulu kwazo zonke izinto |
وَمِنْ حَيْثُ خَرَجْتَ فَوَلِّ وَجْهَكَ شَطْرَ الْمَسْجِدِ الْحَرَامِ ۖ وَإِنَّهُ لَلْحَقُّ مِن رَّبِّكَ ۗ وَمَا اللَّهُ بِغَافِلٍ عَمَّا تَعْمَلُونَ (149) Futhi noma ngabe iyiphi (indawo) lapho niya khona (ukuyothandaza), phendula ubuso bakho bubheke eMasjid Al-Haraam. Ngempela lona iqiniso livela eNkosini yakho, futhi akusho ukuthi uMvelinqangi akakunakile enikwenzayo |
وَمِنْ حَيْثُ خَرَجْتَ فَوَلِّ وَجْهَكَ شَطْرَ الْمَسْجِدِ الْحَرَامِ ۚ وَحَيْثُ مَا كُنتُمْ فَوَلُّوا وُجُوهَكُمْ شَطْرَهُ لِئَلَّا يَكُونَ لِلنَّاسِ عَلَيْكُمْ حُجَّةٌ إِلَّا الَّذِينَ ظَلَمُوا مِنْهُمْ فَلَا تَخْشَوْهُمْ وَاخْشَوْنِي وَلِأُتِمَّ نِعْمَتِي عَلَيْكُمْ وَلَعَلَّكُمْ تَهْتَدُونَ (150) Nomangabeiyiphi(indawo) laphouyakhona(ukuyothandaza) phendulani ubuso benu bubheke eMajid Al-Haraam noma yikuphi lapho nikhona phendulani ubuso benu bubheke kuyona ukuze abantu bangaphikisani nani ngaphandle kwalabo abenza ububi ngakho-ke ningabesabi kepha nesabe mina ukuze ngiqedelele umusa wami phezu kwenu hleze niholeke (ngokuyiqiniso) |
كَمَا أَرْسَلْنَا فِيكُمْ رَسُولًا مِّنكُمْ يَتْلُو عَلَيْكُمْ آيَاتِنَا وَيُزَكِّيكُمْ وَيُعَلِّمُكُمُ الْكِتَابَ وَالْحِكْمَةَ وَيُعَلِّمُكُم مَّا لَمْ تَكُونُوا تَعْلَمُونَ (151) Njengoba sathumela phakathi kwenu isithunywa esivela kunina esinifundela amavesi ethu sinihlanze futhi sinifundise incwadi nobuhlakani futhi sinifundise lokho enaningakwaziyo |
فَاذْكُرُونِي أَذْكُرْكُمْ وَاشْكُرُوا لِي وَلَا تَكْفُرُونِ (152) Ngakho-ke ngikhumbuleni nami ngizonikhumbula futhi ngibongeni ningangiphiki (ukholo lwami) |
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا اسْتَعِينُوا بِالصَّبْرِ وَالصَّلَاةِ ۚ إِنَّ اللَّهَ مَعَ الصَّابِرِينَ (153) Oh! Nina enikholwayo celani usizo ngokubekezela nangomthandazo ngempela uMvelinqangi ukanye nababekezelayo |
وَلَا تَقُولُوا لِمَن يُقْتَلُ فِي سَبِيلِ اللَّهِ أَمْوَاتٌ ۚ بَلْ أَحْيَاءٌ وَلَٰكِن لَّا تَشْعُرُونَ (154) Futhi ningasho ukuthi ababulawe besendleleni kaMvelinqangi bangabafile. Kepha bayaphila kodwa anikuboni lokho |
وَلَنَبْلُوَنَّكُم بِشَيْءٍ مِّنَ الْخَوْفِ وَالْجُوعِ وَنَقْصٍ مِّنَ الْأَمْوَالِ وَالْأَنفُسِ وَالثَّمَرَاتِ ۗ وَبَشِّرِ الصَّابِرِينَ (155) Futhi ngempela siyonilinga ngokuthize okungukwesaba nendlala nokulahlekelwa yingcebo nemiphefumulo nezithelo. Futhi yisho izindaba ezimnandi kulabo ababekezelayo |
الَّذِينَ إِذَا أَصَابَتْهُم مُّصِيبَةٌ قَالُوا إِنَّا لِلَّهِ وَإِنَّا إِلَيْهِ رَاجِعُونَ (156) Labo okuthi uma bevelelwa okubi bathi, “Ngempela singabaka Mvelinqangi futhi siyophindela kuyena” |
أُولَٰئِكَ عَلَيْهِمْ صَلَوَاتٌ مِّن رَّبِّهِمْ وَرَحْمَةٌ ۖ وَأُولَٰئِكَ هُمُ الْمُهْتَدُونَ (157) Labo-ke yilabo phezu kwabo okuyakuba nezibusiso ezivela eNkosini yabo nomusa, futhi yilabo abaholeke (ngokuyikho) |
۞ إِنَّ الصَّفَا وَالْمَرْوَةَ مِن شَعَائِرِ اللَّهِ ۖ فَمَنْ حَجَّ الْبَيْتَ أَوِ اعْتَمَرَ فَلَا جُنَاحَ عَلَيْهِ أَن يَطَّوَّفَ بِهِمَا ۚ وَمَن تَطَوَّعَ خَيْرًا فَإِنَّ اللَّهَ شَاكِرٌ عَلِيمٌ (158) Ngempela iSafa neMarwa (yizintaba ezise Makkah) ezinye zezimpawu zikaMvelinqangi. Noma ngabe ubani owenza iHajj endlini (Makkah) noma enze i-Umra alikho icala kuyena uma ejikeleza phakathi kwazo (izintaba) zombili. Futhi noma ngabe ubani ozikhethela okungcono ngempela uMvelinqangi ungobongayo owaziyo |
إِنَّ الَّذِينَ يَكْتُمُونَ مَا أَنزَلْنَا مِنَ الْبَيِّنَاتِ وَالْهُدَىٰ مِن بَعْدِ مَا بَيَّنَّاهُ لِلنَّاسِ فِي الْكِتَابِ ۙ أُولَٰئِكَ يَلْعَنُهُمُ اللَّهُ وَيَلْعَنُهُمُ اللَّاعِنُونَ (159) Ngempela laba abafihla lokho esikwehlisile okungubufakazi obucacisiwe nokuhola ngemuva kokuba sesikwenzile kwacaca kubantu encwadini, yilabo-ke abaqalekiswa nguMvelinqangi futhi baqalekiswe ngabaqalekisi (abantu nezingelosi) |
إِلَّا الَّذِينَ تَابُوا وَأَصْلَحُوا وَبَيَّنُوا فَأُولَٰئِكَ أَتُوبُ عَلَيْهِمْ ۚ وَأَنَا التَّوَّابُ الرَّحِيمُ (160) Ngaphandle kwalabo abacela intethelelo bese bezilungisa bona futhi benze ubufakazi (balokho ababekufihla) labo-ke ngiyobathethelela. Futhi mina ngiyathethelela nginesihawu |
إِنَّ الَّذِينَ كَفَرُوا وَمَاتُوا وَهُمْ كُفَّارٌ أُولَٰئِكَ عَلَيْهِمْ لَعْنَةُ اللَّهِ وَالْمَلَائِكَةِ وَالنَّاسِ أَجْمَعِينَ (161) Ngempela labo abangakholwa futhi abafe bengakholwa, Labo- ke phezu kwabo yisiqalekiso sikaMvelinqangi nesezingelosi nesabo bonke abantu |
خَالِدِينَ فِيهَا ۖ لَا يُخَفَّفُ عَنْهُمُ الْعَذَابُ وَلَا هُمْ يُنظَرُونَ (162) Bayokuba lapho ingunaphakade angeke bancishiselwe isijeziso futhi angeke banikwe ithuba |
وَإِلَٰهُكُمْ إِلَٰهٌ وَاحِدٌ ۖ لَّا إِلَٰهَ إِلَّا هُوَ الرَّحْمَٰنُ الرَّحِيمُ (163) Futhi uMvelinqangi wenu uMvelinqangi oyedwa vo akekho onokukhonzwa ngaphandle kwakhe unomusa, unesihawu |
إِنَّ فِي خَلْقِ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَاخْتِلَافِ اللَّيْلِ وَالنَّهَارِ وَالْفُلْكِ الَّتِي تَجْرِي فِي الْبَحْرِ بِمَا يَنفَعُ النَّاسَ وَمَا أَنزَلَ اللَّهُ مِنَ السَّمَاءِ مِن مَّاءٍ فَأَحْيَا بِهِ الْأَرْضَ بَعْدَ مَوْتِهَا وَبَثَّ فِيهَا مِن كُلِّ دَابَّةٍ وَتَصْرِيفِ الرِّيَاحِ وَالسَّحَابِ الْمُسَخَّرِ بَيْنَ السَّمَاءِ وَالْأَرْضِ لَآيَاتٍ لِّقَوْمٍ يَعْقِلُونَ (164) Eqinisweni ekudalweni kwamazulu nomhlaba nokuguqulwa kobusuku nemini, nemikhumbi entanta olwandle ithwele lokho okuwusizo kubantu namanzi (imvula) uMvelinqangi ayehlisela phansi ivela esibhakabhakeni avusa ngayo umhlaba emumva kokufa kwawo nezidalwa ezinyakazayo eziyinhlobonhlobo wasakaza khona izivunguvungu zemimoya namafu aphakathi kwesibhakabhaka nomhlaba, ngempela (yizimpawu nobufakazi) kubantu abasebenzisa umqondo |
وَمِنَ النَّاسِ مَن يَتَّخِذُ مِن دُونِ اللَّهِ أَندَادًا يُحِبُّونَهُمْ كَحُبِّ اللَّهِ ۖ وَالَّذِينَ آمَنُوا أَشَدُّ حُبًّا لِّلَّهِ ۗ وَلَوْ يَرَى الَّذِينَ ظَلَمُوا إِذْ يَرَوْنَ الْعَذَابَ أَنَّ الْقُوَّةَ لِلَّهِ جَمِيعًا وَأَنَّ اللَّهَ شَدِيدُ الْعَذَابِ (165) Futhi phakathi kwabantu kunalabo abathatha abanye ngaphandlekukaMvelinqangi(babalinganisenaye)babathanda ngendlela okufanele bathande ngayo uMvelinqangi. Kepha labo abakholwayo bagcwele uthando lukaMvelinqangi futhi ukuba bayabona labo abonile bebezonaka uma bebona isijeziso, ukuthi wonke amandla angakaMvelinqangi futhi uMvelinqangi unzima ekujeziseni |
إِذْ تَبَرَّأَ الَّذِينَ اتُّبِعُوا مِنَ الَّذِينَ اتَّبَعُوا وَرَأَوُا الْعَذَابَ وَتَقَطَّعَتْ بِهِمُ الْأَسْبَابُ (166) Khumbula ngesikhathi labo ababelandelwa (ngabantu) belahla abalandeli babo futhi, besibona isijeziso futhi kuyonqanyulwa kubona ubuhlobo |
وَقَالَ الَّذِينَ اتَّبَعُوا لَوْ أَنَّ لَنَا كَرَّةً فَنَتَبَرَّأَ مِنْهُمْ كَمَا تَبَرَّءُوا مِنَّا ۗ كَذَٰلِكَ يُرِيهِمُ اللَّهُ أَعْمَالَهُمْ حَسَرَاتٍ عَلَيْهِمْ ۖ وَمَا هُم بِخَارِجِينَ مِنَ النَّارِ (167) Futhi labo ababengabalandeli bayothi, “Ukuba besinelinye ithuba besiyozihlangula kubona njengoba nabo bezihlangulile kuthina”, ngokunjalo uMvelinqangi uyobakhombisa imisebenzi yabo njengoba bezisola ngayo futhi angeke baphume emlilweni |
يَا أَيُّهَا النَّاسُ كُلُوا مِمَّا فِي الْأَرْضِ حَلَالًا طَيِّبًا وَلَا تَتَّبِعُوا خُطُوَاتِ الشَّيْطَانِ ۚ إِنَّهُ لَكُمْ عَدُوٌّ مُّبِينٌ (168) Oh Bantu! Yidlani noma yini esemhlabeni esemthethweni enhle futhi ningalandeli izinyathelo zikasathane, ngempela uyisitha senu esigqamile |
إِنَّمَا يَأْمُرُكُم بِالسُّوءِ وَالْفَحْشَاءِ وَأَن تَقُولُوا عَلَى اللَّهِ مَا لَا تَعْلَمُونَ (169) Ngempela uniphoqela ebubini, nokwenza okuyisono nokuthi nikhulume ngoMvelinqangi lokho eningakwazi |
وَإِذَا قِيلَ لَهُمُ اتَّبِعُوا مَا أَنزَلَ اللَّهُ قَالُوا بَلْ نَتَّبِعُ مَا أَلْفَيْنَا عَلَيْهِ آبَاءَنَا ۗ أَوَلَوْ كَانَ آبَاؤُهُمْ لَا يَعْقِلُونَ شَيْئًا وَلَا يَهْتَدُونَ (170) Futhi uma kuthiwa kubona landelani lokho uMvelinqangi akuvezile bathi “Kepha silandela lokho esafica obaba bekulandela”, isho kubona ukuthi “kanti nizolandela obaba benu” ngisho obaba babo babengazi lutho futhi bengaholwanga |
وَمَثَلُ الَّذِينَ كَفَرُوا كَمَثَلِ الَّذِي يَنْعِقُ بِمَا لَا يَسْمَعُ إِلَّا دُعَاءً وَنِدَاءً ۚ صُمٌّ بُكْمٌ عُمْيٌ فَهُمْ لَا يَعْقِلُونَ (171) Futhi isibonelo salabo abangakholwa sinjengesibonelo salowo omemeza kulokho okungezwa lutho ngaphandle kokumemeza nokukhala, izithuli, izimungulu, izimpumputhe, abanakho ubuhlakani |
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا كُلُوا مِن طَيِّبَاتِ مَا رَزَقْنَاكُمْ وَاشْكُرُوا لِلَّهِ إِن كُنتُمْ إِيَّاهُ تَعْبُدُونَ (172) Oh Nina enikholwayo! Yidlani ezintweni ezinhle (ezisemthethweni) esinabele zona, futhi nibonge uMvelinqangi uma kunguyena enimkhonzayo |
إِنَّمَا حَرَّمَ عَلَيْكُمُ الْمَيْتَةَ وَالدَّمَ وَلَحْمَ الْخِنزِيرِ وَمَا أُهِلَّ بِهِ لِغَيْرِ اللَّهِ ۖ فَمَنِ اضْطُرَّ غَيْرَ بَاغٍ وَلَا عَادٍ فَلَا إِثْمَ عَلَيْهِ ۚ إِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (173) Ngempela uninqabele ukudla izilwane ezizifeleyo, negazi nenyama yengulube, futhi nalokho okukhulekelwe ngelinye igama ngaphandle kwelika Mvelinqangi, noma ngabe ubani ophoqwa (yisidingo) ngaphandle kokufisa ukungahloniphi ngokungeyinhloso asikho isono kuyena, ngempela uMvelinqangi uyathethelela unesihawu |
إِنَّ الَّذِينَ يَكْتُمُونَ مَا أَنزَلَ اللَّهُ مِنَ الْكِتَابِ وَيَشْتَرُونَ بِهِ ثَمَنًا قَلِيلًا ۙ أُولَٰئِكَ مَا يَأْكُلُونَ فِي بُطُونِهِمْ إِلَّا النَّارَ وَلَا يُكَلِّمُهُمُ اللَّهُ يَوْمَ الْقِيَامَةِ وَلَا يُزَكِّيهِمْ وَلَهُمْ عَذَابٌ أَلِيمٌ (174) Labo abafihla lokho uMvelinqangi akwehlisile okusencwadini futhi bakuthengise ngenani eliphansi, labo-ke abadli lutho ezwisini zabo ngaphandle komlilo. Futhi uMvelinqangi angeke akhulume nabo ngosuku lokuvuka kwabafileyo noma abahlanze, futhi okwabo yisijeziso esibuhlungu |
أُولَٰئِكَ الَّذِينَ اشْتَرَوُا الضَّلَالَةَ بِالْهُدَىٰ وَالْعَذَابَ بِالْمَغْفِرَةِ ۚ فَمَا أَصْبَرَهُمْ عَلَى النَّارِ (175) Labo-ke yilabo abashintsha ukuholwa ngalokho okuyiphutha kanye nesijeziso esikhundleni sentethelelo (banesibindi esingakanani) ukumelana nomlilo |
ذَٰلِكَ بِأَنَّ اللَّهَ نَزَّلَ الْكِتَابَ بِالْحَقِّ ۗ وَإِنَّ الَّذِينَ اخْتَلَفُوا فِي الْكِتَابِ لَفِي شِقَاقٍ بَعِيدٍ (176) Lokho yingoba uMvelinqangi wehlise incwadi ngeqiniso. Futhi ngempela labo abaphikisanayo basekuqembukelaneni okukude le |
۞ لَّيْسَ الْبِرَّ أَن تُوَلُّوا وُجُوهَكُمْ قِبَلَ الْمَشْرِقِ وَالْمَغْرِبِ وَلَٰكِنَّ الْبِرَّ مَنْ آمَنَ بِاللَّهِ وَالْيَوْمِ الْآخِرِ وَالْمَلَائِكَةِ وَالْكِتَابِ وَالنَّبِيِّينَ وَآتَى الْمَالَ عَلَىٰ حُبِّهِ ذَوِي الْقُرْبَىٰ وَالْيَتَامَىٰ وَالْمَسَاكِينَ وَابْنَ السَّبِيلِ وَالسَّائِلِينَ وَفِي الرِّقَابِ وَأَقَامَ الصَّلَاةَ وَآتَى الزَّكَاةَ وَالْمُوفُونَ بِعَهْدِهِمْ إِذَا عَاهَدُوا ۖ وَالصَّابِرِينَ فِي الْبَأْسَاءِ وَالضَّرَّاءِ وَحِينَ الْبَأْسِ ۗ أُولَٰئِكَ الَّذِينَ صَدَقُوا ۖ وَأُولَٰئِكَ هُمُ الْمُتَّقُونَ (177) Akusikhona ukulunga ukuphendula ubuso benu (bubheke) eMpumalanga naseNtshonalanga, kodwa ukulunga yilowo okholwa kuMvelinqangi futhi nasosukwini lokugcina nasezingelosini nasencwadini nakubaPhrofethi. Futhi aphane ngengcebo noma ngabe uyithanda kangakanani ezihlotsheni, nasezintandaneni, nakwabaswele, nesesihambini (esicela usizo) nabacelayo nokukhulula izigqila, futhi enze umthandazo, anikele kwabampofu (izakaah) futhi bagcwalise isithembiso uma bethembisile futhi babekezele ukuhlupheka nobunzima ngesikhathi sempi. Labo-ke yilabo abaneqiniso futhi bona bangabenzi bokuhle |
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا كُتِبَ عَلَيْكُمُ الْقِصَاصُ فِي الْقَتْلَى ۖ الْحُرُّ بِالْحُرِّ وَالْعَبْدُ بِالْعَبْدِ وَالْأُنثَىٰ بِالْأُنثَىٰ ۚ فَمَنْ عُفِيَ لَهُ مِنْ أَخِيهِ شَيْءٌ فَاتِّبَاعٌ بِالْمَعْرُوفِ وَأَدَاءٌ إِلَيْهِ بِإِحْسَانٍ ۗ ذَٰلِكَ تَخْفِيفٌ مِّن رَّبِّكُمْ وَرَحْمَةٌ ۗ فَمَنِ اعْتَدَىٰ بَعْدَ ذَٰلِكَ فَلَهُ عَذَابٌ أَلِيمٌ (178) Oh nina enikholwayo! nilotshelwe umthetho wokuphindisela uma kukhona obulewe okhululekile ngokhululekile, nesigqila ngesigqila nesifazane ngesifazane. Kepha uma umbulali exolelwa ngumfowabo (noma yizihlobo), zobulewe ofuna okuthize njengesinxephezelo makanxephezelwe ngokuyikho. Lokho nje kuyisixegiso esivela eNkosini yenu nomusa, lowo-ke ophambukayo emuva kwalokho okwakhe yisijeziso esibuhlungu |
وَلَكُمْ فِي الْقِصَاصِ حَيَاةٌ يَا أُولِي الْأَلْبَابِ لَعَلَّكُمْ تَتَّقُونَ (179) Futhi kukhona impilo kunina emthethweni wokuphindisela. Oh Nina Bantu! Abaqondayo ukuze ningaba abalungileyo |
كُتِبَ عَلَيْكُمْ إِذَا حَضَرَ أَحَدَكُمُ الْمَوْتُ إِن تَرَكَ خَيْرًا الْوَصِيَّةُ لِلْوَالِدَيْنِ وَالْأَقْرَبِينَ بِالْمَعْرُوفِ ۖ حَقًّا عَلَى الْمُتَّقِينَ (180) Kulotshiwe kunina ukuthi uma omunye wenu efikelwa ukufa, uma eshiye ingcebo ukwaba ifa kubazali nesezihlotsheni (makwenziwe) ngendlela eyamukelekile. Lokhu kungumthwalo kulabo abalungileyo |
فَمَن بَدَّلَهُ بَعْدَمَا سَمِعَهُ فَإِنَّمَا إِثْمُهُ عَلَى الَّذِينَ يُبَدِّلُونَهُ ۚ إِنَّ اللَّهَ سَمِيعٌ عَلِيمٌ (181) Ngakho-ke lowo oshintsha lokho emva kokuba esekuzwile, ngempela isono sakhe siphezulu kwalabo abakushintshayo. Ngempela uMvelinqangi ungozwayo owaziyo |
فَمَنْ خَافَ مِن مُّوصٍ جَنَفًا أَوْ إِثْمًا فَأَصْلَحَ بَيْنَهُمْ فَلَا إِثْمَ عَلَيْهِ ۚ إِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (182) Kepha uma omunye esaba ukuthi lowo ongumabi (angase anze) ukungabi nobulungiswa noma isono lungisa lokho phakathi kwabo (labo abathintekayo) akunasono phezulu kwakhe. Ngempela uMvelinqangi ungumthetheleli unomusa |
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا كُتِبَ عَلَيْكُمُ الصِّيَامُ كَمَا كُتِبَ عَلَى الَّذِينَ مِن قَبْلِكُمْ لَعَلَّكُمْ تَتَّقُونَ (183) Oh Nina enikholwayo! Kulotshiwe kunina ukuzila njengoba kwakulotshiwe kulabo ababengaphambilini kwenu ukuthi ningaba abalungileyo |
أَيَّامًا مَّعْدُودَاتٍ ۚ فَمَن كَانَ مِنكُم مَّرِيضًا أَوْ عَلَىٰ سَفَرٍ فَعِدَّةٌ مِّنْ أَيَّامٍ أُخَرَ ۚ وَعَلَى الَّذِينَ يُطِيقُونَهُ فِدْيَةٌ طَعَامُ مِسْكِينٍ ۖ فَمَن تَطَوَّعَ خَيْرًا فَهُوَ خَيْرٌ لَّهُ ۚ وَأَن تَصُومُوا خَيْرٌ لَّكُمْ ۖ إِن كُنتُمْ تَعْلَمُونَ (184) (Zilani) Izinsuku ezinqunyiwe uma kukhona kunina ogulayo noma osohambweni ngakho-ke isibalo esilinganayo sezinsuku (kufanele sigcwaliswe) kulabo abaphumelelayo (ukuzila kepha kunobunzima) mabakhokhe ngokondla odingayo. Ngakho- ke lowo owenza okuhle kusuka othandweni lakhe kungcono kuyena, kepha ukuzila kungcono kunina ukuba benazi |
شَهْرُ رَمَضَانَ الَّذِي أُنزِلَ فِيهِ الْقُرْآنُ هُدًى لِّلنَّاسِ وَبَيِّنَاتٍ مِّنَ الْهُدَىٰ وَالْفُرْقَانِ ۚ فَمَن شَهِدَ مِنكُمُ الشَّهْرَ فَلْيَصُمْهُ ۖ وَمَن كَانَ مَرِيضًا أَوْ عَلَىٰ سَفَرٍ فَعِدَّةٌ مِّنْ أَيَّامٍ أُخَرَ ۗ يُرِيدُ اللَّهُ بِكُمُ الْيُسْرَ وَلَا يُرِيدُ بِكُمُ الْعُسْرَ وَلِتُكْمِلُوا الْعِدَّةَ وَلِتُكَبِّرُوا اللَّهَ عَلَىٰ مَا هَدَاكُمْ وَلَعَلَّكُمْ تَشْكُرُونَ (185) Inyanga kaRamadhani iyona okwehliswa ngayo iQur’an engumholi kubantu nobufakazi obucacile noma ngabe ubani obona (inyanga entsha) makazile kuyona noma ngabe ubani ogulayo noma esohambweni makazile isibalo esifanayo ezinsukwini ezizayo. UMvelinqangi unifisela okulula akanifiseli okunzima nokuthi niqedele leso sikhathi sokudumisa, uMvelinqangi kulokhu anihole ngakho ukuzthi ningaba nokubonga |
وَإِذَا سَأَلَكَ عِبَادِي عَنِّي فَإِنِّي قَرِيبٌ ۖ أُجِيبُ دَعْوَةَ الدَّاعِ إِذَا دَعَانِ ۖ فَلْيَسْتَجِيبُوا لِي وَلْيُؤْمِنُوا بِي لَعَلَّهُمْ يَرْشُدُونَ (186) Futhi uma zikubuza izikhonzi zami ngami ngempela ngiseduzane ngiphendula isicelo salowo ongicelayo. Ngakho- ke mabaphendule kumina futhi bakholelwe kumina, ukuze baholeke (ngokuyikho) |
أُحِلَّ لَكُمْ لَيْلَةَ الصِّيَامِ الرَّفَثُ إِلَىٰ نِسَائِكُمْ ۚ هُنَّ لِبَاسٌ لَّكُمْ وَأَنتُمْ لِبَاسٌ لَّهُنَّ ۗ عَلِمَ اللَّهُ أَنَّكُمْ كُنتُمْ تَخْتَانُونَ أَنفُسَكُمْ فَتَابَ عَلَيْكُمْ وَعَفَا عَنكُمْ ۖ فَالْآنَ بَاشِرُوهُنَّ وَابْتَغُوا مَا كَتَبَ اللَّهُ لَكُمْ ۚ وَكُلُوا وَاشْرَبُوا حَتَّىٰ يَتَبَيَّنَ لَكُمُ الْخَيْطُ الْأَبْيَضُ مِنَ الْخَيْطِ الْأَسْوَدِ مِنَ الْفَجْرِ ۖ ثُمَّ أَتِمُّوا الصِّيَامَ إِلَى اللَّيْلِ ۚ وَلَا تُبَاشِرُوهُنَّ وَأَنتُمْ عَاكِفُونَ فِي الْمَسَاجِدِ ۗ تِلْكَ حُدُودُ اللَّهِ فَلَا تَقْرَبُوهَا ۗ كَذَٰلِكَ يُبَيِّنُ اللَّهُ آيَاتِهِ لِلنَّاسِ لَعَلَّهُمْ يَتَّقُونَ (187) Nenzelwe kwaba yimvume ubusuku (enyangeni okuzilwa ngayo) ukuya kwabesifazane benu (ukuhlangana namakhosikazi enu) wona bayizingubo zenu nani niyizingubo zawo. Umvelinqangiuyazi ukuthi nanizikhohlisa nina uqobo lwenu waphendukela kunina ngentethelelo wabe eseyanithethelela manje seningahlangana nabo nifune lokho uMvelinqangi animisele kona (ukwenza ucansi) nidle futhi niphuze kuze kunehlukanisele ukuvela komudwa omhlophe (wokuntwela kokusa) kudede ubunyama ngakho-ke qedelelani, ukuzila kuze kube sebusuku (ukushona kwelanga) futhi ningahlangani nabo inqobo nje uma nihlezi nidumisa (uMvelinqangi) eMasjid lezo yizinqumo zikaMvelinqangi ningasondelani nazo ngokunjalo uwacacisile uMvelinqangi amavesi akhe kubantu ukuthi bangaba ngabalungileyo |
وَلَا تَأْكُلُوا أَمْوَالَكُم بَيْنَكُم بِالْبَاطِلِ وَتُدْلُوا بِهَا إِلَى الْحُكَّامِ لِتَأْكُلُوا فَرِيقًا مِّنْ أَمْوَالِ النَّاسِ بِالْإِثْمِ وَأَنتُمْ تَعْلَمُونَ (188) Futhi ningasaphazi impahla yenu ngeze, futhiningagwazeli abahluleli ukuze nizuze ngokungesilo iqiniso nazi |
۞ يَسْأَلُونَكَ عَنِ الْأَهِلَّةِ ۖ قُلْ هِيَ مَوَاقِيتُ لِلنَّاسِ وَالْحَجِّ ۗ وَلَيْسَ الْبِرُّ بِأَن تَأْتُوا الْبُيُوتَ مِن ظُهُورِهَا وَلَٰكِنَّ الْبِرَّ مَنِ اتَّقَىٰ ۗ وَأْتُوا الْبُيُوتَ مِنْ أَبْوَابِهَا ۚ وَاتَّقُوا اللَّهَ لَعَلَّكُمْ تُفْلِحُونَ (189) Bakubuza mayelana nokuthwasa kwezinyanga, Yithi, “leyo yimikhawulo ekhombisa izikathi zonyaka kubantu neze Hajj”, akulungile ukungena ezindlini ngemumva kodwa ukulunga ukusaba uAllah, ngakho-ke ngenani ezindlini ngeminyango yazo efanele futhi nesabe uAllah ukuze niphumelele |
وَقَاتِلُوا فِي سَبِيلِ اللَّهِ الَّذِينَ يُقَاتِلُونَكُمْ وَلَا تَعْتَدُوا ۚ إِنَّ اللَّهَ لَا يُحِبُّ الْمُعْتَدِينَ (190) Futhi yilwani endleleni kaMvelinqangi nalabo abanilwisayo futhi ningephuli umthetho. Ngempela uMvelinqangi akabathandi abephula umthetho |
وَاقْتُلُوهُمْ حَيْثُ ثَقِفْتُمُوهُمْ وَأَخْرِجُوهُم مِّنْ حَيْثُ أَخْرَجُوكُمْ ۚ وَالْفِتْنَةُ أَشَدُّ مِنَ الْقَتْلِ ۚ وَلَا تُقَاتِلُوهُمْ عِندَ الْمَسْجِدِ الْحَرَامِ حَتَّىٰ يُقَاتِلُوكُمْ فِيهِ ۖ فَإِن قَاتَلُوكُمْ فَاقْتُلُوهُمْ ۗ كَذَٰلِكَ جَزَاءُ الْكَافِرِينَ (191) Futhi nibabulale noma yikuphi lapho nibafica khona nibaxoshe lapho benixosha khona, futhi ingcindezelo ingaphezulu kokubulala, futhi ningalwi nabo eMasjid Haraam baze banilwise nina, ngakho-ke uma belwa nani khona babulaleni. Unjalo-ke umvuzo wabangakholwayo |
فَإِنِ انتَهَوْا فَإِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (192) Kepha uma bepheza ngempela uMvelinqangi uyathethelela unomusa |
وَقَاتِلُوهُمْ حَتَّىٰ لَا تَكُونَ فِتْنَةٌ وَيَكُونَ الدِّينُ لِلَّهِ ۖ فَإِنِ انتَهَوْا فَلَا عُدْوَانَ إِلَّا عَلَى الظَّالِمِينَ (193) Futhi nibalwise kuze kuphela (ukuhlushwa) kuze kusale inkolo kaMvelinqangi, kepha uma bepheza abungabibikho ubutha ngaphandle (kokuphikisa) abenzi bokubi |
الشَّهْرُ الْحَرَامُ بِالشَّهْرِ الْحَرَامِ وَالْحُرُمَاتُ قِصَاصٌ ۚ فَمَنِ اعْتَدَىٰ عَلَيْكُمْ فَاعْتَدُوا عَلَيْهِ بِمِثْلِ مَا اعْتَدَىٰ عَلَيْكُمْ ۚ وَاتَّقُوا اللَّهَ وَاعْلَمُوا أَنَّ اللَّهَ مَعَ الْمُتَّقِينَ (194) (Ukulwa) enyangeni engcwele (okwalabo abenza obubi) enyangeni engcwele. Kunezinto ezingafanele (ukuba zenziwe). Kunomthetho wokuphindisela ngokulinganayo (yiQisas) noma ngabe ubani owenza okubi kunina nani enzani okubi kuyena ngokufanayo nalokhu akwenze kunina bese nesabe uMvelinqangi futhi nazi ukuthi uMvelinqangi ukanye nabamesabayo |
وَأَنفِقُوا فِي سَبِيلِ اللَّهِ وَلَا تُلْقُوا بِأَيْدِيكُمْ إِلَى التَّهْلُكَةِ ۛ وَأَحْسِنُوا ۛ إِنَّ اللَّهَ يُحِبُّ الْمُحْسِنِينَ (195) Futhi ninikele endleleni kaMvelinqangi ningaziphonsi (nina uqobo lwenu) ngezandla zenu ekubhujisweni futhi nenze okuhle. Ngempela uMvelinqangi uyabathanda abenzi bokuhle |
وَأَتِمُّوا الْحَجَّ وَالْعُمْرَةَ لِلَّهِ ۚ فَإِنْ أُحْصِرْتُمْ فَمَا اسْتَيْسَرَ مِنَ الْهَدْيِ ۖ وَلَا تَحْلِقُوا رُءُوسَكُمْ حَتَّىٰ يَبْلُغَ الْهَدْيُ مَحِلَّهُ ۚ فَمَن كَانَ مِنكُم مَّرِيضًا أَوْ بِهِ أَذًى مِّن رَّأْسِهِ فَفِدْيَةٌ مِّن صِيَامٍ أَوْ صَدَقَةٍ أَوْ نُسُكٍ ۚ فَإِذَا أَمِنتُمْ فَمَن تَمَتَّعَ بِالْعُمْرَةِ إِلَى الْحَجِّ فَمَا اسْتَيْسَرَ مِنَ الْهَدْيِ ۚ فَمَن لَّمْ يَجِدْ فَصِيَامُ ثَلَاثَةِ أَيَّامٍ فِي الْحَجِّ وَسَبْعَةٍ إِذَا رَجَعْتُمْ ۗ تِلْكَ عَشَرَةٌ كَامِلَةٌ ۗ ذَٰلِكَ لِمَن لَّمْ يَكُنْ أَهْلُهُ حَاضِرِي الْمَسْجِدِ الْحَرَامِ ۚ وَاتَّقُوا اللَّهَ وَاعْلَمُوا أَنَّ اللَّهَ شَدِيدُ الْعِقَابِ (196) Futhi nifeze iHajj neUmrah eqondene noMvelinqangi kodwa umanivimbelekile(ekufezenilokho) ninikelengalokhookulula ukukuthola okuwumnikelo wesilwane okungowokunikela ngezilwane futhi ningaphuci amakhanda enu kuze kube umnikelo wesilwane ufike endaweni lapho kunikelwa khona (endaweni yokuhlaba umnikelo). Kepha noma ngabe ubani kunina ogulayo noma izintwala ekhanda inhlawulo ukuzila (izinsuku ezintathu) noma anikele noma ninikele ngesilwane (igusha noma imbuzi) kepha uma senihlengekile noma ngabe ubani ofuna ukwenza i-Umrah (ngezinyanga zeHajj) ilandelwa yiHajj kufanele enze umnikelo okulula ukuba awenze. Kepha lowo okungelula ukuba awuthola kufanele azile izinsuku ezintathu ekwi Hajj neziyisikhombisa uma senibuyele (emakhaya enu). Lezo (izinsuku) eziyishumi eziphelele, lokhu okwalowo osuke umndeni wakhe ungekho eMasjid Al-Haraam futhi nesabe uMvelinqangi futhi nazi ukuthi uMvelinqangi unzima ekujeziseni |
الْحَجُّ أَشْهُرٌ مَّعْلُومَاتٌ ۚ فَمَن فَرَضَ فِيهِنَّ الْحَجَّ فَلَا رَفَثَ وَلَا فُسُوقَ وَلَا جِدَالَ فِي الْحَجِّ ۗ وَمَا تَفْعَلُوا مِنْ خَيْرٍ يَعْلَمْهُ اللَّهُ ۗ وَتَزَوَّدُوا فَإِنَّ خَيْرَ الزَّادِ التَّقْوَىٰ ۚ وَاتَّقُونِ يَا أُولِي الْأَلْبَابِ (197) IHajj ingezinyanga ezaziwayo ngakho-ke noma ngabe ubani oziphoqelele kuzona (ukwenza) i-Hajj makungabibikho ukuhlangana phakathi kowesilisa nowesifazane nokwenza okubi futhi makungabibikho impikiswano ngesikhathi seHajj noma ngabe yini eniyenzayo enhle uMvelinqangi uyayazi, zihlinzekeni kepha ukuzihlinzeka okungcono ukwesaba uMvelinqangi futhi nesabe mina, Oh Nina eniqondayo |
لَيْسَ عَلَيْكُمْ جُنَاحٌ أَن تَبْتَغُوا فَضْلًا مِّن رَّبِّكُمْ ۚ فَإِذَا أَفَضْتُم مِّنْ عَرَفَاتٍ فَاذْكُرُوا اللَّهَ عِندَ الْمَشْعَرِ الْحَرَامِ ۖ وَاذْكُرُوهُ كَمَا هَدَاكُمْ وَإِن كُنتُم مِّن قَبْلِهِ لَمِنَ الضَّالِّينَ (198) Akusilona icala phezulu kwenu uma nizicelela izipho ezivela eNkosini yenu (ngesikhathi se-Hajj ukwenza ibhizinisi), kepha uma senivela e-Arafat khumbulani uMvelinqangi (ngokumdumisa) eMash-ar-Al-Haraam futhi nimkhumbule njengoba anihola ngaphambili kwalokho beniphakathi kwabadukileyo |
ثُمَّ أَفِيضُوا مِنْ حَيْثُ أَفَاضَ النَّاسُ وَاسْتَغْفِرُوا اللَّهَ ۚ إِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (199) Bese nihamba nilibhekise lapho abantu belibhekisa ngakhona nicele intethelelo kaMvelinqangi. Ngempela uMvelinqangi ungothethelelayo unesihawu |
فَإِذَا قَضَيْتُم مَّنَاسِكَكُمْ فَاذْكُرُوا اللَّهَ كَذِكْرِكُمْ آبَاءَكُمْ أَوْ أَشَدَّ ذِكْرًا ۗ فَمِنَ النَّاسِ مَن يَقُولُ رَبَّنَا آتِنَا فِي الدُّنْيَا وَمَا لَهُ فِي الْآخِرَةِ مِنْ خَلَاقٍ (200) Futhi uma seniwenzile amasiko enu (okwenza iHajj) nikhumbule uMvelinqangi njengalokhu nikhumbula obaba benu noma ngenkumbulo enkulu kunalokho. Ebantwini kukhona abathi “Oh Nkosi yethu” sabele kulomhlaba futhi akayikuba nangxenye kwelizayo |
وَمِنْهُم مَّن يَقُولُ رَبَّنَا آتِنَا فِي الدُّنْيَا حَسَنَةً وَفِي الْآخِرَةِ حَسَنَةً وَقِنَا عَذَابَ النَّارِ (201) Futhi kubona kukhona othi “Nkosi yethu siphe kulomhlaba okuhle nakwelizayo okuhle futhi usivikele ekujezisweni komlilo” |
أُولَٰئِكَ لَهُمْ نَصِيبٌ مِّمَّا كَسَبُوا ۚ وَاللَّهُ سَرِيعُ الْحِسَابِ (202) Labo-ke okwabo ingxenye yalokho abakuvunile futhi uMvelinqangi ungosheshayo ekubaleni (ekwahluleleni) |
۞ وَاذْكُرُوا اللَّهَ فِي أَيَّامٍ مَّعْدُودَاتٍ ۚ فَمَن تَعَجَّلَ فِي يَوْمَيْنِ فَلَا إِثْمَ عَلَيْهِ وَمَن تَأَخَّرَ فَلَا إِثْمَ عَلَيْهِ ۚ لِمَنِ اتَّقَىٰ ۗ وَاتَّقُوا اللَّهَ وَاعْلَمُوا أَنَّكُمْ إِلَيْهِ تُحْشَرُونَ (203) Futhi nikhumbule uMvelinqangi kulezozinsuku ezinqunyiwe, ngakho-ke lowo ofuna ukuhamba ezinsukwini ezimbili asikho isono kuyena. Futhi lowo olibalayo asikho isono kuyena, kulowo oweasaba uMvelinqangi, nesabe uMvelinqangi futhi nazi ukuthi nina niyoqoqeleka kuyena |
وَمِنَ النَّاسِ مَن يُعْجِبُكَ قَوْلُهُ فِي الْحَيَاةِ الدُّنْيَا وَيُشْهِدُ اللَّهَ عَلَىٰ مَا فِي قَلْبِهِ وَهُوَ أَلَدُّ الْخِصَامِ (204) Futhi phakathi kwabantu kukhona lowo ekujabulisayo inkulumo yakhe ngempilo yasemhlabeni futhi (ebiza) uMvelinqangi ukuba afakaze ngalokhu okusenhliziyweni yakhe. Kanti uyisitha esikhulu ngaphezulu kwabhekene nabo |
وَإِذَا تَوَلَّىٰ سَعَىٰ فِي الْأَرْضِ لِيُفْسِدَ فِيهَا وَيُهْلِكَ الْحَرْثَ وَالنَّسْلَ ۗ وَاللَّهُ لَا يُحِبُّ الْفَسَادَ (205) Futhi uma echezuka endleleni ezama emhlabeni ukuthi enze ukukhwabanisa kuwona nokubhubhisa izitshalo kanye nemfuyo futhi uMvelinqangi akakuthandi ukukhwabanisa |
وَإِذَا قِيلَ لَهُ اتَّقِ اللَّهَ أَخَذَتْهُ الْعِزَّةُ بِالْإِثْمِ ۚ فَحَسْبُهُ جَهَنَّمُ ۚ وَلَبِئْسَ الْمِهَادُ (206) Futhi uma kuthiwa kuyena, “Saba uMvelinqangi” wabe esezigqaja ngalokho esonweni umanele yena umlilo wesihogo ngempela yimbi (leyo) ndawo yokuphumula |
وَمِنَ النَّاسِ مَن يَشْرِي نَفْسَهُ ابْتِغَاءَ مَرْضَاتِ اللَّهِ ۗ وَاللَّهُ رَءُوفٌ بِالْعِبَادِ (207) Futhi phakathi kwabantu kukhona ozidayisa yena ukuze azuze injabulo kaMvelinqangi, futhi uMvelinqangi ulungile ezincekwini (zakhe) |
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا ادْخُلُوا فِي السِّلْمِ كَافَّةً وَلَا تَتَّبِعُوا خُطُوَاتِ الشَّيْطَانِ ۚ إِنَّهُ لَكُمْ عَدُوٌّ مُّبِينٌ (208) Oh nina enikholwayo! Ngenani ekuzithobeni ngaphansi kwentando kaMvelinqangi ngokuphelele futhi ningalandeli izinyathelo zikasathane, ngempela yena uyisitha senu esisobala |
فَإِن زَلَلْتُم مِّن بَعْدِ مَا جَاءَتْكُمُ الْبَيِّنَاتُ فَاعْلَمُوا أَنَّ اللَّهَ عَزِيزٌ حَكِيمٌ (209) Kepha uma nihlehlela ngemuva kokuba ubufakazi obucacile sebufikile kunina ngakho-ke yazini ukuthi uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani |
هَلْ يَنظُرُونَ إِلَّا أَن يَأْتِيَهُمُ اللَّهُ فِي ظُلَلٍ مِّنَ الْغَمَامِ وَالْمَلَائِكَةُ وَقُضِيَ الْأَمْرُ ۚ وَإِلَى اللَّهِ تُرْجَعُ الْأُمُورُ (210) Ngakube balindele ngaphandle kokuba uMvelinqangi eze kubona ngezithunzi zamafu nezingelosi, futhi udaba selunqunyiwe futhi zibuyela kuMvelinqangi (zonke) izinqumo |
سَلْ بَنِي إِسْرَائِيلَ كَمْ آتَيْنَاهُم مِّنْ آيَةٍ بَيِّنَةٍ ۗ وَمَن يُبَدِّلْ نِعْمَةَ اللَّهِ مِن بَعْدِ مَا جَاءَتْهُ فَإِنَّ اللَّهَ شَدِيدُ الْعِقَابِ (211) Buzani abantwana bakwa-Israyeli (ukuthi) zingaki izimpawu zobufakazi obucacile esabanika zona. Futhi noma ngabe ubani oshintsha ububele bukaMvelinqangi emva kokuba sebufikile kuyena. Ngakhoke ngempela uMvelinqangi unzima ekujeziseni |
زُيِّنَ لِلَّذِينَ كَفَرُوا الْحَيَاةُ الدُّنْيَا وَيَسْخَرُونَ مِنَ الَّذِينَ آمَنُوا ۘ وَالَّذِينَ اتَّقَوْا فَوْقَهُمْ يَوْمَ الْقِيَامَةِ ۗ وَاللَّهُ يَرْزُقُ مَن يَشَاءُ بِغَيْرِ حِسَابٍ (212) Yenziwe yaba yinhle kulabo abangakholwa impilo yakulomhlaba futhi benza inhlekisa ngalabo abakholwayo, futhi nalabo abesaba uMvelinqangi bayokuba ngaphezulu kwabo ngosuku lokuvuka kwabafileyo, futhi uMvelinqangi wabela lowo amthandayo ngaphandle kokubala |
كَانَ النَّاسُ أُمَّةً وَاحِدَةً فَبَعَثَ اللَّهُ النَّبِيِّينَ مُبَشِّرِينَ وَمُنذِرِينَ وَأَنزَلَ مَعَهُمُ الْكِتَابَ بِالْحَقِّ لِيَحْكُمَ بَيْنَ النَّاسِ فِيمَا اخْتَلَفُوا فِيهِ ۚ وَمَا اخْتَلَفَ فِيهِ إِلَّا الَّذِينَ أُوتُوهُ مِن بَعْدِ مَا جَاءَتْهُمُ الْبَيِّنَاتُ بَغْيًا بَيْنَهُمْ ۖ فَهَدَى اللَّهُ الَّذِينَ آمَنُوا لِمَا اخْتَلَفُوا فِيهِ مِنَ الْحَقِّ بِإِذْنِهِ ۗ وَاللَّهُ يَهْدِي مَن يَشَاءُ إِلَىٰ صِرَاطٍ مُّسْتَقِيمٍ (213) Abantu babeyisizwe esisodwa ngakho-ke uMvelinqangi wathumela abaphrofethi njengabalethi bezindaba ezimnandi nabaxwayisi, wehlisela phansi kubona incwadi ngeqiniso ukuze yahlulele phakathi kwabantu kulokho ababehlukene (ababephikisene) ngako, futhi akekho owayehlukile kukona ngaphandle kwalabo ababenikwe (imibhalo) emva kokuba sebefikelwe ubufakazi obucacile ngenxa yenzondo nomona phakathi kwabo. UMvelinqangi wabaholela (eqinisweni) labo abakholwayo mayelana nalokho ababehlukene ngakho ngentando yakhe. Futhi uMvelinqangi uholela lowo amthandayo endleleni eqondile |
أَمْ حَسِبْتُمْ أَن تَدْخُلُوا الْجَنَّةَ وَلَمَّا يَأْتِكُم مَّثَلُ الَّذِينَ خَلَوْا مِن قَبْلِكُم ۖ مَّسَّتْهُمُ الْبَأْسَاءُ وَالضَّرَّاءُ وَزُلْزِلُوا حَتَّىٰ يَقُولَ الرَّسُولُ وَالَّذِينَ آمَنُوا مَعَهُ مَتَىٰ نَصْرُ اللَّهِ ۗ أَلَا إِنَّ نَصْرَ اللَّهِ قَرِيبٌ (214) Noma nicabanga ukuthi niyongena esivandeni yize noma kungazange kuze kunina okunjengalokho okweza kulabo asebadlula ngaphambilini kwenu, babevelelwa ukuhlupheka nobunzima, bezanyazanyiswa saze sathi isithunywa nalabo ababekholwa ababekanye naso (luyofika) nini usizo lukaMvelinqangi na? Ngempela usizo lukaMvelinqangi seluseduzane |
يَسْأَلُونَكَ مَاذَا يُنفِقُونَ ۖ قُلْ مَا أَنفَقْتُم مِّنْ خَيْرٍ فَلِلْوَالِدَيْنِ وَالْأَقْرَبِينَ وَالْيَتَامَىٰ وَالْمَسَاكِينِ وَابْنِ السَّبِيلِ ۗ وَمَا تَفْعَلُوا مِنْ خَيْرٍ فَإِنَّ اللَّهَ بِهِ عَلِيمٌ (215) Bakubuza ngokufanele bakuchithe ithi “Noma ngabe yini enhle eniyichithayo yabazali, nezihlobo, nezintandane, nabadingayo, nesihambi (esidinga usizo). Futhi noma ngabe yini eniyenzayo enhle ngempela uMvelinqangi uyazi ngayo |
كُتِبَ عَلَيْكُمُ الْقِتَالُ وَهُوَ كُرْهٌ لَّكُمْ ۖ وَعَسَىٰ أَن تَكْرَهُوا شَيْئًا وَهُوَ خَيْرٌ لَّكُمْ ۖ وَعَسَىٰ أَن تُحِبُّوا شَيْئًا وَهُوَ شَرٌّ لَّكُمْ ۗ وَاللَّهُ يَعْلَمُ وَأَنتُمْ لَا تَعْلَمُونَ (216) Kulotshiwe kunina ukulwa noma kungathandeki kunina. Futhi kungase kwenzeke ukuthi ningakuthandi okuthize kanti kuyinto enhle kunina futhi kungase kwenzeke ukuthi niyakuthanda okuthize kanti kuyinto enobubi kunina. Futhi uMvelinqangi uyazi kanti nina anazi |
يَسْأَلُونَكَ عَنِ الشَّهْرِ الْحَرَامِ قِتَالٍ فِيهِ ۖ قُلْ قِتَالٌ فِيهِ كَبِيرٌ ۖ وَصَدٌّ عَن سَبِيلِ اللَّهِ وَكُفْرٌ بِهِ وَالْمَسْجِدِ الْحَرَامِ وَإِخْرَاجُ أَهْلِهِ مِنْهُ أَكْبَرُ عِندَ اللَّهِ ۚ وَالْفِتْنَةُ أَكْبَرُ مِنَ الْقَتْلِ ۗ وَلَا يَزَالُونَ يُقَاتِلُونَكُمْ حَتَّىٰ يَرُدُّوكُمْ عَن دِينِكُمْ إِنِ اسْتَطَاعُوا ۚ وَمَن يَرْتَدِدْ مِنكُمْ عَن دِينِهِ فَيَمُتْ وَهُوَ كَافِرٌ فَأُولَٰئِكَ حَبِطَتْ أَعْمَالُهُمْ فِي الدُّنْيَا وَالْآخِرَةِ ۖ وَأُولَٰئِكَ أَصْحَابُ النَّارِ ۖ هُمْ فِيهَا خَالِدُونَ (217) Bakubuza mayelana nokulwa enyangeni engcwele ithi “ukulwa kuyona (kuyiphutha elikhulu) kodwa nokuvimbela (abantu) endleleni kaMvelinqangi nokungakholelwa kuyena (nokuvimbela abantu ukuthi baye) naseMasjid Al-Haraam nokuxosha abantu bayo kukhona (iphutha) elikhulu emehlweni kaMvelinqangi futhi ukungakholwa kungaphezulu kokubulala futhi bazoqhubeka nokulwa nani kuze kube yilapho beniphindisela emumva baniyekise inkolo yenu uma bekwazile. Futhi noma ngabe ubani kunina oyeka inkolo yakhe bese efa engakholwa labo-ke imisebenzi yabo ayilutho kulomhlaba nakwelizayo futhi labo-ke bangabanqwamani nomlilo bona bayohlala kuwo ingunaphakade |
إِنَّ الَّذِينَ آمَنُوا وَالَّذِينَ هَاجَرُوا وَجَاهَدُوا فِي سَبِيلِ اللَّهِ أُولَٰئِكَ يَرْجُونَ رَحْمَتَ اللَّهِ ۚ وَاللَّهُ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (218) Ngempela labo abakholwayo nalabo abahambayo (besuka endaweni beya kwenye indawo) nabalwa endleleni kaMvelinqangi labo-ke balindele umusa kaMvelinqangi. Futhi uMvelinqangi ungumthetheleli unesihawu |
۞ يَسْأَلُونَكَ عَنِ الْخَمْرِ وَالْمَيْسِرِ ۖ قُلْ فِيهِمَا إِثْمٌ كَبِيرٌ وَمَنَافِعُ لِلنَّاسِ وَإِثْمُهُمَا أَكْبَرُ مِن نَّفْعِهِمَا ۗ وَيَسْأَلُونَكَ مَاذَا يُنفِقُونَ قُلِ الْعَفْوَ ۗ كَذَٰلِكَ يُبَيِّنُ اللَّهُ لَكُمُ الْآيَاتِ لَعَلَّكُمْ تَتَفَكَّرُونَ (219) Bakubuza ngophuzo oludakayo nokubheja ithi “kukona kokubili yisono esikhulu futhi isono sako kokubili sikhulu ngaphezu kwenzuzo yako kokubili, futhi bakubuza ukuthi kufanele bachitheni ithi, “Okuseleyo” kanjalo-ke uMvelinqangi unicacisela kanjalo amavesi mhlawumbe ningaba nemicabango |
فِي الدُّنْيَا وَالْآخِرَةِ ۗ وَيَسْأَلُونَكَ عَنِ الْيَتَامَىٰ ۖ قُلْ إِصْلَاحٌ لَّهُمْ خَيْرٌ ۖ وَإِن تُخَالِطُوهُمْ فَإِخْوَانُكُمْ ۚ وَاللَّهُ يَعْلَمُ الْمُفْسِدَ مِنَ الْمُصْلِحِ ۚ وَلَوْ شَاءَ اللَّهُ لَأَعْنَتَكُمْ ۚ إِنَّ اللَّهَ عَزِيزٌ حَكِيمٌ (220) Kulomhlaba nakwelizayo futhi bakubuza ngezintandane ithi, “ukubasiza kungcono kepha uma nizihlanganisa nabo mayelana nesimo sabo bangabafowenu futhi uMvelinqangi uyamazi umenzi wobubi kulowo owenza okuhle, ukube uMvelinqangiubethandaubenganifakaebunzimeni.Ngempela uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani |
وَلَا تَنكِحُوا الْمُشْرِكَاتِ حَتَّىٰ يُؤْمِنَّ ۚ وَلَأَمَةٌ مُّؤْمِنَةٌ خَيْرٌ مِّن مُّشْرِكَةٍ وَلَوْ أَعْجَبَتْكُمْ ۗ وَلَا تُنكِحُوا الْمُشْرِكِينَ حَتَّىٰ يُؤْمِنُوا ۚ وَلَعَبْدٌ مُّؤْمِنٌ خَيْرٌ مِّن مُّشْرِكٍ وَلَوْ أَعْجَبَكُمْ ۗ أُولَٰئِكَ يَدْعُونَ إِلَى النَّارِ ۖ وَاللَّهُ يَدْعُو إِلَى الْجَنَّةِ وَالْمَغْفِرَةِ بِإِذْنِهِ ۖ وَيُبَيِّنُ آيَاتِهِ لِلنَّاسِ لَعَلَّهُمْ يَتَذَكَّرُونَ (221) Futhi ningashadi nabesifazane abakhonza abanye noma okunye ngaphandle kukaMvelinqangi kuze kube bayakholwa futhi ngempela isigqila sowesifazane okholwayo singcono kunowesifazane okhonza abanye noma okunye ngaphandle kukaMvelinqangi noma ngabe eniheha kanjani (owesifazane ongakholwa), futhi ningashadisi amadodakazi enu nabesilisa abakhonzaabanyenomaokunyengaphandlekukaMvelinqangi futhi ngempela isigqila sowesilisa okholwayo singcono kunomuntu okhonza abanye noma okunye ngaphandle kukaMvelinqangi noma ngabe eniheha kanjani. Labo-ke bakumemela emlilweni kepha uMvelinqangi ukumemela esivandeni (ezulwini) nasekuthetheleleni ngentando yakhe futhi ucacisela abantu amavesi akhe ukuze bakhumbule |
وَيَسْأَلُونَكَ عَنِ الْمَحِيضِ ۖ قُلْ هُوَ أَذًى فَاعْتَزِلُوا النِّسَاءَ فِي الْمَحِيضِ ۖ وَلَا تَقْرَبُوهُنَّ حَتَّىٰ يَطْهُرْنَ ۖ فَإِذَا تَطَهَّرْنَ فَأْتُوهُنَّ مِنْ حَيْثُ أَمَرَكُمُ اللَّهُ ۚ إِنَّ اللَّهَ يُحِبُّ التَّوَّابِينَ وَيُحِبُّ الْمُتَطَهِّرِينَ (222) Futhibakubuzangokuyaesikhathiniithi“kuyintoephathakabi ngakho-ke qhelelanani nabesifazane benu uma besesikhathini ningasondelani kubo baze bahlanzeke. Uma sebezihlanzile seningeza kubona ngalapho uMvelinqangi enikhombisile khona. Ngempela uMvelinqangi uyabathanda abaphenduka ngentethelelo (kuyena) futhi uyabathanda abazihlanzayo |
نِسَاؤُكُمْ حَرْثٌ لَّكُمْ فَأْتُوا حَرْثَكُمْ أَنَّىٰ شِئْتُمْ ۖ وَقَدِّمُوا لِأَنفُسِكُمْ ۚ وَاتَّقُوا اللَّهَ وَاعْلَمُوا أَنَّكُم مُّلَاقُوهُ ۗ وَبَشِّرِ الْمُؤْمِنِينَ (223) Amakhosikazi enu izivande zenu ngakho-ke iyani izvandeni zenu ngesikhathi enifisa ngaso futhi nibekele imiphefumulo yenu (okuhle) ngaphambili nesabe uMvelinqangi futhi nazi ukuthi nina niyohlangana naye. Futhi yisho izindaba ezimnandi kwabakholwayo |
وَلَا تَجْعَلُوا اللَّهَ عُرْضَةً لِّأَيْمَانِكُمْ أَن تَبَرُّوا وَتَتَّقُوا وَتُصْلِحُوا بَيْنَ النَّاسِ ۗ وَاللَّهُ سَمِيعٌ عَلِيمٌ (224) Futhi ningenzi (izifungo zenu) ngoMvelinqangi isizathu ekungenzini okuhle futhi nesabeni uMvelinqangi nasekwenzeni ubulungiswa phakathi kwabantu. Futhi uMvelinqangi ungozwayo owaziyo |
لَّا يُؤَاخِذُكُمُ اللَّهُ بِاللَّغْوِ فِي أَيْمَانِكُمْ وَلَٰكِن يُؤَاخِذُكُم بِمَا كَسَبَتْ قُلُوبُكُمْ ۗ وَاللَّهُ غَفُورٌ حَلِيمٌ (225) UMvelinqangi akanibeki isono ngalokho eningakuhlosile ezifungweni zenu kodwa unibeka isono ngalokho okuvunwe yizinhliziyo zenu. Futhi uMvelinqangi ungothethelelayo obekezelayo |
لِّلَّذِينَ يُؤْلُونَ مِن نِّسَائِهِمْ تَرَبُّصُ أَرْبَعَةِ أَشْهُرٍ ۖ فَإِن فَاءُوا فَإِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (226) Kulabo abafunga ukuthi bazile amakhosikazi abo (isikhathi okumele) basime izinyanga ezine uma sebephindele (esimweni esejwayelekile) ngakho-ke ngempela uMvelinqangi ungothethelelayo onesihawu |
وَإِنْ عَزَمُوا الطَّلَاقَ فَإِنَّ اللَّهَ سَمِيعٌ عَلِيمٌ (227) Futhi uma benqumelana isahlukaniso ngempela uMvelinqangi ungozwayo owaziyo |
وَالْمُطَلَّقَاتُ يَتَرَبَّصْنَ بِأَنفُسِهِنَّ ثَلَاثَةَ قُرُوءٍ ۚ وَلَا يَحِلُّ لَهُنَّ أَن يَكْتُمْنَ مَا خَلَقَ اللَّهُ فِي أَرْحَامِهِنَّ إِن كُنَّ يُؤْمِنَّ بِاللَّهِ وَالْيَوْمِ الْآخِرِ ۚ وَبُعُولَتُهُنَّ أَحَقُّ بِرَدِّهِنَّ فِي ذَٰلِكَ إِنْ أَرَادُوا إِصْلَاحًا ۚ وَلَهُنَّ مِثْلُ الَّذِي عَلَيْهِنَّ بِالْمَعْرُوفِ ۚ وَلِلرِّجَالِ عَلَيْهِنَّ دَرَجَةٌ ۗ وَاللَّهُ عَزِيزٌ حَكِيمٌ (228) Futhi abesifazane abahlukanisile kufanele balinde kuze kuphele izinyanga ezintathu (bengashadi okwesibili), futhi akusiwona umthetho kubona ukufihla lokho uMvelinqangi akudalile esizalweni sabo uma bekholwa kuMvelinqangi kanye nososukwini lokugcina, futhi abayeni babo banamalungelo okubabuyisela emumva kulesisi (sikhathi) uma befuna ukubuyelana. Futhi okwabo (abesifazane) kufana nalokho okulindelekile kubona mayelana nokuhle. Futhi amadoda (abayeni babo) bangaphezu kwabo ngezinga. Futhi uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani |
الطَّلَاقُ مَرَّتَانِ ۖ فَإِمْسَاكٌ بِمَعْرُوفٍ أَوْ تَسْرِيحٌ بِإِحْسَانٍ ۗ وَلَا يَحِلُّ لَكُمْ أَن تَأْخُذُوا مِمَّا آتَيْتُمُوهُنَّ شَيْئًا إِلَّا أَن يَخَافَا أَلَّا يُقِيمَا حُدُودَ اللَّهِ ۖ فَإِنْ خِفْتُمْ أَلَّا يُقِيمَا حُدُودَ اللَّهِ فَلَا جُنَاحَ عَلَيْهِمَا فِيمَا افْتَدَتْ بِهِ ۗ تِلْكَ حُدُودُ اللَّهِ فَلَا تَعْتَدُوهَا ۚ وَمَن يَتَعَدَّ حُدُودَ اللَّهِ فَأُولَٰئِكَ هُمُ الظَّالِمُونَ (229) Isahlukaniso sikabili ngakho-ke (emuva kwalokho) uyamugcina ngendlela eyamukelekile noma uyamdedela ngendlela eyamukelekile futhi akusiwona umthetho kunina ukuthi nithathe okuthize kubona kulokho enababela kona, ngaphandle uma bona bobabili besaba ukuthi angeke bakwazi ukugcina imigomo kaMvelinqangi. Kepha uma nesaba ukuthi angeke nikwazi ukugcina imigomo kaMvelinqangi akukho isono kubona bobabili mayelana nokuthize okubuyiswa owesifazane ukuze akhululeke. Leyo yimigomo kaMvelinqangi ngakho-ke ningayeqi futhi noma ngabe ngubani oweqa imigomo kaMvelinqangi labo-ke bona bangabenzi bokubi |
فَإِن طَلَّقَهَا فَلَا تَحِلُّ لَهُ مِن بَعْدُ حَتَّىٰ تَنكِحَ زَوْجًا غَيْرَهُ ۗ فَإِن طَلَّقَهَا فَلَا جُنَاحَ عَلَيْهِمَا أَن يَتَرَاجَعَا إِن ظَنَّا أَن يُقِيمَا حُدُودَ اللَّهِ ۗ وَتِلْكَ حُدُودُ اللَّهِ يُبَيِّنُهَا لِقَوْمٍ يَعْلَمُونَ (230) Futhi uma (indoda) yahlukanisile naye (owesifazane okwesithathu) akasekho emthethweni kuyena (owesilisa ukuthi ashade naye) emuva kwalokho kuze kube ashade nenye indoda. Futhi uma (indoda entsha) yenza isahlukaniso naye alikho icala kubona bobabili (indoda yokuqala nowesifazane) uma becabanga ukuthi bona bobabili bazoyigcina imigomo kaMvelinqangi. Lena yimigomo kaMvelinqangi ayenza icace esizweni esaziyo |
وَإِذَا طَلَّقْتُمُ النِّسَاءَ فَبَلَغْنَ أَجَلَهُنَّ فَأَمْسِكُوهُنَّ بِمَعْرُوفٍ أَوْ سَرِّحُوهُنَّ بِمَعْرُوفٍ ۚ وَلَا تُمْسِكُوهُنَّ ضِرَارًا لِّتَعْتَدُوا ۚ وَمَن يَفْعَلْ ذَٰلِكَ فَقَدْ ظَلَمَ نَفْسَهُ ۚ وَلَا تَتَّخِذُوا آيَاتِ اللَّهِ هُزُوًا ۚ وَاذْكُرُوا نِعْمَتَ اللَّهِ عَلَيْكُمْ وَمَا أَنزَلَ عَلَيْكُم مِّنَ الْكِتَابِ وَالْحِكْمَةِ يَعِظُكُم بِهِ ۚ وَاتَّقُوا اللَّهَ وَاعْلَمُوا أَنَّ اللَّهَ بِكُلِّ شَيْءٍ عَلِيمٌ (231) Futhi uma nehlukanisile nabesifazane futhi sebesiqedile isikhathi sabo kepha uma begcinwa mabagcinwe ngendlela eyamukelekile noma uma nibadedela mabadedelwe ngendlela eyamukelekile. Futhi ningabagcini ngendlela ebaphatha kabi ukuze niphule imigomo futhi noma ngabe ubani owenza lokho uzonele umphefumulo wakhe, futhi ningenzi amavesi kaMvelinqangi inhlekisa, futhi nikhumbule ububele buka Mvelinqangi phezulu kwenu nalokho akwehlisele phezulu kwenu okusencwadini, nobuhlakani aniyalela ngakho nesabe uMvelinqangi futhi nazi ukuthi uMvelinqangi wazi ngazo zonke izinto |
وَإِذَا طَلَّقْتُمُ النِّسَاءَ فَبَلَغْنَ أَجَلَهُنَّ فَلَا تَعْضُلُوهُنَّ أَن يَنكِحْنَ أَزْوَاجَهُنَّ إِذَا تَرَاضَوْا بَيْنَهُم بِالْمَعْرُوفِ ۗ ذَٰلِكَ يُوعَظُ بِهِ مَن كَانَ مِنكُمْ يُؤْمِنُ بِاللَّهِ وَالْيَوْمِ الْآخِرِ ۗ ذَٰلِكُمْ أَزْكَىٰ لَكُمْ وَأَطْهَرُ ۗ وَاللَّهُ يَعْلَمُ وَأَنتُمْ لَا تَعْلَمُونَ (232) Futhi uma nehlukanisile nabesifazane kulapho sebesiqedile isikhathi sabo, ningabavimbeli ukuba bashade namadoda abo (okuqala) uma bevumelana phakathi kwabo ngendlela eyamukelekile. Lokho enitshelwe ngakho noma ngabe ubani kunina okholwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina lokho kunilungele futhi kuhlanzekile kunina, uMvelinqangi uyazi kepha nina anazi |
۞ وَالْوَالِدَاتُ يُرْضِعْنَ أَوْلَادَهُنَّ حَوْلَيْنِ كَامِلَيْنِ ۖ لِمَنْ أَرَادَ أَن يُتِمَّ الرَّضَاعَةَ ۚ وَعَلَى الْمَوْلُودِ لَهُ رِزْقُهُنَّ وَكِسْوَتُهُنَّ بِالْمَعْرُوفِ ۚ لَا تُكَلَّفُ نَفْسٌ إِلَّا وُسْعَهَا ۚ لَا تُضَارَّ وَالِدَةٌ بِوَلَدِهَا وَلَا مَوْلُودٌ لَّهُ بِوَلَدِهِ ۚ وَعَلَى الْوَارِثِ مِثْلُ ذَٰلِكَ ۗ فَإِنْ أَرَادَا فِصَالًا عَن تَرَاضٍ مِّنْهُمَا وَتَشَاوُرٍ فَلَا جُنَاحَ عَلَيْهِمَا ۗ وَإِنْ أَرَدتُّمْ أَن تَسْتَرْضِعُوا أَوْلَادَكُمْ فَلَا جُنَاحَ عَلَيْكُمْ إِذَا سَلَّمْتُم مَّا آتَيْتُم بِالْمَعْرُوفِ ۗ وَاتَّقُوا اللَّهَ وَاعْلَمُوا أَنَّ اللَّهَ بِمَا تَعْمَلُونَ بَصِيرٌ (233) Omame bayoncelisa izingane zabo iminyaka emibili egcwele lowo othanda ukuqedela (isikhathi) sokuncelisa, futhi ubaba uthwele umthwalo wokondla nokubagqokisa ngendlela okwamukeleke ngayo, awukho umphefumulo oyothweswa umthwalo ongaphezulu kwamandla awo umame akumele aphathwe kabi ngenxa yengane yakhe noma lowo ingane ezalelwe yena (ubaba) ngenxa yengane yakhe futhi nasendlalifeni (kwenzeka) okufana nalokho. Uma bobabili bethanda ukumyekisa ukuncela ngokuvumelana noma sebebonisene asikho isono kubona bobabili. Futhi uma nifuna ukuqasha abagadi bezingane zenu asikho isono kunina inqobo nje uma nibakhokhela ngendlela eyamukelekile futhi nesabe uMvelinqangi, futhi nazi ukuthi uMvelinqangi uyakubona enikwenzayo |
وَالَّذِينَ يُتَوَفَّوْنَ مِنكُمْ وَيَذَرُونَ أَزْوَاجًا يَتَرَبَّصْنَ بِأَنفُسِهِنَّ أَرْبَعَةَ أَشْهُرٍ وَعَشْرًا ۖ فَإِذَا بَلَغْنَ أَجَلَهُنَّ فَلَا جُنَاحَ عَلَيْكُمْ فِيمَا فَعَلْنَ فِي أَنفُسِهِنَّ بِالْمَعْرُوفِ ۗ وَاللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ خَبِيرٌ (234) Futhi labo abafa kunina bashiya amakhosikazi ngemuva (amakhosikazi) awalinde izinyanga ezine nezinsuku eziyishumi. Uma esesiqedile leso sikhathi asikho isono kunina emiphefumulweni yabo ngendlela eyamukelekile. Futhi uMvelinqangi uyakwazi enikwenzayo |
وَلَا جُنَاحَ عَلَيْكُمْ فِيمَا عَرَّضْتُم بِهِ مِنْ خِطْبَةِ النِّسَاءِ أَوْ أَكْنَنتُمْ فِي أَنفُسِكُمْ ۚ عَلِمَ اللَّهُ أَنَّكُمْ سَتَذْكُرُونَهُنَّ وَلَٰكِن لَّا تُوَاعِدُوهُنَّ سِرًّا إِلَّا أَن تَقُولُوا قَوْلًا مَّعْرُوفًا ۚ وَلَا تَعْزِمُوا عُقْدَةَ النِّكَاحِ حَتَّىٰ يَبْلُغَ الْكِتَابُ أَجَلَهُ ۚ وَاعْلَمُوا أَنَّ اللَّهَ يَعْلَمُ مَا فِي أَنفُسِكُمْ فَاحْذَرُوهُ ۚ وَاعْلَمُوا أَنَّ اللَّهَ غَفُورٌ حَلِيمٌ (235) Asikho isono kunina kulokho enikushoyo (isithembiso somshado) kwabesifazane noma lokho enikufihlayo emiphefumulweni yenu, uMvelinqangi uyazi ukuthi nizobakhumbula (abesifazane) kodwa ningenzi isithembiso kubona sibe yimfihlo ngaphandle kokuthi nikhulume inkulumo ngendlela eyamukelekile. Futhi ninganqumi ukushada kuze kuphele isikhathi esinqunyiwe futhi nazi ukuthi uMvelinqangi uyakwazi okusezinhliziyweni zenu ngakho-ke mqapheleni futhi nazi ukuthi uMvelinqangi uyathethelela uyabekezela |
لَّا جُنَاحَ عَلَيْكُمْ إِن طَلَّقْتُمُ النِّسَاءَ مَا لَمْ تَمَسُّوهُنَّ أَوْ تَفْرِضُوا لَهُنَّ فَرِيضَةً ۚ وَمَتِّعُوهُنَّ عَلَى الْمُوسِعِ قَدَرُهُ وَعَلَى الْمُقْتِرِ قَدَرُهُ مَتَاعًا بِالْمَعْرُوفِ ۖ حَقًّا عَلَى الْمُحْسِنِينَ (236) Asikho isono kunina uma nehlukanisa nabesifazane nibe ningakabathinti noma ningakabakhipheli lokho okuyisabelo sabo (Mehr). Futhi nibanike (isipho), koyisicebi okulingene namandla akhe futhi nokompofu okulingene namandla akhe isipho masenziwe ngendlela eyamukelekile, (lokho) kubekekile ukuba kwenziwe abenzi bokuhle |
وَإِن طَلَّقْتُمُوهُنَّ مِن قَبْلِ أَن تَمَسُّوهُنَّ وَقَدْ فَرَضْتُمْ لَهُنَّ فَرِيضَةً فَنِصْفُ مَا فَرَضْتُمْ إِلَّا أَن يَعْفُونَ أَوْ يَعْفُوَ الَّذِي بِيَدِهِ عُقْدَةُ النِّكَاحِ ۚ وَأَن تَعْفُوا أَقْرَبُ لِلتَّقْوَىٰ ۚ وَلَا تَنسَوُا الْفَضْلَ بَيْنَكُمْ ۚ إِنَّ اللَّهَ بِمَا تَعْمَلُونَ بَصِيرٌ (237) Futhi uma nehlukanisa nabesifazane ngaphambili kokuba nibathinte nibe senibaqokele okwabo ngakho-ke (banikeni) ingxenye yalokho enibaqokele kona ngaphandle kokuthi kona bengakuthathi noma kungathathwa yilowo esandleni sakhe okunesibopho somshado futhi ukuthi nikuyeke kusondelene nokwenza okuhle, futhi ningakhohlwa izenzo ezinhle phakathi kwenu ngempela uMvelinqangi ungokubonayo enikwenzayo |
حَافِظُوا عَلَى الصَّلَوَاتِ وَالصَّلَاةِ الْوُسْطَىٰ وَقُومُوا لِلَّهِ قَانِتِينَ (238) Qaphelani imithandazo futhi (ikakhulukazi) umthandazo ophakathi, futhi nime ngaphambi kukaMvelinqangi ngokuzithoba |
فَإِنْ خِفْتُمْ فَرِجَالًا أَوْ رُكْبَانًا ۖ فَإِذَا أَمِنتُمْ فَاذْكُرُوا اللَّهَ كَمَا عَلَّمَكُم مَّا لَمْ تَكُونُوا تَعْلَمُونَ (239) Kodwa uma nesaba (ubungozi noma isitha thandazani) nimile noma nigibele futhi uma seniphephile nikhumbule uMvelinqangi njengoba anifundisa lokho enaningakwazi |
وَالَّذِينَ يُتَوَفَّوْنَ مِنكُمْ وَيَذَرُونَ أَزْوَاجًا وَصِيَّةً لِّأَزْوَاجِهِم مَّتَاعًا إِلَى الْحَوْلِ غَيْرَ إِخْرَاجٍ ۚ فَإِنْ خَرَجْنَ فَلَا جُنَاحَ عَلَيْكُمْ فِي مَا فَعَلْنَ فِي أَنفُسِهِنَّ مِن مَّعْرُوفٍ ۗ وَاللَّهُ عَزِيزٌ حَكِيمٌ (240) Futhi labo abafayo phakathi kwenu bashiya amakhosikazi (abo) ngemuva isondlo kumakhosikazi esingangonyaka ngaphandle kokuthi baphumele ngaphandle. Uma bephumela ngaphandle (beshiya) asikho isono kubona kulokho abakwenzile emiphefumulweni yabo, uma bekwenze ngendlela eyamukelekile futhi uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani |
وَلِلْمُطَلَّقَاتِ مَتَاعٌ بِالْمَعْرُوفِ ۖ حَقًّا عَلَى الْمُتَّقِينَ (241) Futhi kwabesifazane abehlukanisile (kufanele bathole) isondlo ngendlela eyamukelekile lokho kubekekile kulabo abanonembeza |
كَذَٰلِكَ يُبَيِّنُ اللَّهُ لَكُمْ آيَاتِهِ لَعَلَّكُمْ تَعْقِلُونَ (242) Ngokunjalo-ke uMvelinqangi unenzela kucace amavesi akhe ukuthi nibe nomqondo |
۞ أَلَمْ تَرَ إِلَى الَّذِينَ خَرَجُوا مِن دِيَارِهِمْ وَهُمْ أُلُوفٌ حَذَرَ الْمَوْتِ فَقَالَ لَهُمُ اللَّهُ مُوتُوا ثُمَّ أَحْيَاهُمْ ۚ إِنَّ اللَّهَ لَذُو فَضْلٍ عَلَى النَّاسِ وَلَٰكِنَّ أَكْثَرَ النَّاسِ لَا يَشْكُرُونَ (243) Anibabonanga yini labo abaphuma emakhaya abo beyizinkulungwane besaba ukufa? Wabe esethi uMvelinqangi kubona “yifani” wabe eseyabavusa ngempela unobubele kubantu kepha abantu abaningi ababongi |
وَقَاتِلُوا فِي سَبِيلِ اللَّهِ وَاعْلَمُوا أَنَّ اللَّهَ سَمِيعٌ عَلِيمٌ (244) Futhi yilwani endleleni kaMvelinqangi futhi nazi ukuthi ngempela uMvelinqangi ungozwayo owaziyo |
مَّن ذَا الَّذِي يُقْرِضُ اللَّهَ قَرْضًا حَسَنًا فَيُضَاعِفَهُ لَهُ أَضْعَافًا كَثِيرَةً ۚ وَاللَّهُ يَقْبِضُ وَيَبْسُطُ وَإِلَيْهِ تُرْجَعُونَ (245) Ubani lowo ozoboleka uMvelinqangi ozoboleka ukuboleka okuhle, angamuphindaphindela kona ukuphindaphinda izikhathi eziningi, futhi uMvelinqangi ungobambayo (okuthize) futhi nguyena odedelayo futhi siyophindela kuyena |
أَلَمْ تَرَ إِلَى الْمَلَإِ مِن بَنِي إِسْرَائِيلَ مِن بَعْدِ مُوسَىٰ إِذْ قَالُوا لِنَبِيٍّ لَّهُمُ ابْعَثْ لَنَا مَلِكًا نُّقَاتِلْ فِي سَبِيلِ اللَّهِ ۖ قَالَ هَلْ عَسَيْتُمْ إِن كُتِبَ عَلَيْكُمُ الْقِتَالُ أَلَّا تُقَاتِلُوا ۖ قَالُوا وَمَا لَنَا أَلَّا نُقَاتِلَ فِي سَبِيلِ اللَّهِ وَقَدْ أُخْرِجْنَا مِن دِيَارِنَا وَأَبْنَائِنَا ۖ فَلَمَّا كُتِبَ عَلَيْهِمُ الْقِتَالُ تَوَلَّوْا إِلَّا قَلِيلًا مِّنْهُمْ ۗ وَاللَّهُ عَلِيمٌ بِالظَّالِمِينَ (246) Awukaboni yini ukuhlangana kwabantwana bakwa-Israel emumva kukaMose ngesikhathi bethi kumphrofethi wabo “thumela kuthina iNkosi ukuze silwe endleleni kaMvelinqangi” wathi, “Akusikhona yini ukuthi naniyobaleka ukuba naninqunyelwe ukulwa? Bathi, “kwakungoba yini ukuthi singangalwi futhi kwakungoba yini ukuthi singangalwi endleleni kaMvelinqangi na? Sibe sasikade sasikhishwe emakhaya ethu nasezinganeni zethu na?” kwathi lapho sebenqunyelwe ukulwa bajikela emuva ngaphandle kwabayingcosana kubona futhi uMvelinqangi ungobaziyo abenzi bobubi |
وَقَالَ لَهُمْ نَبِيُّهُمْ إِنَّ اللَّهَ قَدْ بَعَثَ لَكُمْ طَالُوتَ مَلِكًا ۚ قَالُوا أَنَّىٰ يَكُونُ لَهُ الْمُلْكُ عَلَيْنَا وَنَحْنُ أَحَقُّ بِالْمُلْكِ مِنْهُ وَلَمْ يُؤْتَ سَعَةً مِّنَ الْمَالِ ۚ قَالَ إِنَّ اللَّهَ اصْطَفَاهُ عَلَيْكُمْ وَزَادَهُ بَسْطَةً فِي الْعِلْمِ وَالْجِسْمِ ۖ وَاللَّهُ يُؤْتِي مُلْكَهُ مَن يَشَاءُ ۚ وَاللَّهُ وَاسِعٌ عَلِيمٌ (247) Futhi umphrofethi wabo wathi kubona “ngempela uMvelinqangi unithumele uSawuli ukuba abe yiNkosi. Bathi, “kungenzeka kanjani ukuthi ubukhosi kube ngobakhe ngaphezulu kwethu sibe thina sifanelwe ubukhosi ngaphezu kwakhe na? Engakaze anikezwe ngisho nengcebo na?” wathi “ngempela uMvelinqangi umkhethile ngaphezulu kwenu futhi wamandisela ulwazi nomzimba, futhi uMvelinqangi unikeza umbuso wakhe lowo amthandayo futhi uMvelinqangi wazi kabanzi |
وَقَالَ لَهُمْ نَبِيُّهُمْ إِنَّ آيَةَ مُلْكِهِ أَن يَأْتِيَكُمُ التَّابُوتُ فِيهِ سَكِينَةٌ مِّن رَّبِّكُمْ وَبَقِيَّةٌ مِّمَّا تَرَكَ آلُ مُوسَىٰ وَآلُ هَارُونَ تَحْمِلُهُ الْمَلَائِكَةُ ۚ إِنَّ فِي ذَٰلِكَ لَآيَةً لَّكُمْ إِن كُنتُم مُّؤْمِنِينَ (248) Futhi umphrofethi wabo wathi kubona, “ngempela izimpawu zobukhosi bakhe ukuthi kuyofika kunina ibhokisi phakathi kulona kuyobe kunokuthula okuvela eNkosini yenu nokwasalayo okwashiywa umndeni kaMose nomndeni ka-Aroni liyobe lithwelwe yizingelosi ngempela kulokho kunesibonakaliso kunina uma ningabakholwayo |
فَلَمَّا فَصَلَ طَالُوتُ بِالْجُنُودِ قَالَ إِنَّ اللَّهَ مُبْتَلِيكُم بِنَهَرٍ فَمَن شَرِبَ مِنْهُ فَلَيْسَ مِنِّي وَمَن لَّمْ يَطْعَمْهُ فَإِنَّهُ مِنِّي إِلَّا مَنِ اغْتَرَفَ غُرْفَةً بِيَدِهِ ۚ فَشَرِبُوا مِنْهُ إِلَّا قَلِيلًا مِّنْهُمْ ۚ فَلَمَّا جَاوَزَهُ هُوَ وَالَّذِينَ آمَنُوا مَعَهُ قَالُوا لَا طَاقَةَ لَنَا الْيَوْمَ بِجَالُوتَ وَجُنُودِهِ ۚ قَالَ الَّذِينَ يَظُنُّونَ أَنَّهُم مُّلَاقُو اللَّهِ كَم مِّن فِئَةٍ قَلِيلَةٍ غَلَبَتْ فِئَةً كَثِيرَةً بِإِذْنِ اللَّهِ ۗ وَاللَّهُ مَعَ الصَّابِرِينَ (249) Futhi kwathi lapho uSawuli ephuma namabutho (akhe) wathi, “ngempela uMvelinqangi uzonihlola ngomfula noma ngabe ubani oyophuza kuwona akasiyena owami kepha lowo ongayikuwanambitha ngempela ungowami, ngaphandle kwalowo oyophuza ngesandla sakhe okulingene kodwa baphuza kuwona ngaphandle kwabayingcosana kubona. Kwathi lapho esewuwelile yena nalabo ababekholwa kanye naye bathi “namhlanje asinamandla okubhekana noGoliyathi namabutho akhe kepha labo ababeqinisekile ukuthi bayohlangana noMvelinqangi” bathi, “kukaningi kangakanani ukuthi idlanzana lehlule isixuku esikhulu ngentando kaMvelinqangi? Futhi uMvelinqangi ukanye nababekezelayo” |
وَلَمَّا بَرَزُوا لِجَالُوتَ وَجُنُودِهِ قَالُوا رَبَّنَا أَفْرِغْ عَلَيْنَا صَبْرًا وَثَبِّتْ أَقْدَامَنَا وَانصُرْنَا عَلَى الْقَوْمِ الْكَافِرِينَ (250) Kwathi lapho sebephokophelele phambili ukuyolwa noGoliyathi namabutho akhe bathi, “Nkosi yethu senze sibekezele wenze izinyawo zethu ziqine futhi usisize ekubhekaneni nabantu abangakholwa |
فَهَزَمُوهُم بِإِذْنِ اللَّهِ وَقَتَلَ دَاوُودُ جَالُوتَ وَآتَاهُ اللَّهُ الْمُلْكَ وَالْحِكْمَةَ وَعَلَّمَهُ مِمَّا يَشَاءُ ۗ وَلَوْلَا دَفْعُ اللَّهِ النَّاسَ بَعْضَهُم بِبَعْضٍ لَّفَسَدَتِ الْأَرْضُ وَلَٰكِنَّ اللَّهَ ذُو فَضْلٍ عَلَى الْعَالَمِينَ (251) Ngakho-ke banqoba ngentando kaMvelinqangi futhi uDavide wabulala uGoliyathi futhi uMvelinqangi wamnika ubukhosi nokuhlakanipha wamfundisa kulokho ayekufisa. Futhi ukube kwakungesikona ukuthi uMvelinqangi ugudluza abanye abantu ngabanye, umhlaba wawuzokonakala kodwa uMvelinqangi ungonobubele emihlabeni |
تِلْكَ آيَاتُ اللَّهِ نَتْلُوهَا عَلَيْكَ بِالْحَقِّ ۚ وَإِنَّكَ لَمِنَ الْمُرْسَلِينَ (252) Lawo ngamavesi kaMvelinqangi sikufundela wona ngeqiniso, futhi ngempela wena (Muhammad) ungomunye wezithunywa |
۞ تِلْكَ الرُّسُلُ فَضَّلْنَا بَعْضَهُمْ عَلَىٰ بَعْضٍ ۘ مِّنْهُم مَّن كَلَّمَ اللَّهُ ۖ وَرَفَعَ بَعْضَهُمْ دَرَجَاتٍ ۚ وَآتَيْنَا عِيسَى ابْنَ مَرْيَمَ الْبَيِّنَاتِ وَأَيَّدْنَاهُ بِرُوحِ الْقُدُسِ ۗ وَلَوْ شَاءَ اللَّهُ مَا اقْتَتَلَ الَّذِينَ مِن بَعْدِهِم مِّن بَعْدِ مَا جَاءَتْهُمُ الْبَيِّنَاتُ وَلَٰكِنِ اخْتَلَفُوا فَمِنْهُم مَّنْ آمَنَ وَمِنْهُم مَّن كَفَرَ ۚ وَلَوْ شَاءَ اللَّهُ مَا اقْتَتَلُوا وَلَٰكِنَّ اللَّهَ يَفْعَلُ مَا يُرِيدُ (253) Lezo yizithunywa ezinye zazo sazenze zabangcono ngaphezulu kwezinye phakathi kwazo kukhona lezo uMvelinqangi akhuluma (kuzona), ezinye zazo waziphakamisa ngezinga futhi sanika uJesu indodana kaMariya izibonakaliso ezicacile sabe sesimeseka ngomoya ongcwele. Futhi ukube wayethanda uMvelinqangi labo abeza ngemumva kwabo babengeke balwe bodwa emuva kokuba sekufike izibonakaliso ezicacile kubona, kodwa baphikisana, kepha abanye babo bakholwa abanye babo abazange bakholwe. Futhi ukube uMvelinqangi wayethanda babengeke balwe bodwa, kodwa uMvelinqangi wenza lokho akuhlosile |
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا أَنفِقُوا مِمَّا رَزَقْنَاكُم مِّن قَبْلِ أَن يَأْتِيَ يَوْمٌ لَّا بَيْعٌ فِيهِ وَلَا خُلَّةٌ وَلَا شَفَاعَةٌ ۗ وَالْكَافِرُونَ هُمُ الظَّالِمُونَ (254) Oh Nina enikholwayo! Sebenzisani kulokho esininike kona ngaphambili kokuba kufike usuku lapho kungasekho ukuthengiselana nobungani nokuncengelana kungekho. Futhi abangakholwa bona bangabenzi bokubi |
اللَّهُ لَا إِلَٰهَ إِلَّا هُوَ الْحَيُّ الْقَيُّومُ ۚ لَا تَأْخُذُهُ سِنَةٌ وَلَا نَوْمٌ ۚ لَّهُ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَمَا فِي الْأَرْضِ ۗ مَن ذَا الَّذِي يَشْفَعُ عِندَهُ إِلَّا بِإِذْنِهِ ۚ يَعْلَمُ مَا بَيْنَ أَيْدِيهِمْ وَمَا خَلْفَهُمْ ۖ وَلَا يُحِيطُونَ بِشَيْءٍ مِّنْ عِلْمِهِ إِلَّا بِمَا شَاءَ ۚ وَسِعَ كُرْسِيُّهُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضَ ۖ وَلَا يَئُودُهُ حِفْظُهُمَا ۚ وَهُوَ الْعَلِيُّ الْعَظِيمُ (255) UMvelinqangi akukho okunokukhonzwa ngaphandle kwakhe ungophilayo, ungumondli nomvikeli wazo zonke izidalwa akazeli yena futhi akalali kungokwakhe noma ngabe yini esemazulwini futhi noma ngabe yini esemhlabeni, ubani yena lowo ongancengela (omunye) kuYena ngaphandle kwemvume yakhe na? Wazi (okwakukhona) ngaphambilini kwabo nokuyokuba ngasemuva kwabo, futhi akukho lutho oluhaqe ulwazi lwakhe ngaphandle kwalokho akuthandayo, isihlalo sakhe singaphezulu kwamazulu nemihlaba, futhi ukuqaphele kokubili akumsindi, futhi uphakeme mukhulu kakhulu |
لَا إِكْرَاهَ فِي الدِّينِ ۖ قَد تَّبَيَّنَ الرُّشْدُ مِنَ الْغَيِّ ۚ فَمَن يَكْفُرْ بِالطَّاغُوتِ وَيُؤْمِن بِاللَّهِ فَقَدِ اسْتَمْسَكَ بِالْعُرْوَةِ الْوُثْقَىٰ لَا انفِصَامَ لَهَا ۗ وَاللَّهُ سَمِيعٌ عَلِيمٌ (256) Akukho mpoqo enkolweni, indlela elungileyo ecacisiwe kweyedukileyo, ngakho-ke lowo ongakholelwa ezintweni ezingesilona iqiniso ukuba zikhonzwe (Taghut) bese, ekholelwa kuMvelinqangi yena ubambelele esibambelelweni esethembekile esingasoze saphuka futhi uMvelinqangi uyezwa uyazi |
اللَّهُ وَلِيُّ الَّذِينَ آمَنُوا يُخْرِجُهُم مِّنَ الظُّلُمَاتِ إِلَى النُّورِ ۖ وَالَّذِينَ كَفَرُوا أَوْلِيَاؤُهُمُ الطَّاغُوتُ يُخْرِجُونَهُم مِّنَ النُّورِ إِلَى الظُّلُمَاتِ ۗ أُولَٰئِكَ أَصْحَابُ النَّارِ ۖ هُمْ فِيهَا خَالِدُونَ (257) UMvelinqangi ungumgadi walabo abakholwayo ubakhipha ebumnyameni abalethe ekukhanyeni futhi labo abangakholwa abagadi babo yilabo osathane, babakhipha ekukhanyeni babalethe ebumnyameni, labo-ke bangabanqwamani nomlilo bayokuba phakathi kuwo ingunaphakade |
أَلَمْ تَرَ إِلَى الَّذِي حَاجَّ إِبْرَاهِيمَ فِي رَبِّهِ أَنْ آتَاهُ اللَّهُ الْمُلْكَ إِذْ قَالَ إِبْرَاهِيمُ رَبِّيَ الَّذِي يُحْيِي وَيُمِيتُ قَالَ أَنَا أُحْيِي وَأُمِيتُ ۖ قَالَ إِبْرَاهِيمُ فَإِنَّ اللَّهَ يَأْتِي بِالشَّمْسِ مِنَ الْمَشْرِقِ فَأْتِ بِهَا مِنَ الْمَغْرِبِ فَبُهِتَ الَّذِي كَفَرَ ۗ وَاللَّهُ لَا يَهْدِي الْقَوْمَ الظَّالِمِينَ (258) Anikaze nimbone yini lowo owaphikisana no-Abrahamu ngeNkosi yakhe ngoba uMvelinqangi wayemnikile ubukhosi? Ngenkathi u-Abrahamu ethi, “iNkosi yami iyona eyiletha impilo futhi eyiletha ukufa” yathi, “mina ngiyaphilisa futhi ngiyabulala”. Wathi u-Abrahamu “ngempela uMvelinqangi wenza ukuthi ilanga liphume eMpumalanga ngakho-ke lenze liphume eNtshonalanga” ngakho-ke lowo ongakholwa wayedidekile (emangele) futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abenza okubi |
أَوْ كَالَّذِي مَرَّ عَلَىٰ قَرْيَةٍ وَهِيَ خَاوِيَةٌ عَلَىٰ عُرُوشِهَا قَالَ أَنَّىٰ يُحْيِي هَٰذِهِ اللَّهُ بَعْدَ مَوْتِهَا ۖ فَأَمَاتَهُ اللَّهُ مِائَةَ عَامٍ ثُمَّ بَعَثَهُ ۖ قَالَ كَمْ لَبِثْتَ ۖ قَالَ لَبِثْتُ يَوْمًا أَوْ بَعْضَ يَوْمٍ ۖ قَالَ بَل لَّبِثْتَ مِائَةَ عَامٍ فَانظُرْ إِلَىٰ طَعَامِكَ وَشَرَابِكَ لَمْ يَتَسَنَّهْ ۖ وَانظُرْ إِلَىٰ حِمَارِكَ وَلِنَجْعَلَكَ آيَةً لِّلنَّاسِ ۖ وَانظُرْ إِلَى الْعِظَامِ كَيْفَ نُنشِزُهَا ثُمَّ نَكْسُوهَا لَحْمًا ۚ فَلَمَّا تَبَيَّنَ لَهُ قَالَ أَعْلَمُ أَنَّ اللَّهَ عَلَىٰ كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ (259) Noma njengalowo owedlula edolobheni elalibhubhe liphelile wathi “uMvelinqangi uyolivusa kanjani emva kokufa kwalo na?” Ngakho-ke uMvelinqangi wamenza ukuthi afe iminyaka eyikhulu wabe eseyamvusa wathi, “uhlale (ufe) isikhathi esingakanani na?” Wathi, “ngihlale usuku noma ingxenye yosuku” wathi, “cha iminyaka eyikhulu, bheka ukudla kwakho akubolanga, nesiphuzo sakho asishintshanga futhi bheka imbongolo yakho, Sizokwenza ukuthi ube yisibonelo kubantu, futhi bheka amathambo ukuthi siwahlanganise kanjani sawagqokisa inyama. Kwathi ngenkathi sekucacile kuyena wathi, “ngiyazi ukuthi uMvelinqangi unamandla ngaphezulu kwazo zonke izinto |
وَإِذْ قَالَ إِبْرَاهِيمُ رَبِّ أَرِنِي كَيْفَ تُحْيِي الْمَوْتَىٰ ۖ قَالَ أَوَلَمْ تُؤْمِن ۖ قَالَ بَلَىٰ وَلَٰكِن لِّيَطْمَئِنَّ قَلْبِي ۖ قَالَ فَخُذْ أَرْبَعَةً مِّنَ الطَّيْرِ فَصُرْهُنَّ إِلَيْكَ ثُمَّ اجْعَلْ عَلَىٰ كُلِّ جَبَلٍ مِّنْهُنَّ جُزْءًا ثُمَّ ادْعُهُنَّ يَأْتِينَكَ سَعْيًا ۚ وَاعْلَمْ أَنَّ اللَّهَ عَزِيزٌ حَكِيمٌ (260) Futhi (khumbula) ngenkathi u-Abrahamu ethi, “Nkosi yami ngikhombise ukuthi ubaphilisa kanjani abafileyo” uMvelinqangi wathi, “Awukakholwa yini na?” (u-Abrahamu) wathi “Yebo, kodwa ukuze inhliziyo yami yaneliseke” Wathi uMvelinqangi, “ngakho-ke thatha izinyoni ezine (uzifundise ukuba zilalele wena) uzihlinze bese ubeka izingcezu zazo phezulu kwentaba nentaba bese uzibiza ziyoza kuwena zishesha futhi yazi ukuthi uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani |
مَّثَلُ الَّذِينَ يُنفِقُونَ أَمْوَالَهُمْ فِي سَبِيلِ اللَّهِ كَمَثَلِ حَبَّةٍ أَنبَتَتْ سَبْعَ سَنَابِلَ فِي كُلِّ سُنبُلَةٍ مِّائَةُ حَبَّةٍ ۗ وَاللَّهُ يُضَاعِفُ لِمَن يَشَاءُ ۗ وَاللَّهُ وَاسِعٌ عَلِيمٌ (261) Isibonelo salabo sinjengesalabo abasebenzisa ingcebo yabo endleleni kaMvelinqangi kunjengo hlamvu (lombila) olumila izikhwebu eziyisikhombisa esikhwebwini ngasinye kumila ikhulu lezinhlamvu futhi uMvelinqangi uphindaphindela lowo omthandayo (izibusiso zakhe) futhi uMvelinqangi wazi kabanzi |
الَّذِينَ يُنفِقُونَ أَمْوَالَهُمْ فِي سَبِيلِ اللَّهِ ثُمَّ لَا يُتْبِعُونَ مَا أَنفَقُوا مَنًّا وَلَا أَذًى ۙ لَّهُمْ أَجْرُهُمْ عِندَ رَبِّهِمْ وَلَا خَوْفٌ عَلَيْهِمْ وَلَا هُمْ يَحْزَنُونَ (262) Labo abasebenzisa ingcebo yabo endleleni kaMvelinqangi ngakho-ke ningakulandeli lokho abakuchithile ngokukhuluma ngokuphana kwabo noma ngokulimaza, umvuzo wabo useNkosini yabo futhi angeke kubekhona ukwesaba kubona futhi angeke baphatheke kabi |
۞ قَوْلٌ مَّعْرُوفٌ وَمَغْفِرَةٌ خَيْرٌ مِّن صَدَقَةٍ يَتْبَعُهَا أَذًى ۗ وَاللَّهُ غَنِيٌّ حَلِيمٌ (263) Inkulumo enhle noxolo kungcono kunokuphana okulandelwa ukulimaza (ukukhulumela) nokuthi uMvelinqangi akadingi lutho futhi uyabekezela |
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا لَا تُبْطِلُوا صَدَقَاتِكُم بِالْمَنِّ وَالْأَذَىٰ كَالَّذِي يُنفِقُ مَالَهُ رِئَاءَ النَّاسِ وَلَا يُؤْمِنُ بِاللَّهِ وَالْيَوْمِ الْآخِرِ ۖ فَمَثَلُهُ كَمَثَلِ صَفْوَانٍ عَلَيْهِ تُرَابٌ فَأَصَابَهُ وَابِلٌ فَتَرَكَهُ صَلْدًا ۖ لَّا يَقْدِرُونَ عَلَىٰ شَيْءٍ مِّمَّا كَسَبُوا ۗ وَاللَّهُ لَا يَهْدِي الْقَوْمَ الْكَافِرِينَ (264) Oh nina enikholwayo! Ningenzi ukuphana kwenu kube yize ngokukhuluma ngako, nangokulimaza njengalowo osebenzisa ingcebo yakhe ukuze abukwe ngabantu futhi engakholelwa kuMvelinqangi nososukwini lokugcina. Isibonelo sakhe sinjengesedwala elibushelelezi okunenhlabathi phezulu kwalo, bese imvula enkulu inela kulona bese lisala lingenalutho abakwazi (ukugcina) okuthize kulokho abakuvunile futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abangakholwa |
وَمَثَلُ الَّذِينَ يُنفِقُونَ أَمْوَالَهُمُ ابْتِغَاءَ مَرْضَاتِ اللَّهِ وَتَثْبِيتًا مِّنْ أَنفُسِهِمْ كَمَثَلِ جَنَّةٍ بِرَبْوَةٍ أَصَابَهَا وَابِلٌ فَآتَتْ أُكُلَهَا ضِعْفَيْنِ فَإِن لَّمْ يُصِبْهَا وَابِلٌ فَطَلٌّ ۗ وَاللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ بَصِيرٌ (265) Futhi isibonelo kulabo abasebenzisa ingcebo yabo befuna ukuthokozisa uMvelinqangi nokuziqinisa bona kunjengesibonelo sesivande esisemhlabathini ophakeme okunela phezulu kwawo imvula enkulu kutholakale izithelo eziphindwe kabili. Futhi noma ngabe imvula enkulu inganethanga kusona, imvula encane (yanele) futhi uMvelinqangi uyakubona lokho enikwenzayo |
أَيَوَدُّ أَحَدُكُمْ أَن تَكُونَ لَهُ جَنَّةٌ مِّن نَّخِيلٍ وَأَعْنَابٍ تَجْرِي مِن تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ لَهُ فِيهَا مِن كُلِّ الثَّمَرَاتِ وَأَصَابَهُ الْكِبَرُ وَلَهُ ذُرِّيَّةٌ ضُعَفَاءُ فَأَصَابَهَا إِعْصَارٌ فِيهِ نَارٌ فَاحْتَرَقَتْ ۗ كَذَٰلِكَ يُبَيِّنُ اللَّهُ لَكُمُ الْآيَاتِ لَعَلَّكُمْ تَتَفَكَّرُونَ (266) Ngakube ukhona omunye wenu ofisa ukuba nesivande (esinezithelo) zamasundu nomvini okugeleza ngaphansi kwaso imifula evela esithelweni ngasinye bese ehlushwa ukukhula, unenzalo eyintengentenge, bese ishawa isishingishane somoya esihamba nomlilo bese kusha kanjalo-ke uMvelinqangi unenzela kucace amavesi ukuze nicabange |
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا أَنفِقُوا مِن طَيِّبَاتِ مَا كَسَبْتُمْ وَمِمَّا أَخْرَجْنَا لَكُم مِّنَ الْأَرْضِ ۖ وَلَا تَيَمَّمُوا الْخَبِيثَ مِنْهُ تُنفِقُونَ وَلَسْتُم بِآخِذِيهِ إِلَّا أَن تُغْمِضُوا فِيهِ ۚ وَاعْلَمُوا أَنَّ اللَّهَ غَنِيٌّ حَمِيدٌ (267) Oh Nina enikholwayo! Sebenzisani izinto ezinhle kulokho enikuzuzile futhi nakulokho esinivezele kona okuvela emhlabathini, futhi ningahlosi ukwenza okungcolile kukona, ukukusebenzisa kepha nibe ningeke nikuthatha ngaphandle kokuba uma nivale amehlo enu kukona, futhi nazi ukuthi uMvelinqangi akadingi lutho ufanele ukudunyiswa |
الشَّيْطَانُ يَعِدُكُمُ الْفَقْرَ وَيَأْمُرُكُم بِالْفَحْشَاءِ ۖ وَاللَّهُ يَعِدُكُم مَّغْفِرَةً مِّنْهُ وَفَضْلًا ۗ وَاللَّهُ وَاسِعٌ عَلِيمٌ (268) Usathane unesabisa ngobumpofu futhi uniphoqa ukuba nenze okubi, kepha uMvelinqangi unithembisa intethelelo evela kuyena ngokwandile futhi uMvelinqangi ungamele konke ungowaziyo |
يُؤْتِي الْحِكْمَةَ مَن يَشَاءُ ۚ وَمَن يُؤْتَ الْحِكْمَةَ فَقَدْ أُوتِيَ خَيْرًا كَثِيرًا ۗ وَمَا يَذَّكَّرُ إِلَّا أُولُو الْأَلْبَابِ (269) Upha lowo Amthandayo ukuhlakanipha futhi lowo onikwe ukuhlakanipha unikwe ubuhle obukhulu futhi akekho oyokhumbula ngaphandle kwabantu abaqondayo |
وَمَا أَنفَقْتُم مِّن نَّفَقَةٍ أَوْ نَذَرْتُم مِّن نَّذْرٍ فَإِنَّ اللَّهَ يَعْلَمُهُ ۗ وَمَا لِلظَّالِمِينَ مِنْ أَنصَارٍ (270) Futhi noma ngabe yini eniyichithayo okuyizindleko noma izifungo enizenzayo, ngempela uMvelinqangi uyazazi futhi izoni angeke zibe nabasizi |
إِن تُبْدُوا الصَّدَقَاتِ فَنِعِمَّا هِيَ ۖ وَإِن تُخْفُوهَا وَتُؤْتُوهَا الْفُقَرَاءَ فَهُوَ خَيْرٌ لَّكُمْ ۚ وَيُكَفِّرُ عَنكُم مِّن سَيِّئَاتِكُمْ ۗ وَاللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ خَبِيرٌ (271) Uma ninikela ngezipho ngokusobala kuhle futhi uma nizifihla bese nizinika abampofu kuyoba kuhle kakhulu kunina futhi uyowasusa amanye amaphutha enu futhi uMvelinqangi lokho enikwenzayo uyakwazi |
۞ لَّيْسَ عَلَيْكَ هُدَاهُمْ وَلَٰكِنَّ اللَّهَ يَهْدِي مَن يَشَاءُ ۗ وَمَا تُنفِقُوا مِنْ خَيْرٍ فَلِأَنفُسِكُمْ ۚ وَمَا تُنفِقُونَ إِلَّا ابْتِغَاءَ وَجْهِ اللَّهِ ۚ وَمَا تُنفِقُوا مِنْ خَيْرٍ يُوَفَّ إِلَيْكُمْ وَأَنتُمْ لَا تُظْلَمُونَ (272) Akusikhona okwakho ukubaholela (endleleni eqondile) kodwa uMvelinqangi oholela lowo amthandayo (endleleni eqondile) futhi noma ngabe yini enhle eniyichithayo (eninikela ngayo) ingeyemiphefumulo yenu, futhi ningayichithi ngaphandle kokwenzela ubuso bukaMvelinqangi futhi noma ngabe yini enhle eniyichithayo niyokhokhelwa yona ngokugcwele futhi angeke kwenziwe okungesikhona ubulungiswa kunina |
لِلْفُقَرَاءِ الَّذِينَ أُحْصِرُوا فِي سَبِيلِ اللَّهِ لَا يَسْتَطِيعُونَ ضَرْبًا فِي الْأَرْضِ يَحْسَبُهُمُ الْجَاهِلُ أَغْنِيَاءَ مِنَ التَّعَفُّفِ تَعْرِفُهُم بِسِيمَاهُمْ لَا يَسْأَلُونَ النَّاسَ إِلْحَافًا ۗ وَمَا تُنفِقُوا مِنْ خَيْرٍ فَإِنَّ اللَّهَ بِهِ عَلِيمٌ (273) (Izipho) ezalaboabampofuabavinjwaendlelenikaMvelinqangi, abangakwazi ukuhamba emhlabeni (abantu) abangazilutho bangacabanga ukuthi abaswele lutho ngenxa yokuzithiba kwabo, kepha uzobazi ngezimpawu zabo, abaceli nakancane kubantu noma ngabe yini eniyichithayo enhle ngempela uMvelinqangi uyazi ngayo |
الَّذِينَ يُنفِقُونَ أَمْوَالَهُم بِاللَّيْلِ وَالنَّهَارِ سِرًّا وَعَلَانِيَةً فَلَهُمْ أَجْرُهُمْ عِندَ رَبِّهِمْ وَلَا خَوْفٌ عَلَيْهِمْ وَلَا هُمْ يَحْزَنُونَ (274) Labo abasebenzisa ingcebo yabo ebusuku nasemini ngasese nasobala umvuzo wabo useNkosini yabo futhi abayikuba nako ukwesaba futhi angeke baphatheke kabi |
الَّذِينَ يَأْكُلُونَ الرِّبَا لَا يَقُومُونَ إِلَّا كَمَا يَقُومُ الَّذِي يَتَخَبَّطُهُ الشَّيْطَانُ مِنَ الْمَسِّ ۚ ذَٰلِكَ بِأَنَّهُمْ قَالُوا إِنَّمَا الْبَيْعُ مِثْلُ الرِّبَا ۗ وَأَحَلَّ اللَّهُ الْبَيْعَ وَحَرَّمَ الرِّبَا ۚ فَمَن جَاءَهُ مَوْعِظَةٌ مِّن رَّبِّهِ فَانتَهَىٰ فَلَهُ مَا سَلَفَ وَأَمْرُهُ إِلَى اللَّهِ ۖ وَمَنْ عَادَ فَأُولَٰئِكَ أَصْحَابُ النَّارِ ۖ هُمْ فِيهَا خَالِدُونَ (275) Labo abadla inzalo angeke bakwazi ukuma (ngosuku lokuvuka kwabafileyo) ngaphandle kwanjengokuma komuntu oshawe usathane(ukushawa) kwamholelaekuhlanyenilokhokungenxa yokuthi bona bathi ukuhweba kuyafana nje (nokwenza) inzalo kodwa uMvelinqangi wakwenza kwaba yimvume ukuhwebelana wasekwenza kwangabi yimvume ukwenza inzalo (ukuzalanisa imali), lowo osefikelwe ukuholeka okuvela eNkosini yakhe bese kuphela okwakhe yilokho osekwadlula, futhi udaba lwakhe likuMvelinqangi futhi noma ngabe ubani ophindela (ekuzalaniseleni imali) labo-ke bangabanqwamani nomlilo bona bayokuba kuwona ingunaphakade |
يَمْحَقُ اللَّهُ الرِّبَا وَيُرْبِي الصَّدَقَاتِ ۗ وَاللَّهُ لَا يُحِبُّ كُلَّ كَفَّارٍ أَثِيمٍ (276) UMvelinqangi uyakubhubhisa ukuzalanisa noma okudla inzalo yemali wandisa ukuphana futhi uMvelinqangi akabathandi bonke abangakholwa abayizoni |
إِنَّ الَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ وَأَقَامُوا الصَّلَاةَ وَآتَوُا الزَّكَاةَ لَهُمْ أَجْرُهُمْ عِندَ رَبِّهِمْ وَلَا خَوْفٌ عَلَيْهِمْ وَلَا هُمْ يَحْزَنُونَ (277) Ngempela labo abakholwayo abenze nezenzo ezinhle, benze umthandazo, banikele kwabampofu (izakaah), umvuzo wabo useNkosini yabo futhi akuyikubakhona ukwesaba kubona futhi angeke baphatheke kabi |
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا اتَّقُوا اللَّهَ وَذَرُوا مَا بَقِيَ مِنَ الرِّبَا إِن كُنتُم مُّؤْمِنِينَ (278) Oh nina enikholwayo! sabani uMvelinqangi niyeke lokho okusele enzuzweni yenzalo uma ningabakholwayo |
فَإِن لَّمْ تَفْعَلُوا فَأْذَنُوا بِحَرْبٍ مِّنَ اللَّهِ وَرَسُولِهِ ۖ وَإِن تُبْتُمْ فَلَكُمْ رُءُوسُ أَمْوَالِكُمْ لَا تَظْلِمُونَ وَلَا تُظْلَمُونَ (279) Kepha uma ningenzi njalo ngakho-ke qaphelani impi evela kuMvelinqangi nesithunywa sakhe. Kodwa uma nicela intethelelo okwenu inqgikithi yemali yenu, ningenzi okungesikhona ubulungiswa futhi (nani) angeke nenziwe okungesikhona ubulungiswa |
وَإِن كَانَ ذُو عُسْرَةٍ فَنَظِرَةٌ إِلَىٰ مَيْسَرَةٍ ۚ وَأَن تَصَدَّقُوا خَيْرٌ لَّكُمْ ۖ إِن كُنتُمْ تَعْلَمُونَ (280) Futhi uma othize esebunzimeni ngakho-ke akulindwe kuze kufike isikhathi lapho izinto zibalula khona kepha uma ninikela (ngayo imali njengesipho lokho) kungcono kunina ukube benazi |
وَاتَّقُوا يَوْمًا تُرْجَعُونَ فِيهِ إِلَى اللَّهِ ۖ ثُمَّ تُوَفَّىٰ كُلُّ نَفْسٍ مَّا كَسَبَتْ وَهُمْ لَا يُظْلَمُونَ (281) Futhi sabani usuku eniyokubuyiselwa ngalo kuMvelinqangi ngakho-ke wonke umuntu uyokhokhelwa lokho okuvumile futhi angeke benziwe okungeyisikhona ubulungiswa |
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا إِذَا تَدَايَنتُم بِدَيْنٍ إِلَىٰ أَجَلٍ مُّسَمًّى فَاكْتُبُوهُ ۚ وَلْيَكْتُب بَّيْنَكُمْ كَاتِبٌ بِالْعَدْلِ ۚ وَلَا يَأْبَ كَاتِبٌ أَن يَكْتُبَ كَمَا عَلَّمَهُ اللَّهُ ۚ فَلْيَكْتُبْ وَلْيُمْلِلِ الَّذِي عَلَيْهِ الْحَقُّ وَلْيَتَّقِ اللَّهَ رَبَّهُ وَلَا يَبْخَسْ مِنْهُ شَيْئًا ۚ فَإِن كَانَ الَّذِي عَلَيْهِ الْحَقُّ سَفِيهًا أَوْ ضَعِيفًا أَوْ لَا يَسْتَطِيعُ أَن يُمِلَّ هُوَ فَلْيُمْلِلْ وَلِيُّهُ بِالْعَدْلِ ۚ وَاسْتَشْهِدُوا شَهِيدَيْنِ مِن رِّجَالِكُمْ ۖ فَإِن لَّمْ يَكُونَا رَجُلَيْنِ فَرَجُلٌ وَامْرَأَتَانِ مِمَّن تَرْضَوْنَ مِنَ الشُّهَدَاءِ أَن تَضِلَّ إِحْدَاهُمَا فَتُذَكِّرَ إِحْدَاهُمَا الْأُخْرَىٰ ۚ وَلَا يَأْبَ الشُّهَدَاءُ إِذَا مَا دُعُوا ۚ وَلَا تَسْأَمُوا أَن تَكْتُبُوهُ صَغِيرًا أَوْ كَبِيرًا إِلَىٰ أَجَلِهِ ۚ ذَٰلِكُمْ أَقْسَطُ عِندَ اللَّهِ وَأَقْوَمُ لِلشَّهَادَةِ وَأَدْنَىٰ أَلَّا تَرْتَابُوا ۖ إِلَّا أَن تَكُونَ تِجَارَةً حَاضِرَةً تُدِيرُونَهَا بَيْنَكُمْ فَلَيْسَ عَلَيْكُمْ جُنَاحٌ أَلَّا تَكْتُبُوهَا ۗ وَأَشْهِدُوا إِذَا تَبَايَعْتُمْ ۚ وَلَا يُضَارَّ كَاتِبٌ وَلَا شَهِيدٌ ۚ وَإِن تَفْعَلُوا فَإِنَّهُ فُسُوقٌ بِكُمْ ۗ وَاتَّقُوا اللَّهَ ۖ وَيُعَلِّمُكُمُ اللَّهُ ۗ وَاللَّهُ بِكُلِّ شَيْءٍ عَلِيمٌ (282) Oh nina enikholwayo! Uma nenza izikweletu nivumelene ngesikhathi esithize zibhaleni phansi. Futhi umbhali azibhale phakathi kwenu ngobulungiswa, futhi umbhali akanganqabi ukubhala ngendlela uMvelinqangi amfundise ngayo. Ngakho- ke akabhale futhi lowo okweletayo akube uyena obizelayo futhi esabe uMvelinqangi iNkosi yakhe futhi angashiyi lutho ngaphandle. Kodwa uma lowo okweletayo enokuqonda okuncane noma eyintengentenge noma engakwazi ukuzibizela yena ngakho-ke akube umgadi wake ozobizela ngobulungiswa, akuze ofakazi ababili phakathi kwabesilisa benu kepha uma bengekho abesilisa ababili, akube owesilisa nabesifazane ababili kulabo enibamukelayo ukuba babe ngofakazi, ukuthi uma oyedwa wabo (abesifazane) enza iphutha omunye bese eyamkhumbuzisa futhi abanganqabi ofakazi uma bebizwa ningenqeni ukusibhala (isikweletu) noma ngabe sincane noma ngabe sikhulu mayelana nesikhathi saso esinqunyiwe lokho kunobulungiswa obukhulu emehlweni kaMvelinqangi futhi kuqinisekile njengobufakazi futhi kungukuvikela ukungabaza phakathi kwenu, ngaphandle uma kungukuhwebelana enikwenza nina uqobo lwenu phakathi kwenu ngakho-ke alikhoicalakuninaumaningazibhali, futhiakubekhonaofakazi uma nenza isivumelwano nithengiselana, akungabibikho ubungozi phakathi kombhali noma ufakazi kepha uma nenze kanjalo ngempela lokho kuwukungahloniphi kunina futhi sabani uMvelinqangi, nokuthi uMvelinqangi uyanifundisa futhi uMvelinqangi uyisazi sazo zonke izinto |
۞ وَإِن كُنتُمْ عَلَىٰ سَفَرٍ وَلَمْ تَجِدُوا كَاتِبًا فَرِهَانٌ مَّقْبُوضَةٌ ۖ فَإِنْ أَمِنَ بَعْضُكُم بَعْضًا فَلْيُؤَدِّ الَّذِي اؤْتُمِنَ أَمَانَتَهُ وَلْيَتَّقِ اللَّهَ رَبَّهُ ۗ وَلَا تَكْتُمُوا الشَّهَادَةَ ۚ وَمَن يَكْتُمْهَا فَإِنَّهُ آثِمٌ قَلْبُهُ ۗ وَاللَّهُ بِمَا تَعْمَلُونَ عَلِيمٌ (283) Futhi uma nisohambweni ningenako ukuthola umbhali ngakho-ke makuthathwe isibambiso, kodwa uma omunye wenu ethemba omunye ngakho-ke lowo othenjwayo akakhombise ukwethembeka kwakhe asabe uMvelinqangi iNkosi yakhe futhi ningabufihli ubufakazi futhi noma ngabe ubani obufihlayo ngempela inhliziyo yakhe isesonweni futhi ngempela uMvelinqangi ungokwaziyo abakwenzayo |
لِّلَّهِ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَمَا فِي الْأَرْضِ ۗ وَإِن تُبْدُوا مَا فِي أَنفُسِكُمْ أَوْ تُخْفُوهُ يُحَاسِبْكُم بِهِ اللَّهُ ۖ فَيَغْفِرُ لِمَن يَشَاءُ وَيُعَذِّبُ مَن يَشَاءُ ۗ وَاللَّهُ عَلَىٰ كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ (284) Kungokuka Mvelinqangi noma ngabe yini esemazulwini nanoma ngabe yini esemhlabeni noma ngabe nivezani okusemiphefumulweni yenu noma ngabe niyakufihla uMvelinqangi uyokuletha kunina ukunibuza ngakho, Ngakho-ke uyothethelela lowo Amthandayo ajezise lowo amthandayo. Futhi uMvelinqangi unamandla ngaphezulu kwazo zonke izinto |
آمَنَ الرَّسُولُ بِمَا أُنزِلَ إِلَيْهِ مِن رَّبِّهِ وَالْمُؤْمِنُونَ ۚ كُلٌّ آمَنَ بِاللَّهِ وَمَلَائِكَتِهِ وَكُتُبِهِ وَرُسُلِهِ لَا نُفَرِّقُ بَيْنَ أَحَدٍ مِّن رُّسُلِهِ ۚ وَقَالُوا سَمِعْنَا وَأَطَعْنَا ۖ غُفْرَانَكَ رَبَّنَا وَإِلَيْكَ الْمَصِيرُ (285) Isithunywa sakholelwa kulokho okwehliselwa kusona okuvela eNkosini yaso nabakholwayo. Bonke bakholwa kuMvelinqangi nasezingelosini zakhe, nasezincwadi zakhe nasezithunyweni zakhe (bathi), “thina asiwenzi umehluko phakathi kwezithunywa zakhe”, futhi bathi, “sizwile futhi sahlonipha usithethelele Nkosi yethu futhi ngokuba sikuwena isiphetho |
لَا يُكَلِّفُ اللَّهُ نَفْسًا إِلَّا وُسْعَهَا ۚ لَهَا مَا كَسَبَتْ وَعَلَيْهَا مَا اكْتَسَبَتْ ۗ رَبَّنَا لَا تُؤَاخِذْنَا إِن نَّسِينَا أَوْ أَخْطَأْنَا ۚ رَبَّنَا وَلَا تَحْمِلْ عَلَيْنَا إِصْرًا كَمَا حَمَلْتَهُ عَلَى الَّذِينَ مِن قَبْلِنَا ۚ رَبَّنَا وَلَا تُحَمِّلْنَا مَا لَا طَاقَةَ لَنَا بِهِ ۖ وَاعْفُ عَنَّا وَاغْفِرْ لَنَا وَارْحَمْنَا ۚ أَنتَ مَوْلَانَا فَانصُرْنَا عَلَى الْقَوْمِ الْكَافِرِينَ (286) UMvelinqangi akawuthwesi umphefumulo (okungaphezulu) kwamandla awo ngaphandle kokuwulingene okwawo yilokho okuwuvunile (ezintweni ezinhle) futhi okwawo yilokho okuwuvunile (ezintweni ezimbi), Nkosi yethu ungasibeki icala uma sikhohliwe noma senze iphutha. Nkosi yethu ungawubeki phezulu kwethu umthwalo njengoba wabetheswa labo ababengaphambilini kwethu, Nkosi yethu ungasethwesi lokho esingenawo amandla awokukumela sixolele usithethelele yiba nesihawu kuthina wena ungumvikeli wethu, senze ukuba sinqobe abantuabangahola |