| وَالسَّمَاءِ ذَاتِ الْبُرُوجِ (1) Futhi	ngifunga	ngesibhakabhaka	esibambe	izinkanyezi ezinkulu
 | 
| وَالْيَوْمِ الْمَوْعُودِ (2) Futhi ngifunga nangosuku oluthenjisiwe
 | 
| وَشَاهِدٍ وَمَشْهُودٍ (3) Nangofakazi kanye nalokho okufakazelwayo
 | 
| قُتِلَ أَصْحَابُ الْأُخْدُودِ (4) Babhujisiwe (abaqalekiswa) yizihlali zasemseleni
 | 
| النَّارِ ذَاتِ الْوَقُودِ (5) Umlilo ogcwele izinkuni
 | 
| إِذْ هُمْ عَلَيْهَا قُعُودٌ (6) Ngenkathi bona bahleli eduzane nawo
 | 
| وَهُمْ عَلَىٰ مَا يَفْعَلُونَ بِالْمُؤْمِنِينَ شُهُودٌ (7) Futhibonabengofakazikulokhoabakwenzayokwabakholwayo
 | 
| وَمَا نَقَمُوا مِنْهُمْ إِلَّا أَن يُؤْمِنُوا بِاللَّهِ الْعَزِيزِ الْحَمِيدِ (8) Futhi abazange babahluphe ngaphandle kokuthi abakholelwe kuMvelinqangi ophakeme ngamandla odunyiswayo
 | 
| الَّذِي لَهُ مُلْكُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۚ وَاللَّهُ عَلَىٰ كُلِّ شَيْءٍ شَهِيدٌ (9) Lowo okungowakhe umbuso wamazulu nomhlaba futhi uMvelinqangi ungobonwayo (ongufakazi) phezulu kwezinto zonke
 | 
| إِنَّ الَّذِينَ فَتَنُوا الْمُؤْمِنِينَ وَالْمُؤْمِنَاتِ ثُمَّ لَمْ يَتُوبُوا فَلَهُمْ عَذَابُ جَهَنَّمَ وَلَهُمْ عَذَابُ الْحَرِيقِ (10) Ngempela labo abalinga abakholwayo besilisa nabakholwayo besifazane bese bengazisoli (kuMvelinqangi) ngakho-ke okwabo yisijeziso sesihogo futhi okwabo yisijeziso somlilo ovuthayo
 | 
| إِنَّ الَّذِينَ آمَنُوا وَعَمِلُوا الصَّالِحَاتِ لَهُمْ جَنَّاتٌ تَجْرِي مِن تَحْتِهَا الْأَنْهَارُ ۚ ذَٰلِكَ الْفَوْزُ الْكَبِيرُ (11) Ngempela labo abakholwayo futhi abenza izenzo ezilungileyo okwabo yizivande okugeleza ngaphansi kwazo imifula, lokho yimpumelelo enkulu
 | 
| إِنَّ بَطْشَ رَبِّكَ لَشَدِيدٌ (12) Ngempela ukushaya kweNkosi yakho kunzima
 | 
| إِنَّهُ هُوَ يُبْدِئُ وَيُعِيدُ (13) Ngempela iyona eqala (indalo) futhi iyiphinde
 | 
| وَهُوَ الْغَفُورُ الْوَدُودُ (14) Futhi yona iyathethelela inothando
 | 
| ذُو الْعَرْشِ الْمَجِيدُ (15) Umnikazi	wesihlalo	sobukhosi,	Almajid	(odunyiswayo ohlonishwayo)
 | 
| فَعَّالٌ لِّمَا يُرِيدُ (16) Umenzi walokho akuthandayo
 | 
| هَلْ أَتَاكَ حَدِيثُ الْجُنُودِ (17) Ngakube yafika yini indaba yamabutho empi
 | 
| فِرْعَوْنَ وَثَمُودَ (18) UFaro kanye noThamud
 | 
| بَلِ الَّذِينَ كَفَرُوا فِي تَكْذِيبٍ (19) Kepha labo abangakholwanga basekuphikeni
 | 
| وَاللَّهُ مِن وَرَائِهِم مُّحِيطٌ (20) Futhi uMvelinqangi ubasingethe ngemumva kwabo
 | 
| بَلْ هُوَ قُرْآنٌ مَّجِيدٌ (21) Kepha yona iyiQur’an ehloniphekile
 | 
| فِي لَوْحٍ مَّحْفُوظٍ (22) Esoqwembeni olugciniwe
 |