| هَلْ أَتَاكَ حَدِيثُ الْغَاشِيَةِ (1) Ngakube seyafika yini kuwena indaba yesehlakalo esehlulayo
 | 
| وُجُوهٌ يَوْمَئِذٍ خَاشِعَةٌ (2) Ubuso ngalolosuku buyothotshiswa
 | 
| عَامِلَةٌ نَّاصِبَةٌ (3) Busebenza bukhandlekile
 | 
| تَصْلَىٰ نَارًا حَامِيَةً (4) Bungena emlilweni ovuthayo
 | 
| تُسْقَىٰ مِنْ عَيْنٍ آنِيَةٍ (5) Buphuziswa esiphethwini esibilayo
 | 
| لَّيْسَ لَهُمْ طَعَامٌ إِلَّا مِن ضَرِيعٍ (6) Abanako	ukudla	ngaphandle	kwesihlahla	sameva sasesihogweni
 | 
| لَّا يُسْمِنُ وَلَا يُغْنِي مِن جُوعٍ (7) Isihlahla asondli futhi asisizi ekulweni nendlala
 | 
| وُجُوهٌ يَوْمَئِذٍ نَّاعِمَةٌ (8) (Obunye) ubuso ngalolosuku buyothokoza
 | 
| لِّسَعْيِهَا رَاضِيَةٌ (9) Buthokozela imizamo yabo
 | 
| فِي جَنَّةٍ عَالِيَةٍ (10) Esivandeni esiphakeme
 | 
| لَّا تَسْمَعُ فِيهَا لَاغِيَةً (11) Awuyizwa lapho phakathi inkulumo eyilize (engamanga)
 | 
| فِيهَا عَيْنٌ جَارِيَةٌ (12) Lapho phakathi kunomthombo ogelezayo
 | 
| فِيهَا سُرُرٌ مَّرْفُوعَةٌ (13) Lapho phakathi kunemibhede ephakanyisiwe
 | 
| وَأَكْوَابٌ مَّوْضُوعَةٌ (14) Nezinkomishi ezibekiwe
 | 
| وَنَمَارِقُ مَصْفُوفَةٌ (15) Nemiqamelo ebekwe yaba uhlu
 | 
| وَزَرَابِيُّ مَبْثُوثَةٌ (16) Kanye nabokhaphethi abendlaliwe
 | 
| أَفَلَا يَنظُرُونَ إِلَى الْإِبِلِ كَيْفَ خُلِقَتْ (17) Ngakube abawaboni yini amakameli ukuthi adalwa kanjani na
 | 
| وَإِلَى السَّمَاءِ كَيْفَ رُفِعَتْ (18) Nesibhakabhaka ukuthi saphakanyiswa kanjani
 | 
| وَإِلَى الْجِبَالِ كَيْفَ نُصِبَتْ (19) Nezintaba ukuthi zakhiwa kanjani
 | 
| وَإِلَى الْأَرْضِ كَيْفَ سُطِحَتْ (20) Nomhlaba ukuthi wendlalwa kanjani
 | 
| فَذَكِّرْ إِنَّمَا أَنتَ مُذَكِّرٌ (21) Ngakho-ke khumbuza, kuphela wena ungumkhumbuzi
 | 
| لَّسْتَ عَلَيْهِم بِمُصَيْطِرٍ (22) Awusiyena umphoqi kubona ukuthi bakholwe
 | 
| إِلَّا مَن تَوَلَّىٰ وَكَفَرَ (23) Ngaphandle kwalowo ofulathelayo futhi angakholwa
 | 
| فَيُعَذِّبُهُ اللَّهُ الْعَذَابَ الْأَكْبَرَ (24) Ngakho-ke uMvelinqangi uyomjezisa ngesijeziso esikhulu kakhulu
 | 
| إِنَّ إِلَيْنَا إِيَابَهُمْ (25) Ngempela kukuthina ukuphindela kwabo
 | 
| ثُمَّ إِنَّ عَلَيْنَا حِسَابَهُم (26) Bese ngempela kuba kuthina ukubalelwa kwabo
 |