| وَالصَّافَّاتِ صَفًّا (1) Ngalabo abahlelwe ngezigaba
 | 
| فَالزَّاجِرَاتِ زَجْرًا (2) Ngalabo abahambisa amafu ngendlela enhle
 | 
| فَالتَّالِيَاتِ ذِكْرًا (3) Ngalabo abafunda isikhumbuzo
 | 
| إِنَّ إِلَٰهَكُمْ لَوَاحِدٌ (4) Ngempela uMvelinqangi wenu munye
 | 
| رَّبُّ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَمَا بَيْنَهُمَا وَرَبُّ الْمَشَارِقِ (5) INkosi yamazulu nomhlaba kanye nako konke okuphakathi kwako kokubili neNkosi yempumalanga
 | 
| إِنَّا زَيَّنَّا السَّمَاءَ الدُّنْيَا بِزِينَةٍ الْكَوَاكِبِ (6) Ngempela thina salihlobisa izulu eliseduzane ngomhlobiso wezinkanyezi
 | 
| وَحِفْظًا مِّن كُلِّ شَيْطَانٍ مَّارِدٍ (7) Nokulondolozwa	kwalo	mayelana	nabobonke	osathane abahlubukayo
 | 
| لَّا يَسَّمَّعُونَ إِلَى الْمَلَإِ الْأَعْلَىٰ وَيُقْذَفُونَ مِن كُلِّ جَانِبٍ (8) Abakwazi ukulalela inhlangano ephakeme kakhulu futhi bajikijelwa kuwona wonke amacala
 | 
| دُحُورًا ۖ وَلَهُمْ عَذَابٌ وَاصِبٌ (9) Bayaxoshwa futhi okwabo yisijeziso sangunaphakade
 | 
| إِلَّا مَنْ خَطِفَ الْخَطْفَةَ فَأَتْبَعَهُ شِهَابٌ ثَاقِبٌ (10) Ngaphandle kwalowo ohlwitha okuthize ngokuntshontsha bese elandelwa yilangabi lomlilo elihlabayo
 | 
| فَاسْتَفْتِهِمْ أَهُمْ أَشَدُّ خَلْقًا أَم مَّنْ خَلَقْنَا ۚ إِنَّا خَلَقْنَاهُم مِّن طِينٍ لَّازِبٍ (11) Ngakho-ke babuze ukuthi ngakube yibona yini abanzima ekudaleni noma yilabo esabadalayo na? Ngempela thina sabadala ngobumba olunamathelayo
 | 
| بَلْ عَجِبْتَ وَيَسْخَرُونَ (12) Kepha uyamangala kulapho benza inhlekisa
 | 
| وَإِذَا ذُكِّرُوا لَا يَذْكُرُونَ (13) Futhi uma bekhunjuziswa abakhumbuli
 | 
| وَإِذَا رَأَوْا آيَةً يَسْتَسْخِرُونَ (14) Futhi uma bebona uphawu benza inhlekisa
 | 
| وَقَالُوا إِنْ هَٰذَا إِلَّا سِحْرٌ مُّبِينٌ (15) Futhi	bathi,	“lokhu	akuyilutho	ngaphandle	komlingo ogqamile”
 | 
| أَإِذَا مِتْنَا وَكُنَّا تُرَابًا وَعِظَامًا أَإِنَّا لَمَبْعُوثُونَ (16) Ngakube uma sesifile saphenduka uthuli namathambo ngempela siyovuswa yini na
 | 
| أَوَآبَاؤُنَا الْأَوَّلُونَ (17) Kanye nobaba bethu basendulo na
 | 
| قُلْ نَعَمْ وَأَنتُمْ دَاخِرُونَ (18) Ithi, “yebo futhi nina niyothotshiswa
 | 
| فَإِنَّمَا هِيَ زَجْرَةٌ وَاحِدَةٌ فَإِذَا هُمْ يَنظُرُونَ (19) Kuyoba ukukhala okukodwa kuphela kulapho bona bebhekile
 | 
| وَقَالُوا يَا وَيْلَنَا هَٰذَا يَوْمُ الدِّينِ (20) Futhi bayothi, “Oh usizi kuthina! lolu wusuku lwenhlawulo”
 | 
| هَٰذَا يَوْمُ الْفَصْلِ الَّذِي كُنتُم بِهِ تُكَذِّبُونَ (21) Lolu wusuku lokugcina enaniluphika
 | 
| ۞ احْشُرُوا الَّذِينَ ظَلَمُوا وَأَزْوَاجَهُمْ وَمَا كَانُوا يَعْبُدُونَ (22) Baqoqeleni ndawonye labo ababeyizoni kanye namaqembu abo kanye nakho konke loko ababekukhonza
 | 
| مِن دُونِ اللَّهِ فَاهْدُوهُمْ إِلَىٰ صِرَاطِ الْجَحِيمِ (23) Esikhundleni sikaMvelinqangi bese nibaholela endleleni yesihogo
 | 
| وَقِفُوهُمْ ۖ إِنَّهُم مَّسْئُولُونَ (24) Futhi nibamise ngempela ukuze babuzwe
 | 
| مَا لَكُمْ لَا تَنَاصَرُونَ (25) Kwenzenjani ngani nangalekelelani na
 | 
| بَلْ هُمُ الْيَوْمَ مُسْتَسْلِمُونَ (26) Kepha bona ngalolosuku bayozinikela
 | 
| وَأَقْبَلَ بَعْضُهُمْ عَلَىٰ بَعْضٍ يَتَسَاءَلُونَ (27) Futhi abanye babo bayophendukela kwabanye bebuzana bodwa
 | 
| قَالُوا إِنَّكُمْ كُنتُمْ تَأْتُونَنَا عَنِ الْيَمِينِ (28) Bayothi,	“ngempela	nina	naniza	kuthina	niqhamuka ngakwesokudla”
 | 
| قَالُوا بَل لَّمْ تَكُونُوا مُؤْمِنِينَ (29) Bayothi, “kepha naningeyiwona amakholwa”
 | 
| وَمَا كَانَ لَنَا عَلَيْكُم مِّن سُلْطَانٍ ۖ بَلْ كُنتُمْ قَوْمًا طَاغِينَ (30) Futhi sasingenalo igunya phezulu kwenu, kepha nina naningabantu abephula umthetho
 | 
| فَحَقَّ عَلَيْنَا قَوْلُ رَبِّنَا ۖ إِنَّا لَذَائِقُونَ (31) Ngakho-ke liyaqiniseka kuthina izwi leNkosi yethu ngempela thina sizozwa
 | 
| فَأَغْوَيْنَاكُمْ إِنَّا كُنَّا غَاوِينَ (32) Manjalo saniphambukisa (endleleni eqondile) ngempela nathi sasiphambukile
 | 
| فَإِنَّهُمْ يَوْمَئِذٍ فِي الْعَذَابِ مُشْتَرِكُونَ (33) Ngakho-ke ngempela bona ngalolosuku bazoba ngababelanayo esijezisweni
 | 
| إِنَّا كَذَٰلِكَ نَفْعَلُ بِالْمُجْرِمِينَ (34) Ngempela sibenza kanjalo abayizoni
 | 
| إِنَّهُمْ كَانُوا إِذَا قِيلَ لَهُمْ لَا إِلَٰهَ إِلَّا اللَّهُ يَسْتَكْبِرُونَ (35) Ngempela bona kwakuthi uma kuthiwa kubona, “ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kukaMvelinqangi” bese bayaziqhayisa
 | 
| وَيَقُولُونَ أَئِنَّا لَتَارِكُو آلِهَتِنَا لِشَاعِرٍ مَّجْنُونٍ (36) Futhi bathi, “ngakube thina sizoyeka onkulunkulu bethu ngenxa yembongi ehlanyayo na
 | 
| بَلْ جَاءَ بِالْحَقِّ وَصَدَّقَ الْمُرْسَلِينَ (37) Kepha ulethe iqiniso futhi uqinisekisa izithunywa
 | 
| إِنَّكُمْ لَذَائِقُو الْعَذَابِ الْأَلِيمِ (38) Ngempela nina nizosizwa isijeziso esibuhlungu
 | 
| وَمَا تُجْزَوْنَ إِلَّا مَا كُنتُمْ تَعْمَلُونَ (39) Futhi angeke ninikezwe umvuzo ngaphandle kwalokho enanikwenza
 | 
| إِلَّا عِبَادَ اللَّهِ الْمُخْلَصِينَ (40) Ngaphandle kwezinceku zikaMvelinqangi ezimsulwa
 | 
| أُولَٰئِكَ لَهُمْ رِزْقٌ مَّعْلُومٌ (41) Labo-ke okwabo yisabelo esaziwayo
 | 
| فَوَاكِهُ ۖ وَهُم مُّكْرَمُونَ (42) Izithelo, futhi bona bangabahlonishwa
 | 
| فِي جَنَّاتِ النَّعِيمِ (43) Ezivandeni zenjabulo
 | 
| عَلَىٰ سُرُرٍ مُّتَقَابِلِينَ (44) Ezihlalweni zobukhosi bebhekene
 | 
| يُطَافُ عَلَيْهِم بِكَأْسٍ مِّن مَّعِينٍ (45) Siyozungeleziswa kubona isitsha esinewayini
 | 
| بَيْضَاءَ لَذَّةٍ لِّلشَّارِبِينَ (46) Elimhlophe, elimtoti kwabaliphuzayo
 | 
| لَا فِيهَا غَوْلٌ وَلَا هُمْ عَنْهَا يُنزَفُونَ (47) Abukho ubungozi kulona futhi bona abakutholi ukudakwa kulona
 | 
| وَعِندَهُمْ قَاصِرَاتُ الطَّرْفِ عِينٌ (48) Futhi	eduzane	nabo	kuyoba	nabesifazane	abamsulwa abanamehlo amahle
 | 
| كَأَنَّهُنَّ بَيْضٌ مَّكْنُونٌ (49) Okusengathi bona abesifazane bangamaqanda angakaze athintwe
 | 
| فَأَقْبَلَ بَعْضُهُمْ عَلَىٰ بَعْضٍ يَتَسَاءَلُونَ (50) Ngakho-ke abanye babo bayophendukela kwabanye bebuzana
 | 
| قَالَ قَائِلٌ مِّنْهُمْ إِنِّي كَانَ لِي قَرِينٌ (51) Isikhulumi	phakathi	kwabo	siyothi,	“ngempela	mina nganginomngane”
 | 
| يَقُولُ أَإِنَّكَ لَمِنَ الْمُصَدِّقِينَ (52) Owayethi,	“ngakube	ngempela	wena	ungomunye wabakholwayo na
 | 
| أَإِذَا مِتْنَا وَكُنَّا تُرَابًا وَعِظَامًا أَإِنَّا لَمَدِينُونَ (53) Ngakube uma sesifile sabawuthuli namathambo ngakube ngempela siyojeziswa”
 | 
| قَالَ هَلْ أَنتُم مُّطَّلِعُونَ (54) Wathi, “Singaya yini ukuyobabona?”
 | 
| فَاطَّلَعَ فَرَآهُ فِي سَوَاءِ الْجَحِيمِ (55) Ngakho-ke wabheka phansi wambona esesihogweni
 | 
| قَالَ تَاللَّهِ إِن كِدتَّ لَتُرْدِينِ (56) Wathi, “ngoMvelinqangi! Ucishe wangenza ngabhubha”
 | 
| وَلَوْلَا نِعْمَةُ رَبِّي لَكُنتُ مِنَ الْمُحْضَرِينَ (57) Futhi	ukube	bekungesingenxa	yomusa	weNkosi	yami ngempela bengizokuba ngomunye wabalethiwe
 | 
| أَفَمَا نَحْنُ بِمَيِّتِينَ (58) Ngakube thina angeke sife
 | 
| إِلَّا مَوْتَتَنَا الْأُولَىٰ وَمَا نَحْنُ بِمُعَذَّبِينَ (59) Ngaphandle kokufa kwethu kwasekuqaleni futhi ngakube angeke yini sibe ngabajeziswayo na
 | 
| إِنَّ هَٰذَا لَهُوَ الْفَوْزُ الْعَظِيمُ (60) Ngempela lokhu kungukuphumelela okukhulu
 | 
| لِمِثْلِ هَٰذَا فَلْيَعْمَلِ الْعَامِلُونَ (61) Okufana nalokhu ziyakusebenzela izisebenzi
 | 
| أَذَٰلِكَ خَيْرٌ نُّزُلًا أَمْ شَجَرَةُ الزَّقُّومِ (62) Ngakube lokhu kungukujabula okungcono noma yisihlahla sezaQum na
 | 
| إِنَّا جَعَلْنَاهَا فِتْنَةً لِّلظَّالِمِينَ (63) Ngempela sasenza saba yisivivinyo kwabayizoni
 | 
| إِنَّهَا شَجَرَةٌ تَخْرُجُ فِي أَصْلِ الْجَحِيمِ (64) Ngempela sona siphuma esiqwini sesihogo
 | 
| طَلْعُهَا كَأَنَّهُ رُءُوسُ الشَّيَاطِينِ (65) Izithelo zaso zinjengamakhanda osathane
 | 
| فَإِنَّهُمْ لَآكِلُونَ مِنْهَا فَمَالِئُونَ مِنْهَا الْبُطُونَ (66) Ngakho-ke ngempela bona bayodla kusona bagcwalise izisu ngaso
 | 
| ثُمَّ إِنَّ لَهُمْ عَلَيْهَا لَشَوْبًا مِّنْ حَمِيمٍ (67) Besekuthi ngempela okwabo phezulu kwaso kube ngamanzi abilayo
 | 
| ثُمَّ إِنَّ مَرْجِعَهُمْ لَإِلَى الْجَحِيمِ (68) Besekuthi ngempela ukuphindela kwabo kube semlilweni ovuthayo wesihogo
 | 
| إِنَّهُمْ أَلْفَوْا آبَاءَهُمْ ضَالِّينَ (69) Ngempela bona bathola oyise bedukile
 | 
| فَهُمْ عَلَىٰ آثَارِهِمْ يُهْرَعُونَ (70) Ngakho-ke bona bashesha ezinyathelweni zabo
 | 
| وَلَقَدْ ضَلَّ قَبْلَهُمْ أَكْثَرُ الْأَوَّلِينَ (71) Futhi	ngempela	ngaphambilini	kwabo	laduka	iningi labasendulo
 | 
| وَلَقَدْ أَرْسَلْنَا فِيهِم مُّنذِرِينَ (72) Futhi ngempela sabathumela kubona abaxwayisi
 | 
| فَانظُرْ كَيْفَ كَانَ عَاقِبَةُ الْمُنذَرِينَ (73) Ngakho-ke bheka ukuthi sasinjani isiphetho sababexwayisiwe
 | 
| إِلَّا عِبَادَ اللَّهِ الْمُخْلَصِينَ (74) Ngaphandle kwezinceku zikaMvelinqangi ezimsulwa
 | 
| وَلَقَدْ نَادَانَا نُوحٌ فَلَنِعْمَ الْمُجِيبُونَ (75) Futhi ngempela uNowa wasibiza, singabaphenduli abangcono kakhulu
 | 
| وَنَجَّيْنَاهُ وَأَهْلَهُ مِنَ الْكَرْبِ الْعَظِيمِ (76) Futhi samsindisa kanye nabantu bakhe ekuhluphekeni okukhulu
 | 
| وَجَعَلْنَا ذُرِّيَّتَهُ هُمُ الْبَاقِينَ (77) Futhi sayenza inzalo yakhe yaba ngabasalayo
 | 
| وَتَرَكْنَا عَلَيْهِ فِي الْآخِرِينَ (78) Futhi samshiyela (udumo) ezizukulwaneni ezilandelayo
 | 
| سَلَامٌ عَلَىٰ نُوحٍ فِي الْعَالَمِينَ (79) Ukuthula makube kuNowa emihlabeni
 | 
| إِنَّا كَذَٰلِكَ نَجْزِي الْمُحْسِنِينَ (80) Ngempela sibanika kanjalo umvuzo abenzi bokuhle
 | 
| إِنَّهُ مِنْ عِبَادِنَا الْمُؤْمِنِينَ (81) Ngempela yena ungomunye wezinceku zethu ezikholwayo
 | 
| ثُمَّ أَغْرَقْنَا الْآخَرِينَ (82) Sabe sesiyabaminzisa abanye
 | 
| ۞ وَإِنَّ مِن شِيعَتِهِ لَإِبْرَاهِيمَ (83) Futhi ngempela eqenjini lakhe kwakukhona u-Abrahamu
 | 
| إِذْ جَاءَ رَبَّهُ بِقَلْبٍ سَلِيمٍ (84) Khumbula	ngenkathi	eza	eNkosini	yakhe	ngenhliziyo ephelele
 | 
| إِذْ قَالَ لِأَبِيهِ وَقَوْمِهِ مَاذَا تَعْبُدُونَ (85) Khumbula ngenkathi ethi kuyise nakubantu bakhe, “yini eniyikhonzayo na”
 | 
| أَئِفْكًا آلِهَةً دُونَ اللَّهِ تُرِيدُونَ (86) Ngakube	ngamanga	izithixo	enizifisayo	esikhundleni sikaMvelinqangi na
 | 
| فَمَا ظَنُّكُم بِرَبِّ الْعَالَمِينَ (87) Ngakube yimuphi umcabango wenu ngeNkosi yemihlaba na
 | 
| فَنَظَرَ نَظْرَةً فِي النُّجُومِ (88) Ngakho-ke wajeqeza izinkanyezi kanye
 | 
| فَقَالَ إِنِّي سَقِيمٌ (89) Wayesethi, “ngempela mina ngiyagula”
 | 
| فَتَوَلَّوْا عَنْهُ مُدْبِرِينَ (90) Ngakho-ke bamfulathela bahamba
 | 
| فَرَاغَ إِلَىٰ آلِهَتِهِمْ فَقَالَ أَلَا تَأْكُلُونَ (91) Ngakho-ke	waphendukela	ezithixweni	zabo	wayesethi, “Ngakube anidli yini na
 | 
| مَا لَكُمْ لَا تَنطِقُونَ (92) Kungani ningakhulumi na
 | 
| فَرَاغَ عَلَيْهِمْ ضَرْبًا بِالْيَمِينِ (93) Ngakho-ke	waphendukela	phezulu	kwazo,	wazishaya ngesandla sokunene
 | 
| فَأَقْبَلُوا إِلَيْهِ يَزِفُّونَ (94) Manjalo beza kuyena beshesha
 | 
| قَالَ أَتَعْبُدُونَ مَا تَنْحِتُونَ (95) Wathi, “Ngakube nikhonza loko enikuqophayo na
 | 
| وَاللَّهُ خَلَقَكُمْ وَمَا تَعْمَلُونَ (96) Kulapho uMvelinqangi anidala kanye nalokho enikwenzayo
 | 
| قَالُوا ابْنُوا لَهُ بُنْيَانًا فَأَلْقُوهُ فِي الْجَحِيمِ (97) Bathi,	“makheleni	isakhiwo	bese	nimposa	emlilweni ovuthayo”
 | 
| فَأَرَادُوا بِهِ كَيْدًا فَجَعَلْنَاهُمُ الْأَسْفَلِينَ (98) Base bemdalela icebo ngakho-ke sabenza babangabehlisiweyo
 | 
| وَقَالَ إِنِّي ذَاهِبٌ إِلَىٰ رَبِّي سَيَهْدِينِ (99) Futhi wathi, “ngempela mina ngiya eNkosini yami izongihola”
 | 
| رَبِّ هَبْ لِي مِنَ الصَّالِحِينَ (100) Nkosi yami ngiphe (indodana) kubenzi bokuhle
 | 
| فَبَشَّرْنَاهُ بِغُلَامٍ حَلِيمٍ (101) Ngakho-ke samnika izindaba ezinhle zomfana obekezelayo
 | 
| فَلَمَّا بَلَغَ مَعَهُ السَّعْيَ قَالَ يَا بُنَيَّ إِنِّي أَرَىٰ فِي الْمَنَامِ أَنِّي أَذْبَحُكَ فَانظُرْ مَاذَا تَرَىٰ ۚ قَالَ يَا أَبَتِ افْعَلْ مَا تُؤْمَرُ ۖ سَتَجِدُنِي إِن شَاءَ اللَّهُ مِنَ الصَّابِرِينَ (102) Manjalo kwathi lapho (indodana yakhe) seyikhule ngokwanele ukuhamba naye wathi, “Oh ndodana yami! Ngempela mina ngibone ephusheni lami	ngikunikela, ngakho-ke bheka ubonani, yathi (indodana yakhe) Oh baba wami! Yenza lokho okuphoqwayo, uzongithola ngingowababekezelayo uma uMvelinqangi ethanda
 | 
| فَلَمَّا أَسْلَمَا وَتَلَّهُ لِلْجَبِينِ (103) Ngakho-ke kwathi lapho bobabili sebezinikele (entandweni kaMvelinqangi)	esembeke phansi ngesiphongo
 | 
| وَنَادَيْنَاهُ أَن يَا إِبْرَاهِيمُ (104) Sammemeza sathi, “Oh Abrahamu!”
 | 
| قَدْ صَدَّقْتَ الرُّؤْيَا ۚ إِنَّا كَذَٰلِكَ نَجْزِي الْمُحْسِنِينَ (105) Ngempela uwufezile umbono, ngempela nathi ngokunjalo sibanika umvuzo abenzi bokuhle
 | 
| إِنَّ هَٰذَا لَهُوَ الْبَلَاءُ الْمُبِينُ (106) Ngempela lokhu kuwukuvivinywa okucacile
 | 
| وَفَدَيْنَاهُ بِذِبْحٍ عَظِيمٍ (107) Futhi samhlenga ngomnikelo omkhulu
 | 
| وَتَرَكْنَا عَلَيْهِ فِي الْآخِرِينَ (108) Futhi samshiyela (udumo) kwabanye
 | 
| سَلَامٌ عَلَىٰ إِبْرَاهِيمَ (109) Ukuthula makube ku-Abrahamu
 | 
| كَذَٰلِكَ نَجْزِي الْمُحْسِنِينَ (110) Sibanika kanjalo umvuzo abenzi bokuhle
 | 
| إِنَّهُ مِنْ عِبَادِنَا الْمُؤْمِنِينَ (111) Ngempela yena wayengomunye wezinceku zethu ezikholwayo
 | 
| وَبَشَّرْنَاهُ بِإِسْحَاقَ نَبِيًّا مِّنَ الصَّالِحِينَ (112) Futhi samnika izindaba ezinhle zika-Isaka kumphrofethi ongomunye	wabalungileyo
 | 
| وَبَارَكْنَا عَلَيْهِ وَعَلَىٰ إِسْحَاقَ ۚ وَمِن ذُرِّيَّتِهِمَا مُحْسِنٌ وَظَالِمٌ لِّنَفْسِهِ مُبِينٌ (113) Futhi sambusisa yena kanye no-Isaka, futhi enzalweni yabo bobabili	kunabenzi bokuhle kanye nabazona bona uqobo lwabo ngokusobala
 | 
| وَلَقَدْ مَنَنَّا عَلَىٰ مُوسَىٰ وَهَارُونَ (114) Futhi ngempela umusa sawethwesa uMose kanye no-Aroni
 | 
| وَنَجَّيْنَاهُمَا وَقَوْمَهُمَا مِنَ الْكَرْبِ الْعَظِيمِ (115) Futhi sabasindisa bobabili kanye nabantu babo bobabili ekuhluphekeni okukhulu
 | 
| وَنَصَرْنَاهُمْ فَكَانُوا هُمُ الْغَالِبِينَ (116) Futhi sabasiza ngakho-ke bona babangabanqobayo
 | 
| وَآتَيْنَاهُمَا الْكِتَابَ الْمُسْتَبِينَ (117) Futhi bobabili sabanikeza incwadi ecacile
 | 
| وَهَدَيْنَاهُمَا الصِّرَاطَ الْمُسْتَقِيمَ (118) Futhi bobabili sabahola endleleni eqondile
 | 
| وَتَرَكْنَا عَلَيْهِمَا فِي الْآخِرِينَ (119) Futhi	bobabili	sabashiyela	(udumo)	ezizukulwaneni zangamumva
 | 
| سَلَامٌ عَلَىٰ مُوسَىٰ وَهَارُونَ (120) Ukuthula makube kuMose naku-Aroni
 | 
| إِنَّا كَذَٰلِكَ نَجْزِي الْمُحْسِنِينَ (121) Ngempela sibanika kanjalo umvuzo abenzi bokuhle
 | 
| إِنَّهُمَا مِنْ عِبَادِنَا الْمُؤْمِنِينَ (122) Ngempela bona bobaili babengabanye bezinceku zethu ezikholwayo
 | 
| وَإِنَّ إِلْيَاسَ لَمِنَ الْمُرْسَلِينَ (123) Futhi ngempela u-Elyas wayengomunye wezithunywa
 | 
| إِذْ قَالَ لِقَوْمِهِ أَلَا تَتَّقُونَ (124) Ngenkathi ethi kubantu bakhe, “ngakube animesabi yini (uMvelinqangi) na
 | 
| أَتَدْعُونَ بَعْلًا وَتَذَرُونَ أَحْسَنَ الْخَالِقِينَ (125) Ngakube nimemeza uBali niyeka ongcono kunabo bonke abadali
 | 
| اللَّهَ رَبَّكُمْ وَرَبَّ آبَائِكُمُ الْأَوَّلِينَ (126) UMvelinqangi yiNkosi yenu neNkosi yoyihlo basendulo
 | 
| فَكَذَّبُوهُ فَإِنَّهُمْ لَمُحْضَرُونَ (127) Kepha bamphika ngakho-ke ngempela bona bayolethwa ngaphambili
 | 
| إِلَّا عِبَادَ اللَّهِ الْمُخْلَصِينَ (128) Ngaphandle kwezinceku zikaMvelinqangi ezimsulwa
 | 
| وَتَرَكْنَا عَلَيْهِ فِي الْآخِرِينَ (129) Futhi samshiyela (udumo) ezizukulwaneni zangamumva
 | 
| سَلَامٌ عَلَىٰ إِلْ يَاسِينَ (130) Ukuthula makube ku-Elyas
 | 
| إِنَّا كَذَٰلِكَ نَجْزِي الْمُحْسِنِينَ (131) Ngempela sibanika kanjalo umvuzo abenzi bokuhle
 | 
| إِنَّهُ مِنْ عِبَادِنَا الْمُؤْمِنِينَ (132) Ngempela yena wayengomunye wezinceku zethu ezikholwayo
 | 
| وَإِنَّ لُوطًا لَّمِنَ الْمُرْسَلِينَ (133) Futhi ngempela uLothi wayengomunye wezithunywa
 | 
| إِذْ نَجَّيْنَاهُ وَأَهْلَهُ أَجْمَعِينَ (134) Khumbula ngenkathi simsindisa kanye nabantu bakhe bonke
 | 
| إِلَّا عَجُوزًا فِي الْغَابِرِينَ (135) Ngaphandle	kowesifazane	omdala	(unkosikazi	wakhe) owayekanye nabasalele ngemumva
 | 
| ثُمَّ دَمَّرْنَا الْآخَرِينَ (136) Sabe sesiyababhubhisa abanye
 | 
| وَإِنَّكُمْ لَتَمُرُّونَ عَلَيْهِم مُّصْبِحِينَ (137) Futhi ngempela nina nidlula ngakubona ekuseni
 | 
| وَبِاللَّيْلِ ۗ أَفَلَا تَعْقِلُونَ (138) Nasebusuku, ngakube aninawo yini umqondo
 | 
| وَإِنَّ يُونُسَ لَمِنَ الْمُرْسَلِينَ (139) Futhi ngempela uYunus (uJona) wayengomunye wezithunywa
 | 
| إِذْ أَبَقَ إِلَى الْفُلْكِ الْمَشْحُونِ (140) Khumbula ngenkathi egijima eya emkhunjini ogcwele
 | 
| فَسَاهَمَ فَكَانَ مِنَ الْمُدْحَضِينَ (141) Manjalo	waphonsa	inkatho	wayeseba	ngomunye wabalahlekelweyo
 | 
| فَالْتَقَمَهُ الْحُوتُ وَهُوَ مُلِيمٌ (142) Ngakho-ke inhlanzi yamgwinya kulapho yena efanelwe ukusolwa
 | 
| فَلَوْلَا أَنَّهُ كَانَ مِنَ الْمُسَبِّحِينَ (143) Kepha ukuba wayengesiyena omunye wabadumisayo
 | 
| لَلَبِثَ فِي بَطْنِهِ إِلَىٰ يَوْمِ يُبْعَثُونَ (144) Ngempela wayezohlala esiswini sayo (inhlanzi) kuze kube wusuku lokuvuka kwabafileyo
 | 
| ۞ فَنَبَذْنَاهُ بِالْعَرَاءِ وَهُوَ سَقِيمٌ (145) Ngakho-ke samphonsa ogwini olomile kulapho yena egula
 | 
| وَأَنبَتْنَا عَلَيْهِ شَجَرَةً مِّن يَقْطِينٍ (146) Futhi samilisa isihlahla soselwa phezulu kwakhe
 | 
| وَأَرْسَلْنَاهُ إِلَىٰ مِائَةِ أَلْفٍ أَوْ يَزِيدُونَ (147) Futhi samthumela kwabayinkulungwane noma ngaphezulu
 | 
| فَآمَنُوا فَمَتَّعْنَاهُمْ إِلَىٰ حِينٍ (148) Ngakho-ke	bakholwa,	sabe	sesibanika	injabulo okwesikhashana
 | 
| فَاسْتَفْتِهِمْ أَلِرَبِّكَ الْبَنَاتُ وَلَهُمُ الْبَنُونَ (149) Ngakho-ke babuze ngakube okweNkosi yakho ngamadodakazi okwabo ngamadodana na
 | 
| أَمْ خَلَقْنَا الْمَلَائِكَةَ إِنَاثًا وَهُمْ شَاهِدُونَ (150) Noma sadala izingelosi zabangabesifazane kulapho bona bebhekile
 | 
| أَلَا إِنَّهُم مِّنْ إِفْكِهِمْ لَيَقُولُونَ (151) Ngempela kungamanga abo abakushoyo
 | 
| وَلَدَ اللَّهُ وَإِنَّهُمْ لَكَاذِبُونَ (152) (Ukuthi)	Umvelinqangi	wazala	futhi	ngempela	bona banamanga
 | 
| أَصْطَفَى الْبَنَاتِ عَلَى الْبَنِينَ (153) Wakhetha amadodakazi ngaphezulu kwamadodana na
 | 
| مَا لَكُمْ كَيْفَ تَحْكُمُونَ (154) Kwenzekani ngani nehlulela kanjani
 | 
| أَفَلَا تَذَكَّرُونَ (155) Lapho-ke ngeke ukhunjuzwe
 | 
| أَمْ لَكُمْ سُلْطَانٌ مُّبِينٌ (156) Noma ninegunya elicacile na
 | 
| فَأْتُوا بِكِتَابِكُمْ إِن كُنتُمْ صَادِقِينَ (157) Ngakho-ke lethani incwadi yenu uma kungukuthi nineqiniso
 | 
| وَجَعَلُوا بَيْنَهُ وَبَيْنَ الْجِنَّةِ نَسَبًا ۚ وَلَقَدْ عَلِمَتِ الْجِنَّةُ إِنَّهُمْ لَمُحْضَرُونَ (158) Futhi benza ubudlelwane phakathi kwakhe namaJinn, futhi ngempela amaJinn azi kahle ukuthi ngempela wona ayolethwa ngaphambili
 | 
| سُبْحَانَ اللَّهِ عَمَّا يَصِفُونَ (159) Makadunyiswe	uMvelinqangi	ngaphezulu	kwalokho abakuchazayo
 | 
| إِلَّا عِبَادَ اللَّهِ الْمُخْلَصِينَ (160) Ngaphandle kwezinceku zikaMvelinqangi ezimsulwa
 | 
| فَإِنَّكُمْ وَمَا تَعْبُدُونَ (161) Ngakho-ke nina kanye nalokho enikukhonzayo
 | 
| مَا أَنتُمْ عَلَيْهِ بِفَاتِنِينَ (162) Angeke nibalinge ngaye
 | 
| إِلَّا مَنْ هُوَ صَالِ الْجَحِيمِ (163) Ngaphandle kwalowo onqunyelwe ukusha esihogweni
 | 
| وَمَا مِنَّا إِلَّا لَهُ مَقَامٌ مَّعْلُومٌ (164) Futhi akekho namunye wethu ngaphandle kwalowo onendawo eyaziwayo
 | 
| وَإِنَّا لَنَحْنُ الصَّافُّونَ (165) Futhi ngempela thina sime ngolayini
 | 
| وَإِنَّا لَنَحْنُ الْمُسَبِّحُونَ (166) Futhi ngempela thina singabadumisayo
 | 
| وَإِن كَانُوا لَيَقُولُونَ (167) Futhi babejwayele ukuthi
 | 
| لَوْ أَنَّ عِندَنَا ذِكْرًا مِّنَ الْأَوَّلِينَ (168) Ukube sasinaso isikhumbuzo esinjengesabantu basendulo
 | 
| لَكُنَّا عِبَادَ اللَّهِ الْمُخْلَصِينَ (169) Sasizoba yizinceku zikaMvelinqangi eziqotho
 | 
| فَكَفَرُوا بِهِ ۖ فَسَوْفَ يَعْلَمُونَ (170) Kepha abakholelwanga kusona, ngakho-ke bayokwazi
 | 
| وَلَقَدْ سَبَقَتْ كَلِمَتُنَا لِعِبَادِنَا الْمُرْسَلِينَ (171) Futhi ngempela izwi lethu selahamba ngaphambili laya ezincekwini zethu, izithunywa
 | 
| إِنَّهُمْ لَهُمُ الْمَنصُورُونَ (172) Ngempela zona okwazo ukwelekelelwa
 | 
| وَإِنَّ جُندَنَا لَهُمُ الْغَالِبُونَ (173) Futhi ngempela amabutho ethu okwawo ukunqoba
 | 
| فَتَوَلَّ عَنْهُمْ حَتَّىٰ حِينٍ (174) Ngakho-ke suka kubona kuze kube yisikhashana
 | 
| وَأَبْصِرْهُمْ فَسَوْفَ يُبْصِرُونَ (175) Futhi babone ngakho-ke nabo bazobona
 | 
| أَفَبِعَذَابِنَا يَسْتَعْجِلُونَ (176) Ngakube yisijeziso sethu abafuna ukuthi sisheshe
 | 
| فَإِذَا نَزَلَ بِسَاحَتِهِمْ فَسَاءَ صَبَاحُ الْمُنذَرِينَ (177) Ngakho-ke uma (isijeziso) sesehlela egcekeni labo ngakho-ke kuyokuba kubi ukusa kulabo abaxwayiswayo
 | 
| وَتَوَلَّ عَنْهُمْ حَتَّىٰ حِينٍ (178) Ngakho-ke suka kubona kuze kube yisikhashana
 | 
| وَأَبْصِرْ فَسَوْفَ يُبْصِرُونَ (179) Futhi bheka, ngakho-ke nabo bayobona
 | 
| سُبْحَانَ رَبِّكَ رَبِّ الْعِزَّةِ عَمَّا يَصِفُونَ (180) Mayidunyiswe iNkosi yakho, iNkosi yamandla ngaphezulu kwalokho abakuchazayo
 | 
| وَسَلَامٌ عَلَى الْمُرْسَلِينَ (181) Futhi ukuthula makube phezulu kwezithunywa
 | 
| وَالْحَمْدُ لِلَّهِ رَبِّ الْعَالَمِينَ (182) Futhi udumo lungolukaMvelinqangi iNkosi yemihlaba
 |