×

سورة الزخرف باللغة الزولو

ترجمات القرآنباللغة الزولو ⬅ سورة الزخرف

ترجمة معاني سورة الزخرف باللغة الزولو - Zulu

القرآن باللغة الزولو - سورة الزخرف مترجمة إلى اللغة الزولو، Surah Zukhruf in Zulu. نوفر ترجمة دقيقة سورة الزخرف باللغة الزولو - Zulu, الآيات 89 - رقم السورة 43 - الصفحة 489.

بسم الله الرحمن الرحيم

حم (1)
Ha Meem
وَالْكِتَابِ الْمُبِينِ (2)
Ngencwadi ecacile
إِنَّا جَعَلْنَاهُ قُرْآنًا عَرَبِيًّا لَّعَلَّكُمْ تَعْقِلُونَ (3)
Ngempela siyenze yaba iQur’an engesi-Arabhu ukuze niqonde
وَإِنَّهُ فِي أُمِّ الْكِتَابِ لَدَيْنَا لَعَلِيٌّ حَكِيمٌ (4)
Futhi ngempela yona ikumama wencwadi okuthina ophakeme onobuhlakani
أَفَنَضْرِبُ عَنكُمُ الذِّكْرَ صَفْحًا أَن كُنتُمْ قَوْمًا مُّسْرِفِينَ (5)
Ngakube sizosusa isikhumbuzo kunina ngoba ningabantu abamoshayo
وَكَمْ أَرْسَلْنَا مِن نَّبِيٍّ فِي الْأَوَّلِينَ (6)
Futhi bangaki abaphrofethi esabathumela emandulo
وَمَا يَأْتِيهِم مِّن نَّبِيٍّ إِلَّا كَانُوا بِهِ يَسْتَهْزِئُونَ (7)
Futhi kwakungakaze kufike kubona umphrofethi ngaphandle kokuthi babemenza inhlekisa
فَأَهْلَكْنَا أَشَدَّ مِنْهُم بَطْشًا وَمَضَىٰ مَثَلُ الْأَوَّلِينَ (8)
Ngakho-ke sababhubhisa labo ababeqatha kunabo ngamandla futhi sesadlula isibonelo sabasendulo
وَلَئِن سَأَلْتَهُم مَّنْ خَلَقَ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضَ لَيَقُولُنَّ خَلَقَهُنَّ الْعَزِيزُ الْعَلِيمُ (9)
Futhi uma ubabuza ukuthi ngubani owadala amazulu nomhlaba ngempela bangathi, “owawadala ophakeme ngamandla owaziyo”
الَّذِي جَعَلَ لَكُمُ الْأَرْضَ مَهْدًا وَجَعَلَ لَكُمْ فِيهَا سُبُلًا لَّعَلَّكُمْ تَهْتَدُونَ (10)
Okunguyena owanenzela umhlaba waba yindawo yokuphumula futhi wanenzela kuwona izindlela ukuze niholeke
وَالَّذِي نَزَّلَ مِنَ السَّمَاءِ مَاءً بِقَدَرٍ فَأَنشَرْنَا بِهِ بَلْدَةً مَّيْتًا ۚ كَذَٰلِكَ تُخْرَجُونَ (11)
Futhi okunguyena owehlisela phansi amanzi avela esibhakabhakeni ngesilinganiso wayesevusa ngawo izwe elifile, niyovuswa kanjalo
وَالَّذِي خَلَقَ الْأَزْوَاجَ كُلَّهَا وَجَعَلَ لَكُم مِّنَ الْفُلْكِ وَالْأَنْعَامِ مَا تَرْكَبُونَ (12)
Futhi okunguyena owadala zonke izinto ngambili futhi wanenzela imikhumbi kanye nezinkomo lezo enizigibelayo
لِتَسْتَوُوا عَلَىٰ ظُهُورِهِ ثُمَّ تَذْكُرُوا نِعْمَةَ رَبِّكُمْ إِذَا اسْتَوَيْتُمْ عَلَيْهِ وَتَقُولُوا سُبْحَانَ الَّذِي سَخَّرَ لَنَا هَٰذَا وَمَا كُنَّا لَهُ مُقْرِنِينَ (13)
Ukuze nigibele emihlane yazo bese nikhumbula umusa weNkosi yenu uma senigibele phezulu kwazo bese nithi, “udumo malube kulowo osenzele lokhu futhi thina besingeke sibenako”
وَإِنَّا إِلَىٰ رَبِّنَا لَمُنقَلِبُونَ (14)
Futhi ngempela eNkosini yethu siyophindela
وَجَعَلُوا لَهُ مِنْ عِبَادِهِ جُزْءًا ۚ إِنَّ الْإِنسَانَ لَكَفُورٌ مُّبِينٌ (15)
Futhi bambekela ingxenye ezincekwini zakhe, ngempela umuntu akabongi ngokucacile
أَمِ اتَّخَذَ مِمَّا يَخْلُقُ بَنَاتٍ وَأَصْفَاكُم بِالْبَنِينَ (16)
Noma ngakube wazithathela kulokho akudalayo amadodakazi wayesenikhethela amadodana na
وَإِذَا بُشِّرَ أَحَدُهُم بِمَا ضَرَبَ لِلرَّحْمَٰنِ مَثَلًا ظَلَّ وَجْهُهُ مُسْوَدًّا وَهُوَ كَظِيمٌ (17)
Futhi uma oyedwa wabo etshelwa ngezindaba zalokho akwenzile okuyisibonelo konomusa, ubuso bakhe bubamnyama futhi agcwale usizi
أَوَمَن يُنَشَّأُ فِي الْحِلْيَةِ وَهُوَ فِي الْخِصَامِ غَيْرُ مُبِينٍ (18)
Lowo okhuliswe ngemihlobiso kulapho yena esempikiswaneni engacacile
وَجَعَلُوا الْمَلَائِكَةَ الَّذِينَ هُمْ عِبَادُ الرَّحْمَٰنِ إِنَاثًا ۚ أَشَهِدُوا خَلْقَهُمْ ۚ سَتُكْتَبُ شَهَادَتُهُمْ وَيُسْأَلُونَ (19)
Futhi benza izingelosi isifazane lezo okuyizona eziyizinceku zonomusa, ngakube bakubona ukudalwa kwazo na
وَقَالُوا لَوْ شَاءَ الرَّحْمَٰنُ مَا عَبَدْنَاهُم ۗ مَّا لَهُم بِذَٰلِكَ مِنْ عِلْمٍ ۖ إِنْ هُمْ إِلَّا يَخْرُصُونَ (20)
Futhi bathi, “ukube wayethanda onomusa sasingeke sibakhonze”, abanalo ulwazi lwaloko (abenzi) lutho ngaphandle kokuqamba amanga
أَمْ آتَيْنَاهُمْ كِتَابًا مِّن قَبْلِهِ فَهُم بِهِ مُسْتَمْسِكُونَ (21)
Noma sabanikeza incwadi ngaphambilini kwayo bona ababambelele kuyona
بَلْ قَالُوا إِنَّا وَجَدْنَا آبَاءَنَا عَلَىٰ أُمَّةٍ وَإِنَّا عَلَىٰ آثَارِهِم مُّهْتَدُونَ (22)
Kepha bathi, “ngempela thina safumana obaba bethu besendleleni futhi ngempela thina siholeleka ezinyathelweni zabo”
وَكَذَٰلِكَ مَا أَرْسَلْنَا مِن قَبْلِكَ فِي قَرْيَةٍ مِّن نَّذِيرٍ إِلَّا قَالَ مُتْرَفُوهَا إِنَّا وَجَدْنَا آبَاءَنَا عَلَىٰ أُمَّةٍ وَإِنَّا عَلَىٰ آثَارِهِم مُّقْتَدُونَ (23)
Futhi kanjalo asizange ngaphambilini kwakho sithumele edolobheni (ebantwini) umxwayisi ngaphandle kokuthi abanothile balo bathi, “ngempela thina safumana obaba bethu besendleleni futhi ngempela nathi silandela ezinyathelweni zabo”
۞ قَالَ أَوَلَوْ جِئْتُكُم بِأَهْدَىٰ مِمَّا وَجَدتُّمْ عَلَيْهِ آبَاءَكُمْ ۖ قَالُوا إِنَّا بِمَا أُرْسِلْتُم بِهِ كَافِرُونَ (24)
Wathi “yize noma nginilethele ukuholwa okungcono kunalokho enabafumana kukona obaba benu? Bathi, “ngempela thina asikholelwa kulokho othunywe nako”
فَانتَقَمْنَا مِنْهُمْ ۖ فَانظُرْ كَيْفَ كَانَ عَاقِبَةُ الْمُكَذِّبِينَ (25)
Ngakho-ke saziphindisela kubona, bheka ukuthi sasinjani isiphetho sabaphikayo
وَإِذْ قَالَ إِبْرَاهِيمُ لِأَبِيهِ وَقَوْمِهِ إِنَّنِي بَرَاءٌ مِّمَّا تَعْبُدُونَ (26)
Futhi khumbula ngenkathi u-Abrahamu ethi kuyise nakubantu bakubo, “Angihlangene nalokho enikukhonzayo
إِلَّا الَّذِي فَطَرَنِي فَإِنَّهُ سَيَهْدِينِ (27)
Ngaphandle kwalowo owangidala futhi ngempela uzongihola
وَجَعَلَهَا كَلِمَةً بَاقِيَةً فِي عَقِبِهِ لَعَلَّهُمْ يَرْجِعُونَ (28)
Futhi wakwenza kwaba yigama eliseleyo ezizukulwaneni ukuze ziphenduke
بَلْ مَتَّعْتُ هَٰؤُلَاءِ وَآبَاءَهُمْ حَتَّىٰ جَاءَهُمُ الْحَقُّ وَرَسُولٌ مُّبِينٌ (29)
Kepha, ngabanika injabulo laba kanye naboyise kwaze kwaba yilapho befikelwa yiqiniso kanye nesithunywa esicacile
وَلَمَّا جَاءَهُمُ الْحَقُّ قَالُوا هَٰذَا سِحْرٌ وَإِنَّا بِهِ كَافِرُونَ (30)
Futhi kwathi lapho sebefikelwa yiqiniso bathi, “leli yilumbo futhi ngempela thina asikholelwa kulona”
وَقَالُوا لَوْلَا نُزِّلَ هَٰذَا الْقُرْآنُ عَلَىٰ رَجُلٍ مِّنَ الْقَرْيَتَيْنِ عَظِيمٍ (31)
Futhi bathi, “kungani ingembulwanga leQur’an emadodeni amakhulu amadolobha amakhulu
أَهُمْ يَقْسِمُونَ رَحْمَتَ رَبِّكَ ۚ نَحْنُ قَسَمْنَا بَيْنَهُم مَّعِيشَتَهُمْ فِي الْحَيَاةِ الدُّنْيَا ۚ وَرَفَعْنَا بَعْضَهُمْ فَوْقَ بَعْضٍ دَرَجَاتٍ لِّيَتَّخِذَ بَعْضُهُم بَعْضًا سُخْرِيًّا ۗ وَرَحْمَتُ رَبِّكَ خَيْرٌ مِّمَّا يَجْمَعُونَ (32)
Ngakube bona bayawuhlukanisa umusa weNkosi yakho, yithina esehlukanisayo phakathi kwabo ekuphileni kwabo empilweni yakulomhlaba futhi sabaphakamisa abanye babo ngaphezulu kwabanye ngamazinga ukuze abanye babo basebenzele abanye futhi umusa weNkosi yakho ungcono kunalokho abakuqoqela ndawonye
وَلَوْلَا أَن يَكُونَ النَّاسُ أُمَّةً وَاحِدَةً لَّجَعَلْنَا لِمَن يَكْفُرُ بِالرَّحْمَٰنِ لِبُيُوتِهِمْ سُقُفًا مِّن فِضَّةٍ وَمَعَارِجَ عَلَيْهَا يَظْهَرُونَ (33)
Futhi ukube abantu babengesisona isizwe esisodwa, ngempela sasizobenzela labo abangakholwa konomusa uphahla lwesiliva ezindlini zabo kanye nezitebhisi abanyuka ngazo
وَلِبُيُوتِهِمْ أَبْوَابًا وَسُرُرًا عَلَيْهَا يَتَّكِئُونَ (34)
Futhi okwezindlu zabo yiminyango kanye nemibhede abaphumula phezulu kwayo
وَزُخْرُفًا ۚ وَإِن كُلُّ ذَٰلِكَ لَمَّا مَتَاعُ الْحَيَاةِ الدُّنْيَا ۚ وَالْآخِرَةُ عِندَ رَبِّكَ لِلْمُتَّقِينَ (35)
Nomhlobiso wegolide, futhi konke lokho kuyinjabulo yempilo yalomhlaba futhi impilo ezayo eNkosini yakho ngeyabagwema okubi
وَمَن يَعْشُ عَن ذِكْرِ الرَّحْمَٰنِ نُقَيِّضْ لَهُ شَيْطَانًا فَهُوَ لَهُ قَرِينٌ (36)
Futhi noma ngabe ngubani ofulathela isikhumbuzo sonomusa simvulela usathane ukuthi abe ngumngane wakhe
وَإِنَّهُمْ لَيَصُدُّونَهُمْ عَنِ السَّبِيلِ وَيَحْسَبُونَ أَنَّهُم مُّهْتَدُونَ (37)
Futhi ngempela bona (osathane) bayabavimbela endleleni futhi bacabanga ukuthi bona bangabaholiwe
حَتَّىٰ إِذَا جَاءَنَا قَالَ يَا لَيْتَ بَيْنِي وَبَيْنَكَ بُعْدَ الْمَشْرِقَيْنِ فَبِئْسَ الْقَرِينُ (38)
Kuze kube yilapho efika kuthina athi, “ukube nje phakathi kwami nawe bekunebanga lezimpumalanga ezimbili, ububi umngane omubi
وَلَن يَنفَعَكُمُ الْيَوْمَ إِذ ظَّلَمْتُمْ أَنَّكُمْ فِي الْعَذَابِ مُشْتَرِكُونَ (39)
Futhi angeke kunisize namhlanje njengoba nenza okungenabo ubulungiswa ukuthi nina niyahlukaniselana esijezisweni
أَفَأَنتَ تُسْمِعُ الصُّمَّ أَوْ تَهْدِي الْعُمْيَ وَمَن كَانَ فِي ضَلَالٍ مُّبِينٍ (40)
Ngakube wena ungazenza yini izithuli ukuthi zizwe noma uhole izimpumputhe kanye noma ngabe ngubani osekudukeni okucacile
فَإِمَّا نَذْهَبَنَّ بِكَ فَإِنَّا مِنْهُم مُّنتَقِمُونَ (41)
Noma ngabe siyakuthatha, ngempela thina siyoziphindisela kubona
أَوْ نُرِيَنَّكَ الَّذِي وَعَدْنَاهُمْ فَإِنَّا عَلَيْهِم مُّقْتَدِرُونَ (42)
Noma sikukhombise lokho esabakhombisa kona, ngakho-ke ngempela sinamandla phezulu kwabo
فَاسْتَمْسِكْ بِالَّذِي أُوحِيَ إِلَيْكَ ۖ إِنَّكَ عَلَىٰ صِرَاطٍ مُّسْتَقِيمٍ (43)
Ngakho-ke bambelela kulokho okwambuliwe kuwena, ngempela wena usendleleni eqondile
وَإِنَّهُ لَذِكْرٌ لَّكَ وَلِقَوْمِكَ ۖ وَسَوْفَ تُسْأَلُونَ (44)
Futhi ngempela yona iyisikhumbuzo kuwena nakubantu bakho futhi niyobuzwa
وَاسْأَلْ مَنْ أَرْسَلْنَا مِن قَبْلِكَ مِن رُّسُلِنَا أَجَعَلْنَا مِن دُونِ الرَّحْمَٰنِ آلِهَةً يُعْبَدُونَ (45)
Futhi buza noma ngabe ngobani esabathumela ngaphambilini kwakho abayizithunywa zethu, ngakube ngaphandle konomusa sibenzele yini izithixo ukuba bazikhonze
وَلَقَدْ أَرْسَلْنَا مُوسَىٰ بِآيَاتِنَا إِلَىٰ فِرْعَوْنَ وَمَلَئِهِ فَقَالَ إِنِّي رَسُولُ رَبِّ الْعَالَمِينَ (46)
Futhi ngempela samuthumela uMose namavesi ethu kuFaro kanye nakubabusi bakhe, ngakho-ke wathi, “ngempela mina ngiyisithunywa seNkosi yemihlaba”
فَلَمَّا جَاءَهُم بِآيَاتِنَا إِذَا هُم مِّنْهَا يَضْحَكُونَ (47)
Kepha kwathi lapho esefika kubona nezimpawu zethu kwaba yilapho bezihleka
وَمَا نُرِيهِم مِّنْ آيَةٍ إِلَّا هِيَ أَكْبَرُ مِنْ أُخْتِهَا ۖ وَأَخَذْنَاهُم بِالْعَذَابِ لَعَلَّهُمْ يَرْجِعُونَ (48)
Futhi asizange sibakhombise uphawu ngaphandle kokuba lubelukhulu kunolukanye nalo, futhi sabathatha ngesijeziso ukuze mhlawumbe babuye
وَقَالُوا يَا أَيُّهَ السَّاحِرُ ادْعُ لَنَا رَبَّكَ بِمَا عَهِدَ عِندَكَ إِنَّنَا لَمُهْتَدُونَ (49)
Futhi bathi, “Oh mlumbi! Sibizele iNkosi yakho ngalokho eyenza isethembiso ngako nawe, ngempela thina sizokuba ngabaholiwe”
فَلَمَّا كَشَفْنَا عَنْهُمُ الْعَذَابَ إِذَا هُمْ يَنكُثُونَ (50)
Ngakho-ke kwathi lapho sesisisusile kubona isijeziso kwaba yilapho bona besephula (isethembiso)
وَنَادَىٰ فِرْعَوْنُ فِي قَوْمِهِ قَالَ يَا قَوْمِ أَلَيْسَ لِي مُلْكُ مِصْرَ وَهَٰذِهِ الْأَنْهَارُ تَجْرِي مِن تَحْتِي ۖ أَفَلَا تُبْصِرُونَ (51)
Futhi uFaro wamemeza phakathi kwabantu bakhe wathi “O Bantu bami! Abusibona yini na obami ubukhosi base- Gibhithe? Kanye nalemifula egeleza ngaphansi kwami, ngakube aniboni yini
أَمْ أَنَا خَيْرٌ مِّنْ هَٰذَا الَّذِي هُوَ مَهِينٌ وَلَا يَكَادُ يُبِينُ (52)
Ngakube angingcono yini kunalowo odelelekile (uMose) futhi akakwazi ukukhuluma ngokucacile
فَلَوْلَا أُلْقِيَ عَلَيْهِ أَسْوِرَةٌ مِّن ذَهَبٍ أَوْ جَاءَ مَعَهُ الْمَلَائِكَةُ مُقْتَرِنِينَ (53)
Ngakho-ke kungani engabekwanga phezulu kwakhe amasongo egolide noma izingelosi zize kanye naye
فَاسْتَخَفَّ قَوْمَهُ فَأَطَاعُوهُ ۚ إِنَّهُمْ كَانُوا قَوْمًا فَاسِقِينَ (54)
Ngakho-ke uFaro wabakhohlisa abantu bakhe base beyamhlonipha, ngempela bona babengabantu abephula umthetho
فَلَمَّا آسَفُونَا انتَقَمْنَا مِنْهُمْ فَأَغْرَقْنَاهُمْ أَجْمَعِينَ (55)
Ngakho-ke kwathi lapho besithukuthelisa saziphindisela kubona sabaminzisa bonke
فَجَعَلْنَاهُمْ سَلَفًا وَمَثَلًا لِّلْآخِرِينَ (56)
Futhi sabenza asebedlulile kanye nesibonelo kwabeza ngemumva
۞ وَلَمَّا ضُرِبَ ابْنُ مَرْيَمَ مَثَلًا إِذَا قَوْمُكَ مِنْهُ يَصِدُّونَ (57)
FuthikwathilaphoindodanakaMariyayenziwanjengesibonelo kwaba yilapho abantu bakho bebanga umsindo ngayo (ngayo)
وَقَالُوا أَآلِهَتُنَا خَيْرٌ أَمْ هُوَ ۚ مَا ضَرَبُوهُ لَكَ إِلَّا جَدَلًا ۚ بَلْ هُمْ قَوْمٌ خَصِمُونَ (58)
Futhi bathi, “ngakube onkulunkulu bethu abangcono noma uyena” abakwenzi lokho njengesibonelo ngaphandle kwempikiswano, kepha bona bangabantu abathanda ukuxabana
إِنْ هُوَ إِلَّا عَبْدٌ أَنْعَمْنَا عَلَيْهِ وَجَعَلْنَاهُ مَثَلًا لِّبَنِي إِسْرَائِيلَ (59)
Akayilutho ngaphandle kokuba yinceku esabeka umusa phezulu kwayo futhi samenza wabayisibonelo ebantwini bakwa-Israyeli
وَلَوْ نَشَاءُ لَجَعَلْنَا مِنكُم مَّلَائِكَةً فِي الْأَرْضِ يَخْلُفُونَ (60)
Futhi ukube sasithanda sasizokwenza izingelosi phakathi kwenu emhlabeni zibe ngezilandelayo
وَإِنَّهُ لَعِلْمٌ لِّلسَّاعَةِ فَلَا تَمْتَرُنَّ بِهَا وَاتَّبِعُونِ ۚ هَٰذَا صِرَاطٌ مُّسْتَقِيمٌ (61)
Futhi ngempela yena uwuphawu lwehora ngakho-ke ungangabazi ngalo futhi landelani mina, lena yindlela eqondile
وَلَا يَصُدَّنَّكُمُ الشَّيْطَانُ ۖ إِنَّهُ لَكُمْ عَدُوٌّ مُّبِينٌ (62)
Futhi usathane anganivimbeli, ngempela yena uyisitha senu esigqamile
وَلَمَّا جَاءَ عِيسَىٰ بِالْبَيِّنَاتِ قَالَ قَدْ جِئْتُكُم بِالْحِكْمَةِ وَلِأُبَيِّنَ لَكُم بَعْضَ الَّذِي تَخْتَلِفُونَ فِيهِ ۖ فَاتَّقُوا اللَّهَ وَأَطِيعُونِ (63)
Futhi khumbula ngenkathi uJesu efika namavesi acacile wathi, “ngize kunina nobuhlakani nokuthi nginicacisele okunye kwalokho eniphikisana kukona ngakho-ke yesabani uMvelinqangi futhi ningihloniphe
إِنَّ اللَّهَ هُوَ رَبِّي وَرَبُّكُمْ فَاعْبُدُوهُ ۚ هَٰذَا صِرَاطٌ مُّسْتَقِيمٌ (64)
Ngempela uMvelinqangi yena uyiNkosi yami neNkosi yenu ngakho-ke mkhonzeni, lena yindlela eqondile
فَاخْتَلَفَ الْأَحْزَابُ مِن بَيْنِهِمْ ۖ فَوَيْلٌ لِّلَّذِينَ ظَلَمُوا مِنْ عَذَابِ يَوْمٍ أَلِيمٍ (65)
Kepha amaqembu phakathi kwabo ayephikisana, Oh usizi! Kulabo ababenza okungenabo ubulungiswa, esijezisweni sosuku lokugcina
هَلْ يَنظُرُونَ إِلَّا السَّاعَةَ أَن تَأْتِيَهُم بَغْتَةً وَهُمْ لَا يَشْعُرُونَ (66)
Ngakube balindele ngaphandle kwehora ukuthi lifike kubona masinyane kulapho bona bengaboni
الْأَخِلَّاءُ يَوْمَئِذٍ بَعْضُهُمْ لِبَعْضٍ عَدُوٌّ إِلَّا الْمُتَّقِينَ (67)
Abangane ngalolosuku abanye babo bayokuba yizitha zabanye ngaphandle kwabagwema ukubi
يَا عِبَادِ لَا خَوْفٌ عَلَيْكُمُ الْيَوْمَ وَلَا أَنتُمْ تَحْزَنُونَ (68)
Oh zinceku zami! Alukho uvalo kunina namhlanje futhi nina angeke nibe wusizi
الَّذِينَ آمَنُوا بِآيَاتِنَا وَكَانُوا مُسْلِمِينَ (69)
Labo abakholwayo emavesini ethu futhi abazithoba ngaphansi kwentando kaMvelinqangi
ادْخُلُوا الْجَنَّةَ أَنتُمْ وَأَزْوَاجُكُمْ تُحْبَرُونَ (70)
Ngenani esivandeni nina namakhosikazi enu nithokoze
يُطَافُ عَلَيْهِم بِصِحَافٍ مِّن ذَهَبٍ وَأَكْوَابٍ ۖ وَفِيهَا مَا تَشْتَهِيهِ الْأَنفُسُ وَتَلَذُّ الْأَعْيُنُ ۖ وَأَنتُمْ فِيهَا خَالِدُونَ (71)
Kuzungeleziswe kubona izingqoko (amathileyi) egolide nezinkomishi futhi phakathi kuzona kunalokho okufiswa yimiphefumulo nokuthokozisa amehlo futhi nina lapho phakathi niyohlala ingunaphakade
وَتِلْكَ الْجَنَّةُ الَّتِي أُورِثْتُمُوهَا بِمَا كُنتُمْ تَعْمَلُونَ (72)
Lesi yisivande enenziwe ukuthi nisidle njengefa ngenxa yalokho enanikwenza
لَكُمْ فِيهَا فَاكِهَةٌ كَثِيرَةٌ مِّنْهَا تَأْكُلُونَ (73)
Okwethu lapho phakathi yizithelo eziningi enidla kuzona
إِنَّ الْمُجْرِمِينَ فِي عَذَابِ جَهَنَّمَ خَالِدُونَ (74)
Ngempela izoni zisesijezisweni sesihogo ingunaphakade
لَا يُفَتَّرُ عَنْهُمْ وَهُمْ فِيهِ مُبْلِسُونَ (75)
Angeke bancishiselwe sona (isijeziso) futhi bona lapho phakathi bayophelelwa yithemba
وَمَا ظَلَمْنَاهُمْ وَلَٰكِن كَانُوا هُمُ الظَّالِمِينَ (76)
Futhi asizange senze okungenabo ubulungiswa kubona kepha, bona babengabenzi bokungenabo ubulungiswa
وَنَادَوْا يَا مَالِكُ لِيَقْضِ عَلَيْنَا رَبُّكَ ۖ قَالَ إِنَّكُم مَّاكِثُونَ (77)
Futhi bayokhala, “Oh malik! yenza ukuthi iNkosi yakho isiqedele (isibulale) lokhu uyothi (umalik) ngempela nina nizohlala (lapha)
لَقَدْ جِئْنَاكُم بِالْحَقِّ وَلَٰكِنَّ أَكْثَرَكُمْ لِلْحَقِّ كَارِهُونَ (78)
Ngempela sinifikele neqiniso kepha iningi lenu liyalizonda iqiniso
أَمْ أَبْرَمُوا أَمْرًا فَإِنَّا مُبْرِمُونَ (79)
Noma ngakube balenzile yini icebo odabeni? Kepha yithina abenzi bamacebo
أَمْ يَحْسَبُونَ أَنَّا لَا نَسْمَعُ سِرَّهُمْ وَنَجْوَاهُم ۚ بَلَىٰ وَرُسُلُنَا لَدَيْهِمْ يَكْتُبُونَ (80)
Noma bacabanga ukuthi asizizwa yini izimfihlo zabo nezingxoxo zabo zangasese, yebo! Futhi izithunywa zethu zikanye nabo ziyabhala
قُلْ إِن كَانَ لِلرَّحْمَٰنِ وَلَدٌ فَأَنَا أَوَّلُ الْعَابِدِينَ (81)
Ithi uma kungukuthi onomusa unendodana ngakho-ke ngingowokuqala wezikhonzi
سُبْحَانَ رَبِّ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ رَبِّ الْعَرْشِ عَمَّا يَصِفُونَ (82)
Mayidunyiswe iNkosi yamazulu nomhlaba iNkosi yesihlalo sobukhosi, ngaphezulu kwalokho abakuchazayo
فَذَرْهُمْ يَخُوضُوا وَيَلْعَبُوا حَتَّىٰ يُلَاقُوا يَوْمَهُمُ الَّذِي يُوعَدُونَ (83)
Ngakho-ke bayeke bakhulume futhi badlale kuze kube bayahlangana ngosuku lwabo lolo abathenjiswa lona
وَهُوَ الَّذِي فِي السَّمَاءِ إِلَٰهٌ وَفِي الْأَرْضِ إِلَٰهٌ ۚ وَهُوَ الْحَكِيمُ الْعَلِيمُ (84)
Futhi yena uyilowo Mvelinqangi emazulwini futhi onguMvelinqangi emhlabeni futhi yena unobuhlakani uyisazi
وَتَبَارَكَ الَّذِي لَهُ مُلْكُ السَّمَاوَاتِ وَالْأَرْضِ وَمَا بَيْنَهُمَا وَعِندَهُ عِلْمُ السَّاعَةِ وَإِلَيْهِ تُرْجَعُونَ (85)
Futhi ugcwele izibusiso lowo okungowakhe umbuso wamazulu nomhlaba nakho konke okuphakathi kwako kokubili futhi lukuyena ulwazi lwehora futhi niyobuyiselwa kuyena
وَلَا يَمْلِكُ الَّذِينَ يَدْعُونَ مِن دُونِهِ الشَّفَاعَةَ إِلَّا مَن شَهِدَ بِالْحَقِّ وَهُمْ يَعْلَمُونَ (86)
Futhi labo abababizayo esikhundleni sakhe abanako ukuncengela ngaphandle kwalabo abafakazela iqiniso futhi bona bazi
وَلَئِن سَأَلْتَهُم مَّنْ خَلَقَهُمْ لَيَقُولُنَّ اللَّهُ ۖ فَأَنَّىٰ يُؤْفَكُونَ (87)
Futhi uma ubabuza ukuthi ngubani owabadala, ngempela bazothi “nguMvelinqangi” baphendukiselwa kanjani emumva
وَقِيلِهِ يَا رَبِّ إِنَّ هَٰؤُلَاءِ قَوْمٌ لَّا يُؤْمِنُونَ (88)
Futhi ukusho kwakhe, Oh Nkosi yami! Ngempela laba ngabantu abangakholwa
فَاصْفَحْ عَنْهُمْ وَقُلْ سَلَامٌ ۚ فَسَوْفَ يَعْلَمُونَ (89)
Ngakho suka kubo futhi uthi, "Ukuthula." Kepha bazokwazi
❮ السورة السابقة السورة التـالية ❯

قراءة المزيد من سور القرآن الكريم :

1- الفاتحة2- البقرة3- آل عمران
4- النساء5- المائدة6- الأنعام
7- الأعراف8- الأنفال9- التوبة
10- يونس11- هود12- يوسف
13- الرعد14- إبراهيم15- الحجر
16- النحل17- الإسراء18- الكهف
19- مريم20- طه21- الأنبياء
22- الحج23- المؤمنون24- النور
25- الفرقان26- الشعراء27- النمل
28- القصص29- العنكبوت30- الروم
31- لقمان32- السجدة33- الأحزاب
34- سبأ35- فاطر36- يس
37- الصافات38- ص39- الزمر
40- غافر41- فصلت42- الشورى
43- الزخرف44- الدخان45- الجاثية
46- الأحقاف47- محمد48- الفتح
49- الحجرات50- ق51- الذاريات
52- الطور53- النجم54- القمر
55- الرحمن56- الواقعة57- الحديد
58- المجادلة59- الحشر60- الممتحنة
61- الصف62- الجمعة63- المنافقون
64- التغابن65- الطلاق66- التحريم
67- الملك68- القلم69- الحاقة
70- المعارج71- نوح72- الجن
73- المزمل74- المدثر75- القيامة
76- الإنسان77- المرسلات78- النبأ
79- النازعات80- عبس81- التكوير
82- الإنفطار83- المطففين84- الانشقاق
85- البروج86- الطارق87- الأعلى
88- الغاشية89- الفجر90- البلد
91- الشمس92- الليل93- الضحى
94- الشرح95- التين96- العلق
97- القدر98- البينة99- الزلزلة
100- العاديات101- القارعة102- التكاثر
103- العصر104- الهمزة105- الفيل
106- قريش107- الماعون108- الكوثر
109- الكافرون110- النصر111- المسد
112- الإخلاص113- الفلق114- الناس