| سَأَلَ سَائِلٌ بِعَذَابٍ وَاقِعٍ (1) Wabuza umbuzi mayelana nesijeziso esizokwenzeka
 | 
| لِّلْكَافِرِينَ لَيْسَ لَهُ دَافِعٌ (2) Kwabangakholwa – akekho umvimbi waso
 | 
| مِّنَ اللَّهِ ذِي الْمَعَارِجِ (3) Sivela kuMvelinqangi umnikazi wezindlela ezenyukayo
 | 
| تَعْرُجُ الْمَلَائِكَةُ وَالرُّوحُ إِلَيْهِ فِي يَوْمٍ كَانَ مِقْدَارُهُ خَمْسِينَ أَلْفَ سَنَةٍ (4) Zenyukela kuyena izingelosi kanye nomoya ngosuku isilinganiso salo esiyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu zeminyaka
 | 
| فَاصْبِرْ صَبْرًا جَمِيلًا (5) Ngakho-ke bekezela ukubekezela kuhle
 | 
| إِنَّهُمْ يَرَوْنَهُ بَعِيدًا (6) Ngempela bona bakubona kukude
 | 
| وَنَرَاهُ قَرِيبًا (7) Kepha sikubona (lokho) kuseduzane
 | 
| يَوْمَ تَكُونُ السَّمَاءُ كَالْمُهْلِ (8) Ngosuku	lapho	isibhakabhaka	siyoba	njengethusi elincibilikayo (noma njengensalela yamafutha)
 | 
| وَتَكُونُ الْجِبَالُ كَالْعِهْنِ (9) Futhi izintaba ziyoba njengovolo (angeke zehlukaniseke)
 | 
| وَلَا يَسْأَلُ حَمِيمٌ حَمِيمًا (10) Futhi akekho umngane oyobuza (omunye) umngane
 | 
| يُبَصَّرُونَهُمْ ۚ يَوَدُّ الْمُجْرِمُ لَوْ يَفْتَدِي مِنْ عَذَابِ يَوْمِئِذٍ بِبَنِيهِ (11) Bayokwenziwa ukuthi babonane, isigebengu (onecala) uyofisa ukuthi azihlenge esijezisweni salolosuku ngezingane zakhe
 | 
| وَصَاحِبَتِهِ وَأَخِيهِ (12) Kanye nonkosikazi wakhe nomfowabo
 | 
| وَفَصِيلَتِهِ الَّتِي تُؤْوِيهِ (13) Kanye nesihlobo esiseduze okuyisona esamvikela
 | 
| وَمَن فِي الْأَرْضِ جَمِيعًا ثُمَّ يُنجِيهِ (14) Kanye nabobonke abasemhlabeni bese kuyamsindisa
 | 
| كَلَّا ۖ إِنَّهَا لَظَىٰ (15) Lutho! Ngempela kona kungumlilo wesihogo
 | 
| نَزَّاعَةً لِّلشَّوَىٰ (16) (Umlilo wesihogo) ususa isikhumba (kuze kungasali lutho)
 | 
| تَدْعُو مَنْ أَدْبَرَ وَتَوَلَّىٰ (17) Umeme (bonke) labo ababefulathelisa imihlane (yabo) futhi bafulathela (endleleni eqondile)
 | 
| وَجَمَعَ فَأَوْعَىٰ (18) Futhi aqoqe (ingcebo) bese eyayigodla
 | 
| ۞ إِنَّ الْإِنسَانَ خُلِقَ هَلُوعًا (19) Ngempela umuntu wadalwa wangabi nokubekezela
 | 
| إِذَا مَسَّهُ الشَّرُّ جَزُوعًا (20) Uma ethintwa okubi akabekezeli
 | 
| وَإِذَا مَسَّهُ الْخَيْرُ مَنُوعًا (21) Futhi uma ethintwa okuhle uyancishana
 | 
| إِلَّا الْمُصَلِّينَ (22) Ngaphandle kwabathandazayo
 | 
| الَّذِينَ هُمْ عَلَىٰ صَلَاتِهِمْ دَائِمُونَ (23) Labo abasemthandazweni wabo njalo
 | 
| وَالَّذِينَ فِي أَمْوَالِهِمْ حَقٌّ مَّعْلُومٌ (24) Kanye nalabo emnothweni wabo ekunelungelo elaziwayo
 | 
| لِّلسَّائِلِ وَالْمَحْرُومِ (25) Lesicelo kanye nonqatshelwe
 | 
| وَالَّذِينَ يُصَدِّقُونَ بِيَوْمِ الدِّينِ (26) Kanye nalabo abakholelwa osukwini lokwahlulelwa
 | 
| وَالَّذِينَ هُم مِّنْ عَذَابِ رَبِّهِم مُّشْفِقُونَ (27) Kanye nalabo abesaba isijeziso seNkosi yabo
 | 
| إِنَّ عَذَابَ رَبِّهِمْ غَيْرُ مَأْمُونٍ (28) Ngempela isijeziso seNkosi yabo akusona abazizwa bephephile kusona
 | 
| وَالَّذِينَ هُمْ لِفُرُوجِهِمْ حَافِظُونَ (29) Kanye nalabo abalondoloza izitho zabo zangasese
 | 
| إِلَّا عَلَىٰ أَزْوَاجِهِمْ أَوْ مَا مَلَكَتْ أَيْمَانُهُمْ فَإِنَّهُمْ غَيْرُ مَلُومِينَ (30) Ngaphandle kumakhosikazi abo noma labo abasezandleni zabo zokunene, ngakho-ke ngempela bona abasibona bokusolwa
 | 
| فَمَنِ ابْتَغَىٰ وَرَاءَ ذَٰلِكَ فَأُولَٰئِكَ هُمُ الْعَادُونَ (31) Ngakho-ke noma ngabe ngobani abafisa okungale kwaloko manjalo labo, bona bephula umthetho
 | 
| وَالَّذِينَ هُمْ لِأَمَانَاتِهِمْ وَعَهْدِهِمْ رَاعُونَ (32) Nalabo, bona abakugcinayo loko abathenjwe ngako kanye nesivumelwano
 | 
| وَالَّذِينَ هُم بِشَهَادَاتِهِمْ قَائِمُونَ (33) Kanye nalabo, bona abama baqine ebufakazini babo
 | 
| وَالَّذِينَ هُمْ عَلَىٰ صَلَاتِهِمْ يُحَافِظُونَ (34) Kanye nalabo, bona abagcina umthandazo wabo
 | 
| أُولَٰئِكَ فِي جَنَّاتٍ مُّكْرَمُونَ (35) Labo bayokuba sezivandeni behloniphekile
 | 
| فَمَالِ الَّذِينَ كَفَرُوا قِبَلَكَ مُهْطِعِينَ (36) Ngakho-ke kwenziwa yini ukuthi labo abangakholwanga bajahe ngaphambili kwakho
 | 
| عَنِ الْيَمِينِ وَعَنِ الشِّمَالِ عِزِينَ (37) Ngakwesokunene nangakwesobunxele isixuku sabantu
 | 
| أَيَطْمَعُ كُلُّ امْرِئٍ مِّنْهُمْ أَن يُدْخَلَ جَنَّةَ نَعِيمٍ (38) Ngakube wonke umuntu phakathi kwabo ufisa ukungena esivandeni senjabulo
 | 
| كَلَّا ۖ إِنَّا خَلَقْنَاهُم مِّمَّا يَعْلَمُونَ (39) Lutho! Ngempela sabadala ngalokho abakwaziyo
 | 
| فَلَا أُقْسِمُ بِرَبِّ الْمَشَارِقِ وَالْمَغَارِبِ إِنَّا لَقَادِرُونَ (40) Manjalo	ngifunga	ngeNkosi	yezimpumalanga nezintshonalanga, ukuthi ngempela siyakwazi ukwenza
 | 
| عَلَىٰ أَن نُّبَدِّلَ خَيْرًا مِّنْهُمْ وَمَا نَحْنُ بِمَسْبُوقِينَ (41) Ukuthi sibashintshe ngabangcono kunabo futhi thina asibona abokushiywa
 | 
| فَذَرْهُمْ يَخُوضُوا وَيَلْعَبُوا حَتَّىٰ يُلَاقُوا يَوْمَهُمُ الَّذِي يُوعَدُونَ (42) Ngakho-ke bayeke bagxambuze enkulumweni eyize futhi badlale kuze kube bayahlangana ngosuku lwabo lolo abathenjiswa lona
 | 
| يَوْمَ يَخْرُجُونَ مِنَ الْأَجْدَاثِ سِرَاعًا كَأَنَّهُمْ إِلَىٰ نُصُبٍ يُوفِضُونَ (43) Ngosuku abayophuma ngalo emathuneni ngokushesha, okusengathi bona bajahe esithixweni
 | 
| خَاشِعَةً أَبْصَارُهُمْ تَرْهَقُهُمْ ذِلَّةٌ ۚ ذَٰلِكَ الْيَوْمُ الَّذِي كَانُوا يُوعَدُونَ (44) Amehlo abo athotshisiwe ukudumazeka kuyobamboza, lolo wusuku ababethenjiswe lona
 |