يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا لَا تُقَدِّمُوا بَيْنَ يَدَيِ اللَّهِ وَرَسُولِهِ ۖ وَاتَّقُوا اللَّهَ ۚ إِنَّ اللَّهَ سَمِيعٌ عَلِيمٌ (1) Oh Nina enikholwayo! Ningenzi (okuthize) ngaphambili kukaMvelinqangi nesithunywa sakhe futhi yesabani uMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi uyezwa uyazi |
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا لَا تَرْفَعُوا أَصْوَاتَكُمْ فَوْقَ صَوْتِ النَّبِيِّ وَلَا تَجْهَرُوا لَهُ بِالْقَوْلِ كَجَهْرِ بَعْضِكُمْ لِبَعْضٍ أَن تَحْبَطَ أَعْمَالُكُمْ وَأَنتُمْ لَا تَشْعُرُونَ (2) Oh Nina enikholwayo! Ningaphakamisi amazwi enu ngaphezulu kwezwi likamphrofethi futhi ningabi nomsindo kuyena ngenkulumo njengokuba nomsindo kwabanye benu kwabanye hleze izenzo zenu zibe yize leze kulapho nina ningaboni |
إِنَّ الَّذِينَ يَغُضُّونَ أَصْوَاتَهُمْ عِندَ رَسُولِ اللَّهِ أُولَٰئِكَ الَّذِينَ امْتَحَنَ اللَّهُ قُلُوبَهُمْ لِلتَّقْوَىٰ ۚ لَهُم مَّغْفِرَةٌ وَأَجْرٌ عَظِيمٌ (3) Ngempela labo abehlisa amazwi abo uma kukhona isithunywa sikaMvelinqangi labo-ke bayilabo uMvelinqangi azivivinyela okulungileyo izinhliziyo zabo okwabo yintethelelo kanye nomvuzo omkhulu |
إِنَّ الَّذِينَ يُنَادُونَكَ مِن وَرَاءِ الْحُجُرَاتِ أَكْثَرُهُمْ لَا يَعْقِلُونَ (4) Ngempela labo abakubiza ngemumva kwezindawo zokuhlala iningi labo alinawo umqondo |
وَلَوْ أَنَّهُمْ صَبَرُوا حَتَّىٰ تَخْرُجَ إِلَيْهِمْ لَكَانَ خَيْرًا لَّهُمْ ۚ وَاللَّهُ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (5) Futhi ukube bona babebekezela kuze kube uyaphuma uya kubona kwakuzokuba ngcono kubona, futhi uMvelinqangi ungothethelelayo onesihawu |
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا إِن جَاءَكُمْ فَاسِقٌ بِنَبَإٍ فَتَبَيَّنُوا أَن تُصِيبُوا قَوْمًا بِجَهَالَةٍ فَتُصْبِحُوا عَلَىٰ مَا فَعَلْتُمْ نَادِمِينَ (6) Oh Nina enikholwayo! Uma (umuntu) ongalungile efika kunina nezindaba ngakho-ke zihlolisiseni, hleze nilimaze abantu ngokungazi bese niyazisola ngalokho enanikwenza |
وَاعْلَمُوا أَنَّ فِيكُمْ رَسُولَ اللَّهِ ۚ لَوْ يُطِيعُكُمْ فِي كَثِيرٍ مِّنَ الْأَمْرِ لَعَنِتُّمْ وَلَٰكِنَّ اللَّهَ حَبَّبَ إِلَيْكُمُ الْإِيمَانَ وَزَيَّنَهُ فِي قُلُوبِكُمْ وَكَرَّهَ إِلَيْكُمُ الْكُفْرَ وَالْفُسُوقَ وَالْعِصْيَانَ ۚ أُولَٰئِكَ هُمُ الرَّاشِدُونَ (7) Futhi yazini ukuthi phakathi kwenu kukhona isithunywa sikaMvelinqangi ukube besinganilalela ezindabeni eziningi ngempela benizokuba senhluphekweni kepha uMvelinqangi wayenza yathandeka kunina inkolo futhi wayenza yabukeka iyinhle ezinhliziyweni zenu futhi wenza kwazondeka kunina ukungakholwa nokushinga nokungahloniphi labo-ke bayilabo abaholwe kahle |
فَضْلًا مِّنَ اللَّهِ وَنِعْمَةً ۚ وَاللَّهُ عَلِيمٌ حَكِيمٌ (8) Umusa ovela kuMvelinqangi kanye nobubele futhi uMvelinqangi uyisazi unobuhlakani |
وَإِن طَائِفَتَانِ مِنَ الْمُؤْمِنِينَ اقْتَتَلُوا فَأَصْلِحُوا بَيْنَهُمَا ۖ فَإِن بَغَتْ إِحْدَاهُمَا عَلَى الْأُخْرَىٰ فَقَاتِلُوا الَّتِي تَبْغِي حَتَّىٰ تَفِيءَ إِلَىٰ أَمْرِ اللَّهِ ۚ فَإِن فَاءَتْ فَأَصْلِحُوا بَيْنَهُمَا بِالْعَدْلِ وَأَقْسِطُوا ۖ إِنَّ اللَّهَ يُحِبُّ الْمُقْسِطِينَ (9) Futhi uma amaqembu amabili amakholwa elwa ngakho- ke yenzani ubulungiswa phakathi kwawo womabili kepha uma elilodwa lawo womabili licindezela elinye ngakho-ke yilwani nalelo elicindezelayo kuze kube lithobela impoqo kaMvelinqangi, kepha uma lizithoba ngakho-ke lamulani phakathi kwawo womabili ngobulungiswa nangokulingana, ngempela uMvelinqangi uyabathanda abalinganisayo |
إِنَّمَا الْمُؤْمِنُونَ إِخْوَةٌ فَأَصْلِحُوا بَيْنَ أَخَوَيْكُمْ ۚ وَاتَّقُوا اللَّهَ لَعَلَّكُمْ تُرْحَمُونَ (10) Abakholwayo bangabazalwane ngakho-ke lamula phakathi kwabafowenu futhi yesabani uMvelinqangi ukuze ninikwe umusa |
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا لَا يَسْخَرْ قَوْمٌ مِّن قَوْمٍ عَسَىٰ أَن يَكُونُوا خَيْرًا مِّنْهُمْ وَلَا نِسَاءٌ مِّن نِّسَاءٍ عَسَىٰ أَن يَكُنَّ خَيْرًا مِّنْهُنَّ ۖ وَلَا تَلْمِزُوا أَنفُسَكُمْ وَلَا تَنَابَزُوا بِالْأَلْقَابِ ۖ بِئْسَ الِاسْمُ الْفُسُوقُ بَعْدَ الْإِيمَانِ ۚ وَمَن لَّمْ يَتُبْ فَأُولَٰئِكَ هُمُ الظَّالِمُونَ (11) Oh Nina enikholwayo! Abantu abangabenzi abantu iziphukuphuku, bangaba ngcono kunabo, futhi abesifazane bangabenzi (iziphukuphuku abanye) besifazane, mhlawumbe bangaba ngcono kunabo futhi ningathukani, futhi ningabizani ngezigcono (ezithukuthelisayo) yigama elibi lokungahloniphi emva kwenkolo, futhi noma ngabe ngubani ongazisoli – ngakho-ke labo bona bangabenzi bokubi |
يَا أَيُّهَا الَّذِينَ آمَنُوا اجْتَنِبُوا كَثِيرًا مِّنَ الظَّنِّ إِنَّ بَعْضَ الظَّنِّ إِثْمٌ ۖ وَلَا تَجَسَّسُوا وَلَا يَغْتَب بَّعْضُكُم بَعْضًا ۚ أَيُحِبُّ أَحَدُكُمْ أَن يَأْكُلَ لَحْمَ أَخِيهِ مَيْتًا فَكَرِهْتُمُوهُ ۚ وَاتَّقُوا اللَّهَ ۚ إِنَّ اللَّهَ تَوَّابٌ رَّحِيمٌ (12) Oh Nina enikholwayo! Qhelelanani kakhulu nomdlinzo ngempela eminye yemidlinzo iyisono futhi abanye benu bangabelusi abanye futhi bangabahlebi, ngakube oyedwa wenu uyakuthanda yini ukuthi adle inyama kamfowabo ofile? Ningayinyanya futhi yesabani uMvelinqangi, ngempela uMvelinqangi ungowamukela ukuzisola unesihawu |
يَا أَيُّهَا النَّاسُ إِنَّا خَلَقْنَاكُم مِّن ذَكَرٍ وَأُنثَىٰ وَجَعَلْنَاكُمْ شُعُوبًا وَقَبَائِلَ لِتَعَارَفُوا ۚ إِنَّ أَكْرَمَكُمْ عِندَ اللَّهِ أَتْقَاكُمْ ۚ إِنَّ اللَّهَ عَلِيمٌ خَبِيرٌ (13) Oh Bantu! Ngempela thina sanidala ngesilisa nesifazane futhi sanenza abantu nezizwe ukuze nazane, ngempela ohlonipheke kakhulu phakathi kwenu kuMvelinqangi yilowo olunge kakhulu kunani, ngempela uMvelinqangi uyisazi welumkile |
۞ قَالَتِ الْأَعْرَابُ آمَنَّا ۖ قُل لَّمْ تُؤْمِنُوا وَلَٰكِن قُولُوا أَسْلَمْنَا وَلَمَّا يَدْخُلِ الْإِيمَانُ فِي قُلُوبِكُمْ ۖ وَإِن تُطِيعُوا اللَّهَ وَرَسُولَهُ لَا يَلِتْكُم مِّنْ أَعْمَالِكُمْ شَيْئًا ۚ إِنَّ اللَّهَ غَفُورٌ رَّحِيمٌ (14) Abahlali basogwadule bathi, “sasikholwa” ithi, “anikholwa” kepha yithini, “sizinikele” inkolo ayikangeni ezinhliziyweni zenu kepha uma nihlonipha uMvelinqangi kanye nesithunywa sakhe angeke anciphise lutho emisebenzini yenu, ngempela uMvelinqangi ungothethelelayo onesihawu |
إِنَّمَا الْمُؤْمِنُونَ الَّذِينَ آمَنُوا بِاللَّهِ وَرَسُولِهِ ثُمَّ لَمْ يَرْتَابُوا وَجَاهَدُوا بِأَمْوَالِهِمْ وَأَنفُسِهِمْ فِي سَبِيلِ اللَّهِ ۚ أُولَٰئِكَ هُمُ الصَّادِقُونَ (15) nesithunywa sakhe bese bengangabazi futhi bazabalaze ngengcebo yabo nangemiphefumulo yabo endleleni kaMvelinqangi, labo-ke bayilabo abaneqiniso |
قُلْ أَتُعَلِّمُونَ اللَّهَ بِدِينِكُمْ وَاللَّهُ يَعْلَمُ مَا فِي السَّمَاوَاتِ وَمَا فِي الْأَرْضِ ۚ وَاللَّهُ بِكُلِّ شَيْءٍ عَلِيمٌ (16) Ithi ngakube nazisa uMvelinqangi ngenkolo yenu na? Kulapho uMvelinqangi ekwazi lokho okusemazulwini kanye nalokho okusemhlabeni, futhi uMvelinqangi uyisazi sazo zonke izinto |
يَمُنُّونَ عَلَيْكَ أَنْ أَسْلَمُوا ۖ قُل لَّا تَمُنُّوا عَلَيَّ إِسْلَامَكُم ۖ بَلِ اللَّهُ يَمُنُّ عَلَيْكُمْ أَنْ هَدَاكُمْ لِلْإِيمَانِ إِن كُنتُمْ صَادِقِينَ (17) Benza sengathi bakwenzela umusa ukuthi babengamaMuslim ithi, “ningenzi ububele kumina ngobu-Islam benu, kepha nguMvelinqangi owenza ububele kunina ngokuthi waniholela enkolweni uma kungukuthi nina ningabaneqiniso |
إِنَّ اللَّهَ يَعْلَمُ غَيْبَ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ ۚ وَاللَّهُ بَصِيرٌ بِمَا تَعْمَلُونَ (18) Ngempela uMvelinqangi uyakwazi okungabonwa kwamazulu nomhlaba futhi uMvelinqangi ungumboni walokho enikwenzayo |