وَاللَّيْلِ إِذَا يَغْشَىٰ (1) Ngifunga ngobusuku uma bumboza (ngobumnyama) |
وَالنَّهَارِ إِذَا تَجَلَّىٰ (2) Futhi ngifunga ngemini uma ivela |
وَمَا خَلَقَ الذَّكَرَ وَالْأُنثَىٰ (3) Futhi ngifunga ngalowo owadala isilisa nesifazane |
إِنَّ سَعْيَكُمْ لَشَتَّىٰ (4) Ngempela ukuzabalaza kwenu kwehlukahlukene |
فَأَمَّا مَنْ أَعْطَىٰ وَاتَّقَىٰ (5) Mayelana nalowo onikezayo futhi asabe (uMvelinqangi) |
وَصَدَّقَ بِالْحُسْنَىٰ (6) Futhi akholelwe kokuhle kakhulu |
فَسَنُيَسِّرُهُ لِلْيُسْرَىٰ (7) Manjalo siyomenzela lula indlela elula |
وَأَمَّا مَن بَخِلَ وَاسْتَغْنَىٰ (8) Futhi mayelana nalowo oncishanayo futhi ozibona ukuthi |
وَكَذَّبَ بِالْحُسْنَىٰ (9) Futhi uphika okuhle kakhulu |
فَسَنُيَسِّرُهُ لِلْعُسْرَىٰ (10) Manjalo siyomenzela lula indlela eya ebunzimeni |
وَمَا يُغْنِي عَنْهُ مَالُهُ إِذَا تَرَدَّىٰ (11) Futhi ayimsizi ingcebo yakhe uma esewa (efa) |
إِنَّ عَلَيْنَا لَلْهُدَىٰ (12) Ngempela kuphezulu kwethu ukuholwa |
وَإِنَّ لَنَا لَلْآخِرَةَ وَالْأُولَىٰ (13) Futhi ngempela ngeyethu impilo ezayo neyamanje |
فَأَنذَرْتُكُمْ نَارًا تَلَظَّىٰ (14) Ngakho-ke nganexwayisa ngomlilo ovuthayo |
لَا يَصْلَاهَا إِلَّا الْأَشْقَى (15) Akekho oyongena kuwona ngaphandle koyisoni kakhulu |
الَّذِي كَذَّبَ وَتَوَلَّىٰ (16) Lowo owaphika futhi wafulathela (endleleni eqondile) |
وَسَيُجَنَّبُهَا الْأَتْقَى (17) Futhi uyokuqhelelaniswa nabalungileyo |
الَّذِي يُؤْتِي مَالَهُ يَتَزَكَّىٰ (18) Lowo onikela ngengcebo yakhe ukuze azihlanze |
وَمَا لِأَحَدٍ عِندَهُ مِن نِّعْمَةٍ تُجْزَىٰ (19) Futhi akukho ngisho nakoyedwa kuyena emseni ukuze anikezwe wona |
إِلَّا ابْتِغَاءَ وَجْهِ رَبِّهِ الْأَعْلَىٰ (20) Ngaphandle kokufuna ubuso beNkosi yakhe, ephakeme kakhulu |
وَلَسَوْفَ يَرْضَىٰ (21) Futhi uzothokoza |