| هَلْ أَتَىٰ عَلَى الْإِنسَانِ حِينٌ مِّنَ الدَّهْرِ لَمْ يَكُن شَيْئًا مَّذْكُورًا (1) Ngempela ngakube safika yini kumuntu isikhathi lapho ayengeyilutho engacatshangwa
 | 
| إِنَّا خَلَقْنَا الْإِنسَانَ مِن نُّطْفَةٍ أَمْشَاجٍ نَّبْتَلِيهِ فَجَعَلْنَاهُ سَمِيعًا بَصِيرًا (2) Ngempela thina samdala umuntu ngesidoda esihlangene (sowesilisa nowesifazane) samlinga sabe sesimenzela ukuzwa nokubona
 | 
| إِنَّا هَدَيْنَاهُ السَّبِيلَ إِمَّا شَاكِرًا وَإِمَّا كَفُورًا (3) Ngempela thina samholela endleleni ukuze abe ngobongayo noma ongabongi
 | 
| إِنَّا أَعْتَدْنَا لِلْكَافِرِينَ سَلَاسِلَ وَأَغْلَالًا وَسَعِيرًا (4) Ngempela sabalungiselela abangakholwa amaketango namakhamandela nomlilo
 | 
| إِنَّ الْأَبْرَارَ يَشْرَبُونَ مِن كَأْسٍ كَانَ مِزَاجُهَا كَافُورًا (5) Ngempela abalungile bayophuzela enkomishini (yewayini) elihlanganiswe namakha
 | 
| عَيْنًا يَشْرَبُ بِهَا عِبَادُ اللَّهِ يُفَجِّرُونَهَا تَفْجِيرًا (6) Umthombo okuyophuza khona izinceku zikaMvelinqangi, ziyowenza ukuthi uphophoze ukuphophoza okuhle
 | 
| يُوفُونَ بِالنَّذْرِ وَيَخَافُونَ يَوْمًا كَانَ شَرُّهُ مُسْتَطِيرًا (7) Bafeza izifungo futhi besaba usuku ububi balo oluyokwanda (yonke indawo)
 | 
| وَيُطْعِمُونَ الطَّعَامَ عَلَىٰ حُبِّهِ مِسْكِينًا وَيَتِيمًا وَأَسِيرًا (8) Futhi banikeza kanti bayakuthanda loko kudla, ngendlela athanda ngayo osweleyo nentandane kanye nesiqgila
 | 
| إِنَّمَا نُطْعِمُكُمْ لِوَجْهِ اللَّهِ لَا نُرِيدُ مِنكُمْ جَزَاءً وَلَا شُكُورًا (9) Futhi bethi sinondlela ubuso bukaMvelinqangi – asiwufuni kunina umvuzo noma ukubongwa
 | 
| إِنَّا نَخَافُ مِن رَّبِّنَا يَوْمًا عَبُوسًا قَمْطَرِيرًا (10) Ngempela siyesaba eNkosini yethu usuku olulukhuni olunzima
 | 
| فَوَقَاهُمُ اللَّهُ شَرَّ ذَٰلِكَ الْيَوْمِ وَلَقَّاهُمْ نَضْرَةً وَسُرُورًا (11) Manjalo uyobasindisa uMvelinqangi ebubini balolosuku, futhi uyokwenza ukuthi bahlangane nobucwazicwazi kanye nenjabulo
 | 
| وَجَزَاهُم بِمَا صَبَرُوا جَنَّةً وَحَرِيرًا (12) Futhi uyobanika umvuzo ngokubekezela kwabo ngesivande kanye nosilika
 | 
| مُّتَّكِئِينَ فِيهَا عَلَى الْأَرَائِكِ ۖ لَا يَرَوْنَ فِيهَا شَمْسًا وَلَا زَمْهَرِيرًا (13) Bephumulile lapho kusona (isivande) emibhedeni yokucambalala emini, phakathi abaliboni ilanga noma ukubanda okukhulu
 | 
| وَدَانِيَةً عَلَيْهِمْ ظِلَالُهَا وَذُلِّلَتْ قُطُوفُهَا تَذْلِيلًا (14) Futhi eduzane ngaphezulu kwabo imithunzi yaso (isivande) futhi izithelo zaso ziyolengiselwa eduze kakhulu (ukuze bazithole kalula)
 | 
| وَيُطَافُ عَلَيْهِم بِآنِيَةٍ مِّن فِضَّةٍ وَأَكْوَابٍ كَانَتْ قَوَارِيرَا (15) Futhi kuyojikeleziswa kubona izitsha zesiliva kanye nezinkomishi zengilazi
 | 
| قَوَارِيرَ مِن فِضَّةٍ قَدَّرُوهَا تَقْدِيرًا (16) Izingilazi (ezenziwe) ngesiliva, ukwenziwa kwazo okulinganisiwe
 | 
| وَيُسْقَوْنَ فِيهَا كَأْسًا كَانَ مِزَاجُهَا زَنجَبِيلًا (17) Futhi bayophuziswa lapho phakathi enkomishini (yewayini) inhlanganisela yayo yijinja
 | 
| عَيْنًا فِيهَا تُسَمَّىٰ سَلْسَبِيلًا (18) Umthombo lapho phakathi (esivandeni) obizwa ngokuthi isalsabil
 | 
| ۞ وَيَطُوفُ عَلَيْهِمْ وِلْدَانٌ مُّخَلَّدُونَ إِذَا رَأَيْتَهُمْ حَسِبْتَهُمْ لُؤْلُؤًا مَّنثُورًا (19) Futhi bayojikeleza phakathi kwabo abafana bangunaphakade, uma ubabona ucabanga ukuthi bawubuhlalu obuhlakazekile
 | 
| وَإِذَا رَأَيْتَ ثَمَّ رَأَيْتَ نَعِيمًا وَمُلْكًا كَبِيرًا (20) Futhi uma ubheka (esivandeni ezulwini) uzobona injabulo nombuso omkhulu
 | 
| عَالِيَهُمْ ثِيَابُ سُندُسٍ خُضْرٌ وَإِسْتَبْرَقٌ ۖ وَحُلُّوا أَسَاوِرَ مِن فِضَّةٍ وَسَقَاهُمْ رَبُّهُمْ شَرَابًا طَهُورًا (21) Phezulu kwabo kuyokuba yizingubo zikasilika ezicolisisekile eziluhlaza nendwangu ehlotshiswe ngokugqamile futhi bayohlotshiswa ngamabhengela esiliva futhi iNkosi yabo iyobaphuzisa isiphuzo esihlanzayo
 | 
| إِنَّ هَٰذَا كَانَ لَكُمْ جَزَاءً وَكَانَ سَعْيُكُم مَّشْكُورًا (22) Ngempela lona ngumvuzo wenu futhi ukuzama (ukuzabalaza) kwenu kuyobongeka (kwamukeleke)
 | 
| إِنَّا نَحْنُ نَزَّلْنَا عَلَيْكَ الْقُرْآنَ تَنزِيلًا (23) Ngempela thina sayembula kuwena iQur’an kancane kancane
 | 
| فَاصْبِرْ لِحُكْمِ رَبِّكَ وَلَا تُطِعْ مِنْهُمْ آثِمًا أَوْ كَفُورًا (24) Ngakho-ke bekezelela umthetho weNkosi yakho futhi ungamhloniphi phakathi kwabo oyisoni noma ongakholwa
 | 
| وَاذْكُرِ اسْمَ رَبِّكَ بُكْرَةً وَأَصِيلًا (25) Futhi khumbula igama leNkosi yakho (thandaza) ekuseni nakusihlwa
 | 
| وَمِنَ اللَّيْلِ فَاسْجُدْ لَهُ وَسَبِّحْهُ لَيْلًا طَوِيلًا (26) Kanye nasebusuku uyikhothamele (uyiguqele) futhi uyidumise ubusuku obude
 | 
| إِنَّ هَٰؤُلَاءِ يُحِبُّونَ الْعَاجِلَةَ وَيَذَرُونَ وَرَاءَهُمْ يَوْمًا ثَقِيلًا (27) Ngempela laba bathanda okwamanje (impilo yalomhlaba) bashiya ngemumva kwabo usuku olunzima
 | 
| نَّحْنُ خَلَقْنَاهُمْ وَشَدَدْنَا أَسْرَهُمْ ۖ وَإِذَا شِئْنَا بَدَّلْنَا أَمْثَالَهُمْ تَبْدِيلًا (28) Thina sabadala saqinisa isimo sabo futhi uma sithanda singabashintsha ngabafana nabo ukubashintsha okuphelele
 | 
| إِنَّ هَٰذِهِ تَذْكِرَةٌ ۖ فَمَن شَاءَ اتَّخَذَ إِلَىٰ رَبِّهِ سَبِيلًا (29) Ngempela lokhu yisikhumbuzo, ngakho-ke noma ngabe ngubani othandayo akathathe indlela eya eNkosini yakhe
 | 
| وَمَا تَشَاءُونَ إِلَّا أَن يَشَاءَ اللَّهُ ۚ إِنَّ اللَّهَ كَانَ عَلِيمًا حَكِيمًا (30) Futhi angeke nithande ngaphandle kokuba uma ethanda uMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi ngasosonke isikhathi uyisazi unobuhlakani
 | 
| يُدْخِلُ مَن يَشَاءُ فِي رَحْمَتِهِ ۚ وَالظَّالِمِينَ أَعَدَّ لَهُمْ عَذَابًا أَلِيمًا (31) Ungenisa lowo amthandayo emseni wakhe futhi izoni wazilungiselela isijeziso esibuhlungu
 |