| وَالْمُرْسَلَاتِ عُرْفًا (1) Ngifunga ngokuthunyelwe ngokudedelana
 | 
| فَالْعَاصِفَاتِ عَصْفًا (2) Ngifunga nangemimoya evunguza ngodlame
 | 
| وَالنَّاشِرَاتِ نَشْرًا (3) Ngifunga kanye nemimoya esakazayo
 | 
| فَالْفَارِقَاتِ فَرْقًا (4) Ngifunga nangomoya osakazayo
 | 
| فَالْمُلْقِيَاتِ ذِكْرًا (5) Ngifunga nangemimoya ekhumbuzayo
 | 
| عُذْرًا أَوْ نُذْرًا (6) Izaba noma ukuxwayisa
 | 
| إِنَّمَا تُوعَدُونَ لَوَاقِعٌ (7) Ngempela lokho enethenjiswa kona kuzokwenzeka
 | 
| فَإِذَا النُّجُومُ طُمِسَتْ (8) Khumbula lapho izinkanyezi zifiphaliswa (ukukhanya kwazo)
 | 
| وَإِذَا السَّمَاءُ فُرِجَتْ (9) Futhi khumbula ngenkathi izulu lidatshulwa phakathi
 | 
| وَإِذَا الْجِبَالُ نُسِفَتْ (10) Futhi khumbula ngenkathi izintaba zisuswa
 | 
| وَإِذَا الرُّسُلُ أُقِّتَتْ (11) Khumbula nangenkathi izithunywa ziqoqwa ngesikhathi (esibekiwe)
 | 
| لِأَيِّ يَوْمٍ أُجِّلَتْ (12) Kuhlehliselwe luphi usuku
 | 
| لِيَوْمِ الْفَصْلِ (13) Usuku lokwahlulela
 | 
| وَمَا أَدْرَاكَ مَا يَوْمُ الْفَصْلِ (14) Futhi yini ekwenza ukuthi wazi ukuthi luyini usuku lokwahlulela
 | 
| وَيْلٌ يَوْمَئِذٍ لِّلْمُكَذِّبِينَ (15) Usizi ngalolosuku kwabaphika (iqiniso)
 | 
| أَلَمْ نُهْلِكِ الْأَوَّلِينَ (16) Asizange yini sibabhubhise abasendulo
 | 
| ثُمَّ نُتْبِعُهُمُ الْآخِرِينَ (17) Bese sibalandelanise ngabokugcina
 | 
| كَذَٰلِكَ نَفْعَلُ بِالْمُجْرِمِينَ (18) Senza kanjalo ngezigebengu (labo abanecala)
 | 
| وَيْلٌ يَوْمَئِذٍ لِّلْمُكَذِّبِينَ (19) Usizi ngalolosuku kwabaphikayo
 | 
| أَلَمْ نَخْلُقكُّم مِّن مَّاءٍ مَّهِينٍ (20) Asizange yini sinidale ngamanzi anyanyekayo
 | 
| فَجَعَلْنَاهُ فِي قَرَارٍ مَّكِينٍ (21) Ngakho-ke sawabeka endaweni ephephile
 | 
| إِلَىٰ قَدَرٍ مَّعْلُومٍ (22) Kuze kube yisikhathi esaziwayo
 | 
| فَقَدَرْنَا فَنِعْمَ الْقَادِرُونَ (23) Ngakho-ke sanquma futhi singabanqumi abahle kakhulu
 | 
| وَيْلٌ يَوْمَئِذٍ لِّلْمُكَذِّبِينَ (24) Usizi ngalolosuku kwabaphikayo
 | 
| أَلَمْ نَجْعَلِ الْأَرْضَ كِفَاتًا (25) Asizange yini siwenze umhlaba ukuthi ube wumbuthela (kuwo na)
 | 
| أَحْيَاءً وَأَمْوَاتًا (26) Okuphilayo nokufileyo
 | 
| وَجَعَلْنَا فِيهَا رَوَاسِيَ شَامِخَاتٍ وَأَسْقَيْنَاكُم مَّاءً فُرَاتًا (27) Futhi sabeka kuwona izintaba eziphakeme futhi saniphuzisa amanzi amtoti
 | 
| وَيْلٌ يَوْمَئِذٍ لِّلْمُكَذِّبِينَ (28) Usizi ngalolosuku kwabaphikayo
 | 
| انطَلِقُوا إِلَىٰ مَا كُنتُم بِهِ تُكَذِّبُونَ (29) Hambani niye kulokho enanikuphika
 | 
| انطَلِقُوا إِلَىٰ ظِلٍّ ذِي ثَلَاثِ شُعَبٍ (30) Hambani niye ethunzini elinezigaba ezintathu
 | 
| لَّا ظَلِيلٍ وَلَا يُغْنِي مِنَ اللَّهَبِ (31) Alikho ithunzi (alisithi ithunzi) futhi alisizi ekubhekaneni nelangabi (lomlilo)
 | 
| إِنَّهَا تَرْمِي بِشَرَرٍ كَالْقَصْرِ (32) Ngempela lona likhipha izinhlansi (ezinkulu) njengendlu enkulu eyinqaba
 | 
| كَأَنَّهُ جِمَالَتٌ صُفْرٌ (33) Okusengathi ngamakameli aphuzi
 | 
| وَيْلٌ يَوْمَئِذٍ لِّلْمُكَذِّبِينَ (34) Usizi ngalolosuku kwabaphikayo
 | 
| هَٰذَا يَوْمُ لَا يَنطِقُونَ (35) Lolu wusuku abayobe bengakhulumi ngalo
 | 
| وَلَا يُؤْذَنُ لَهُمْ فَيَعْتَذِرُونَ (36) Futhi angeke banikezwe imvume yokuthi benze izaba
 | 
| وَيْلٌ يَوْمَئِذٍ لِّلْمُكَذِّبِينَ (37) Usizi ngalolosuku kwabaphikayo
 | 
| هَٰذَا يَوْمُ الْفَصْلِ ۖ جَمَعْنَاكُمْ وَالْأَوَّلِينَ (38) Lolu wusuku lokwahlulela, siniqoqile kanye nabasendulu
 | 
| فَإِن كَانَ لَكُمْ كَيْدٌ فَكِيدُونِ (39) Ngakho-ke uma ninecebo lenzeni ukubhekana nami
 | 
| وَيْلٌ يَوْمَئِذٍ لِّلْمُكَذِّبِينَ (40) Usizi ngalolosuku kwabaphikayo
 | 
| إِنَّ الْمُتَّقِينَ فِي ظِلَالٍ وَعُيُونٍ (41) Ngempela	abesabayo	(abalungileyo)	basemithunzini nasemithonjeni
 | 
| وَفَوَاكِهَ مِمَّا يَشْتَهُونَ (42) Nasezithelweni kulezo abazifisayo
 | 
| كُلُوا وَاشْرَبُوا هَنِيئًا بِمَا كُنتُمْ تَعْمَلُونَ (43) Yidlani futhi niphuze (ngokuzanelisa) nangentokozo ngenxa yalokho enanikwenza
 | 
| إِنَّا كَذَٰلِكَ نَجْزِي الْمُحْسِنِينَ (44) Ngempela, kanjalo sibanika umvuzo abenzi bokuhle
 | 
| وَيْلٌ يَوْمَئِذٍ لِّلْمُكَذِّبِينَ (45) Usizi ngalolosuku kwabaphikayo
 | 
| كُلُوا وَتَمَتَّعُوا قَلِيلًا إِنَّكُم مُّجْرِمُونَ (46) Yidlani	nizithokozise	okwesikhashana	ngempela	nina niyizigebengu
 | 
| وَيْلٌ يَوْمَئِذٍ لِّلْمُكَذِّبِينَ (47) Usizi ngalolosuku kwabaphikayo
 | 
| وَإِذَا قِيلَ لَهُمُ ارْكَعُوا لَا يَرْكَعُونَ (48) Futhi uma kuthiwa kubona, “khothamani” abakhothami
 | 
| وَيْلٌ يَوْمَئِذٍ لِّلْمُكَذِّبِينَ (49) Usizi ngalolosuku kwabaphikayo
 | 
| فَبِأَيِّ حَدِيثٍ بَعْدَهُ يُؤْمِنُونَ (50) Ngakho-ke iyiphi inkulumo abayoyikholwa emva kwayo
 |