لَا أُقْسِمُ بِيَوْمِ الْقِيَامَةِ (1) Ngifunga ngosuku lokuvuka kwabafileyo | 
وَلَا أُقْسِمُ بِالنَّفْسِ اللَّوَّامَةِ (2) Futhi ngifunga ngomphefumulo ozisolayo (ozithibayo) | 
أَيَحْسَبُ الْإِنسَانُ أَلَّن نَّجْمَعَ عِظَامَهُ (3) Ngakube umuntu uyacabanga ukuthi angeke siwahlanganise amathambo akhe | 
بَلَىٰ قَادِرِينَ عَلَىٰ أَن نُّسَوِّيَ بَنَانَهُ (4) Yebo siyakwazi ukuhlanganisa izihloko zeminwe yakho ngendlela enhle | 
بَلْ يُرِيدُ الْإِنسَانُ لِيَفْجُرَ أَمَامَهُ (5) Kepha umuntu uthanda ukuthi aqhubeke nokona (enze izono) | 
يَسْأَلُ أَيَّانَ يَوْمُ الْقِيَامَةِ (6) Uyabuza ukuthi luyofika nini usuku lokuvuka kwabafileyo | 
فَإِذَا بَرِقَ الْبَصَرُ (7) Ngenkathi kuxhopheka ukubona | 
وَخَسَفَ الْقَمَرُ (8) Futhi inyanga iyonyamalala (iyofiphala) | 
وَجُمِعَ الشَّمْسُ وَالْقَمَرُ (9) Futhi kuyohlanganiswa ilanga nenyanga | 
يَقُولُ الْإِنسَانُ يَوْمَئِذٍ أَيْنَ الْمَفَرُّ (10) Ngalolosuku umuntu uyothi, “ikuphi (indawo) yokubalekela?” | 
كَلَّا لَا وَزَرَ (11) Lutho! Asikho isiphephelo | 
إِلَىٰ رَبِّكَ يَوْمَئِذٍ الْمُسْتَقَرُّ (12) YiseNkosini yakho ngalolosuku lapho kuyoba yindawo yokuhlala (yokuphumula) | 
يُنَبَّأُ الْإِنسَانُ يَوْمَئِذٍ بِمَا قَدَّمَ وَأَخَّرَ (13) Uyotshenwa umuntu ngalolosuku ngalokho akuthumela ngaphambili nakushiya ngaphambili | 
بَلِ الْإِنسَانُ عَلَىٰ نَفْسِهِ بَصِيرَةٌ (14) Kepha umuntu uyoba ufakazi obhekene naye | 
وَلَوْ أَلْقَىٰ مَعَاذِيرَهُ (15) Ngisho noma ngabe ebeka izizathu zakhe | 
لَا تُحَرِّكْ بِهِ لِسَانَكَ لِتَعْجَلَ بِهِ (16) Ungalunyakazisi ngalo (iQuran) ulimi lwakho ukuze usheshise ngayo | 
إِنَّ عَلَيْنَا جَمْعَهُ وَقُرْآنَهُ (17) Ngempela (umthwalo) ophezulu kwethu ukuyihlanganisa kanye nokufundwa kwayo | 
فَإِذَا قَرَأْنَاهُ فَاتَّبِعْ قُرْآنَهُ (18) Ngakho-ke ngenkathi siyifunda manjalo landela ukufundwa kwayo | 
ثُمَّ إِنَّ عَلَيْنَا بَيَانَهُ (19) Bese ngempela (umthwalo) ophezulu kwethu ukuchazwa kwayo | 
كَلَّا بَلْ تُحِبُّونَ الْعَاجِلَةَ (20) Lutho! Kepha nithanda impilo esheshayo | 
وَتَذَرُونَ الْآخِرَةَ (21) Futhi niyeka impilo ezayo | 
وُجُوهٌ يَوْمَئِذٍ نَّاضِرَةٌ (22) Ubuso ngalolosuku buyokhazimula | 
إِلَىٰ رَبِّهَا نَاظِرَةٌ (23) Bebheke eNkosini yabo | 
وَوُجُوهٌ يَوْمَئِذٍ بَاسِرَةٌ (24) Futhi obunye ubuso ngalolosuku buyohwaqabala | 
تَظُنُّ أَن يُفْعَلَ بِهَا فَاقِرَةٌ (25) Becabanga ukuthi bangase behlelwe yisehlo | 
كَلَّا إِذَا بَلَغَتِ التَّرَاقِيَ (26) Lutho! Ngenkathi kufinyelela engqwababeni | 
وَقِيلَ مَنْ ۜ رَاقٍ (27) Futhi kuyothiwa, “ubani ozosindisa | 
وَظَنَّ أَنَّهُ الْفِرَاقُ (28) Futhi uyocabanga ukuthi ukwehlikana | 
وَالْتَفَّتِ السَّاقُ بِالسَّاقِ (29) Futhi umlenze uyohlangana nomunye umlenze | 
إِلَىٰ رَبِّكَ يَوْمَئِذٍ الْمَسَاقُ (30) Ngalolosuku kuseNkosini ukuqhutshwa | 
فَلَا صَدَّقَ وَلَا صَلَّىٰ (31) Akazange akholwe futhi akazange athandaze | 
وَلَٰكِن كَذَّبَ وَتَوَلَّىٰ (32) Kepha waphika futhi wafulathela (emfundisweni) | 
ثُمَّ ذَهَبَ إِلَىٰ أَهْلِهِ يَتَمَطَّىٰ (33) Wayesehamba eya kubantu bakhe (eziqhenya) | 
أَوْلَىٰ لَكَ فَأَوْلَىٰ (34) Usizi kuwena usizi | 
ثُمَّ أَوْلَىٰ لَكَ فَأَوْلَىٰ (35) Bese (kuba) usizi kuwena, usizi | 
أَيَحْسَبُ الْإِنسَانُ أَن يُتْرَكَ سُدًى (36) Ngakube umuntu ucabanga ukuthi uzoyekwa evinjiwe | 
أَلَمْ يَكُ نُطْفَةً مِّن مَّنِيٍّ يُمْنَىٰ (37) Wayengesilona yini iconsi lesidoda | 
ثُمَّ كَانَ عَلَقَةً فَخَلَقَ فَسَوَّىٰ (38) Wayeseba yihlule legazi ngakho-ke (uMvelinqangi) wadala (ubuyena) walinganisa (ubuyena) | 
فَجَعَلَ مِنْهُ الزَّوْجَيْنِ الذَّكَرَ وَالْأُنثَىٰ (39) Wayesenza ngaye okubili isilisa nesifazane | 
أَلَيْسَ ذَٰلِكَ بِقَادِرٍ عَلَىٰ أَن يُحْيِيَ الْمَوْتَىٰ (40) Akuyena yini okwazi (unamandla) okuvusa abafile |