| وَالْفَجْرِ (1) Ngifunga ngokusa
 | 
| وَلَيَالٍ عَشْرٍ (2) Futhi ngifunga nangobusuku obuyishumi
 | 
| وَالشَّفْعِ وَالْوَتْرِ (3) Futhi ngifunga nangokulingene nokukodwa (okungalingani)
 | 
| وَاللَّيْلِ إِذَا يَسْرِ (4) Futhi ngifunga nangobusuku ngenkathi buhamba
 | 
| هَلْ فِي ذَٰلِكَ قَسَمٌ لِّذِي حِجْرٍ (5) Ngakube kulokho kunesifundo kulowo oqondayo
 | 
| أَلَمْ تَرَ كَيْفَ فَعَلَ رَبُّكَ بِعَادٍ (6) Awuzange yini ubone ukuthi yenza kanjani iNkosi yakho ku- Ad
 | 
| إِرَمَ ذَاتِ الْعِمَادِ (7) I – iram enezinsika (eziqatha eziphakeme)
 | 
| الَّتِي لَمْ يُخْلَقْ مِثْلُهَا فِي الْبِلَادِ (8) Okuyiyona okungekho okwakhiwe njengayo ezweni
 | 
| وَثَمُودَ الَّذِينَ جَابُوا الصَّخْرَ بِالْوَادِ (9) Kanye noThamud okunguyena owagumba idwala esigodini
 | 
| وَفِرْعَوْنَ ذِي الْأَوْتَادِ (10) NoFaro umnikazi wezigxobo
 | 
| الَّذِينَ طَغَوْا فِي الْبِلَادِ (11) Labo abangazange bahloniphe ezweni
 | 
| فَأَكْثَرُوا فِيهَا الْفَسَادَ (12) (uFaro nabantu bakhe) benza okuningi ukukhwabanisa kulona (izwe)
 | 
| فَصَبَّ عَلَيْهِمْ رَبُّكَ سَوْطَ عَذَابٍ (13) Ngakho-ke iNkosi yakho yathela phezulu kwabo isijeziso
 | 
| إِنَّ رَبَّكَ لَبِالْمِرْصَادِ (14) Ngempela iNkosi yakho ingeqaphile
 | 
| فَأَمَّا الْإِنسَانُ إِذَا مَا ابْتَلَاهُ رَبُّهُ فَأَكْرَمَهُ وَنَعَّمَهُ فَيَقُولُ رَبِّي أَكْرَمَنِ (15) Mayelana nomuntu uma imlinga iNkosi yakhe bese imnika ukuhlonipheka bese imupha (umusa nokunye) bese ethi, “iNkosi yami iyangithanda”
 | 
| وَأَمَّا إِذَا مَا ابْتَلَاهُ فَقَدَرَ عَلَيْهِ رِزْقَهُ فَيَقُولُ رَبِّي أَهَانَنِ (16) Kepha uma (iNkosi yakhe) imlinga ngokumncisha (noma imnciphisele) isabelo sakhe bese ethi, “iNkosi yami ingidumazile”
 | 
| كَلَّا ۖ بَل لَّا تُكْرِمُونَ الْيَتِيمَ (17) Lutho! Kepha aniyihloniphi intandane
 | 
| وَلَا تَحَاضُّونَ عَلَىٰ طَعَامِ الْمِسْكِينِ (18) Futhi anibancengi abantu ukuthi bondle abampofu
 | 
| وَتَأْكُلُونَ التُّرَاثَ أَكْلًا لَّمًّا (19) Futhi nidla ifa ngokudla komona
 | 
| وَتُحِبُّونَ الْمَالَ حُبًّا جَمًّا (20) Futhi nithanda ingcebo ngothando olukhulu
 | 
| كَلَّا إِذَا دُكَّتِ الْأَرْضُ دَكًّا دَكًّا (21) Lutho! Futhi khumbula ngenkathi umhlaba ubuthuzeka wendlaleka ubayizicucu
 | 
| وَجَاءَ رَبُّكَ وَالْمَلَكُ صَفًّا صَفًّا (22) Futhi khumbula ngenkathi iNkosi yakho iza kanye nezingelosi zingolayini (ngezigaba zazo)
 | 
| وَجِيءَ يَوْمَئِذٍ بِجَهَنَّمَ ۚ يَوْمَئِذٍ يَتَذَكَّرُ الْإِنسَانُ وَأَنَّىٰ لَهُ الذِّكْرَىٰ (23) Futhi isihogo ngalolosuku siyokwenziwa ukuthi sibeseduzane, ngalolosuku umuntu uyokhumbula, futhi ukukhumbula kwakhe kuyomsiza ngani na
 | 
| يَقُولُ يَا لَيْتَنِي قَدَّمْتُ لِحَيَاتِي (24) Uyothi, “Oh ukuba nje ngangithumele ngaphambili (okuhle) kwempilo yami
 | 
| فَيَوْمَئِذٍ لَّا يُعَذِّبُ عَذَابَهُ أَحَدٌ (25) Ngakho-ke	ngalolosuku	akekho	ongajezisa	ngendlela (uMvelinqangi) azojezisa ngayo
 | 
| وَلَا يُوثِقُ وَثَاقَهُ أَحَدٌ (26) Futhi akekho ongabopha ngendlela ayobopha ngayo
 | 
| يَا أَيَّتُهَا النَّفْسُ الْمُطْمَئِنَّةُ (27) Oh mphefumulo onokuthula
 | 
| ارْجِعِي إِلَىٰ رَبِّكِ رَاضِيَةً مَّرْضِيَّةً (28) Phindela eNkosini yakho uthokozile uthokozisa
 | 
| فَادْخُلِي فِي عِبَادِي (29) Ngakho-ke ngena phakathi kwezinceku zami
 | 
| وَادْخُلِي جَنَّتِي (30) Futhi ungene (esivandeni) ezulwini lami
 |