| إِذَا السَّمَاءُ انشَقَّتْ (1) Khumbula lapho izulu liyohlakazeka khona
 | 
| وَأَذِنَتْ لِرَبِّهَا وَحُقَّتْ (2) Futhi khumbula lilalela iNkosi yalo futhi kufanele likwenze lokho
 | 
| وَإِذَا الْأَرْضُ مُدَّتْ (3) Futhi khumbula nangenkathi umhlaba unwetshwa
 | 
| وَأَلْقَتْ مَا فِيهَا وَتَخَلَّتْ (4) Futhi khumbula (umhlaba) ukhipha konke okuphakathi kuwona usale ungenalutho
 | 
| وَأَذِنَتْ لِرَبِّهَا وَحُقَّتْ (5) Futhi ulalela iNkosi yawo futhi kufanele ukwenze lokho
 | 
| يَا أَيُّهَا الْإِنسَانُ إِنَّكَ كَادِحٌ إِلَىٰ رَبِّكَ كَدْحًا فَمُلَاقِيهِ (6) Oh muntu! Ngempela wena usebenzele iNkosi yakho ukusebenza okuphelele ekugcineni uzohlangana nayo
 | 
| فَأَمَّا مَنْ أُوتِيَ كِتَابَهُ بِيَمِينِهِ (7) Mayelana nalowo onikezwa incwadi yakhe (yezenzo zakhe) esandleni sakhe sokunene
 | 
| فَسَوْفَ يُحَاسَبُ حِسَابًا يَسِيرًا (8) Manjalo uyokwahlulela ngokwahlulela okulula
 | 
| وَيَنقَلِبُ إِلَىٰ أَهْلِهِ مَسْرُورًا (9) Futhi aphindele kubantu bakhe ejabulile
 | 
| وَأَمَّا مَنْ أُوتِيَ كِتَابَهُ وَرَاءَ ظَهْرِهِ (10) Kepha lowo onikezwe incwadi yakhe (yezenzo zakhe) ngemumva komhlane wakhe
 | 
| فَسَوْفَ يَدْعُو ثُبُورًا (11) Manjalo uyobe ezifunela ukubhujiswa
 | 
| وَيَصْلَىٰ سَعِيرًا (12) Futhi angene emlilweni ovuthayo
 | 
| إِنَّهُ كَانَ فِي أَهْلِهِ مَسْرُورًا (13) Ngempela yena wayephakathi kwabantu bakhe (bakubo) ejabulile
 | 
| إِنَّهُ ظَنَّ أَن لَّن يَحُورَ (14) Ngempela yena wayecabanga ukuthi angeke aphindele (kuMvelinqangi)
 | 
| بَلَىٰ إِنَّ رَبَّهُ كَانَ بِهِ بَصِيرًا (15) Yebo!	Ngempela	iNkosi	yakhe	ngasosonke	isikhathi yayimbona
 | 
| فَلَا أُقْسِمُ بِالشَّفَقِ (16) Kepha lutho! Ngifunga ngobubomvu bokushona kwelanga
 | 
| وَاللَّيْلِ وَمَا وَسَقَ (17) Futhi ngifunga nangobusuku kanye nalokho okwenza ukuthi kubemnyama
 | 
| وَالْقَمَرِ إِذَا اتَّسَقَ (18) Futhi ngifunga nangenyanga ngenkathi igcwala
 | 
| لَتَرْكَبُنَّ طَبَقًا عَن طَبَقٍ (19) Ngempela niyodlula izigaba ngezigaba
 | 
| فَمَا لَهُمْ لَا يُؤْمِنُونَ (20) Ngakho-ke kwenzenjani ngabo ukuthi bangakholwa na
 | 
| وَإِذَا قُرِئَ عَلَيْهِمُ الْقُرْآنُ لَا يَسْجُدُونَ ۩ (21) Futhi uma befundelwa iQur’an abajabalali (abakhothami kuMvelinqangi)
 | 
| بَلِ الَّذِينَ كَفَرُوا يُكَذِّبُونَ (22) Kepha labo abangakholwanga bayaphika
 | 
| وَاللَّهُ أَعْلَمُ بِمَا يُوعُونَ (23) Futhi uMvelinqangi wazi kakhulu ngalokho abakugcina ngaphakathi kubona
 | 
| فَبَشِّرْهُم بِعَذَابٍ أَلِيمٍ (24) Ngakho-ke batshele ngesijeziso esibuhlungu
 | 
| إِلَّا الَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ لَهُمْ أَجْرٌ غَيْرُ مَمْنُونٍ (25) Ngaphandle kwalabo abakholwayo futhi abenza izenzo ezilungileyo okwabo ngumvuzo ongasoze wanqamuka
 |