×

سورة التوبة باللغة الزولو

ترجمات القرآنباللغة الزولو ⬅ سورة التوبة

ترجمة معاني سورة التوبة باللغة الزولو - Zulu

القرآن باللغة الزولو - سورة التوبة مترجمة إلى اللغة الزولو، Surah Tawbah in Zulu. نوفر ترجمة دقيقة سورة التوبة باللغة الزولو - Zulu, الآيات 129 - رقم السورة 9 - الصفحة 187.

بسم الله الرحمن الرحيم

بَرَاءَةٌ مِّنَ اللَّهِ وَرَسُولِهِ إِلَى الَّذِينَ عَاهَدتُّم مِّنَ الْمُشْرِكِينَ (1)
Isimemezelo sokubamsulwa esivela kuMvelinqangi nesithunywa sakhe iya kulabo enenza nabo isivumelwano abangabakhonzi bezithixo
فَسِيحُوا فِي الْأَرْضِ أَرْبَعَةَ أَشْهُرٍ وَاعْلَمُوا أَنَّكُمْ غَيْرُ مُعْجِزِي اللَّهِ ۙ وَأَنَّ اللَّهَ مُخْزِي الْكَافِرِينَ (2)
Ngakho-ke hambani emhlabeni izinyanga ezine kepha nazi ukuthininaangekeniphunyuke(esijezisweni) sikaMvelinqangi nokuthi uMvelinqangi ungohlaza abangakholwa
وَأَذَانٌ مِّنَ اللَّهِ وَرَسُولِهِ إِلَى النَّاسِ يَوْمَ الْحَجِّ الْأَكْبَرِ أَنَّ اللَّهَ بَرِيءٌ مِّنَ الْمُشْرِكِينَ ۙ وَرَسُولُهُ ۚ فَإِن تُبْتُمْ فَهُوَ خَيْرٌ لَّكُمْ ۖ وَإِن تَوَلَّيْتُمْ فَاعْلَمُوا أَنَّكُمْ غَيْرُ مُعْجِزِي اللَّهِ ۗ وَبَشِّرِ الَّذِينَ كَفَرُوا بِعَذَابٍ أَلِيمٍ (3)
Nesimemezelo esivela kuMvelinqangi nasesithunyweni sakhe esiya kubantu ngosuku olukhulu kakhulu lwehajj ukuthi uMvelinqangi ukhululekile ngabantu abakhonza izithixo kanye nesithunywa sakhe, ngakho-ke uma nizisola kuzoba ngcono kunina futhi uma niphendukela emumva (ekoneni) azini ukuthi nina angeke niphunyuke (esijezisweni) sikaMvelinqangi futhi batshele labo abangakholwa ngesijeziso esibuhlungu
إِلَّا الَّذِينَ عَاهَدتُّم مِّنَ الْمُشْرِكِينَ ثُمَّ لَمْ يَنقُصُوكُمْ شَيْئًا وَلَمْ يُظَاهِرُوا عَلَيْكُمْ أَحَدًا فَأَتِمُّوا إِلَيْهِمْ عَهْدَهُمْ إِلَىٰ مُدَّتِهِمْ ۚ إِنَّ اللَّهَ يُحِبُّ الْمُتَّقِينَ (4)
Ngaphandlekwalaboenenzanaboisivumelwanoabayizikhonzi zezithixo bese benganidumazi ngalutho futhi bangeseki ngisho noyedwa (ekulweni noma ekuphikisaneni) nani ngakho-ke gcwalisa isivumelwano sabo kuze kube yisikhathi sabo esinqunyiweyo ngempela uMvelinqangi uyabathanda abalungileyo (abamesabayo)
فَإِذَا انسَلَخَ الْأَشْهُرُ الْحُرُمُ فَاقْتُلُوا الْمُشْرِكِينَ حَيْثُ وَجَدتُّمُوهُمْ وَخُذُوهُمْ وَاحْصُرُوهُمْ وَاقْعُدُوا لَهُمْ كُلَّ مَرْصَدٍ ۚ فَإِن تَابُوا وَأَقَامُوا الصَّلَاةَ وَآتَوُا الزَّكَاةَ فَخَلُّوا سَبِيلَهُمْ ۚ إِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (5)
Ngakho-ke uma sekudlule izinyanga ezingcwele seningababulala abakhonzi bezithixo noma ngabe yikuphi lapho nibathola khona futhi nibathumbe futhi nibavimbele nihlale nibalindele kuzona zonke izindawo zokucasha kepha uma bezisola futhi benza imithandazo futhi bekhokha izakaah (ingxenye yengcebo ekhokhelwa abampofu) iyekeni indlela yabo ikhululekile, ngempela uMvelinqangi uyathethelela unesihawu
وَإِنْ أَحَدٌ مِّنَ الْمُشْرِكِينَ اسْتَجَارَكَ فَأَجِرْهُ حَتَّىٰ يَسْمَعَ كَلَامَ اللَّهِ ثُمَّ أَبْلِغْهُ مَأْمَنَهُ ۚ ذَٰلِكَ بِأَنَّهُمْ قَوْمٌ لَّا يَعْلَمُونَ (6)
Futhi uma oyedwa wabakhonza izithixo efuna ukuvikelwa nguwena ngakho-ke mvikele kuze kube uzwa amazwi kaMvelinqangi bese umuletha endaweni ephephile lokhu kungenxa yokuthi bona bangabantu abangazi (lutho)
كَيْفَ يَكُونُ لِلْمُشْرِكِينَ عَهْدٌ عِندَ اللَّهِ وَعِندَ رَسُولِهِ إِلَّا الَّذِينَ عَاهَدتُّمْ عِندَ الْمَسْجِدِ الْحَرَامِ ۖ فَمَا اسْتَقَامُوا لَكُمْ فَاسْتَقِيمُوا لَهُمْ ۚ إِنَّ اللَّهَ يُحِبُّ الْمُتَّقِينَ (7)
Singabakhona kanjani isivumelwano sabakhonzi bezithombe noMvelinqangi nasesithunyweni sakhe ngaphandle kwalabo enenza nabo isivumelwano eMasjid Al-Haraam ngakho-ke uma beqondile kunina yibani ngabaqondile kubona ngempela uMvelinqangi uyabathanda abalungileyo
كَيْفَ وَإِن يَظْهَرُوا عَلَيْكُمْ لَا يَرْقُبُوا فِيكُمْ إِلًّا وَلَا ذِمَّةً ۚ يُرْضُونَكُم بِأَفْوَاهِهِمْ وَتَأْبَىٰ قُلُوبُهُمْ وَأَكْثَرُهُمْ فَاسِقُونَ (8)
(Kungenzeka) kanjani ukuthi uma benehlula bangazinaki izibopho zobuhlobo nezesivumelwano na? Banithokozisa ngemilomo yabo kepha izinhliziyo zabo ziyenqaba (bayanikhohlisa) futhi iningi labo liyizoni
اشْتَرَوْا بِآيَاتِ اللَّهِ ثَمَنًا قَلِيلًا فَصَدُّوا عَن سَبِيلِهِ ۚ إِنَّهُمْ سَاءَ مَا كَانُوا يَعْمَلُونَ (9)
Bathenga izimpawu zikaMvelinqangi okuyinzuzo encane ngakho-ke bavimbela (abantu) endleleni yakhe ngempela bona kwakukubi lokho ababekwenza
لَا يَرْقُبُونَ فِي مُؤْمِنٍ إِلًّا وَلَا ذِمَّةً ۚ وَأُولَٰئِكَ هُمُ الْمُعْتَدُونَ (10)
Babengalinaki ikholwa mayelana nezibopho zobuhlobo noma ezesivumelwano futhi laba yibona abephula umthetho
فَإِن تَابُوا وَأَقَامُوا الصَّلَاةَ وَآتَوُا الزَّكَاةَ فَإِخْوَانُكُمْ فِي الدِّينِ ۗ وَنُفَصِّلُ الْآيَاتِ لِقَوْمٍ يَعْلَمُونَ (11)
Kepha uma bezisola benza imithandazo futhi bakhokhe izakaah (ingxenye yengcebo ekhokhwa kwabampofu) ngakho-ke bangabazalwane benu enkolweni futhi siwachaza ngobunjalo bawo amavesi kubantu abanolwazi
وَإِن نَّكَثُوا أَيْمَانَهُم مِّن بَعْدِ عَهْدِهِمْ وَطَعَنُوا فِي دِينِكُمْ فَقَاتِلُوا أَئِمَّةَ الْكُفْرِ ۙ إِنَّهُمْ لَا أَيْمَانَ لَهُمْ لَعَلَّهُمْ يَنتَهُونَ (12)
Futhi uma bephula izifungo zabo emumva kwesivumelwano sabo futhi bagxeke inkolo yenu ngakho-ke yilwani nabaholi bokungakholwa ngempela bona izifungo zabo aziyilutho kubona ukuze bayeke ukona
أَلَا تُقَاتِلُونَ قَوْمًا نَّكَثُوا أَيْمَانَهُمْ وَهَمُّوا بِإِخْرَاجِ الرَّسُولِ وَهُم بَدَءُوكُمْ أَوَّلَ مَرَّةٍ ۚ أَتَخْشَوْنَهُمْ ۚ فَاللَّهُ أَحَقُّ أَن تَخْشَوْهُ إِن كُنتُم مُّؤْمِنِينَ (13)
Ngakube angeke nilwe yini nabantu abephula izifungo zabo na? Behlose nokugxosha isithunywa futhi kuyibona abanihlasela kuqala, ngakube niyabesaba yini na? Ngakho-ke uMvelinqangi ofanelwe kakhulu ukuthi nimesabe uma nina ningabakholwayo
قَاتِلُوهُمْ يُعَذِّبْهُمُ اللَّهُ بِأَيْدِيكُمْ وَيُخْزِهِمْ وَيَنصُرْكُمْ عَلَيْهِمْ وَيَشْفِ صُدُورَ قَوْمٍ مُّؤْمِنِينَ (14)
Yilwani nabo uMvelinqangi uzobajezisa ngezandla zenu futhi uyobahlaza bese enenza ukuba nibanqobe alaphe izifuba zabantu abakholwayo
وَيُذْهِبْ غَيْظَ قُلُوبِهِمْ ۗ وَيَتُوبُ اللَّهُ عَلَىٰ مَن يَشَاءُ ۗ وَاللَّهُ عَلِيمٌ حَكِيمٌ (15)
Futhi asuse intukuthelo yezinhliziyo zabo, futhi uMvelinqangi uthethelela lowo amthandayo futhi uMvelinqangi unolwazi unobuhlakani
أَمْ حَسِبْتُمْ أَن تُتْرَكُوا وَلَمَّا يَعْلَمِ اللَّهُ الَّذِينَ جَاهَدُوا مِنكُمْ وَلَمْ يَتَّخِذُوا مِن دُونِ اللَّهِ وَلَا رَسُولِهِ وَلَا الْمُؤْمِنِينَ وَلِيجَةً ۚ وَاللَّهُ خَبِيرٌ بِمَا تَعْمَلُونَ (16)
Ngakube nicabange ukuthi nizoyekwa ngenkathi uMvelinqangi engakabazi labo kunina abazabalaza kanzima abalwa (endleleni yakhe) futhi abangathathanga umeseki ngaphandle kukaMvelinqangi, isithunywa sakhe kanye nabakholwayo na? Futhi uMvelinqangi uyisazi ngalokho enikwenzayo
مَا كَانَ لِلْمُشْرِكِينَ أَن يَعْمُرُوا مَسَاجِدَ اللَّهِ شَاهِدِينَ عَلَىٰ أَنفُسِهِم بِالْكُفْرِ ۚ أُولَٰئِكَ حَبِطَتْ أَعْمَالُهُمْ وَفِي النَّارِ هُمْ خَالِدُونَ (17)
Akusikona okwabakhonzi bezithixo ukuthi bangahlala eMasjid kaMvelinqangi kulapho benobufakazi emiphefumulweni yabo ngokungakholwa, labo izenzo zabo ziphenduke zaba yize leze futhi bona bayohlala emlilweni ingunaphakade
إِنَّمَا يَعْمُرُ مَسَاجِدَ اللَّهِ مَنْ آمَنَ بِاللَّهِ وَالْيَوْمِ الْآخِرِ وَأَقَامَ الصَّلَاةَ وَآتَى الزَّكَاةَ وَلَمْ يَخْشَ إِلَّا اللَّهَ ۖ فَعَسَىٰ أُولَٰئِكَ أَن يَكُونُوا مِنَ الْمُهْتَدِينَ (18)
Kuphela abahlala eMasjid kaMvelinqangi yilabo abakholwayo kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina, benze imithandazo futhi bakhokhe izakaah (ingxenye yengcebo ekhokhwa kwabampofu) futhi bangesabi (omunye umuntu) ngaphandle kukaMvelinqangi ngakho-ke kulindelekile ukuthi labo babengabaholiweyo
۞ أَجَعَلْتُمْ سِقَايَةَ الْحَاجِّ وَعِمَارَةَ الْمَسْجِدِ الْحَرَامِ كَمَنْ آمَنَ بِاللَّهِ وَالْيَوْمِ الْآخِرِ وَجَاهَدَ فِي سَبِيلِ اللَّهِ ۚ لَا يَسْتَوُونَ عِندَ اللَّهِ ۗ وَاللَّهُ لَا يَهْدِي الْقَوْمَ الظَّالِمِينَ (19)
Ngakube niyakunaka yini ukupha labo abenza iHajj amanzi okuphuza nokulondoza iMasjid Al-Haraam njengalowo okholwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina futhi azabalaze kanzima endleleni kaMvelinqangi abalingani emehlweni kaMvelinqangi futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abayizoni
الَّذِينَ آمَنُوا وَهَاجَرُوا وَجَاهَدُوا فِي سَبِيلِ اللَّهِ بِأَمْوَالِهِمْ وَأَنفُسِهِمْ أَعْظَمُ دَرَجَةً عِندَ اللَّهِ ۚ وَأُولَٰئِكَ هُمُ الْفَائِزُونَ (20)
Labo abakholwayo abashiya imizi yabo baya kwezinye izindawo futhi bazabalaza endleleni kaMvelinqangi ngengcebo yabo nangemiphefumulo yabo okwabo yizinga eliphezulu kuMvelinqangi futhi laba yibona abanqobayo
يُبَشِّرُهُمْ رَبُّهُم بِرَحْمَةٍ مِّنْهُ وَرِضْوَانٍ وَجَنَّاتٍ لَّهُمْ فِيهَا نَعِيمٌ مُّقِيمٌ (21)
Ibatshena izindaba ezimnandi iNkosi yabo ngomusa ovela kuyona nenjabulo yayo nezivande okwabo kuzona yinjabulo engapheliyo
خَالِدِينَ فِيهَا أَبَدًا ۚ إِنَّ اللَّهَ عِندَهُ أَجْرٌ عَظِيمٌ (22)
Bayohlala khona ingunaphakade ngempela uMvelinqangi kuyena kunomvuzo omkhulu
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا لَا تَتَّخِذُوا آبَاءَكُمْ وَإِخْوَانَكُمْ أَوْلِيَاءَ إِنِ اسْتَحَبُّوا الْكُفْرَ عَلَى الْإِيمَانِ ۚ وَمَن يَتَوَلَّهُم مِّنكُمْ فَأُولَٰئِكَ هُمُ الظَّالِمُونَ (23)
Oh nina enikholwayo! Ningabothatha oyihlo kanye nabafowenu ukuthi babengabavikeli uma bethanda ukungakholwa kunokukholwa futhi noma ngabe ngobani phakathi kwenu abaphendukela kubona ngakho-ke labo yibona abangabenzi bokubi
قُلْ إِن كَانَ آبَاؤُكُمْ وَأَبْنَاؤُكُمْ وَإِخْوَانُكُمْ وَأَزْوَاجُكُمْ وَعَشِيرَتُكُمْ وَأَمْوَالٌ اقْتَرَفْتُمُوهَا وَتِجَارَةٌ تَخْشَوْنَ كَسَادَهَا وَمَسَاكِنُ تَرْضَوْنَهَا أَحَبَّ إِلَيْكُم مِّنَ اللَّهِ وَرَسُولِهِ وَجِهَادٍ فِي سَبِيلِهِ فَتَرَبَّصُوا حَتَّىٰ يَأْتِيَ اللَّهُ بِأَمْرِهِ ۗ وَاللَّهُ لَا يَهْدِي الْقَوْمَ الْفَاسِقِينَ (24)
Ithi, “uma kungukuthi oyihlo namadodana enu nabafowenu namakhosikazi enu, nezihlobo zenu nengcebo eniyizuzile nebhizinisi enisaba ukwehla kwalo, nezindlu enizithandayo eziyigugu ngokwedlulele kunina kunoMvelinqangi nesithunywa sakhe nokuzabalaza kanzima endleleni yakhe (uMvelinqangi) ngakho-ke lindani kuze kube uMvelinqangi uyeza nesinqumo sakhe futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abayizoni
لَقَدْ نَصَرَكُمُ اللَّهُ فِي مَوَاطِنَ كَثِيرَةٍ ۙ وَيَوْمَ حُنَيْنٍ ۙ إِذْ أَعْجَبَتْكُمْ كَثْرَتُكُمْ فَلَمْ تُغْنِ عَنكُمْ شَيْئًا وَضَاقَتْ عَلَيْكُمُ الْأَرْضُ بِمَا رَحُبَتْ ثُمَّ وَلَّيْتُم مُّدْبِرِينَ (25)
Ngempela uMvelinqangi wanilekelela ezindaweni eziningi (zempi) nangosuku lwempi yaseHunayn ngenkathi kwakunithokozisa ukubabaningi kwenu kepha akuzange kunisize ngalutho nomhlaba njengoba ubanzi nenzelwa wancipha nabe senifulathela nibaleka
ثُمَّ أَنزَلَ اللَّهُ سَكِينَتَهُ عَلَىٰ رَسُولِهِ وَعَلَى الْمُؤْمِنِينَ وَأَنزَلَ جُنُودًا لَّمْ تَرَوْهَا وَعَذَّبَ الَّذِينَ كَفَرُوا ۚ وَذَٰلِكَ جَزَاءُ الْكَافِرِينَ (26)
UMvelinqangi wayesehlisela ukuthula kwakhe phezu kwesithunywa sakhe naphezu kwabakholwayo wayesethumela phansi amabutho eningazange niwabone (ngaphambilini) futhi wajezisa labo ababengakholwa futhi lokho ngumvuzo wabangakholwayo
ثُمَّ يَتُوبُ اللَّهُ مِن بَعْدِ ذَٰلِكَ عَلَىٰ مَن يَشَاءُ ۗ وَاللَّهُ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (27)
UMvelinqangi wayesephenduka ngentethelelo emva kwalokho kulowo amthandayo futhi uMvelinqangi uyathethelela unesihawu
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا إِنَّمَا الْمُشْرِكُونَ نَجَسٌ فَلَا يَقْرَبُوا الْمَسْجِدَ الْحَرَامَ بَعْدَ عَامِهِمْ هَٰذَا ۚ وَإِنْ خِفْتُمْ عَيْلَةً فَسَوْفَ يُغْنِيكُمُ اللَّهُ مِن فَضْلِهِ إِن شَاءَ ۚ إِنَّ اللَّهَ عَلِيمٌ حَكِيمٌ (28)
Oh nina enikholwayo! ngempela abakhonzi bezithixo bangcolile ngakho-ke abangasondeli eMasjid Al-Haraam emva kwalonyaka wabo futhi uma nesaba ubuphofu ngakho- ke uMvelinqangi uzoninothisa ngomusa wakhe uma ethanda, ngempela uMvelinqangi unolwazi unobuhlakani
قَاتِلُوا الَّذِينَ لَا يُؤْمِنُونَ بِاللَّهِ وَلَا بِالْيَوْمِ الْآخِرِ وَلَا يُحَرِّمُونَ مَا حَرَّمَ اللَّهُ وَرَسُولُهُ وَلَا يَدِينُونَ دِينَ الْحَقِّ مِنَ الَّذِينَ أُوتُوا الْكِتَابَ حَتَّىٰ يُعْطُوا الْجِزْيَةَ عَن يَدٍ وَهُمْ صَاغِرُونَ (29)
Yilwani nalabo abangakholwa kuMvelinqangi futhi abangakholelwa osukwini lokugcina futhi abangakwenqabeli lokho okwenqatshelwa uMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi abangayilandeli inkolo eyiqiniso, phakathi kwalabo abanikezwa incwadi kuze kube bakhokha ijizya (intela) ngezandla zabo bezizwa bedunyaziwe
وَقَالَتِ الْيَهُودُ عُزَيْرٌ ابْنُ اللَّهِ وَقَالَتِ النَّصَارَى الْمَسِيحُ ابْنُ اللَّهِ ۖ ذَٰلِكَ قَوْلُهُم بِأَفْوَاهِهِمْ ۖ يُضَاهِئُونَ قَوْلَ الَّذِينَ كَفَرُوا مِن قَبْلُ ۚ قَاتَلَهُمُ اللَّهُ ۚ أَنَّىٰ يُؤْفَكُونَ (30)
Futhi amaJuda athi, “u-Ezra uyindodana kaMvelinqangi” namaKhrestu athi “uMesiya uyindodana kaMvelinqangi” lokhu kungamazwi abo abawasho ngemilomo yabo basho inkulumo efana neyalabo ababengakholwa ngaphambilini uMvelinqangi wababhubhisa ngokubalekelana kwabo neqiniso
اتَّخَذُوا أَحْبَارَهُمْ وَرُهْبَانَهُمْ أَرْبَابًا مِّن دُونِ اللَّهِ وَالْمَسِيحَ ابْنَ مَرْيَمَ وَمَا أُمِرُوا إِلَّا لِيَعْبُدُوا إِلَٰهًا وَاحِدًا ۖ لَّا إِلَٰهَ إِلَّا هُوَ ۚ سُبْحَانَهُ عَمَّا يُشْرِكُونَ (31)
Bathathe ama-Rabbis (izifundiswa) nama-Monk (amaRoma abo angaganiwe ahlala esigodlweni) ukuthi babe ngamakhosi abo esikhundleni sikaMvelinqangi noMesiya indodana kaMariya (bamthatha njengeNkosi yabo) futhi babengazange baphoqwe ngalutho ngaphandle kokuthi bakhonze uNkulunkulu oyedwa, ayikho into enokukhonzwa ngaphandle kwakhe, udumo lungolwakhe ngaphezu kwalokho abamenzela ngakho uMvelinqangi abahlanganyeli ekumkhonzeni
يُرِيدُونَ أَن يُطْفِئُوا نُورَ اللَّهِ بِأَفْوَاهِهِمْ وَيَأْبَى اللَّهُ إِلَّا أَن يُتِمَّ نُورَهُ وَلَوْ كَرِهَ الْكَافِرُونَ (32)
Bafuna ukucisha ukukhanya kukaMvelinqangi ngemilomo yabo kepha uMvelinqangi angeke avumele lutho ngaphandle kokupheleliswa kokukhanya kwakhe yize noma ngabe bengakuthandi lokho abangakholwayo
هُوَ الَّذِي أَرْسَلَ رَسُولَهُ بِالْهُدَىٰ وَدِينِ الْحَقِّ لِيُظْهِرَهُ عَلَى الدِّينِ كُلِّهِ وَلَوْ كَرِهَ الْمُشْرِكُونَ (33)
(UMvelinqangi) nguyena owathumela isithunywa sakhe nokuhola (okuyiqiniso) nenkolo yeqiniso (i-Islam ukuzinikela ngaphansi kwentando kaMvelinqangi) ukuze idlule zonke izinkolo noma ngabe bengakuthandi lokho abakhonzi bezithixo
۞ يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا إِنَّ كَثِيرًا مِّنَ الْأَحْبَارِ وَالرُّهْبَانِ لَيَأْكُلُونَ أَمْوَالَ النَّاسِ بِالْبَاطِلِ وَيَصُدُّونَ عَن سَبِيلِ اللَّهِ ۗ وَالَّذِينَ يَكْنِزُونَ الذَّهَبَ وَالْفِضَّةَ وَلَا يُنفِقُونَهَا فِي سَبِيلِ اللَّهِ فَبَشِّرْهُم بِعَذَابٍ أَلِيمٍ (34)
Oh nina enikholwayo! ngempela baningi abangama-Rabbi (izifundiswa) nama-Monk (amaRoma angaganiwe) ahlala esigodlweni abadla ingcebo yabantu ngokungemthetho futhi bevimbela (abantu) endleleni kaMvelinqangi kanye nalabo abaqongelela igolide nesiliva bengalisebenzisa endleleni kaMvelinqangi ngakho-ke batshene ngesijeziso esibuhlungu
يَوْمَ يُحْمَىٰ عَلَيْهَا فِي نَارِ جَهَنَّمَ فَتُكْوَىٰ بِهَا جِبَاهُهُمْ وَجُنُوبُهُمْ وَظُهُورُهُمْ ۖ هَٰذَا مَا كَنَزْتُمْ لِأَنفُسِكُمْ فَذُوقُوا مَا كُنتُمْ تَكْنِزُونَ (35)
Ngosuku lapho kuyoshiswa khona emlilweni wesihogo (konke lokho ababengakusebenzisi endleleni kaMvelinqangi) bese kushiswa ngakho iziphongo zabo nezinhlangothi zabo nemihlaneyabo, (kuyothiwa) “ilokhu imiphefumulo yenu eyakuqoqela ndawonye ngakho-ke yizwani lokho enanikuqoqela ndawonye
إِنَّ عِدَّةَ الشُّهُورِ عِندَ اللَّهِ اثْنَا عَشَرَ شَهْرًا فِي كِتَابِ اللَّهِ يَوْمَ خَلَقَ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضَ مِنْهَا أَرْبَعَةٌ حُرُمٌ ۚ ذَٰلِكَ الدِّينُ الْقَيِّمُ ۚ فَلَا تَظْلِمُوا فِيهِنَّ أَنفُسَكُمْ ۚ وَقَاتِلُوا الْمُشْرِكِينَ كَافَّةً كَمَا يُقَاتِلُونَكُمْ كَافَّةً ۚ وَاعْلَمُوا أَنَّ اللَّهَ مَعَ الْمُتَّقِينَ (36)
Ngempela isibalo sezinyanga kuMvelinqangi izinyanga eziyishumi nambili (onyakeni) kuyisinqumo sikaMvelinqangi (kusukela) ngosuku edala amazulu nomhlaba, kuzona (lezizinyanga) ezine zingcwele, leyo inkolo elungileyo ngakho-ke ningenzi ukuthi imiphefumulo yenu yenze okungenabulungiswa kuzona futhi yilwani nabakhonzi bezithixo nonke njengoba belwa nani bonke futhi yazini ukuthi uMvelinqangi ukanye nabalungileyo
إِنَّمَا النَّسِيءُ زِيَادَةٌ فِي الْكُفْرِ ۖ يُضَلُّ بِهِ الَّذِينَ كَفَرُوا يُحِلُّونَهُ عَامًا وَيُحَرِّمُونَهُ عَامًا لِّيُوَاطِئُوا عِدَّةَ مَا حَرَّمَ اللَّهُ فَيُحِلُّوا مَا حَرَّمَ اللَّهُ ۚ زُيِّنَ لَهُمْ سُوءُ أَعْمَالِهِمْ ۗ وَاللَّهُ لَا يَهْدِي الْقَوْمَ الْكَافِرِينَ (37)
Ukuhlehlisa (inyanga engcwele) ngempela kungukunezezela ekungakholweni okudukiswa ngakho labo abangakholwayo bakwenza kube semthethweni (ukuyihlehlisa inyanga engcwele ngomunye) unyaka ukuze kuvumelane (nesibalo sezinyanga) azenza zaba ngcwele uMvelinqangi ngakho-ke bakwenza kwaba semthethweni lokho akwenqabela uMvelinqangi, yenziwa yabukeka kubona imihle imisebenzi yabo emibi futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abangakholwayo
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا مَا لَكُمْ إِذَا قِيلَ لَكُمُ انفِرُوا فِي سَبِيلِ اللَّهِ اثَّاقَلْتُمْ إِلَى الْأَرْضِ ۚ أَرَضِيتُم بِالْحَيَاةِ الدُّنْيَا مِنَ الْآخِرَةِ ۚ فَمَا مَتَاعُ الْحَيَاةِ الدُّنْيَا فِي الْآخِرَةِ إِلَّا قَلِيلٌ (38)
Oh nina enikholwayo! kwenzekani kunina, uma kuthiwa kunina “hambani endleleni kaMvelinqangi (i-Jihad) aninyakazi ezweni nijabuliswa impilo yalomhlaba kunempilo ezayo na? Ngakho-ke injabulo yempilo yalomhlaba yincane kuneyempilo ezayo
إِلَّا تَنفِرُوا يُعَذِّبْكُمْ عَذَابًا أَلِيمًا وَيَسْتَبْدِلْ قَوْمًا غَيْرَكُمْ وَلَا تَضُرُّوهُ شَيْئًا ۗ وَاللَّهُ عَلَىٰ كُلِّ شَيْءٍ قَدِيرٌ (39)
Uma ningayi phambili (ningahambi endleleni kaMvelinqangi) uzonijezisa ngesijeziso esibuhlungu bese enishintsha ngabanye abantu futhi angeke nimlimaze ngalutho futhi uMvelinqangi unamandla ngaphezu kwezinto zonke
إِلَّا تَنصُرُوهُ فَقَدْ نَصَرَهُ اللَّهُ إِذْ أَخْرَجَهُ الَّذِينَ كَفَرُوا ثَانِيَ اثْنَيْنِ إِذْ هُمَا فِي الْغَارِ إِذْ يَقُولُ لِصَاحِبِهِ لَا تَحْزَنْ إِنَّ اللَّهَ مَعَنَا ۖ فَأَنزَلَ اللَّهُ سَكِينَتَهُ عَلَيْهِ وَأَيَّدَهُ بِجُنُودٍ لَّمْ تَرَوْهَا وَجَعَلَ كَلِمَةَ الَّذِينَ كَفَرُوا السُّفْلَىٰ ۗ وَكَلِمَةُ اللَّهِ هِيَ الْعُلْيَا ۗ وَاللَّهُ عَزِيزٌ حَكِيمٌ (40)
Uma ningamlekeleli (uMphrofethi) umlekelele uMvelinqangi ngenkathi bemgxosha labo abangakholwayo waba ngomunye wababili ngenkathi bobabili besemgedeni ngenkathi (oyedwa wabo) ethi komngane wakhe (Abubaker) “ungaphatheki kabi ngempela uMvelinqangi ukanye nathi” ngakho-ke uMvelinqangi wehlisela phansi ukuthula kwakhe kuyena futhi (uMvelinqangi) wameseka ngamasosha (amabutho) eningakaze niwabone futhi wenza ukuthi izwi lalabo abangakholwayo laba phansi, wenza izwi likaMvelinqangi laba ngeliphezulu futhi uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani
انفِرُوا خِفَافًا وَثِقَالًا وَجَاهِدُوا بِأَمْوَالِكُمْ وَأَنفُسِكُمْ فِي سَبِيلِ اللَّهِ ۚ ذَٰلِكُمْ خَيْرٌ لَّكُمْ إِن كُنتُمْ تَعْلَمُونَ (41)
Hambani nilula (niphilile futhi ninothile) noma nihambe nisinda (nigula futhi nimpofu), nizabalaze kanzima ngengcebo yenu nangemiphefumulo yenu endleleni kaMvelinqangi lokhu kungcono kunina uma kungukuthi nina benazi
لَوْ كَانَ عَرَضًا قَرِيبًا وَسَفَرًا قَاصِدًا لَّاتَّبَعُوكَ وَلَٰكِن بَعُدَتْ عَلَيْهِمُ الشُّقَّةُ ۚ وَسَيَحْلِفُونَ بِاللَّهِ لَوِ اسْتَطَعْنَا لَخَرَجْنَا مَعَكُمْ يُهْلِكُونَ أَنفُسَهُمْ وَاللَّهُ يَعْلَمُ إِنَّهُمْ لَكَاذِبُونَ (42)
Uma kungukuthi kuyinzuzo eseduze nohambo olulula ngempela babezokulandela kepha indlela yayiyinde kubona futhi bazofunga ngoMvelinqangi bathi “ukube sasingakwazi sasizohamba kanye nani” babhubhisa imiphefumulo yabo futhi uMvelinqangi uyazi ukuthi ngempela bona bangabaqambi bamanga
عَفَا اللَّهُ عَنكَ لِمَ أَذِنتَ لَهُمْ حَتَّىٰ يَتَبَيَّنَ لَكَ الَّذِينَ صَدَقُوا وَتَعْلَمَ الْكَاذِبِينَ (43)
UMvelinqangi wakuthethelela, kungani wabavumela kuze kube bavela obala kuwena labo abakhuluma iqiniso futhi uyabazi abangabaqambi bamanga na
لَا يَسْتَأْذِنُكَ الَّذِينَ يُؤْمِنُونَ بِاللَّهِ وَالْيَوْمِ الْآخِرِ أَن يُجَاهِدُوا بِأَمْوَالِهِمْ وَأَنفُسِهِمْ ۗ وَاللَّهُ عَلِيمٌ بِالْمُتَّقِينَ (44)
Abayiceli kuwena imvume labo abakholwayo kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina ukuthi bazabalaze (endleleni kaMvelinqangi) ngengcebo yabo nangemiphefumulo yabo futhi uMvelinqangi uyisazi ngabalungileyo
إِنَّمَا يَسْتَأْذِنُكَ الَّذِينَ لَا يُؤْمِنُونَ بِاللَّهِ وَالْيَوْمِ الْآخِرِ وَارْتَابَتْ قُلُوبُهُمْ فَهُمْ فِي رَيْبِهِمْ يَتَرَدَّدُونَ (45)
Ilabo kuphela abangakholwayo kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina abacela imvumo kuwena futhi izinhliziyo zabo zisekungabazeni ngakho-ke bona bayanqikaza ekungabazeni kwabo
۞ وَلَوْ أَرَادُوا الْخُرُوجَ لَأَعَدُّوا لَهُ عُدَّةً وَلَٰكِن كَرِهَ اللَّهُ انبِعَاثَهُمْ فَثَبَّطَهُمْ وَقِيلَ اقْعُدُوا مَعَ الْقَاعِدِينَ (46)
Futhi uma babefuna ukuphuma (bazabalaze endleleni kaMvelinqangi) ngempela babezokwenzela amalungiselelo kepha uMvelinqangi akakuthandanga ukuthunywa kwabo ngakho-ke wabenza basalela ngemumva futhi kwathiwa (kubona) hlalani kanye nabahleli
لَوْ خَرَجُوا فِيكُم مَّا زَادُوكُمْ إِلَّا خَبَالًا وَلَأَوْضَعُوا خِلَالَكُمْ يَبْغُونَكُمُ الْفِتْنَةَ وَفِيكُمْ سَمَّاعُونَ لَهُمْ ۗ وَاللَّهُ عَلِيمٌ بِالظَّالِمِينَ (47)
Ukube babehambile kanye nani babengeke baninezezele ngalutho ngaphandle kwesiphithiphithi futhi bajahe ukwenza uqhekeko phakathi kwenu futhi phakathi kwenu kunalabo ababezobalalela, futhi uMvelinqangi uyazazi izoni
لَقَدِ ابْتَغَوُا الْفِتْنَةَ مِن قَبْلُ وَقَلَّبُوا لَكَ الْأُمُورَ حَتَّىٰ جَاءَ الْحَقُّ وَظَهَرَ أَمْرُ اللَّهِ وَهُمْ كَارِهُونَ (48)
Ngempela babefuna ukwenza uqhekeko ngaphambilini futhi bahlanekezela izindaba ngawe kwaze kwafika iqiniso futhi kwavela nempoqo kaMvelinqangi futhi bona babengakuthandi (lokhu)
وَمِنْهُم مَّن يَقُولُ ائْذَن لِّي وَلَا تَفْتِنِّي ۚ أَلَا فِي الْفِتْنَةِ سَقَطُوا ۗ وَإِنَّ جَهَنَّمَ لَمُحِيطَةٌ بِالْكَافِرِينَ (49)
Futhi phakathi kwabo kunalowo muntu othi, “ngivumele (ngisalele ngemumva ngingayi kozabalaza endleleni kaMvelinqangi) ungangilingi kepha sebewele ekulingweni futhi ngempela isihogo sibazungelezile abangakholwayo
إِن تُصِبْكَ حَسَنَةٌ تَسُؤْهُمْ ۖ وَإِن تُصِبْكَ مُصِيبَةٌ يَقُولُوا قَدْ أَخَذْنَا أَمْرَنَا مِن قَبْلُ وَيَتَوَلَّوا وَّهُمْ فَرِحُونَ (50)
Uma wehlelwa okuhle bayakhathazeka futhi uma wehlelwa okubi bathi “ngempela saluthatha udaba lwethu (saqaphela) ngaphambilini bese bephendukela emumva bejabulile”
قُل لَّن يُصِيبَنَا إِلَّا مَا كَتَبَ اللَّهُ لَنَا هُوَ مَوْلَانَا ۚ وَعَلَى اللَّهِ فَلْيَتَوَكَّلِ الْمُؤْمِنُونَ (51)
Ithi, “ayikho into eyosehlela ngaphandle kwalokho uMvelinqangi asibekele kona yena ungumvikeli wethu, futhi ikuMvelinqangi lapho bebeka khona ithemba abakholwayo”
قُلْ هَلْ تَرَبَّصُونَ بِنَا إِلَّا إِحْدَى الْحُسْنَيَيْنِ ۖ وَنَحْنُ نَتَرَبَّصُ بِكُمْ أَن يُصِيبَكُمُ اللَّهُ بِعَذَابٍ مِّنْ عِندِهِ أَوْ بِأَيْدِينَا ۖ فَتَرَبَّصُوا إِنَّا مَعَكُم مُّتَرَبِّصُونَ (52)
Ithi ngakube nisilindelele okukodwa ezintweni ezimbili ezinhle na? Futhi nathi sinilindelele ukuthi uMvelinqangi anihlisele isijeziso esivela kuyena uqobo noma (anehlisele isijeziso) ngezandla zethu ngakho-ke lindani ngempela nathi sikanye nani ekulindeni
قُلْ أَنفِقُوا طَوْعًا أَوْ كَرْهًا لَّن يُتَقَبَّلَ مِنكُمْ ۖ إِنَّكُمْ كُنتُمْ قَوْمًا فَاسِقِينَ (53)
Ithi, “chithani (ingcebo yenu) nithanda noma ningathandi ayisoze yemukeleka kunina ngempela nina ningabantu abephula umthetho.”
وَمَا مَنَعَهُمْ أَن تُقْبَلَ مِنْهُمْ نَفَقَاتُهُمْ إِلَّا أَنَّهُمْ كَفَرُوا بِاللَّهِ وَبِرَسُولِهِ وَلَا يَأْتُونَ الصَّلَاةَ إِلَّا وَهُمْ كُسَالَىٰ وَلَا يُنفِقُونَ إِلَّا وَهُمْ كَارِهُونَ (54)
Futhi akukho lutho olubavimbayo ukuthi yamukeleke kubona iminikelo yabo ngaphandle kokuthi bona abakholwanga kuMvelinqangi nasesithunyweni sakhe futhi abayenzi imithandazo ngaphandle kokuyenza ngobuvila futhi abanikeli (ngengcebo yabo) kepha (banikela ngayo) bengathandi
فَلَا تُعْجِبْكَ أَمْوَالُهُمْ وَلَا أَوْلَادُهُمْ ۚ إِنَّمَا يُرِيدُ اللَّهُ لِيُعَذِّبَهُم بِهَا فِي الْحَيَاةِ الدُّنْيَا وَتَزْهَقَ أَنفُسُهُمْ وَهُمْ كَافِرُونَ (55)
Ngakho-ke mawungajabuliswa ingcebo yabo noma izingane zabo, kuphela uMvelinqangi ufuna ukubajezisa ngakho empilweni yakulomhlaba nokuthi imiphefumulo yabo iphume (bafe) bengakholwa
وَيَحْلِفُونَ بِاللَّهِ إِنَّهُمْ لَمِنكُمْ وَمَا هُم مِّنكُمْ وَلَٰكِنَّهُمْ قَوْمٌ يَفْرَقُونَ (56)
Futhi bafunga ngoMvelinqangi ukuthi ngempela bona baphuma phakathi kwenu kulapho bengaphumi phakathi kwenu kepha bona bangabantu (abangabazenzisi) abesaba (ukuthi ningase nibabulale)
لَوْ يَجِدُونَ مَلْجَأً أَوْ مَغَارَاتٍ أَوْ مُدَّخَلًا لَّوَلَّوْا إِلَيْهِ وَهُمْ يَجْمَحُونَ (57)
Ukube babengase bathole indawo yokukhosela noma imigede noma indawo yokungena babezojika bangene khona bebaleka ngokushesha
وَمِنْهُم مَّن يَلْمِزُكَ فِي الصَّدَقَاتِ فَإِنْ أُعْطُوا مِنْهَا رَضُوا وَإِن لَّمْ يُعْطَوْا مِنْهَا إِذَا هُمْ يَسْخَطُونَ (58)
Futhi phakathi kwabo kunalabo abakusolayo mayelana nokukhishwakweziphoumabephiwekuzonabayajabulakepha uma bengaphiwanga kuzona kulapho bona bethukuthela
وَلَوْ أَنَّهُمْ رَضُوا مَا آتَاهُمُ اللَّهُ وَرَسُولُهُ وَقَالُوا حَسْبُنَا اللَّهُ سَيُؤْتِينَا اللَّهُ مِن فَضْلِهِ وَرَسُولُهُ إِنَّا إِلَى اللَّهِ رَاغِبُونَ (59)
Futhi ukube bona babekujabulela lokho ayebanike kona uMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi bathi “usanele uMvelinqangi uzosipha uMvelinqangi emseni wakhe nesithunywa sakhe ngempela thina ikuMvelinqangi lapho sithanda khona
۞ إِنَّمَا الصَّدَقَاتُ لِلْفُقَرَاءِ وَالْمَسَاكِينِ وَالْعَامِلِينَ عَلَيْهَا وَالْمُؤَلَّفَةِ قُلُوبُهُمْ وَفِي الرِّقَابِ وَالْغَارِمِينَ وَفِي سَبِيلِ اللَّهِ وَابْنِ السَّبِيلِ ۖ فَرِيضَةً مِّنَ اللَّهِ ۗ وَاللَّهُ عَلِيمٌ حَكِيمٌ (60)
Ngempela umnikelo (izakaah) eyabampofu nabasweleyo, nalabo abaqashelwe ukuba bayiqoqe (izakaah) neyokuhlanganisa izinhliziyo zabo ndawonye (zihlanganiselwa i-Islam) neyokukhulula abaphangwe (empini noma izigqila) neyabakweletayo nokuyisebenzisa endleleni kaMvelinqangi neyesihambi, (izakaah eyalabo) kuphela, isinqumo esivela kuMvelinqangi futhi uMvelinqangi unolwazi unobuhlakani
وَمِنْهُمُ الَّذِينَ يُؤْذُونَ النَّبِيَّ وَيَقُولُونَ هُوَ أُذُنٌ ۚ قُلْ أُذُنُ خَيْرٍ لَّكُمْ يُؤْمِنُ بِاللَّهِ وَيُؤْمِنُ لِلْمُؤْمِنِينَ وَرَحْمَةٌ لِّلَّذِينَ آمَنُوا مِنكُمْ ۚ وَالَّذِينَ يُؤْذُونَ رَسُولَ اللَّهِ لَهُمْ عَذَابٌ أَلِيمٌ (61)
Futhi phakathi kwabo kunalabo abahlupha uMphrofethi futhi bathi “yena uyindlebe” (ulalela zonke izindaba) ithi uyindlebe (ungumlaleli wezindaba) ezinhle zenu ukholwa kuMvelinqangi futhi ukholwa ngabakholwayo nomusa kulabo abakholwayo phakathi kwenu futhi labo abahlupha isithunywa sikaMvelinqangi okwabo isijeziso esibuhlungu
يَحْلِفُونَ بِاللَّهِ لَكُمْ لِيُرْضُوكُمْ وَاللَّهُ وَرَسُولُهُ أَحَقُّ أَن يُرْضُوهُ إِن كَانُوا مُؤْمِنِينَ (62)
Bafunga ngoMvelinqangi kunina ukuze banijabulise futhi uMvelinqangi nesithunywa sakhe ekufaneleke kakhulu ukuthi bajatshuliswe uma (labo abafungayo) bengabakholiweyo
أَلَمْ يَعْلَمُوا أَنَّهُ مَن يُحَادِدِ اللَّهَ وَرَسُولَهُ فَأَنَّ لَهُ نَارَ جَهَنَّمَ خَالِدًا فِيهَا ۚ ذَٰلِكَ الْخِزْيُ الْعَظِيمُ (63)
Abazi yini ukuthi noma ngabe ubani ophikisa uMvelinqangi nesithunywa sakhe ukuthi okwakhe umlilo wesihogo uyohlala khona ingunaphakade lokho ihlazo elikhulu
يَحْذَرُ الْمُنَافِقُونَ أَن تُنَزَّلَ عَلَيْهِمْ سُورَةٌ تُنَبِّئُهُم بِمَا فِي قُلُوبِهِمْ ۚ قُلِ اسْتَهْزِئُوا إِنَّ اللَّهَ مُخْرِجٌ مَّا تَحْذَرُونَ (64)
Abazenzisi bayesaba ukuthi hleze kwembulwe isahluko mayelana nabo sibatshela ngalokho okusezinhliziyweni zabo, Ithi, “enzani inhlekisa ngempela uMvelinqangi ungumvezi walokho enikusabayo”
وَلَئِن سَأَلْتَهُمْ لَيَقُولُنَّ إِنَّمَا كُنَّا نَخُوضُ وَنَلْعَبُ ۚ قُلْ أَبِاللَّهِ وَآيَاتِهِ وَرَسُولِهِ كُنتُمْ تَسْتَهْزِئُونَ (65)
Futhi uma ubabuza ngempela bayothi “sasizikhulumela nje futhi sizidlalela” ithi “ngakube uMvelinqangi namavesi akhe nesithunywa sakhe enanenza ngabo inhlekisa.”
لَا تَعْتَذِرُوا قَدْ كَفَرْتُم بَعْدَ إِيمَانِكُمْ ۚ إِن نَّعْفُ عَن طَائِفَةٍ مِّنكُمْ نُعَذِّبْ طَائِفَةً بِأَنَّهُمْ كَانُوا مُجْرِمِينَ (66)
Ningenzi sizathu, ngempela naphika ukholo emva kokukholwa kwenu uma sithethelela iqembu lenu sizojezisa iqembu ngenxa yokuthi bona babeyizigebengu (beyizoni)
الْمُنَافِقُونَ وَالْمُنَافِقَاتُ بَعْضُهُم مِّن بَعْضٍ ۚ يَأْمُرُونَ بِالْمُنكَرِ وَيَنْهَوْنَ عَنِ الْمَعْرُوفِ وَيَقْبِضُونَ أَيْدِيَهُمْ ۚ نَسُوا اللَّهَ فَنَسِيَهُمْ ۗ إِنَّ الْمُنَافِقِينَ هُمُ الْفَاسِقُونَ (67)
Abazenzisi besilisa nabesifazane bangabanye babanye bagqugquzela (abantu) ngokwenza okubi babanqabele ekwenzeni okuhle futhi bagodle izandla zabo bakhohlwa nguMvelinqangi ngakho-ke (naye) wabakhohlwa ngempela abazenzisi bangabephuli bomthetho (abahloniphi)
وَعَدَ اللَّهُ الْمُنَافِقِينَ وَالْمُنَافِقَاتِ وَالْكُفَّارَ نَارَ جَهَنَّمَ خَالِدِينَ فِيهَا ۚ هِيَ حَسْبُهُمْ ۚ وَلَعَنَهُمُ اللَّهُ ۖ وَلَهُمْ عَذَابٌ مُّقِيمٌ (68)
UMvelinqangi wathembisa abazenzisi besilisa nabesifazane nabangakholwayo umlilo wesihogo bayohlala kuwona ingunaphakade wona ubanele futhi wabaqalekisa uMvelinqangi futhi okwabo isijeziso esingapheliyo
كَالَّذِينَ مِن قَبْلِكُمْ كَانُوا أَشَدَّ مِنكُمْ قُوَّةً وَأَكْثَرَ أَمْوَالًا وَأَوْلَادًا فَاسْتَمْتَعُوا بِخَلَاقِهِمْ فَاسْتَمْتَعْتُم بِخَلَاقِكُمْ كَمَا اسْتَمْتَعَ الَّذِينَ مِن قَبْلِكُم بِخَلَاقِهِمْ وَخُضْتُمْ كَالَّذِي خَاضُوا ۚ أُولَٰئِكَ حَبِطَتْ أَعْمَالُهُمْ فِي الدُّنْيَا وَالْآخِرَةِ ۖ وَأُولَٰئِكَ هُمُ الْخَاسِرُونَ (69)
Njengalabo ababengaphambilini kwenu babenamandla ngaphezu kwenu futhi benengcebo eningi nezingane ngakho-ke bazithokozisa ngengxenye yabo nani zithokoziseni ngengxenye yenu njengoba bazithokozisa labo ababengaphambilini kwenu ngengxenye yabo futhi bezitika ngezinkulumo ezingenamsebenzi njengalabo ababezitika ngezinkulumo ezingenamsebenzi labo-ke imisebenzi yabo yaba ize leze kulomhlaba nasemhlabeni ozayo, yibona kanye labo abalahlekelweyo
أَلَمْ يَأْتِهِمْ نَبَأُ الَّذِينَ مِن قَبْلِهِمْ قَوْمِ نُوحٍ وَعَادٍ وَثَمُودَ وَقَوْمِ إِبْرَاهِيمَ وَأَصْحَابِ مَدْيَنَ وَالْمُؤْتَفِكَاتِ ۚ أَتَتْهُمْ رُسُلُهُم بِالْبَيِّنَاتِ ۖ فَمَا كَانَ اللَّهُ لِيَظْلِمَهُمْ وَلَٰكِن كَانُوا أَنفُسَهُمْ يَظْلِمُونَ (70)
Ngakube ayizange yini ifike kubona indaba yalabo ababengaphambilini kwabo yabantu bakaNowa no-A’d noThamud neyabantu baka-Ibrahim neyezakhamuzi zaseMadyan namadolobha abhubhileyo na? Zafika kubona izithunywa zabo nobufakazi obucacile, kwakungesiyena uMvelinqangi owona (imiphefumulo yabo) kepha imiphefumulo yabo eyazona yona
وَالْمُؤْمِنُونَ وَالْمُؤْمِنَاتُ بَعْضُهُمْ أَوْلِيَاءُ بَعْضٍ ۚ يَأْمُرُونَ بِالْمَعْرُوفِ وَيَنْهَوْنَ عَنِ الْمُنكَرِ وَيُقِيمُونَ الصَّلَاةَ وَيُؤْتُونَ الزَّكَاةَ وَيُطِيعُونَ اللَّهَ وَرَسُولَهُ ۚ أُولَٰئِكَ سَيَرْحَمُهُمُ اللَّهُ ۗ إِنَّ اللَّهَ عَزِيزٌ حَكِيمٌ (71)
Futhi abakholwayo besilisa nabakholwayo besifazane abanye babo bangabangane babanye bagqugquzela ngokwenza okuhle banqabela okubi futhi benza imithandazo futhi bakhokha izakaah bahlonipha uMvelinqangi nesithunywa sakhe, labo uMvelinqangi uyoba nomusa kubona ngempela uMvelinqangi uphakeme ngamandla unobuhlakani
وَعَدَ اللَّهُ الْمُؤْمِنِينَ وَالْمُؤْمِنَاتِ جَنَّاتٍ تَجْرِي مِن تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ خَالِدِينَ فِيهَا وَمَسَاكِنَ طَيِّبَةً فِي جَنَّاتِ عَدْنٍ ۚ وَرِضْوَانٌ مِّنَ اللَّهِ أَكْبَرُ ۚ ذَٰلِكَ هُوَ الْفَوْزُ الْعَظِيمُ (72)
UMvelinqangi wathembisa abakholwayo besilisa nabakholwayo besifazane izivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula bayohlala khona ingunaphakade nezindawo zokuhlala ezinhle ezivandeni zase – Eden nenjabulo evela kuMvelinqangi inkulu kakhulu, lokho kuyimpumelelo enkulu
يَا أَيُّهَا النَّبِيُّ جَاهِدِ الْكُفَّارَ وَالْمُنَافِقِينَ وَاغْلُظْ عَلَيْهِمْ ۚ وَمَأْوَاهُمْ جَهَنَّمُ ۖ وَبِئْسَ الْمَصِيرُ (73)
Oh Mphrofethi! zabalaza kanzima maqondana nabangakholwayo nabazenzisi, ubenzima kubona futhi indawo yabo yokuhlala isihogo sibi leso siphetho
يَحْلِفُونَ بِاللَّهِ مَا قَالُوا وَلَقَدْ قَالُوا كَلِمَةَ الْكُفْرِ وَكَفَرُوا بَعْدَ إِسْلَامِهِمْ وَهَمُّوا بِمَا لَمْ يَنَالُوا ۚ وَمَا نَقَمُوا إِلَّا أَنْ أَغْنَاهُمُ اللَّهُ وَرَسُولُهُ مِن فَضْلِهِ ۚ فَإِن يَتُوبُوا يَكُ خَيْرًا لَّهُمْ ۖ وَإِن يَتَوَلَّوْا يُعَذِّبْهُمُ اللَّهُ عَذَابًا أَلِيمًا فِي الدُّنْيَا وَالْآخِرَةِ ۚ وَمَا لَهُمْ فِي الْأَرْضِ مِن وَلِيٍّ وَلَا نَصِيرٍ (74)
BafungangoMvelinqangiukuthiabazangebasholuthokulapho ngempela balisho izwi lokungakholwa, nokungakholwa emva kokuba sebamukela i-Islam futhi benza amacebo ngalokho angeke bakwazi ukukuzuza, babengacasulwa ukungazitholi ezinye izindlela zokwenza lokho ngaphandle kokuthi uMvelinqangi nesithunywa sakhe ubanothisile ngomusa wakhe ngakho-ke uma bezisola lokho kuyoba ngcono kubona kepha uma bephendukela emumva uMvelinqangi uyobajezisa ngesijeziso esibuhlungu lapha emhlabeni nakwelizayo futhi kulomhlaba abayikuba namvikeli futhi abayikuba namsizi
۞ وَمِنْهُم مَّنْ عَاهَدَ اللَّهَ لَئِنْ آتَانَا مِن فَضْلِهِ لَنَصَّدَّقَنَّ وَلَنَكُونَنَّ مِنَ الصَّالِحِينَ (75)
Futhi phakathi kwabo kunalabo abenza isivumelwano noMvelinqangi (bathi) uma engasipha emseni wakhe ngempela besizoyikhokha isadaqah (isipho) futhi ngempela besizoba ngabalungileyo
فَلَمَّا آتَاهُم مِّن فَضْلِهِ بَخِلُوا بِهِ وَتَوَلَّوا وَّهُم مُّعْرِضُونَ (76)
Kepha kwathi uma esebaphile emseni wakhe baphenduka abancishanayo ngawo futhi bafulathela bengathandi (ukukwenza lokho)
فَأَعْقَبَهُمْ نِفَاقًا فِي قُلُوبِهِمْ إِلَىٰ يَوْمِ يَلْقَوْنَهُ بِمَا أَخْلَفُوا اللَّهَ مَا وَعَدُوهُ وَبِمَا كَانُوا يَكْذِبُونَ (77)
Ngakho-ke wabajezisa ngokufaka ukuzenzisa ezinhliziyweni zabo kuze kube usuku lapho beyohlangana khona naye, ngenxa yokuphula isithembiso sikaMvelinqangi ababemthembise sona futhi (uyobajezisa) ngenxa yokuthi babeqamba amanga
أَلَمْ يَعْلَمُوا أَنَّ اللَّهَ يَعْلَمُ سِرَّهُمْ وَنَجْوَاهُمْ وَأَنَّ اللَّهَ عَلَّامُ الْغُيُوبِ (78)
Ngakube abazi yini ukuthi uMvelinqangi uyazazi izimfihlo zabo nokuhlangana kwabo kwangasese nokuthi uMvelinqangi uyisazi ngezinto ezingabonwayo na
الَّذِينَ يَلْمِزُونَ الْمُطَّوِّعِينَ مِنَ الْمُؤْمِنِينَ فِي الصَّدَقَاتِ وَالَّذِينَ لَا يَجِدُونَ إِلَّا جُهْدَهُمْ فَيَسْخَرُونَ مِنْهُمْ ۙ سَخِرَ اللَّهُ مِنْهُمْ وَلَهُمْ عَذَابٌ أَلِيمٌ (79)
Labo abahleba ngalabo abakholwayo abanikelayo ngokuzithandela kanye nalabo abangakwazi ukuthola izindlela zokunikela (abangenalutho lokunikela) ngaphandle (kokukuthola) ngokuzabalaza kwabo kanzima ngakho-ke babenza inhlekisa, uMvelinqangi uyobenza inhlekisa futhi okwabo isijeziso esibuhlungu
اسْتَغْفِرْ لَهُمْ أَوْ لَا تَسْتَغْفِرْ لَهُمْ إِن تَسْتَغْفِرْ لَهُمْ سَبْعِينَ مَرَّةً فَلَن يَغْفِرَ اللَّهُ لَهُمْ ۚ ذَٰلِكَ بِأَنَّهُمْ كَفَرُوا بِاللَّهِ وَرَسُولِهِ ۗ وَاللَّهُ لَا يَهْدِي الْقَوْمَ الْفَاسِقِينَ (80)
(Oh Muhammad!) bacelele intethelelo noma ungabaceleli intethelelo, uma ubacelela intethelelo izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa ngakho-ke uMvelinqangi akasoze wabathethelela lokho kungenxa yokuthi bona babengakholwa kuMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abephula umthetho (abangahloniphi)
فَرِحَ الْمُخَلَّفُونَ بِمَقْعَدِهِمْ خِلَافَ رَسُولِ اللَّهِ وَكَرِهُوا أَن يُجَاهِدُوا بِأَمْوَالِهِمْ وَأَنفُسِهِمْ فِي سَبِيلِ اللَّهِ وَقَالُوا لَا تَنفِرُوا فِي الْحَرِّ ۗ قُلْ نَارُ جَهَنَّمَ أَشَدُّ حَرًّا ۚ لَّوْ كَانُوا يَفْقَهُونَ (81)
Bajabula labo ababesalele ngemumva ngokusalela ngemumva kwabo kwesithunywa sikaMvelinqangi futhi babengakuthandi ukuzabalaza kanzima ngengcebo yabo nangemiphefumulo yabo endleleni kaMvelinqangi futhi bathi, “ningayi ekushiseni” ithi “umlilo wesihogo ushisa kakhulu ukube babekuqonda (lokho)”
فَلْيَضْحَكُوا قَلِيلًا وَلْيَبْكُوا كَثِيرًا جَزَاءً بِمَا كَانُوا يَكْسِبُونَ (82)
Ngakho-ke mabahleke kancane (okwesikhashana) kepha bakhale kakhulu, (lokho) kungumvuzo walokho ababekwenza
فَإِن رَّجَعَكَ اللَّهُ إِلَىٰ طَائِفَةٍ مِّنْهُمْ فَاسْتَأْذَنُوكَ لِلْخُرُوجِ فَقُل لَّن تَخْرُجُوا مَعِيَ أَبَدًا وَلَن تُقَاتِلُوا مَعِيَ عَدُوًّا ۖ إِنَّكُمْ رَضِيتُم بِالْقُعُودِ أَوَّلَ مَرَّةٍ فَاقْعُدُوا مَعَ الْخَالِفِينَ (83)
Ngakho-ke uma uMvelinqangi ekubuyisela emumva eqenjini labo becela kuwena imvume ukuthi baphume (baye kolwa) ngakho-ke ithi, “(kubona) anisoze naphuma kanye nami futhi anisoze nalwa nesitha kanye nami, ngempela nina najabuliswa ukusalela ngemumva kokuqala ngakho-ke hlalani kanye nabasaleleyo ngemumva”
وَلَا تُصَلِّ عَلَىٰ أَحَدٍ مِّنْهُم مَّاتَ أَبَدًا وَلَا تَقُمْ عَلَىٰ قَبْرِهِ ۖ إِنَّهُمْ كَفَرُوا بِاللَّهِ وَرَسُولِهِ وَمَاتُوا وَهُمْ فَاسِقُونَ (84)
Futhi ungathandazeli ngisho nanoyedwa wabo uma efile futhi ungami engcwabeni lakhe ngempela bona baphika uMvelinqanginesithunywasakhefuthibonabafabengabaphuli bomthetho kaMvelinqangi
وَلَا تُعْجِبْكَ أَمْوَالُهُمْ وَأَوْلَادُهُمْ ۚ إِنَّمَا يُرِيدُ اللَّهُ أَن يُعَذِّبَهُم بِهَا فِي الدُّنْيَا وَتَزْهَقَ أَنفُسُهُمْ وَهُمْ كَافِرُونَ (85)
Futhi awungakumangalisi umcebo wabo nezingane zabo, kuphela uMvelinqangi uthanda ukubajezisa ngakho lapha emhlabeni nokuthi imiphefumulo yabo iphume (bafe) bengabangakholwayo
وَإِذَا أُنزِلَتْ سُورَةٌ أَنْ آمِنُوا بِاللَّهِ وَجَاهِدُوا مَعَ رَسُولِهِ اسْتَأْذَنَكَ أُولُو الطَّوْلِ مِنْهُمْ وَقَالُوا ذَرْنَا نَكُن مَّعَ الْقَاعِدِينَ (86)
Futhi uma kwembulwa isahluko ukuthi bakholwe kuMvelinqangi futhi bazabalaze kanzima kanye nesithunywa sakhe, labo ababenothile phakathi kwabo bacela imvume kuwena bathi, “sishiye ukuze sibe kanye nabaseleyo”
رَضُوا بِأَن يَكُونُوا مَعَ الْخَوَالِفِ وَطُبِعَ عَلَىٰ قُلُوبِهِمْ فَهُمْ لَا يَفْقَهُونَ (87)
Babethokoziswa ukuthi babe kanye nabasaleleyo (emakhaya abo) futhi izinhliziyo zabo zisicilelwe ukuze bangaqondi
لَٰكِنِ الرَّسُولُ وَالَّذِينَ آمَنُوا مَعَهُ جَاهَدُوا بِأَمْوَالِهِمْ وَأَنفُسِهِمْ ۚ وَأُولَٰئِكَ لَهُمُ الْخَيْرَاتُ ۖ وَأُولَٰئِكَ هُمُ الْمُفْلِحُونَ (88)
Kepha isithunywa nalabo abakholwayo kanye naso bazabalaza ngengcebo yabo nangemiphefumulo yabo labo-ke okwabo izinto ezinhle futhi labo yibona abangabaphumeleleyo
أَعَدَّ اللَّهُ لَهُمْ جَنَّاتٍ تَجْرِي مِن تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ خَالِدِينَ فِيهَا ۚ ذَٰلِكَ الْفَوْزُ الْعَظِيمُ (89)
UMvelinqangi wabalungiselela izivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula, bayohlala khona ingunaphakade lokho kungukuphumelela okukhulu
وَجَاءَ الْمُعَذِّرُونَ مِنَ الْأَعْرَابِ لِيُؤْذَنَ لَهُمْ وَقَعَدَ الَّذِينَ كَذَبُوا اللَّهَ وَرَسُولَهُ ۚ سَيُصِيبُ الَّذِينَ كَفَرُوا مِنْهُمْ عَذَابٌ أَلِيمٌ (90)
Futhi labo ababenza amazaba abaphuma phakathi kwalabo abahlala ogwadule (ama-Arab) beza ukuze bavunyelwe futhi basalela ngemumva behleli labo abaqamba amanga ngoMvelinqangi nesithunywa sakhe, labo abangakholwanga phakathi kwabo bayokwehliselwa isijeziso esibuhlungu
لَّيْسَ عَلَى الضُّعَفَاءِ وَلَا عَلَى الْمَرْضَىٰ وَلَا عَلَى الَّذِينَ لَا يَجِدُونَ مَا يُنفِقُونَ حَرَجٌ إِذَا نَصَحُوا لِلَّهِ وَرَسُولِهِ ۚ مَا عَلَى الْمُحْسِنِينَ مِن سَبِيلٍ ۚ وَاللَّهُ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (91)
Akunacala kulaba ababuthakathaka nakwabagulayo nakulabo abangenaluthoabangaluchitha(endlelenikaMvelinqangi) uma beqotho kuMvelinqangi nasesithunyweni sakhe, akunandlela abangasolwa ngayo abenzi bokuhle, futhi uMvelinqangi ungothethelelayo onesihawu
وَلَا عَلَى الَّذِينَ إِذَا مَا أَتَوْكَ لِتَحْمِلَهُمْ قُلْتَ لَا أَجِدُ مَا أَحْمِلُكُمْ عَلَيْهِ تَوَلَّوا وَّأَعْيُنُهُمْ تَفِيضُ مِنَ الدَّمْعِ حَزَنًا أَلَّا يَجِدُوا مَا يُنفِقُونَ (92)
Futhi (akunacala) kulabo okwathi ngenkathi beza kuwena ukuzeubagibelisewathi(kubona)“angikutholiokokunigibelisa kukona” baphindela emumva amehlo abo egcwele izinyembezi zosizi ukuthi bangatholi lutho abangalusebenzisa
۞ إِنَّمَا السَّبِيلُ عَلَى الَّذِينَ يَسْتَأْذِنُونَكَ وَهُمْ أَغْنِيَاءُ ۚ رَضُوا بِأَن يَكُونُوا مَعَ الْخَوَالِفِ وَطَبَعَ اللَّهُ عَلَىٰ قُلُوبِهِمْ فَهُمْ لَا يَعْلَمُونَ (93)
Kuphela indlela (yokusola) ibhekene nalabo abacela imvume kuwena (ukuthi basalele ngemumva emakhaya abo) kulapho bona benothile bakuthokozela ukuthi babe kanye nabasaleleyo emumva futhi uMvelinqangi wasicilela izinhliziyo zabo ngakho-ke bona abazi
يَعْتَذِرُونَ إِلَيْكُمْ إِذَا رَجَعْتُمْ إِلَيْهِمْ ۚ قُل لَّا تَعْتَذِرُوا لَن نُّؤْمِنَ لَكُمْ قَدْ نَبَّأَنَا اللَّهُ مِنْ أَخْبَارِكُمْ ۚ وَسَيَرَى اللَّهُ عَمَلَكُمْ وَرَسُولُهُ ثُمَّ تُرَدُّونَ إِلَىٰ عَالِمِ الْغَيْبِ وَالشَّهَادَةِ فَيُنَبِّئُكُم بِمَا كُنتُمْ تَعْمَلُونَ (94)
Bazokwenza izaba kunina uma seniphindele emumva kubona ithi, “musani ukwenza izaba asisoze sinikholwe uMvelinqangi usitshenile ezinye zezindaba zenu futhi uMvelinqangi nesithunywa sakhe bayoyibona imisebenzi yenu, niyobuyisela emumva esazini sokungabonwayo nokubonwayo bese sinitshela ngalokho enanikwenza
سَيَحْلِفُونَ بِاللَّهِ لَكُمْ إِذَا انقَلَبْتُمْ إِلَيْهِمْ لِتُعْرِضُوا عَنْهُمْ ۖ فَأَعْرِضُوا عَنْهُمْ ۖ إِنَّهُمْ رِجْسٌ ۖ وَمَأْوَاهُمْ جَهَنَّمُ جَزَاءً بِمَا كَانُوا يَكْسِبُونَ (95)
Bayofunga ngoMvelinqangi kunina uma senibuyele emumva kubona ukuze niqhelelane nabo ngakho-ke qhelelanani nabo ngempela bona bangcolile futhi indawo yabo yokuhlala yisihogo, inhlawulo ngenxa yalokho ababekuzuza (ababekwenza)
يَحْلِفُونَ لَكُمْ لِتَرْضَوْا عَنْهُمْ ۖ فَإِن تَرْضَوْا عَنْهُمْ فَإِنَّ اللَّهَ لَا يَرْضَىٰ عَنِ الْقَوْمِ الْفَاسِقِينَ (96)
Bafungakuninaukuzenibathokozelekephaumanibathokozela ngakho-ke ngempela uMvelinqangi akabathokozeli abantu abephula umthetho (abangahloniphi)
الْأَعْرَابُ أَشَدُّ كُفْرًا وَنِفَاقًا وَأَجْدَرُ أَلَّا يَعْلَمُوا حُدُودَ مَا أَنزَلَ اللَّهُ عَلَىٰ رَسُولِهِ ۗ وَاللَّهُ عَلِيمٌ حَكِيمٌ (97)
Abahlali basogwadule (ama-Arab) bangabangakholwa kakhulu nobuzenzisi obukhulu benza sengathi abazazi izinqumo ezambulwa nguMvelinqangi esithunyweni sakhe futhi uMvelinqangi uyazi unobuhlakani
وَمِنَ الْأَعْرَابِ مَن يَتَّخِذُ مَا يُنفِقُ مَغْرَمًا وَيَتَرَبَّصُ بِكُمُ الدَّوَائِرَ ۚ عَلَيْهِمْ دَائِرَةُ السَّوْءِ ۗ وَاللَّهُ سَمِيعٌ عَلِيمٌ (98)
Kulabo abahlala ogwadule (ama-Arab) kunalabo abathatha lokho abakusebenzisayo njengenhlawulo balindele ukuthi nehlelwe okubi, kuyokwehlela kubona okubi futhi uMvelinqangi uyezwa uyazi
وَمِنَ الْأَعْرَابِ مَن يُؤْمِنُ بِاللَّهِ وَالْيَوْمِ الْآخِرِ وَيَتَّخِذُ مَا يُنفِقُ قُرُبَاتٍ عِندَ اللَّهِ وَصَلَوَاتِ الرَّسُولِ ۚ أَلَا إِنَّهَا قُرْبَةٌ لَّهُمْ ۚ سَيُدْخِلُهُمُ اللَّهُ فِي رَحْمَتِهِ ۗ إِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (99)
Futhi phakathi kwabahlali basogwadule kunalabo abakholwa kuMvelinqangi nasosukwini lokugcina futhi bathatha lokho abakuchithayo (abaphana ngakho) njengezindlela zokusondela kuMvelinqangi nemithandazo yesithunywa, uma kungukuthi ngempela lezizindlela kubona zingezokusondela, uMvelinqangi uyobafaka emseni wakhe, ngempela uMvelinqangi uyathethelela unesihawu
وَالسَّابِقُونَ الْأَوَّلُونَ مِنَ الْمُهَاجِرِينَ وَالْأَنصَارِ وَالَّذِينَ اتَّبَعُوهُم بِإِحْسَانٍ رَّضِيَ اللَّهُ عَنْهُمْ وَرَضُوا عَنْهُ وَأَعَدَّ لَهُمْ جَنَّاتٍ تَجْرِي تَحْتَهَا الْأَنْهَارُ خَالِدِينَ فِيهَا أَبَدًا ۚ ذَٰلِكَ الْفَوْزُ الْعَظِيمُ (100)
Futhi ababengaphambilini bokuqala kwabafuduka (besuka eMakkah beya eMadina) nabasizi (izakhamuzi zaseMadina ezazisiza labo ababephuma eMakkah) kanye nalabo ababalandela ngokulunga (enkolweni) uMvelinqangi uthokozile ngabo nabo bathokozile ngaye futhi wabalungisela izivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula bayohlala khona ingunaphakade lokho kungukuphumelela okukhulu
وَمِمَّنْ حَوْلَكُم مِّنَ الْأَعْرَابِ مُنَافِقُونَ ۖ وَمِنْ أَهْلِ الْمَدِينَةِ ۖ مَرَدُوا عَلَى النِّفَاقِ لَا تَعْلَمُهُمْ ۖ نَحْنُ نَعْلَمُهُمْ ۚ سَنُعَذِّبُهُم مَّرَّتَيْنِ ثُمَّ يُرَدُّونَ إِلَىٰ عَذَابٍ عَظِيمٍ (101)
Nakulabo abanizungelezile abangama-Arab abangabazenzisi futhi nasebantwini baseMadina kunaphikelelayo ekuzenziseni angeke ubazi thina siyabazi siyobajezisa izikhathi ezimbili bese bephindiselwa esijezisweni esikhulu
وَآخَرُونَ اعْتَرَفُوا بِذُنُوبِهِمْ خَلَطُوا عَمَلًا صَالِحًا وَآخَرَ سَيِّئًا عَسَى اللَّهُ أَن يَتُوبَ عَلَيْهِمْ ۚ إِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (102)
Futhi abanye bazivuma izono zabo bahlanganisa isenzo esihle nesibi kepha uMvelinqangi uyophendukela kubona ngentethelelo ngempela uMvelinqangi uyathethelela unesihawu
خُذْ مِنْ أَمْوَالِهِمْ صَدَقَةً تُطَهِّرُهُمْ وَتُزَكِّيهِم بِهَا وَصَلِّ عَلَيْهِمْ ۖ إِنَّ صَلَاتَكَ سَكَنٌ لَّهُمْ ۗ وَاللَّهُ سَمِيعٌ عَلِيمٌ (103)
Thatha imali eyisipho engcebweni yabo ubahlanze futhi ubenze ukuthi babemsulwa ngayo, ubathandazele ngempela umthandazowakhouyindawoyokuhlalakubona(ungukuthula kubona) futhi uMvelinqangi uyezwa unolwazi
أَلَمْ يَعْلَمُوا أَنَّ اللَّهَ هُوَ يَقْبَلُ التَّوْبَةَ عَنْ عِبَادِهِ وَيَأْخُذُ الصَّدَقَاتِ وَأَنَّ اللَّهَ هُوَ التَّوَّابُ الرَّحِيمُ (104)
Ngakube abazi yini ukuthi uMvelinqangi yena uyakwamukela ukuzisola ezincekwini zakhe futhi amukele izipho nokuthi uMvelinqangi yena ungokwamukelayo ukuzisola unesihawu
وَقُلِ اعْمَلُوا فَسَيَرَى اللَّهُ عَمَلَكُمْ وَرَسُولُهُ وَالْمُؤْمِنُونَ ۖ وَسَتُرَدُّونَ إِلَىٰ عَالِمِ الْغَيْبِ وَالشَّهَادَةِ فَيُنَبِّئُكُم بِمَا كُنتُمْ تَعْمَلُونَ (105)
Futhi ithi, “sebenzani” uMvelinqangi uzowubona umsebenzi wenu (kanjalo) nesithunywa sakhe nabakholwayo futhi niyophindiselwa esazini sokungabonwayo nokubonwayo ngakho-ke siyonitshena ngalokho enanikwenza
وَآخَرُونَ مُرْجَوْنَ لِأَمْرِ اللَّهِ إِمَّا يُعَذِّبُهُمْ وَإِمَّا يَتُوبُ عَلَيْهِمْ ۗ وَاللَّهُ عَلِيمٌ حَكِيمٌ (106)
Futhi abanye benziwa ukuthi balinde umyalelo kaMvelinqangi ukuthi uyabajezisa noma uphendukela kubona ngentethelelo futhi uMvelinqangi unolwazi unobuhlakani
وَالَّذِينَ اتَّخَذُوا مَسْجِدًا ضِرَارًا وَكُفْرًا وَتَفْرِيقًا بَيْنَ الْمُؤْمِنِينَ وَإِرْصَادًا لِّمَنْ حَارَبَ اللَّهَ وَرَسُولَهُ مِن قَبْلُ ۚ وَلَيَحْلِفُنَّ إِنْ أَرَدْنَا إِلَّا الْحُسْنَىٰ ۖ وَاللَّهُ يَشْهَدُ إِنَّهُمْ لَكَاذِبُونَ (107)
Kanye nalabo abathatha iMasjid (indlu yokuthandazela) njengendawo yokulimaza (nokona) neyokungakholwa neyokwenza uqhekeko phakathi kwabakholwayo nenjengesiphephelo kulabo abalwa (bangamhloniphi) uMvelinqangi nesithunywa sakhe ngaphambilini futhi ngempela bafunga (bathi) besingafisi lutho ngaphandle kobuhle futhi uMvelinqangi uyabona ukuthi ngempela bona baqamba amanga
لَا تَقُمْ فِيهِ أَبَدًا ۚ لَّمَسْجِدٌ أُسِّسَ عَلَى التَّقْوَىٰ مِنْ أَوَّلِ يَوْمٍ أَحَقُّ أَن تَقُومَ فِيهِ ۚ فِيهِ رِجَالٌ يُحِبُّونَ أَن يَتَطَهَّرُوا ۚ وَاللَّهُ يُحِبُّ الْمُطَّهِّرِينَ (108)
Ungabona nakancane phakathi kuyona (leyo Masjid uma ufuna ukuthandaza) iMasjid yasungulelwa ukulunga kwasekuqaleni ngosuku ekufanekele ngalo kakhulu nime (nithandaze) kuyona, kuyona kunamadoda athanda ukuthi ahlanzeke futhi uMvelinqangi uyabathanda abazihlanzayo
أَفَمَنْ أَسَّسَ بُنْيَانَهُ عَلَىٰ تَقْوَىٰ مِنَ اللَّهِ وَرِضْوَانٍ خَيْرٌ أَم مَّنْ أَسَّسَ بُنْيَانَهُ عَلَىٰ شَفَا جُرُفٍ هَارٍ فَانْهَارَ بِهِ فِي نَارِ جَهَنَّمَ ۗ وَاللَّهُ لَا يَهْدِي الْقَوْمَ الظَّالِمِينَ (109)
Ngakube lowo obeka isisekelo sesakhiwo sakhe ekwesabeni okuvele kuMvelinqangi nasenjabulweni yakhe kungcono noma lowo owabeke isisekelo sesakhiwo sakhe onqenqemeni lewa olulungele ukubhidlika, ngakho-ke asibhidlike naye emlilweni wesihogo futhi uMvelinqangi akabaholi abantu abayizoni
لَا يَزَالُ بُنْيَانُهُمُ الَّذِي بَنَوْا رِيبَةً فِي قُلُوبِهِمْ إِلَّا أَن تَقَطَّعَ قُلُوبُهُمْ ۗ وَاللَّهُ عَلِيمٌ حَكِيمٌ (110)
Ziyoqhubeka njalo izakhiwo zabo abazakhaya ukuthi zibe ukungabaza ezinhliziyweni zabo ngaphandle uma uzinquma zibe izicucu izinhliziyo zabo futhi uMvelinqangi uyazi unobuhlakani
۞ إِنَّ اللَّهَ اشْتَرَىٰ مِنَ الْمُؤْمِنِينَ أَنفُسَهُمْ وَأَمْوَالَهُم بِأَنَّ لَهُمُ الْجَنَّةَ ۚ يُقَاتِلُونَ فِي سَبِيلِ اللَّهِ فَيَقْتُلُونَ وَيُقْتَلُونَ ۖ وَعْدًا عَلَيْهِ حَقًّا فِي التَّوْرَاةِ وَالْإِنجِيلِ وَالْقُرْآنِ ۚ وَمَنْ أَوْفَىٰ بِعَهْدِهِ مِنَ اللَّهِ ۚ فَاسْتَبْشِرُوا بِبَيْعِكُمُ الَّذِي بَايَعْتُم بِهِ ۚ وَذَٰلِكَ هُوَ الْفَوْزُ الْعَظِيمُ (111)
Ngempela uMvelinqangi wathenga kwabakholwa imiphefumuloyabonengceboyabongokuthiokwaboyisivande. Bayalwa endleleni kaMvelinqangi, ngakho-ke bayabulala futhi bayabulawa, kuyisithembiso kuyena esiyiqiniso esikusi- Torah naseVangelini nakwi-Qur’an futhi ngubani oqiniseke kakhulu esithembisweni sakhe kunoMvelinqangi ngakho- ke thokozani esivumelwaneni senu enivumelene ngaso futhi lokho kungukuphumelela okukhulu
التَّائِبُونَ الْعَابِدُونَ الْحَامِدُونَ السَّائِحُونَ الرَّاكِعُونَ السَّاجِدُونَ الْآمِرُونَ بِالْمَعْرُوفِ وَالنَّاهُونَ عَنِ الْمُنكَرِ وَالْحَافِظُونَ لِحُدُودِ اللَّهِ ۗ وَبَشِّرِ الْمُؤْمِنِينَ (112)
(Amakholwa okuyiwona uMvelinqangi athenga izinhliziyo zawo yilawo) azisolayo (kuMvelinqangi), amkhonzayo, amdumisayo, ahamba (endleleni kaMvelinqangi) akhothamayo, aguqayo (emthandazweni) nawenza okuhle anqabele okubi futhi angabagcini bemingcele kaMvelinqangi futhi batshele izindaba ezimnandi abakholwayo
مَا كَانَ لِلنَّبِيِّ وَالَّذِينَ آمَنُوا أَن يَسْتَغْفِرُوا لِلْمُشْرِكِينَ وَلَوْ كَانُوا أُولِي قُرْبَىٰ مِن بَعْدِ مَا تَبَيَّنَ لَهُمْ أَنَّهُمْ أَصْحَابُ الْجَحِيمِ (113)
Akusikhona okomphrofethi kanye nalabo abakholwayo ukuthi bacelele abakhonzi bezithixo intethelelo ngisho noma ngabe bayizihlobo ezisondele emva kokuba sekucacile kubona ukuthi bona bangabangane besihogo
وَمَا كَانَ اسْتِغْفَارُ إِبْرَاهِيمَ لِأَبِيهِ إِلَّا عَن مَّوْعِدَةٍ وَعَدَهَا إِيَّاهُ فَلَمَّا تَبَيَّنَ لَهُ أَنَّهُ عَدُوٌّ لِّلَّهِ تَبَرَّأَ مِنْهُ ۚ إِنَّ إِبْرَاهِيمَ لَأَوَّاهٌ حَلِيمٌ (114)
Futhi kwakungesikhona nje ukuthi u-Abrahamu wacelela uyise intethelelo ngaphandle kokuthi kwakuyisethembiso ayemthembise sona kepha kwathi lapho sekumcacele (u-Abrahamu) ukuthi (uyise) uyisitha sikaMvelinqangi waqhelelana naye, ngempela u-Abrahamu wayeqotho ekukhonzeni uMvelinqangi ebekezela
وَمَا كَانَ اللَّهُ لِيُضِلَّ قَوْمًا بَعْدَ إِذْ هَدَاهُمْ حَتَّىٰ يُبَيِّنَ لَهُم مَّا يَتَّقُونَ ۚ إِنَّ اللَّهَ بِكُلِّ شَيْءٍ عَلِيمٌ (115)
Futhi angeke uMvelinqangi adukise abantu emva kokuba esebaholile kuze kube uyabacacisela okufanele bakwesabe ngempela uMvelinqangi uyisazi ngazo zonke izinto
إِنَّ اللَّهَ لَهُ مُلْكُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۖ يُحْيِي وَيُمِيتُ ۚ وَمَا لَكُم مِّن دُونِ اللَّهِ مِن وَلِيٍّ وَلَا نَصِيرٍ (116)
Ngempela uMvelinqangi ungowakhe umbuso wamazulu nomhlaba uyaphilisa futhi udala ukufa futhi aninaye umvikeli nomsizi ngaphandle kukaMvelinqangi
لَّقَد تَّابَ اللَّهُ عَلَى النَّبِيِّ وَالْمُهَاجِرِينَ وَالْأَنصَارِ الَّذِينَ اتَّبَعُوهُ فِي سَاعَةِ الْعُسْرَةِ مِن بَعْدِ مَا كَادَ يَزِيغُ قُلُوبُ فَرِيقٍ مِّنْهُمْ ثُمَّ تَابَ عَلَيْهِمْ ۚ إِنَّهُ بِهِمْ رَءُوفٌ رَّحِيمٌ (117)
Ngempela uMvelinqangi waphenduka ngentethelelo kumphrofethi nakulabo ababefuduka (bevela eMakkah beya eMadina) nakubasizi abafuduki kanye nalabo abamlandela ngesikhathi esinzima emva kokuba izinhliziyo zengxenye yabo zasezisondele ekuphambukeni wayesebathethelela ngempela yena kubona unobubele unesihawu
وَعَلَى الثَّلَاثَةِ الَّذِينَ خُلِّفُوا حَتَّىٰ إِذَا ضَاقَتْ عَلَيْهِمُ الْأَرْضُ بِمَا رَحُبَتْ وَضَاقَتْ عَلَيْهِمْ أَنفُسُهُمْ وَظَنُّوا أَن لَّا مَلْجَأَ مِنَ اللَّهِ إِلَّا إِلَيْهِ ثُمَّ تَابَ عَلَيْهِمْ لِيَتُوبُوا ۚ إِنَّ اللَّهَ هُوَ التَّوَّابُ الرَّحِيمُ (118)
Futhi (wabathethelela) labo abathathu ababesalele ngemumva kwaze kwaba ilapho umhlaba njengoba umkhulu kangaka uncipha kubona nemiphefumulo yabo yancipha futhi babecabanga ukuthi ayikho indawo yokubalekela uMvelinqangi ngaphandle kokubalekela kuyena ngakho- ke wabathethelela ukuze bacele intethelelo, ngempela uMvelinqangi ungothethelelayo onomusa
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا اتَّقُوا اللَّهَ وَكُونُوا مَعَ الصَّادِقِينَ (119)
Oh nina enikholwayo! Sabani uMvelinqangi futhi nibe kanye nabaqinisileyo
مَا كَانَ لِأَهْلِ الْمَدِينَةِ وَمَنْ حَوْلَهُم مِّنَ الْأَعْرَابِ أَن يَتَخَلَّفُوا عَن رَّسُولِ اللَّهِ وَلَا يَرْغَبُوا بِأَنفُسِهِمْ عَن نَّفْسِهِ ۚ ذَٰلِكَ بِأَنَّهُمْ لَا يُصِيبُهُمْ ظَمَأٌ وَلَا نَصَبٌ وَلَا مَخْمَصَةٌ فِي سَبِيلِ اللَّهِ وَلَا يَطَئُونَ مَوْطِئًا يَغِيظُ الْكُفَّارَ وَلَا يَنَالُونَ مِنْ عَدُوٍّ نَّيْلًا إِلَّا كُتِبَ لَهُم بِهِ عَمَلٌ صَالِحٌ ۚ إِنَّ اللَّهَ لَا يُضِيعُ أَجْرَ الْمُحْسِنِينَ (120)
Kwakungafanele ukuthi abantu baseMadina kanye nalabo abaseduzane nabo abangama-Arabhu ukuthi basalele ngemumva kwesithunywa sikaMvelinqangi nokuthi kwakungesikhona okwabo ukuthi bakhethe impilo yabo kuneyesithunywa lokho kungenxa yokuthi bona abahlushwa ukoma noma ukudinwa noma indlala endleleni kaMvelinqangi futhi asibathathi isinyathelo ekunyuseni ukudinwa kwabangakholwayo noma bazwise isitha ubuhlungu kepha kulotshwe bona phansi njengomsebenzi olungileyo ngempela uMvelinqangi akawulahli umvuzo wabenzi bokuhle
وَلَا يُنفِقُونَ نَفَقَةً صَغِيرَةً وَلَا كَبِيرَةً وَلَا يَقْطَعُونَ وَادِيًا إِلَّا كُتِبَ لَهُمْ لِيَجْزِيَهُمُ اللَّهُ أَحْسَنَ مَا كَانُوا يَعْمَلُونَ (121)
Futhi abayichithi (ingcebo yabo) noma ngabe yincane noma ngabe yinkulu futhi abasidabuli isigodi ngaphandle kwabalotshelwe kona phansi ukuze uMvelinqangi abanike umvuzo ongcono kakhulu walokho ababekwenza
۞ وَمَا كَانَ الْمُؤْمِنُونَ لِيَنفِرُوا كَافَّةً ۚ فَلَوْلَا نَفَرَ مِن كُلِّ فِرْقَةٍ مِّنْهُمْ طَائِفَةٌ لِّيَتَفَقَّهُوا فِي الدِّينِ وَلِيُنذِرُوا قَوْمَهُمْ إِذَا رَجَعُوا إِلَيْهِمْ لَعَلَّهُمْ يَحْذَرُونَ (122)
Futhi akusikona okwabakholwayo ukuthi bahambe bonke kanyekanye uma kuwona wonke amabutho abo kuneqembu eliphuma phakathi kwabo ukuze baqonde inkolo futhi ukuze baxwayise abantu babo uma sebebuyele kubona ukuze mhlawumbe babe nokunaka
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا قَاتِلُوا الَّذِينَ يَلُونَكُم مِّنَ الْكُفَّارِ وَلْيَجِدُوا فِيكُمْ غِلْظَةً ۚ وَاعْلَمُوا أَنَّ اللَّهَ مَعَ الْمُتَّقِينَ (123)
Oh Nina enikholwayo! Yilwani nalabo abaseduzane nani abangakholwa ukuze bezwe ubunzima kunina futhi bazi ukuthi uMvelinqangi ukanye nalabo abalungileyo
وَإِذَا مَا أُنزِلَتْ سُورَةٌ فَمِنْهُم مَّن يَقُولُ أَيُّكُمْ زَادَتْهُ هَٰذِهِ إِيمَانًا ۚ فَأَمَّا الَّذِينَ آمَنُوا فَزَادَتْهُمْ إِيمَانًا وَهُمْ يَسْتَبْشِرُونَ (124)
Futhi ngasosonke isikhathi uma kwembulwa isahluko (seQur’an) ngakho-ke phakathi kwabo kunabanye abathi, “ngubani phakathi kwenu okumnyuselile lokhu ngokukholwa” ngakho-ke labo abakholwayo kwenyukela ukukholwa kwabo futhi bona bakujabulela
وَأَمَّا الَّذِينَ فِي قُلُوبِهِم مَّرَضٌ فَزَادَتْهُمْ رِجْسًا إِلَىٰ رِجْسِهِمْ وَمَاتُوا وَهُمْ كَافِرُونَ (125)
Futhi labo ezinhliziyweni zabo okunesigulo (ukungakholwa, ukungabaza nobuzenzisi) ngakho-ke kwenyukela kubona ukungabaza ekungabazeni kwabo futhi bafa bengakholwa
أَوَلَا يَرَوْنَ أَنَّهُمْ يُفْتَنُونَ فِي كُلِّ عَامٍ مَّرَّةً أَوْ مَرَّتَيْنِ ثُمَّ لَا يَتُوبُونَ وَلَا هُمْ يَذَّكَّرُونَ (126)
Ababoni yini ukuthi bona bayalingwa ngayoyonke iminyaka kanye noma kabili bese bengazisoli futhi bangakhumbuli
وَإِذَا مَا أُنزِلَتْ سُورَةٌ نَّظَرَ بَعْضُهُمْ إِلَىٰ بَعْضٍ هَلْ يَرَاكُم مِّنْ أَحَدٍ ثُمَّ انصَرَفُوا ۚ صَرَفَ اللَّهُ قُلُوبَهُم بِأَنَّهُمْ قَوْمٌ لَّا يَفْقَهُونَ (127)
Futhi ngasosonke isikhathi uma kwembulwa isahluko bayabhekana (bathi) ngakube ukhona yini oyedwa onibonayo na? Bese bephendukela le, uMvelinqangi waphendulela le izinhliziyo zabo ngenxa yokuthi bona bangabantu abangaqondi
لَقَدْ جَاءَكُمْ رَسُولٌ مِّنْ أَنفُسِكُمْ عَزِيزٌ عَلَيْهِ مَا عَنِتُّمْ حَرِيصٌ عَلَيْكُم بِالْمُؤْمِنِينَ رَءُوفٌ رَّحِيمٌ (128)
Ngempela safika kunina isithunywa esiphuma phakathi kwenu (esiphuma esizweni senu) kusiphatha kabi lokho okunihluphayo sinifisela (ubuhle ukuholwa ngendlela eyiqiniso) kwabakholwayo sinobubele nesihawu
فَإِن تَوَلَّوْا فَقُلْ حَسْبِيَ اللَّهُ لَا إِلَٰهَ إِلَّا هُوَ ۖ عَلَيْهِ تَوَكَّلْتُ ۖ وَهُوَ رَبُّ الْعَرْشِ الْعَظِيمِ (129)
Ngakho-ke uma bephendukela emumva ithi, “uMvelinqangi wanele kumina akekho onokukhonzwa ngaphandle kwakhe, ngethembele kuyena futhi yena uyiNkosi yesihlalo sobukhosi esikhulu”
❮ السورة السابقة السورة التـالية ❯

قراءة المزيد من سور القرآن الكريم :

1- الفاتحة2- البقرة3- آل عمران
4- النساء5- المائدة6- الأنعام
7- الأعراف8- الأنفال9- التوبة
10- يونس11- هود12- يوسف
13- الرعد14- إبراهيم15- الحجر
16- النحل17- الإسراء18- الكهف
19- مريم20- طه21- الأنبياء
22- الحج23- المؤمنون24- النور
25- الفرقان26- الشعراء27- النمل
28- القصص29- العنكبوت30- الروم
31- لقمان32- السجدة33- الأحزاب
34- سبأ35- فاطر36- يس
37- الصافات38- ص39- الزمر
40- غافر41- فصلت42- الشورى
43- الزخرف44- الدخان45- الجاثية
46- الأحقاف47- محمد48- الفتح
49- الحجرات50- ق51- الذاريات
52- الطور53- النجم54- القمر
55- الرحمن56- الواقعة57- الحديد
58- المجادلة59- الحشر60- الممتحنة
61- الصف62- الجمعة63- المنافقون
64- التغابن65- الطلاق66- التحريم
67- الملك68- القلم69- الحاقة
70- المعارج71- نوح72- الجن
73- المزمل74- المدثر75- القيامة
76- الإنسان77- المرسلات78- النبأ
79- النازعات80- عبس81- التكوير
82- الإنفطار83- المطففين84- الانشقاق
85- البروج86- الطارق87- الأعلى
88- الغاشية89- الفجر90- البلد
91- الشمس92- الليل93- الضحى
94- الشرح95- التين96- العلق
97- القدر98- البينة99- الزلزلة
100- العاديات101- القارعة102- التكاثر
103- العصر104- الهمزة105- الفيل
106- قريش107- الماعون108- الكوثر
109- الكافرون110- النصر111- المسد
112- الإخلاص113- الفلق114- الناس